IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaDaniyeli
I-HOLMAN Illustrated Bible Dictionary ithi: “Incwadi kaDaniyeli ingenye yezincwadi ezithakazelisa kunazo zonke eBhayibhelini. Igcwele amaqiniso angaphelelwa isikhathi.” Ukulandisa kukaDaniyeli kuqala ngo-618 B.C.E. lapho inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari ifika eJerusalema futhi ivimbezela umuzi bese ithatha “abathile emadodaneni akwa-Israyeli” ibathumbele eBhabhiloni. (Daniyeli 1:1-3) Phakathi kwabo kunoDaniyeli osemusha, mhlawumbe owevile eshumini nambili. Le ncwadi iphela uDaniyeli eseseBhabhiloni. Manje uDaniyeli oseneminyaka engaba yikhulu uthola isithembiso esivela kuNkulunkulu: “Uyophumula, kodwa uyosukuma umele isabelo sakho ekupheleni kwezinsuku.”—Daniyeli 12:13.
Nakuba ingxenye yokuqala yencwadi kaDaniyeli ilandiswa othile ngokulandelana kwezenzakalo, eyokugcina ilandiswa nguDaniyeli ngokwakhe. Le ncwadi eyabhalwa uDaniyeli iqukethe iziprofetho mayelana nokudlondlobala nokuwa kwemibuso yezwe, isikhathi sokufika kukaMesiya nezenzakalo ezenzeka esikhathini sethu.a Lo mprofethi osekhulile ubuye abukeze ukuphila kwakhe okude abese elandisa izenzakalo ezisikhuthaza ukuba sibe amadoda nabesifazane abaqotho kuNkulunkulu. Isigijimi sikaDaniyeli siyaphila futhi sinamandla.—Hebheru 4:12.
UKULANDISWA KWEZENZAKALO NGOKULANDELANA KWAZO KUSIFUNDISANI?
Ngunyaka ka-617 B.C.E. UDaniyeli nabangane bakhe abathathu, uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego, basegcekeni laseBhabhiloni. Phakathi nokuqeqeshwa kwabo iminyaka emithathu ngokuphila kwasegcekeni laseBhabhiloni, le ntsha ihlala iqotho kuNkulunkulu. Ngemva kweminyaka engaba ngu-8, iNkosi uNebukhadinezari iphupha iphupho elingaqondakali. UDaniyeli uyalisho iphupho abese elichaza. Inkosi iyavuma ukuthi uJehova “unguNkulunkulu wonkulunkulu neNkosi yamakhosi noMambuli wezimfihlo.” (Daniyeli 2:47) Nokho, kungakabiphi uNebukhadinezari ubonakala esikhohlwa lesi sifundo. Lapho abangane bakaDaniyeli abathathu benqaba ukukhulekela umfanekiso omkhulu, inkosi iyala ukuba baphonswe esithandweni somlilo. UNkulunkulu weqiniso uyabakhulula laba abathathu, futhi uNebukhadinezari uyaphoqeleka ukuba avume ukuthi ‘akekho omunye unkulunkulu okwaziyo ukukhulula njengalona.’—Daniyeli 3:29.
UNebukhadinezari uphupha elinye iphupho elibalulekile. Ubona isihlahla esikhulu, esigawulwayo bese siboshwa ukuze singakhuli. UDaniyeli uyalichaza nalelo phupho. Ingxenye yaleli phupho igcwaliseka lapho uNebukhadinezari ehanjelwa ingqondo abese elulama kamuva. Ngemva kwamashumi amaningi eminyaka, iNkosi uBhelishazari yenzela izikhulu zayo idili elikhulu futhi ngokwedelela isebenzisa izitsha ezathathwa ethempelini likaJehova. Ngalobo busuku, uBhelishazari uyabulawa futhi uDariyu umMede uthatha umbuso. (Daniyeli 5:30, 31) Ezinsukwini zikaDariyu, lapho uDaniyeli eseneminyaka engaphezu kwengu-90 ubudala, izikhulu ezinomona zenzela lo mprofethi osekhulile uzungu lokumbulala. Kodwa uJehova uyamophula “esidladleni sezingonyama.”—Daniyeli 6:27.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:11-15—Ingabe ukudla imifino yikhona okwenza abasha abane abangamaJuda babukeke kangcono? Cha. Akukho ukudla okungenza lolo shintsho ngezinsuku eziyishumi kuphela. Ukubukeka kwala maHebheru asemasha kwakubangelwa uJehova, owayewabusisa ngenxa yokwethembela kuye.—IzAga 10:22.
2:1—UNebukhadinezari waliphupha nini iphupho lomfanekiso omkhulu? Ukulandisa kuthi waliphupha “ngonyaka wesibili wobukhosi bukaNebukhadinezari.” Waba yinkosi ngo-624 B.C.E. Ngakho unyaka wesibili wokubusa kwakhe waqala ngo-623 B.C.E.—kusasele iminyaka ngaphambi kokuba ahlasele uJuda. Ngaleso sikhathi, uDaniyeli wayengekho eBhabhiloni ukuze achaze leli phupho. Kusobala ukuthi ‘unyaka wesibili’ ubalwa kusukela ku-607 B.C.E., lapho inkosi yaseBhabhiloni ibhubhisa iJerusalema futhi iba umbusi wezwe.
2:32, 39—Kungayiphi indlela umbuso wesiliva wawungaphansi kwekhanda legolide, futhi umbuso wethusi wawungaphansi kowesiliva ngayiphi indlela? UMbuso WamaMede NamaPheresiya, omelelwa ingxenye yomfanekiso eyisiliva, wawungaphansana kunowaseBhabhiloni, ikhanda legolide, ngesizathu sokuthi awuzange ube nelungelo lokubhubhisa uJuda. Umbuso owalandela kwakungowaseGrisi, umelelwa ithusi. IGrisi yayingaphansana nakakhulu, njengoba nje nethusi liphansi kunesiliva. Nakuba uMbuso WaseGrisi wabusa indawo enkulu, awuzange ube nelungelo lokukhulula abantu bakaNkulunkulu ekudingisweni njengoba kwenza amaMede namaPheresiya.
4:8, 9—Ingabe uDaniyeli waba umpristi owenza imilingo? Cha. Inkulumo ethi ‘induna yabapristi abenza imilingo’ ibhekisela nje esikhundleni sikaDaniyeli ‘njengenduna eyinhloko phezu kwabo bonke abantu abahlakaniphile baseBhabhiloni.’—Daniyeli 2:48.
4:10, 11, 20-22—Yini eyayifanekiselwa umuthi omkhulu owabonwa uNebukhadinezari ephusheni? Ekuqaleni umuthi wawumelela uNebukhadinezari njengenkosi yombuso wezwe. Nokho, njengoba lowo mbuso owawumelelwe wakhula waze wafinyelela “emkhawulweni wawo wonke umhlaba,” kumelwe ukuba umuthi ufanekisela okuthile okukhulu kakhulu. UDaniyeli 4:17 uhlobanisa leli phupho nokubusa ‘koPhezukonke’ isintu. Ngenxa yalokho umuthi wawufanekisela nobukhosi bukaJehova bendawo yonke, ikakhulukazi maqondana nomhlaba. Ngakho, leli phupho ligcwaliseka kabili—ekubuseni kukaNebukhadinezari nasebukhosini bukaJehova.
4:16, 23, 25, 32, 33—Zazizinde kangakanani “izikhathi eziyisikhombisa”? Ukuze kwenzeke zonke izinguquko ezenzeka emzimbeni weNkosi uNebukhadinezari, “izikhathi eziyisikhombisa” kwakudingeka zibe inkathi ende kakhulu kunezinsuku eziyisikhombisa ezingokoqobo. Endabeni yayo, lezi zikhathi zazisho iminyaka eyisikhombisa, ngamunye unezinsuku ezingu-360, noma izinsuku ezingu-2 520. Ekugcwalisekeni okukhulu, “izikhathi eziyisikhombisa” ziyiminyaka engu-2 520. (Hezekeli 4:6, 7) Zaqala lapho kubhujiswa iJerusalema ngo-607 B.C.E. futhi zaphela lapho uJesu ebekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yasezulwini ngo-1914 C.E.—Luka 21:24.
6:6-10—Njengoba kungadingeki isimo esithile somzimba lapho umuntu ethandaza, ingabe kwakungeke kube ukuhlakanipha ngoDaniyeli ukuthandaza ekusithekeni izinsuku ezingu-30? Wonke umuntu wayazi ukuthi uDaniyeli wayethandaza kathathu ngosuku. Yingakho labo ababemenzela uzungu bacabanga ngomyalo owawenqabela ukuthandaza. Noma yiluphi ushintsho emkhubeni kaDaniyeli mayelana nomthandazo, lwalungase lubonakale kwabanye njengokuyekethisa futhi lwalungabonisa ukuthi wayengasazinikele kuJehova ngokukhethekile.
Izifundo Esizitholayo:
1:3-8. Ukuzimisela kukaDaniyeli nabangane bakhe ukuhlala beqotho kuJehova kusitshela lukhulu ngenzuzo yokuqeqeshwa okumelwe ukuba bakuthola kubazali babo. Lapho abazali abesaba uNkulunkulu bebeka izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kwabo futhi befundisa abantwana babo ukuba benze okufanayo, cishe bayomelana nanoma iziphi izilingo nezingcindezi ezingase zivele esikoleni noma kwenye indawo.
1:10-12. UDaniyeli wasiqonda isizathu esasenza “isikhulu segceke esiyinhloko” siyesabe inkosi futhi wangasibelesela. Nokho, kamuva uDaniyeli wakhuluma “nomqaphi,” okungenzeka ukuthi wayengambonelela kakhudlwana. Lapho sibhekene nezimo ezinzima, kufanele senze ngokuqonda nangokuhlakanipha okufanayo.
2:29, 30. NjengoDaniyeli, kufanele sidumise uJehova nganoma yiluphi ulwazi, izimfanelo namakhono okungenzeka siwathole ngenxa yokusebenzisa amalungiselelo akhe angokomoya.
3:16-18. AmaHebheru amathathu cishe ayengeke asabele ngokuqiniseka okukhulu kangaka ukube ekuqaleni ayeyekethisile endabeni yokudla. Nathi kufanele silwele ‘ukwethembeka ezintweni zonke.’—1 Thimothewu 3:11.
4:24-27. Ukumemezela isigijimi soMbuso, esihlanganisa izahlulelo zikaNkulunkulu ezingathandeki, kudinga ukholo nesibindi esifana nesaboniswa uDaniyeli lapho etshela uNebukhadinezari okwakuzomehlela nalokho okwakufanele kwenziwe inkosi ukuze ‘ukuchuma kwayo kwelulwe.’
5:30, 31. ‘Isaga ngokumelene nenkosi yaseBhabhiloni’ sagcwaliseka. (Isaya 14:3, 4, 12-15) USathane uDeveli, okuqhosha kwakhe kufana nokohlanga lwamakhosi aseBhabhiloni, naye uzobhujiswa ngokuhlazisayo.—Daniyeli 4:30; 5:2-4, 23.
YEMBULANI IMIBONO KADANIYELI?
UDaniyeli uthola umbono wakhe wokuqala ngephupho ngo-553 B.C.E., esevile eminyakeni engu-70 ubudala. Ubona izilo ezinkulu ezine ezifanekisela imibuso yezwe eyayizolandelana kusukela osukwini lwakhe kuze kube kolwethu. Embonweni wasezulwini, ubona “othile onjengendodana yomuntu” enikezwa “ububusi obumi kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 7:13, 14) Ngemva kweminyaka emibili, uDaniyeli ubona umbono ohilela umbuso wamaMede namaPheresiya, owaseGrisi nomunye oba “inkosi enobuso obunolaka.”—Daniyeli 8:23.
Manje sekungu-539 B.C.E. IBhabhiloni liwile futhi sekuphethe uDariyu umMede embusweni wamaKhaledi. UDaniyeli uthandaza kuJehova ecela ukuba kuvuselelwe izwe lakubo. Ngenkathi esathandaza, uJehova uthumela ingelosi uGabriyeli ukuba yenze uDaniyeli ‘abe nokuqondisisa okunokuqonda’ mayelana nokuza kukaMesiya. (Daniyeli 9:20-25) Isikhathi siyahamba kuze kube u-536/535 B.C.E. Kunensali esibuyele eJerusalema. Kodwa umsebenzi wokwakha ithempeli uyaphikiswa. Lokhu kuyamkhathaza uDaniyeli. Uthandaza ngakho ngobuqotho, uJehova athumele kuDaniyeli ingelosi enesikhundla esiphakeme. Ngemva kokumqinisa nokumkhuthaza, ingelosi ilandisa isiprofetho esimayelana nokulwa kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu ebanga ubukhosi. Le mpi ephakathi kwala makhosi amabili iyaqhubeka kusukela ngesikhathi umbuso ka-Alexander Omkhulu uhlukaniselwa ojenene bakhe abane kuze kube yilapho uMikayeli, iSikhulu Esikhulu, ‘eyokuma.’—Daniyeli 12:1.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
8:9—Yini efanekiselwa ‘uMhlobiso’? Kule ndaba, ‘uMhlobiso’ ufanekisela isimo samaKristu agcotshiwe emhlabeni phakathi nesikhathi soMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika.
8:25—Ubani ‘iSikhulu sezikhulu’? Igama lesiHebheru elithi sar, elihunyushwe ngokuthi “isikhulu,” ngokuyisisekelo lisho “inkosi” noma “oyinhloko.” Isiqu esithi ‘iSikhulu sezikhulu’ sisebenza kuphela kuJehova uNkulunkulu—iNkosi yazo zonke izikhulu eziyizingelosi, kuhlanganise ‘noMikayeli, omunye wezikhulu eziphambili.’—Daniyeli 10:13.
9:21—Kungani uDaniyeli ebiza ingelosi uGabriyeli ngokuthi ‘yindoda’? Lokhu kungenxa yokuthi uGabriyeli wafika kuye ngesimo somuntu, njengoba ayebonakale kuDaniyeli komunye umbono ngaphambili.—Daniyeli 8:15-17.
9:27—Isiphi isivumelwano ‘esagcinwa sisebenza ngenxa yabaningi’ kwaze kwaphela isonto lama-70 leminyaka, noma ngo-36 C.E.? Isivumelwano soMthetho saqedwa ngo-33 C.E. lapho uJesu ebethelwa. Kodwa, ngokugcina isivumelwano sika-Abrahama sisebenza ku-Israyeli wenyama kuze kube ngu-36 C.E., uJehova welula inkathi yokubonisa amaJuda umusa okhethekile ngenxa yokuthi ayeyinzalo ka-Abrahama. Isivumelwano sika-Abrahama siyaqhubeka sisebenza ngokuqondene ‘no-Israyeli kaNkulunkulu.’—Galathiya 3:7-9, 14-18, 29; 6:16.
Izifundo Esizitholayo:
9:1-23; 10:11. Ngenxa yokuthobeka kwakhe, ukuzinikela kuNkulunkulu, ukukhuthalela ukutadisha nokuphikelela emthandazweni, uDaniyeli ‘wayengumuntu ofiseleka kakhulu.’ Zona kanye lezi zimfanelo zamsiza nokuba ahlale ethembekile kuNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe. Masizimisele ukulingisa isibonelo sikaDaniyeli.
9:17-19. Ngisho nalapho sithandazela ukufika kwezwe elisha likaNkulunkulu, ‘okuyohlala kulo ukulunga,’ esikukhathalela ngokuyinhloko akufanele yini kube ukungcweliswa kwegama likaJehova nokulwelwa kobukhosi bakhe kunokuphela kokuhlupheka nobunzima bethu?—2 Petru 3:13.
10:9-11, 18, 19. Kufanele sikhuthazane futhi siqinisane ngokusizana nangokududuzana, silingise ingelosi eyaya kuDaniyeli.
12:3. Phakathi nezinsuku zokugcina, “abanokuqondisisa”—amaKristu agcotshiwe—baye ‘bakhanya njengezinkanyiso’ futhi baletha “abaningi ekulungeni,” kuhlanganise ‘nesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’ (Filipi 2:15; IsAmbulo 7:9; Johane 10:16) Abagcotshiwe ‘bayokhanya njengezinkanyezi’ ngomqondo ogcwele phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, lapho behlanganyela naye ekusebenziseni ngokugcwele izinzuzo zesihlengo kubantu abalalelayo emhlabeni. “Ezinye izimvu” kufanele zinamathele ngobuqotho kwabagcotshiwe, zibasekele ngenhliziyo yonke ezintweni zonke.
UJehova ‘Uyababusisa Abamesabayo’
Incwadi kaDaniyeli isifundisani ngoNkulunkulu esimkhulekelayo? Cabanga ngeziprofetho ezikuyo— esezigcwalisekile kakade nezisazogcwaliseka. Yeka indlela ezimchaza kahle ngayo uJehova njengolifezayo izwi lakhe!—Isaya 55:11.
Ingxenye elandisayo yencwadi kaDaniyeli ibonisani ngoNkulunkulu wethu? Abasha abane abangamaHebheru abenqaba ukulolongwa ukuphila kwasegcekeni laseBhabhiloni bathola ‘ulwazi, ukuqondisisa nokuhlakanipha.’ (Daniyeli 1:17) UNkulunkulu weqiniso wathumela ingelosi yakhe futhi yabakhulula esithandweni somlilo oShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego. UDaniyeli wakhululwa emgodini wezingonyama. UJehova ‘uyabasiza futhi abavikele abathembela kuye’ futhi ‘uyababusisa abamesabayo.’—IHubo 115:9, 13.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukukhulunyelwa kwevesi ngalinye lencwadi kaDaniyeli, bheka incwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 18]
Kungani uDaniyeli ‘ayengumuntu ofiseleka kakhulu’?