Uyoba Yini Umphumela Wokulwela Ukubusa?
“IMPUMALANGA IYIMPUMALANGA, neNtshonalanga iyiNtshonalanga, futhi lokhu kokubili akunakuhlangana neze, kuze kube yilapho umHlaba nesiBhakabhaka kuma phambi kwesiHlalo sikaNkulunkulu esikhulu sokwaHlulela.” Izenzakalo zamuva nje ekulweleni ukubusa phakathi kweMpumalanga neNtshonalanga kwenza lamazwi asankondlo kaRudyard Kipling azwakale esifanelekele kahle isikhathi sanamuhla.
Nokho, lapho umuntu ekhuluma ngokulwa kweMpumalanga neNtshonalanga, igama elithi “Mpumalanga” alibhekiseli ngokoqobo empumalanga njengoba nelithi “Ntshonalanga” alibhekiseli emazweni asentshonalanga yengxenye ethile yomhlaba. Amazwe obuKhomanisi namuhla awahlanganisi iRashiya namazwe asempumalanga Yurophu kuphela kodwa futhi namanye amazwe aseAfrika kanye neCuba. Akukho nelilodwa lalawa okungathiwa asempumalanga. Ngokufanayo nemibuso yase“Ntshonalanga” ihlanganisa amazwe anjengeCanada, Denmark (kuhlanganise neGreenland), i-Iceland, iNorway, iAustralia, iNew Zealand neJapan. Akunakushiwo ngalamazwe ukuthi asentshonalanga. Pho kungani abantu bekhuluma “ngokuphikisana kweMpumalanga neNtshonalanga”? Ngoba ekuqaleni “iMpi Yomshoshaphansi” ngokuyinhloko yayiphakathi kwemibuso yezwe emikhulu emibili—iSoviet Union neUnited States—omunye wayo osempumalanga kakhulu yeYurophu, nomunye osentshonalanga. Ngakho-ke, njengoba izinto ziye zaqhubeka, “iMpumalanga” ne“Ntshonalanga” ziye zaba nencazelo engokomfanekiso.
“AMAKHOSI” AMABILI ALWAYO
Ngokufanayo, Dan esahlukweni se-11 sikaDaniyeli, iBhayibheli ngokufanelekile lisebenzisa inkulumo “inkosi yasenyakatho” ne“nkosi yaseningizimu” ukuze lifanekisele ukulandelana kokulwa kwemibuso yezombangazwe. Ekuqaleni “amakhosi” amabili eyasenyakatho naseningizimu yezwe labantu bakaDaniyeli—eqinisweni labantu bakaJehova basendulo—eMpumalanga ePhakathi.
Isiprofetho saqala ukugcwaliseka ngemva kokufa kuka-Aleksanda oMkhulu nokwehlukana koMbuso waseMakedoniya phakathi kwabalandeli bayo abane. Ababili balaba, uSeleucus I noPtolemy I, ngokulandelana baba eyokuqala “inkosi yasenyakatho” ne“nkosi yaseningizimu.” Omunye walamadoda waqamba uMbuso kaSeleucus wasenyakatho futhi omunye waba inkosi yokuqala yoFaro baseGibithe bomkhaya wakwaPtolemy, eningizimu. Emakhulwini eminyaka, izwe labantu bakaJehova bangalesosikhathi lalifana nethambo elalibangwa yilemibuso emibili, njengoba yayilwela ukubusa.
Ngakho-ke, ngokuhamba kwesikhathi, imibuso eyayifanekiselwa “inkosi yasenyakatho” ne“nkosi yaseningizimu” yashintsha ngokuqhubekayo. Kodwa ukulwela ukubusa kwaqhubeka amakhulu eminyaka. Lesisiprofetho futhi sabikezela ukuthi ukulwa phakathi “kwamakhosi amabili” kwakuyoqhubeka kuze kube “sesikhathini sokuphela.” (Dan. 11:27, 35, 40)a Namuhla sibona ukulwela ukubusa umhlaba kuqhubeke ngendlela engakaze ibekhona ngaphambili phakathi kwamazwe obuKhomanisi namazwe angewona awobuKhomanisi. Ingabe kunokwenzeka ukubona lemibuso emibili elwayo kula“makhosi amabili”? Ake sibone.
“UNKULUNKULU WEZINQABA”
Ngemva kokukhuluma nge“sikhathi sokuphela,” isiprofetho sikaDaniyeli siyaqhubeka:
“Inkosi [yasenyakatho] iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okungamalisayo. . . . Ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise . . . Kepha unkulunkulu wezinqaba uyakumdumisa esikhundleni sabo, nonkulunkulu ababengamazi oyise uyakumdumisa ngegolide, nangesiliva.”—Dan. 11:36-38.
Yimuphi kulemibuso emibili oye ngaphandle kwamahloni wakhuluma ngokumelene no“Nkulunkulu wawonkulunkulu,” uJehova, ubiza inkolo ngokuthi “umuthi olalisayo wabantu”? Imuphi oye wahlela zonke ezomnotho zawo ukuze unakekele ngokuyinhloko ukukhiqiza izibhamu esikhundleni sebhotela; ombayimbayi nezindiza zempi esikhundleni sokudla, izembatho nezimpahla ezidingwa ngabantu, kanjalo udumisa “unkulunkulu wezinqaba”? Iyiphi “inkosi” eye yakhulekela “unkulunkulu ababengamazi oyise”—isayensi yezempi—iyidumisa “ngegolide, nangesiliva,” ingangabazi ukunikela iphesenti enkulu yomkhiqizo omkhulu wesizwe kwezombangazwe bezempi nasemabuthweni? Akunakungatshazwa ukuthi eyanamuhla “inkosi yasenyakatho” umbuso wobuKhomanisi, oholwa iRashiya.
Emuva ngo-1977, elaseU.S. Inxusa Lolwazi Lokuzivikela lavuma ukuthi amabutho aseRashiya anga“namandla kakhulu ezweni, namabhomu aqhumayo amakhulu nezinto ezicitshwa emoyeni.” Lokhu kuzilungiselela impi kusekelwa imfundiso yezempi ezikoleni. Bonke abantu besilisa abaneminyaka eyi-18 baphoqelelwa umthetho ukuba baye empini, bachithe iminyaka emibili namabutho noma namabutho ezomoya, noma iminyaka emithathu namabutho ahamba ngemikhumbi. Khona-ke bahlala belindele ukusetshenziswa nganoma yisiphi isikhathi kuze kube yilapho beneminyaka engama-50, okusho ukuthi okwamanje amashumi ezigidi ezakhamuzi zaseRashiya aye athola ukuqeqeshelwa impi futhi angabuthwa ngokushesha.
‘UKUQHUBUKUSHA’ KWE‘NKOSI YASENINGIZIMU’
Njengoba “inkosi yasenyakatho” ingamazwe obuKhomanisi, aholwa iSoviet Union, “inkosi yaseningizimu” ayinakuba omunye kunokuba amazwe amelene angewona awobuKhomanisi, angaphansi kokuholwa yiUnited States. Maqondana nala“makhosi,” isiprofetho sikaDaniyeli siqhubeka sithi: “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho.”—Dan. 11:40.
“Ukuqhubukusha” okungemva kwempi kwe“nkosi yaseningizimu” kwaba nesiqalo esipholile, ngo-1947, nge“Mfundiso kaTruman” “yomthetho wokuvikela izwe.” Lona walandelwa, ngo-1949, ukwenziwa kweNATO futhi kamuva, ezinye izinhlangano zezifunda zokuvikelana. “Ukuqhubukusha” kwaba namandla esikhathini sempi yesibili yaseVietnam. Kodwa lempi nomphumela wayo omubi ngaseNtshonalanga yabonakala isekela “amajuba”—labo eU.S. nasemazweni angabangane abaye bafuna isimo somusa embusweni weRashiya.
Nokho, izehlakalo zamuva nje ezingokombangazwe zibonakala zibonisa ukuthi “amajuba” manje ayandlulwa “oheshane”—abathanda isimo sonya ezizweni zobuKhomanisi. “Ukuqhubukusha” kwe“nkosi yaseningizimu” emelene ne“nkosi yasenyakatho” kubonakala kukhula. Ngokuthakazelisayo, ubunye bamaNgisi namaMelika kulokhu “kuqhubukusha” kwaqinisekiswa umbiko wezindaba olandelayo: “UNgqongqoshe waseBrithani uMargaret Thatcher, ovumelana noMr. Reagan ongayethembi iKremlin, wayewukuphela komholi weNATO owasibeka obala isimo sakhe. Wathi ngoLwesine ebusuku [January 29, 1981] kwakungekho sibonakaliso sokuthakazelela kweRashiya ukuthula kwangempela.” (International Herald Tribune, January 31, 1981) Ukuthi “inkosi yaseningizimu” iyoqhubeka kangakanani ‘ekuqhubukusheni’ kwayo kungokuthile esiyothakazelela ukukubona ezinsukwini ezizayo.
Ngokufanelekile-ke, “inkosi yasenyakatho” manje emelelwe izizwe zobuKhomanisi iyasabela kulokhu ‘kuqhubukusha.’ Lokhu futhi kwabikezelwa esiprofethweni sikaDaniyeli, isahluko 11. Ake sisifunde:
“Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule. . . . Iyakwelulela isandla emazweni, . . . iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva.”—Dan. 11:40-43.
INDLELA “INKOSI YASENYAKATHO” ESABELA NGAYO
Ukusabela kweRashiya ezinyathelweni ezinzima eziye zathathwa “inkosi yaseningizimu” muva nje kubonisa ukuthi “inkosi yasenyakatho” ayikufuni ukuphathwa kabi ngokucindezelwa. Kusukela eMpini Yezwe II, iSoviet Union ‘eyelula isandla sayo’ ukuze ibambe “amazwe” ahlukahlukene “nengcebo efihliwe,” kuhlanganisa nowoyela.
Inselele phezu kweNtshonalanga iye yaba ecatshangelwayo, njengoba amazwe amaningi ampofu oholumeni ababengamakoloni aye amukela ukubusa kobuMarxist. Izenzo ezinjalo ziye zenza kwaba lula ukungeniswa kwethonya leRashiya eAsia, eMpumalanga ePhakathi, eAfrika ngisho naseMelika. Futhi, “inkosi yasenyakatho” iye yaba nempumelelo enkulu ekusekeleni ukuvukela umbuso okuholwa ubuKhomanisi, okwenze yakwazi ukuba ‘ingene emazweni’ athonywe kanjalo umbono wayo nosizo lwezempi nemisebenzi.
Ngokuba nabantu abangaphezu kwezigidi ezine abahlomile eRashiya nasempumalanga Yurophu, nezinqola zempi eziyizi-50 000, izindiza zempi eziyizi-5 775, imikhumbi emikhulu yempi engama-289 nehamba phansi kwamanzi ecishe ibe ama-257, “inkosi yasenyakatho” ngokuqinisekile inamandla “okuvunguzela ngezinqola nangabamahashi nangemikhumbi eminingi . . . ikhukhule idlule.”
Ngokwemibiko, amabutho eRashiya asekhona kakade eAfghanistan, eCuba, e-Ethiopia, Iraq, eLibya, eMali, eMauritania, eVietnam, eSyria naseNingizimu Yemen, singasakhulumi ngabeluleki bezimpi bakwamanye amazwe amaningi. Imikhumbi yempi yeRashiya igcwele zonke izilwandle nezilwandlekazi ezisetshenziselwa impi, kuhlanganise neMedithera. Iqophelo “inkosi yasenyakatho” yobuKhomanisi eyoqhuba lamabutho futhi iwabangele ukuba ‘angene’ kwamanye “amazwe” ngalo lingokuthile esiyokubona esikhathini esizayo.
WOMABILI “AMAKHOSI” AFINYELELA ESIPHELWENI SAWO
Kungakhathaliseki ukuthi ‘ukuqhubukusha’ kwe“nkosi yaseningizimu” kuyofinyelela kuliphi iqophelo, noma “inkosi yasenyakatho” ngokoqobo ‘ivunguzela’ ngokunqoba amanye amazwe noma cha, kukhona into eyodwa eqinisekile: Ngokwesiprofetho sikaDaniyeli, akukho kula“makhosi” eyonqoba enye ngokuphelele. Maqondana ne“nkosi yasenyakatho,” isiprofetho sithi: “Kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.” (Dan. 11:45) Futhi isiprofetho esihambisana nalesi sikhuluma ngoMbuso Wezwe wamaNgisi namaMelika, futhi ofanekiselwa “inkosi yaseningizimu,” ngokuthi ‘yachotshozwa kungengasandla.’—Dan. 8:25.
La“makhosi” ayofinyelela kanjani esiphelweni sawo “kungengasandla” futhi ‘engenamsizi’? Isiphelo sawo asinakulethwa umuntu. Isiprofetho sikaDaniyeli siyaqhubeka: “Ngalesosikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esiqhamileyo esimela abantwana babantu bakho [bakaDaniyeli futhi ngalokho abakaJehova]; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe-khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube-yilesosikhathi.” (Dan. 12:1) UMikayeli akayena omunye ngaphandle kokuba yiNkosi emisiwe kaJehova uJesu Kristu. (Qhathanisa nesAmbulo 12:7-10.) “Isikhathi sosizi” siwu“sizi olukhulu” oluphawulwe esiprofethweni sikaJesu ‘ngesiphelo sesimiso sezinto’ ‘nokuba khona’ kwakhe embusweni wakhe.—Math. 24:3, 21; Luka isahl. 21.
Ukugcwaliseka kwanamuhla kwaleziprofetho kubonisa ukuthi manje siphila ‘esikhathi sokuphela.’ Ngokushesha uKristu uzobhubhisa “inkosi yasenyakatho” yobuKhomanisi ne“nkosi yaseningizimu” engeyona eyobuKhomanisi. Ngempela iNkosi ebekwe esihlalweni uJesu Kristu ‘iyobashaya’ bonke nazo zonke izizwe zombangazwe ‘ngenkemba ebukhali,’ futhi “uyakuzibusa ngentonga yensimbi.” (IsAm. 19:11-21) Nokho esinye isiprofetho esivusa amadlingozi encwadini kaDaniyeli siyogcwaliseka, ngoba siyafunda: “Ezinsukwini zalawomakhosi [imibuso yezombangazwe] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Dan. 2:34, 35, 44.
Lowombuso uyoletha ukuthula okuhlala njalo emhlabeni ohlelweni olusha lokulunga. (2 Pet. 3:13; IsAm. 21:1-5) Kuwona awanakuba khona “amakhosi” ezombangazwe acindezelayo. Yiwona lo“mbuso” obuwuthandazela uma usho “uMthandazo weNkosi.” (Math. 6:9, 10) Uwukuphela kwethemba lesintu. OFakazi BakaJehova bayojabulela ukukusiza ukuze uwenze ithemba lakho.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole incazelo egcwele kaDaniyeli isahluko 11, bheka incwadi “Intando Yakho Mayenziwe eMhlabeni,” eyakhishwa ngo-1965 ngesiZulu yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.