Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • Into ebaluleke kakhulu iBhayibheli elikhuluma ngayo uMbuso kaNkulunkulu. UJehova uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze afeze lokho ayekuhlosile ngomhlaba. Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Sazi kanjani ukuthi usuyabusa? Yini osuyenzile kakade? Yini ozoyenza esikhathini esizayo? Lesi sifundo nezilandelayo ezimbili zizoyiphendula le mibuzo.

      1. Uyini uMbuso kaNkulunkulu futhi ubani iNkosi yawo?

      UMbuso uwuhulumeni obekwe uJehova uNkulunkulu. Inkosi yawo, uJesu Kristu, ubusa esezulwini. (Mathewu 4:17; Johane 18:36) IBhayibheli lithi ngoJesu: ‘Uyobusa njengeNkosi kuze kube phakade.’ (Luka 1:32, 33) Njengoba eyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzobusa wonke umuntu emhlabeni.

      2. Obani ababusa noJesu?

      UJesu akabusi yedwa. Abantu abavela “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe . . . bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10) Bangaki abayobusa noKristu? Kusukela ngesikhathi uJesu eza ngaso emhlabeni, izigidi zamaKristu ziye zaba abalandeli bakhe. Kodwa bangu-144 000 kuphela abazoya ezulwini bayobusa noJesu. (Funda isAmbulo 14:1-4.) Wonke amanye amaKristu asemhlabeni ayobuswa yilo Mbuso.​—IHubo 37:29.

      3. Kungani ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kungcono kunokubusa kohulumeni babantu?

      Ngisho noma ababusi abangabantu bezama ukwenza izinto ezinhle, abanawo amandla okwenza konke abakufunayo. Ekugcineni izikhundla zabo zithathwa abanye ababusi abazicabangela bona futhi abangase bangafuni ukusiza abantu. Kodwa, akekho oyoke asuse uJesu esikhundleni sokuba uMbusi woMbuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu ‘umise umbuso ongeke neze ubhujiswe.’ (Daniyeli 2:44) UJesu uzobusa wonke umhlaba, futhi uzophatha abantu ngokulinganayo. Unothando, unomusa futhi akakhethi. Uzofundisa abantu ukuba baphathane ngendlela efanayo​—ngothando, ngomusa futhi bangakhethi.​—Funda u-Isaya 11:9.

      FUNDA OKWENGEZIWE 

      Funda ukuthi kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu.

      UJesu Kristu ubusa phezu komhlaba esesihlalweni sakhe sobukhosi ezulwini. Abusa kanye nabo bahleli ngemva kwakhe. Ngemva kwabo kunenkazimulo kaJehova.

      4. Uhulumeni onamandla uzobusa wonke umhlaba

      UJesu Kristu unamandla amakhulu okubusa kunanoma imuphi umbusi owake waphila. Fundani uMathewu 28:18, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Igunya likaJesu lokubusa lingcono ngayiphi indlela kunelombusi ongumuntu?

      Ohulumeni babantu bashintsha njalo, futhi ngamunye wabo ubusa ingxenye ethile kuphela yomhlaba. Kuthiwani ngoMbuso kaNkulunkulu? Fundani uDaniyeli 7:14, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Kungani kuyinto enhle ukuthi uMbuso kaNkulunkulu “awusoze wachithwa”?

      • Kungani kuyinto enhle ukuthi uyobusa wonke umhlaba?

      5. Ohulumeni babantu kumelwe baqedwe

      Kungani kumelwe kubuse uMbuso kaNkulunkulu esikhundleni sohulumeni babantu? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

      IVIDIYO: Uyini UMbuso KaNkulunkulu?​—Isiqeshana (1:41)

      • Ukubusa kwabantu kube nayiphi imiphumela?

      Fundani umShumayeli 8:9, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Ucabanga ukuthi kuyafaneleka ukuba uMbuso kaNkulunkulu ubuse esikhundleni sohulumeni babantu? Kungani usho kanjalo?

      6. UMbuso kaNkulunkulu unababusi abasiqonda kahle

      Ngenxa yokuthi uJesu, iNkosi yethu, wake waba umuntu uyakwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu.’ (Hebheru 4:15) Amadoda nabesifazane abathembekile abangu-144 000 abayobusa noJesu, bakhethwe uJehova “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.”​—IsAmbulo 5:9.

      • Kuyakududuza yini ukwazi ukuthi uJesu nabo bonke azobusa nabo bayazi ukuthi kunjani ukuba umuntu? Kungani usho kanjalo?

      Amadoda nabesifazane abagcotshiwe abaphila ngezikhathi ezingafani nabavela ezizindeni ezingafani.

      UJehova ukhethe amadoda nabesifazane abavela kuzo zonke izizwe ukuba babuse noJesu

      7. UMbuso kaNkulunkulu unemithetho emihle kakhulu kuneyohulumeni babantu

      Ohulumeni babantu banemithetho ebekelwe ukusiza nokuvikela abantu. UMbuso kaNkulunkulu nawo unemithetho okumelwe abantu bayilalele. Fundani eyoku-1 Korinte 6:9-11, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Ucabanga ukuthi kuyoba njani emhlabeni lapho bonke abantu sebelalela imithetho kaNkulunkulu?a

      • Ucabanga ukuthi uJehova unalo yini ilungelo lokulindela abantu ababuswa uMbuso wakhe ukuba balalele leyo mithetho? Kungani usho kanjalo?

      • Yini ebonisa ukuthi abantu abangayilaleli le mithetho bangashintsha?​—Bheka ivesi 11.

      Iphoyisa lomgwaqo limisa izimoto emarobhothini. Abantu abangalingani ngobudala bayawela emgwaqweni.

      Ohulumeni babeka imithetho ezozuzisa futhi ivikele abantu. UMbuso kaNkulunkulu unemithetho emihle nakakhulu evikela futhi izuzise abantu.

      OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Uyini uMbuso kaNkulunkulu?”

      • Ungaphendula uthini?

      UKUBUYEKEZA

      UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini oyobusa wonke umhlaba.

      Ufundeni?

      • Obani abayobusa eMbusweni kaNkulunkulu?

      • Kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu?

      • Yiziphi ezinye zezinto uJehova azilindele kubantu ababuswa uMbuso wakhe?

      Umgomo

      HLOLA OKWENGEZIWE

      Thola ukuthi uJesu wafundisa ukuthi uMbuso ukuphi.

      “Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Usenhliziyweni Yakho?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

      Kungani oFakazi BakaJehova bekhetha ukuba qotho eMbusweni kaNkulunkulu kunokuba qotho emibusweni yabantu?

      Bazinikele EMbusweni KaNkulunkulu (1:43)

      Funda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngabangu-144 000 abakhethwe uJehova ukuba babuse noJesu.

      “Obani Abaya Ezulwini?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

      Yini eyaqinisekisa owesifazane owayesejele ukuthi nguNkulunkulu kuphela ongenza kube nobulungisa emhlabeni?

      “Indlela Engathola Ngayo Ikhambi Lokungabi Nabulungisa” (Phaphama!, Novemba 2011)

      a Eminye yaleyo mithetho kuzoxoxwa ngayo eNgxenyeni 3.

  • Lokho UMbuso Ozokwenza
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • UMbuso kaNkulunkulu usuyabusa. Maduze nje uzokwenza ushintsho olukhulu emhlabeni. Ake sifunde ngezinye zezinto ezinhle ongazilindela lapho sekubusa uMbuso.

      1. UMbuso kaNkulunkulu uzokuletha kanjani ukuthula nokulunga emhlabeni?

      UJesu, iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzobhubhisa abantu ababi nohulumeni empini ye-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Ngaleso sikhathi, lesi sithembiso seBhayibheli sizogcwaliseka ngokuphelele: “Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho.” (IHubo 37:10) UJesu uzosebenzisa uMbuso ukuze aqiniseke ukuthi kukhona ukuthula nokulunga emhlabeni wonke.​—Funda u-Isaya 11:4.

      2. Ukuphila kuyoba njani lapho intando kaNkulunkulu seyenziwa emhlabeni?

      Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, “abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Zicabange nje usuphila emhlabeni lapho bonke abantu sebelungile futhi bethanda uJehova, nabo bethandana! Akekho oyogula futhi bonke abantu bayophila phakade.

      3. Yini eyokwenziwa uMbuso kaNkulunkulu ngemva kokubhujiswa kwababi?

      Ngemva kokubhujiswa kwababi, uJesu uyobusa njengeNkosi iminyaka engu-1 000. Phakathi naleso sikhathi, yena nabangu-144 000 ayobusa nabo bayoqeda isono kubantu emhlabeni. Ekupheleni kwaleyo nkathi, umhlaba uyobe usushintshiwe waba ipharadesi elihle, eligcwele abantu abajabulayo ngoba belalela imithetho kaJehova. Ngemva kwalokho, uJesu uyobuyisela ubukhosi kuYise, uJehova. ‘Igama [likaJehova] liyongcweliswa’ ngendlela elingakaze lingcweliswe ngayo. (Mathewu 6:9, 10) Kuyobe sekubonakele ukuthi uJehova unguMbusi omuhle, obakhathalelayo abantu ababusayo. UJehova uyobe esebhubhisa uSathane, amademoni nanoma ubani oyokhetha ukuvukela ukubusa kwaKhe. (IsAmbulo 20:7-10) Izimo ezinhle eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu ziyoba khona kuze kube phakade.

      FUNDA OKWENGEZIWE

      Funda ukuthi kungani singamethemba uNkulunkulu ukuthi uzosebenzisa uMbuso ukuze agcwalise zonke izithembiso zeBhayibheli eziphathelene nekusasa lethu.

      4. UMbuso kaNkulunkulu uzoqeda ohulumeni babantu

      ‘Umuntu ubuse omunye kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Esebenzisa uMbuso wakhe, uJehova uzolungisa umonakalo owenziwe yilokho kungalungi.

      Fundani uDaniyeli 2:44 neyesi-2 Thesalonika 1:6-8, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Yini uJehova neNdodana yakhe uJesu abazoyenza kohulumeni babantu nabalandeli babo?

      • Lokho osukufundile ngoJehova noJesu, kukusiza kanjani ubone ukuthi izenzo zabo ziyobe zifaneleka?

      UJesu uyiNkosi yasezulwini ebusa umhlaba oyipharadesi.

      5. Ayikho iNkosi enhle edlula uJesu

      NjengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu uyosiza abantu emhlabeni ngezindlela eziningi. Dlalani IVIDIYO ukuze nibone ukuthi uJesu ubonise kanjani ukuthi unesifiso namandla awanikwe uNkulunkulu okusiza abantu.

      IVIDIYO: UJesu Wakubonisa Lokho UMbuso Ozokwenza (1:13)

      Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa amazwibela alokho uMbuso ozokwenza. Yiziphi izibusiso ezingezansi olangazelela kakhulu ukuzibona? Fundani imiBhalo ehambisana nazo ezokufundisa okwengeziwe ngazo.

      NGESIKHATHI ESEMHLABENI, UJESU . . .

      NJENGOBA ESEZULWINI, UJESU . . .

      • walawula isimo sezulu.​—Marku 4:36-41.

      • uzolungisa wonke umonakalo owenziwe emhlabeni.​—Isaya 35:1, 2.

      • wapha izinkulungwane zabantu ukudla ngokuyisimangaliso.​—Mathewu 14:17-21.

      • uzoqeda indlala emhlabeni.​—IHubo 72:16.

      • welapha izifo zabantu abaningi.​—Luka 18:35-43.

      • uzoqiniseka ukuthi bonke abantu baphile saka.​—Isaya 33:24.

      • wavusa abantu baphinde baphila.​—Luka 8:49-55.

      • uzoqeda imiphumela ebangelwe ukufa.​—IsAmbulo 21:3, 4.

      6. UMbuso kaNkulunkulu uzoletha ikusasa elimangalisayo

      UMbuso uzonikeza abantu ukuphila okuhle uJehova ayekuhlosile kwasekuqaleni. Bazophila phakade emhlabeni oyipharadesi. Dlalani IVIDIYO ukuze ubone indlela uJehova ayisebenzisa ngayo iNdodana yakhe uJesu ukuze afeze injongo yaKhe.

      IVIDIYO: Amazwibela Ekusasa Elimangalisayo (4:38)

      Fundani iHubo 145:16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uJehova ‘uyokwanelisa isifiso sayo yonke into ephilayo’?

      ABANYE ABANTU BATHI: “Uma sibambisana, singazixazulula izinkinga zomhlaba.”

      • Yiziphi izinkinga uMbuso kaNkulunkulu ozozixazulula ohulumeni babantu abahlulekile ukuzixazulula?

      UKUBUYEKEZA

      UMbuso kaNkulunkulu uzokwenza lokho akufunayo. Uzoshintsha wonke umhlaba ube ipharadesi eligcwele abantu abalungile, abayokhonza uJehova kuze kube phakade.

      Ufundeni?

      • UMbuso kaNkulunkulu uzolingcwelisa kanjani igama likaJehova?

      • Kungani singakukholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzozifeza izithembiso eziseBhayibhelini?

      • Ezintweni ezizokwenziwa uMbuso, iyiphi olangazelela kakhulu ukuyibona?

      Umgomo

      HLOLA OKWENGEZIWE

      Funda ukuthi iyini i-Armagedoni.

      “Iyini Impi Ye-Armagedoni?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

      Funda ngezinto eziyokwenzeka phakathi nenkathi uJesu ayibiza ngokuthi “usizi olukhulu.”

      “Luyini Usizi Olukhulu?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

      Bukela ukuthi yini imindeni engayenza ukuze izibone ngeso lengqondo isisePharadesi.

      Zibone UsusePharadesi (1:50)

      Esihlokweni esithi “Ngangihlushwa Imibuzo Eminingi,” funda indlela ivukelambuso elazithola ngayo izimpendulo elalizifuna.

      “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Januwari 1, 2012)

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela