-
UJehova Wembula Lokho ‘Okumelwe Kwenzeke Maduzane’INqabayokulinda—2012 | Juni 15
-
-
9 Sekuyisikhathi eside izinceku zikaJehova zifuna ukuqonda incazelo yalokho okufanekiselwa izinyawo zesithombe. UDaniyeli 2:41 uchaza ingxube yensimbi nobumba ‘njengombuso’ owodwa, hhayi eminingi. Ngakho-ke, ubumba lumelela abantu abasendaweni ebuswa uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, abawenza ube buthaka kunoMbuso WamaRoma owawufanekiselwa insimbi yodwa. Ubumba luchazwa ngokuthi ‘inzalo yabantu,’ noma abantu abavamile. (Dan. 2:43) Kulo Mbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, abantu baye balwela amalungelo abo besebenzisa imikhankaso yokulwela amalungelo abantu, izinyunyana zezisebenzi nemibhikisho yokufuna ukuzibusa. Abantu abavamile bawenza buthaka lo Mbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, okuwenza ungakwazi ukubonisa amandla ensimbi. Ngaphezu kwalokho, ukuba nemibono ephikisanayo kanye nemiphumela yokhetho eshiyana kancane eyenza amaqembu aphumelele angakwazi ukulawula ngaphandle kokuphikiswa kuye kwenza ngisho namandla abaholi abathandwayo aba buthaka, ngakho abakwazi ukuba nezwi elicacile lokusebenzisa izinqubo zabo. UDaniyeli wabikezela: “Ngokwengxenye umbuso uyoba namandla futhi ngokwengxenye ube ophuka kalula.”—Dan. 2:42; 2 Thim. 3:1-3.
-
-
UJehova Wembula Lokho ‘Okumelwe Kwenzeke Maduzane’INqabayokulinda—2012 | Juni 15
-
-
11 Ingabe inani lezinzwani zesithombe linencazelo ekhethekile? Ake ucabange: Kweminye imibono, uDaniyeli unikeza amanani aqondile—ngokwesibonelo, usitshela inani lezimpondo ezisemakhanda ezilo ezihlukahlukene. Lawo manani anencazelo ekhethekile. Nokho, lapho echaza isithombe, uDaniyeli akalisho inani lezinzwani. Ngakho-ke, inani lazo libonakala lingabalulekile njengoba nje kunjalo nangeqiniso lokuthi isithombe sinezingalo, izandla, iminwe, imilenze nezinyawo. UDaniyeli usho ngokuqondile ukuthi izinzwani zaziyoba ezensimbi nobumba. Kule ncazelo yakhe, singaphetha ngokuthi uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika yiwo oyobe ukhonya ngesikhathi “itshe” elimelela uMbuso kaNkulunkulu lishaya izinyawo zesithombe.—Dan. 2:45.
-