Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • “Akukho Ukuthula Kwababi”
    INqabayokulinda—1987 | Julayi 1
    • 7. (a) Sazi kanjani ukuthi kunamandla angabonakali omoya, ezindabeni zabantu? (b) Ekuqaleni, ubani owayeyinkosi yasenyakatho, nowayeyinkosi yaseningizimu, futhi umbango wabo waqala kanjani?

      7 Okokuqala ingelosi ichaza indlela yona, ilekelelwa uMikayeli, eyalwa ngayo ‘nezikhulu’ zomoya zasePheresiya naseGrisi. (Daniyeli 10:13, 20–11:1) Lokhu kuboniswa indawo yomoya kuqinisekisa ukuthi izimpi zezizwe azihlanganisi abantu kuphela. Kunamabutho angamademoni, noma “izikhulu,” ezishoshozela ababusi abangabantu ababonakalayo. Kodwa kusukela ezikhathini zasendulo, abantu bakaNkulunkulu ‘bebenesikhulu,’ uMikayeli, ukubaqinisa kulemibuso engamademoni. (Efesu 6:12) Khona-ke ingelosi igxilisa ukunakekela kwethu embangweni ophakathi kweAramu neGibithe. Iyaqala: “Inkosi yaseningizimu iyakuba-namandla, kanjalo esinye sezikhulu zayo.” (Daniyeli 11:5a) Inkosi yaseningizimu lapha kwakunguPtolemy I, umbusi waseGibithe, owathumba iJerusalema cishe ngo-312 B.C.E. Ngokulandelayo ingelosi ibhekisela kwenye inkosi eyayizoba ‘namandla kunayo, ibuse, nokubusa kwayo kuyakuba-ngukubusa okukhulu.’ (Daniyeli 11:5b) Lena inkosi yasenyakatho enguSeleucus I Nicator, ombuso wakhe, waseAramu, waba namandla kunowaseGibithe.

  • “Akukho Ukuthula Kwababi”
    INqabayokulinda—1987 | Julayi 1
    • [Ibalazwe/Izithombe ekhasini 12]

      (Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

      Ulwandle Olukhulu

      IAramu

      IJudiya

      IGibithe

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela