-
‘Ukufika’ KoMbuso KaNkulunkulu—Nini?INqabayokulinda—1982 | Okthoba 15
-
-
3, 4. (a) Ayini “amasonto angamashumi ayisikhombisa,” aqala nini, futhi aphela nini? (b) Yiziphi izehlakalo ezaphawula elokugcina ‘isonto leminyaka’ njengelibalulekile?
3 KuDaniyeli 9:24-27 sifunda ngenka thi ya“masonto angamashumi ayisikhombisa eminyaka” (An American Translation; Moffatt), noma ingqikithi yeminyaka eyi-490, njengeqala “kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisana nokwakha iJerusalema.”a Kwakunini lokho? Indaba yeBhayibheli ekuNehemiya 2:1-7 ithi “ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi” yasePeresiya, inkosi ngokwayo yayala umphathindebe wayo ongumJuda uNehemiya, ukuba abuyele emzini wawobaba bakhe futhi a“wuvuse.” Ngokomlando wezwe lo“mnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita” wawumelwe ube ngo-455 B.C.E. Ukubala iminyaka eyi-490 kusukela kulowonyaka sifinyelela onyakeni ka-36 C.E. Isiprofetho sikaDaniyeli sisitshela ukuthi elokugcina ‘isonto leminyaka,’ u-29-36 C.E., libaluleke kakhulu. Futhi ngani?
4 Kungoba “kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakubangamasonto ayisikhombisa . . . amasonto angamashumi ayisithupha nambili.” Ngakho uMesiya wayezovela ekuqaleni kwesonto lamashumi ayisikhombisa eminyaka. Lokhu futhi kwakuyophawula ukuqala kwe‘zinsuku zokugcina’ zesimiso sezinto sobuJuda, phakathi neminyaka eyisikhombisa yokuqala yenkathi yesahlulelo uMesiya ayeyoqinisa ngayo isivumelwano sobuAbrahama nalawomaJuda amemukela. ‘Engxenyeni’ yesonto leminyaka, okungukuthi, ngo-33 C.E., uMesiya ‘wayeyonqunywa’ ekufeni, umhlatshelo wakhe siqu omkhulu ohlawulela izono ‘ubangele ukuba ukunikelwa kwemihlatshelo nezipho [ngokomthetho wakwaIsrayeli) kunqamuke’ njengokungasenakho nanoma ikuphi ukubaluleka.—Heberu 10:12, 18.
5. (a) Yini ebonisa ukuthi amaJuda ayejwayelene kangcono nesici sesikhathi sa“masonto angamashumi ayisikhombisa”? (b) Kungani amaJuda adumazeka ekulindeleni kwawo? (c) Sabonakala siyiqiniso kangakanani isiprofetho sikaDaniyeli?
5 Akungabazeki ukuthi amaJuda ayejwayelene kangcono nesici sesikhathi sa“masonto angamashumi ayisikhombisa,” ngoba umlobi weBhayibheli uLuka usitshela ukuthi kulezozinsuku ‘abantu babebheke’ uKristu. (Luka 3:15) Nokho amathemba abo ayebhekiswe ekuzeni kwenkosi eyiqhawe elikhazimulayo, eyayiyoholela amaJuda ekunqobeni abacindezeli bawo bamaRoma. Ukholo lwawo alwandanga lwafinyelela ekukholelweni kwawo ukuthi uMesiya ‘wayezonqunywa,’ abulawe, ngo-33 C.E. Ngokufanayo abakholelwanga esixwayisweni esingokwesiprofetho sokuthi iJerusalema nabantu balo babeyo‘bhujiswa’ futhi. Kodwa yeka ukuthi sabonakala siyiqiniso kanjani isiprofetho sikaDaniyeli lapho iJerusalema lichithwa amabutho amaRoma ngaphansi kukaJenene Titus ngo-70 C.E.!
-
-
‘Ukufika’ KoMbuso KaNkulunkulu—Nini?INqabayokulinda—1982 | Okthoba 15
-
-
[Ibhokisi ekhasini 14]
“AMASONTO ANGAMASHUMI AYISIKHOMBISA EMINYAKA” (Daniyeli 9:24-27)
KUSUKELA “ekuphumeni kwezwi” lenkosi yasePeresiya kuya kuNehemiya ngo-455 B.C.E.
455 - 1 B.C.E. = iminyaka engu-454
1 B.C.E. - 1 C.E. = umnyaka
1 C.E. - 36 C.E. = iminyaka engu-35
455 B.C.E. - 36 C.E. = iminyaka engu-490
UMesiya ‘wanqunywa . . . engxenyeni yesonto,’ ngoApril 33 C.E.
KUYA ekupheleni komusa okhethekile kumaJuda ngo-36 C.E. ngokuguquka komkhaya kaKomeliyu
-