Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Waqiniswa Isithunywa Esasivela KuNkulunkulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
    • 10 Yeka umbono uDaniyeli awuthola! Ngokusobala, ngesikhathi ephakamisa amehlo akabonanga umuntu ovamile. UDaniyeli unikeza le ncazelo ecacile: “Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.”—Daniyeli 10:6.

  • Waqiniswa Isithunywa Esasivela KuNkulunkulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
    • 13 UDaniyeli wathuswa nayindlela esasibukeka ngayo lesi sithunywa—ukukhanya okubenyezelayo komzimba waso onjengetshe eliyigugu, nokubenyezela okuxhophayo kobuso baso obukhanyayo, amandla amehlo aso anomlilo nokubenyezela kwezingalo nezinyawo zaso ezinamandla. Ngisho nephimbo laso elinamandla lalesabisa. Konke lokhu kubonisa ukuthi sasingeyena umuntu ovamile. Lo ‘muntu owayembethe ilineni’ kwakuyingelosi esesikhundleni esiphakeme uqobo lwayo, leyo ekhonza endaweni engcwele lapho kukhona khona uJehova, lapho yayivela khona nomyalo.a

  • Waqiniswa Isithunywa Esasivela KuNkulunkulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
    • a Nakuba le ngelosi ingashiwongo ngegama, kubonakala sengathi iyona lena okwazwakala izwi layo itshela uGabriyeli ukuba ayosiza uDaniyeli ngombono ayesanda kuwubona. (Qhathanisa uDaniyeli 8:2, 15, 16 no-12:7, 8.) Ngaphezu kwalokho, uDaniyeli 10:13 ubonisa ukuthi uMikayeli, “omunye wezikhulu zokuqala,” weza ezosiza le ngelosi. Ngakho, kumelwe ukuba le ngelosi engashiwongo ngegama ijabulela ilungelo lokusebenzelana eduze noGabriyeli noMikayeli.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela