Ukulwelwa Kokubusa Emhlabeni Wonke—Ubani Oyophumelela?
“UMGOMO oyinhloko wamazwe aseSoviet kwakuwukusiphoqelela ukuba siyeke iS.D.I. [Strategic Defense Initiative (Umkhankaso Wokuzivikela Ngokwezempi)]. Ngicabanga ukuthi . . . uMnu. Gorbachev uyaqonda ukuthi asizimisele ukwenza kanjalo.” Washo kanjalo uMongameli wase-U.S. uReagan ngemva komhlangano waseGeneva ngoNovember 1985.
Njengoba wazi, kusukela ngalowonyaka imibango phakathi kwalemibuso emikhulu uye waqhubeka. Kodwa kunezizwe eziningi ezihlanganyela noma ezizwelana nayo, ezakha iMpumalanga (ikakhulukazi eyiqembu lobukhomanisi) kanye neNtshonalanga (ngokuvamile eyiqembu lesimiso sokuzisebenzela). Lokhu kwenza kube ukulwelwa kokubusa komhlaba wonke. Ngakho uhilelekile. Ngaphezu kwalokho, umncintiswano wezikhali uqhubekisela phambili ukusongela kwempi enkulu, okusongela ikusasa lakho—ngisho noma uhlala ezweni elingahlanganyeli nalawomazwe.
Ngakho-ke, kumelwe ube nesithakazelo emphumeleni wokulwelwa kokubusa. Ingabe liyoba khona ikhambi elinokuthula? Uma kungenjalo, ubani oyophumelela? Ukukwazi kwakho lokho kungathinta ikusasa lakho.
Indlela Okwaqala Ngayo
Izincwadi eziningi zomlando wanamuhla zisikisela ukuthi umbango wamanje phakathi kweMpumalanga neNtshonalanga waqala ngokushesha ngemva kokuphela kweMpi Yezwe II. Nokho, umlando weBhayibheli ubonisa ukuthi uwukuqhubeka kokulwelwa kobuholi bomhlaba okwaqala cishe eminyakeni eyizi-2 300 edlule.
Uma uye wawufunda umlando weGrisi yasendulo, uyazi ukuthi uAlexander oMkhulu wenza leso sizwe saba umbuso. Lokhu kwabikezelwa umprofethi weBhayibheli uDaniyeli. Ekugcwalisekeni kwesiprofetho, ngemva kokufa ‘kwaleyonkosi enamandla’ ngo-323 B.C.E., ekugcineni lowombuso ‘wahlukaniselwa emimoyeni emine’—ezikhulwini zayo ezine. (Daniyeli 11:2-4) Kuzo, uSeleucus Nicator I wabusa iSiriya neMesopotamiya—amazwe asenyakatho nasempumalanga yesifundazwe sikaDaniyeli, iJuda. UPtolemy Lagus, esinye isikhulu esingumGreki, wathatha iGibithe nePalestina, okwambeka eningizimu nasentshonalanga yombuso kaSeleucus Nicator. Izikhundla zabo zabenza ‘inkosi yasenyakatho’ ‘nenkosi yaseningizimu,’ ngokulandelana.—Daniyeli 11:5, 6.
‘Inyakatho’ ‘neningizimu’ kwafanekisela izizwe ezinamandla ezazigcwalisa izindima ezithile ezingokwesiprofetho.a Emakhulwini eminyaka izizwe ezihlukahlukene ziye zagcwalisa izindima zawo womabili “amakhosi”; kodwa ngaso sonke isikhathi ziye zafanelana nemifuziselo engokwesiprofetho. Ngaso sonke isikhathi ziye zabonakala ngombango wazo, lapho ngokuvamile zibusa amazwe asenyakatho naseningizimu yelinye nelinye.
Namuhla lezo zindima zihambelana nemifuziselo ‘iMpumalanga’ ‘neNtshonalanga.’ Lawa, ngokufanayo, angamagama angokomfanekiso, njengoba lamazwe ehlangana. Imifuziselo engokweBhayibheli ‘inyakatho’ ‘neningizimu’ iyimifanekiso efaneleka ngokulinganayo naphezu kokuhlangana okufanayo.
UNkulunkulu Wenkosi Yasenyakatho
Ebheke phambili ‘esikhathini sokuphela,’ uDaniyeli wathi ‘inkosi yasenyakatho’ ‘yayiyozikhulisa phezu kwabo bonke onkulunkulu,’ “ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise.” Kunalokho, ‘yayiyakudumisa unkulunkulu wezinqaba . . . ngegolide, nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo’ ngaphambi kokufika ‘ekupheleni kwayo.’—Daniyeli 11:35-39, 45.
Njengoba ngokuyinhloko ingakholelwa kuNkulunkulu, ‘inkosi yasenyakatho’ yanamuhla iyabuphika ubukhona bukaNkulunkulu futhi ngokuvamile iye yacindezela inkolo. Ithembele kakhulu ezikhalini nakwezempi kunakwezinye izindlela zokulawula izizwe zonke. Ngakho isebenzisa ingcebo yayo eningi engokwezimali ukuze ‘idumise unkulunkulu wezinqaba.’ Ngokuphambene, nakuba “inkosi yaseningizimu” yanamuhla nayo idumisa izikhali nezempi, iyabaqaphela abanye onkulunkulu, futhi iningi labantu bayo lihileleke ngokunamandla enkolweni.
Ukulwelwa Kokubusa Osukwini Lwanamuhla
Sikhomba izenzakalo zosuku lwethu, isiprofetho sithi: “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana [nenkosi yasenyakatho]; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona [ngempahla yezempi], [inkosi yasenyakatho] ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.”—Daniyeli 11:40.
Kungenzeka uyaqaphela ukuthi kusukela ngeMpi Yezwe II umqondo nokulawula ‘kwenkosi yasenyakatho’ kuye kwasakazwa emazweni amaningi, naphezu kwezimpi ezilwiwa ukuze kuvinjelwe lokhu. Ukuthi izophumelela kangakanani ‘ekungeneni emazweni amaningi, ikhukhule, idlule’ kusazobonakala; kodwa “inkosi yaseningizimu” yanamuhla iye yazama ukuvimbela ukungena kwayo ngokungemthetho kulokho okubizwa ngokuthi amazwe akhululekile. Kanjalo lezimbangi zihlanganyela ‘ekuqhubukushaneni’ manje osekuye kwathuthukela ezikhalini ezandisiwe kanye nasemncintiswaneni wezikhali zasemkhathini. Ngesikhathi esifanayo, ziyasolana ngokufuna ukubusa umhlaba.
UDaniyeli uqhubeka athi: “Iyakubusa [inkosi yasenyakatho] phezu kwengcebo . . . naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba-sezinyathelweni zayo.” (Daniyeli 11:43) Lokhu kungabhekisela emikhiqizweni engokwemvelo; futhi ‘inkosi yasenyakatho’ yanamuhla ilawula amazwe anemikhiqizo eminingi embiwa phansi, kuhlanganise nowoyela. Inethonya elinamandla futhi emazweni angaphandle kombuso wayo anemikhiqizo eminingi engokwemvelo. Sonke sinesizathu sokubheka ngesithakazelo ukuthi iyothola ukulawula okwengeziwe yini kwalawa nokuthi ithonya layo elingokomnotho liyofinyelela kuphi.
Ubani Oyophumelela?
Nokho, yini evimbela ‘lamakhosi’ empini ephelele yokugcina? Esinye isizathu esiyinhloko siwukuthi esaba ukubulala okungakhethi kwezikhali zenuzi. Akhetha ukuxoxisana ngezivumelwano, ngisho nakuba engavamile ukubambelela kuzo. Njengoba uDaniyeli abikezela: “Ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba-sesikhathini esimisiweyo.”—Daniyeli 11:27.
Ngakho kungenzeka ufuna ukwazi, ukuthi yini eyokwenzeka ekugcineni? Ingabe ekugcineni ayoxoxa ngokuthula okuhlala njalo? Noma ingabe enye iyokwehlula enye? Ngokwesiprofetho esiseZwini likaNkulunkulu, impendulo kulemibuzo yomibili, inguCha! Ngani? Ngoba inkosi yesithathu iyowahlula bese kuba yiyo elawula umhlaba. Ngakho ngokushesha kuzoba noshintsho ekubuseni!
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, amazwi athi “esikhundleni sakhe kuyakuvela” abhekisela ekuthatheni indima ‘kwenkosi yasenyakatho.’—Daniyeli 11:20, 21.
[Isithombe ekhasini 4]
AMANDLA EZEMPI EZIZWE EZINKULU NAMAZWE ANEMIGOMO EFANAYO
Izikhali zenuzi
50 000
Amasosha
11 913 000
Imikhumbi yempi
1 350
Izindiza zokuwisa amabhomu nezokubhubhisa izindiza zezitha 20 100
Izinqola zempi
95 800