-
UJehova Uthembisa UDaniyeli Umvuzo Omuhle KakhuluSinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
Isahluko Seshumi Nesishiyagalombili
UJehova Uthembisa UDaniyeli Umvuzo Omuhle Kakhulu
1, 2. (a) Iyiphi imfanelo ebalulekile umsubathi ayidingayo ukuze aphumelele? (b) Umphostoli uPawulu wakufanisa kanjani ukuphila kokwethembeka enkonzweni kaJehova nomncintiswano?
UMSUBATHI usephikelele entanjeni. Usefile ukukhathala, kodwa njengoba ezibona efinyelela umgomo wakhe, uthi nje ngizofela khona. Eseqhanse imisipha, uyafika entanjeni ekugcineni! Ebusweni bakhe kubhalwe injabulo nokunqoba. Ukukhuthazela kuze kube sekugcineni kumsizile.
2 Esiphethweni sikaDaniyeli isahluko 12, sithola umprofethi othandekayo eseseduze nentambo ‘yomncintiswano’ wakhe—ukuphila kokukhonza uJehova. Ngemva kokucaphuna izibonelo ezihlukahlukene zokholo phakathi kwezinceku zikaJehova zangaphambi kobuKristu, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngakho-ke, ngenxa yokuthi sinefu elikhulu kangaka lofakazi elisihaqile, nathi masilahleni konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu, njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu. Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.”—Heberu 12:1, 2.
3. (a) Yini eyashukumisa uDaniyeli ukuba ‘agijime ngokukhuthazela’? (b) Yiziphi izinto ezintathu ezicacile ingelosi kaJehova eyazitshela uDaniyeli?
3 Phakathi lwalelo ‘lifu elikhulu lofakazi’ kwakunoDaniyeli. Ngokuqinisekile kwakudingeka ‘agijime ngokukhuthazela,’ futhi uthando olujulile ngoNkulunkulu lwamshukumisela ukuba enze kanjalo. UJehova wayembulele uDaniyeli okuningi ngekusasa lohulumeni bezwe, kodwa manje umthumelela lesi sikhuthazo: “Kepha wena hamba uye ekupheleni; futhi uyophumula, kodwa uyosukuma umele isabelo sakho ekupheleni kwezinsuku.” (Daniyeli 12:13, NW) Ingelosi kaJehova yayitshela uDaniyeli izinto ezintathu ezicacile: (1) ukuthi uDaniyeli kwakufanele ‘aye ekupheleni,’ (2) ukuthi ‘wayezophumula,’ (3) nokuthi wayezobuye ‘asukume’ esikhathini esizayo. La mazwi angawakhuthaza kanjani amaKristu namuhla ukuba akhuthazele aze afike entanjeni yomncintiswano wokuphila?
“HAMBA UYE EKUPHELENI”
4. Ingelosi kaJehova yayisho ukuthini uma ithi “hamba uye ekupheleni,” futhi kungani lokho kwakungaba inselele kuDaniyeli?
4 Yayisho ukuthini ingelosi uma ithi kuDaniyeli: “Kepha wena hamba uye ekupheleni”? Ekupheleni kwani? Njengoba uDaniyeli ayesecela ekhulwini leminyaka ubudala, ngokusobala lokhu kwakubhekisela ekupheleni kokuphila kwakhe, cishe okwase kuseduze impela.a Ingelosi yayinxusa uDaniyeli ukuba akhuthazele ngokwethembeka kuze kube sekufeni. Kodwa akusho ukuthi kwakuzoba lula ngempela ukwenza kanjalo. UDaniyeli wayephile waze wabona iBabiloni lichithwa nensali yamaJuda ayizithunjwa iphindela kwaJuda naseJerusalema. Kumelwe ukuba lokho kwamjabulisa kakhulu lo mprofethi owayesekhulile. Umbhalo ogciniwe awubonisi-ke nokho ukuthi naye waluthatha lolo hambo. Kungenzeka ukuthi wayesekhule kakhulu futhi esebuthaka ngaleso sikhathi. Noma mhlawumbe kwakuyintando kaJehova ukuba asale eBabiloni. Kunoma yikuphi, umuntu uyazibuza nje ukuthi kazi uDaniyeli wazizwa edabukile yini njengoba abantu bakubo bebuyela kwaJuda.
5. Yini ebonisa ukuthi uDaniyeli wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni?
5 Akungabazeki ukuthi uDaniyeli waqiniswa kakhulu yila mazwi omusa engelosi: “Hamba uye ekupheleni.” Singase sikhumbule amazwi uJesu Kristu awasho emakhulwini ayisithupha kamuva: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Akungabazeki ukuthi yilokho uDaniyeli akwenza. Wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni, wagijima ngokwethembeka emncintiswaneni wokuphila kwaze kwaba sekugcineni kwawo. Leso kungaba isizathu esenza kukhulunywe kahle ngaye kamuva eZwini likaNkulunkulu. (Heberu 11:32, 33) Yini eyenza uDaniyeli wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni? Umlando wokuphila kwakhe uyasinikeza impendulo.
UKUKHUTHAZELA EKUBENI UMFUNDI WEZWI LIKANKULUNKULU
6. Sazi kanjani ukuthi uDaniyeli wayengumfundi okhuthele weZwi likaNkulunkulu?
6 KuDaniyeli, ukukhuthazela kuze kube sekupheleni kwakuhilela ukuqhubeka etadisha futhi ezindla ngezithembiso zikaNkulunkulu ezivusa amadlingozi. Siyazi ukuthi uDaniyeli wayengumfundi okhuthele weZwi likaNkulunkulu. Uma kungenjalo, wayesazi kanjani isithembiso uJehova asenza kuJeremiya sokuthi kwakuyothatha iminyaka engu-70 besekuthunjweni? UDaniyeli ngokwakhe wabhala: “Ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka.” (Daniyeli 9:2; Jeremiya 25:11, 12) Ngokungangabazeki, uDaniyeli wafuna izincwadi zeZwi likaNkulunkulu ezazikhona ngaleso sikhathi. Ngokuqinisekile imibhalo kaMose, uDavide, uSolomoni, u-Isaya, uJeremiya, uHezekeli—noma imiphi ayengayithola—yanikeza uDaniyeli ithuba elihle kakhulu lokufunda nokuzindla.
7. Uma siqhathanisa isikhathi sethu nosuku lukaDaniyeli, yini ekwenza kube ngcono kithi ukutadisha iZwi likaNkulunkulu?
7 Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, ukugxilisa ingqondo kulo, kusemqoka ukuze sihlakulele ukukhuthazela namuhla. (Roma 15:4-6; 1 Thimothewu 4:15) Futhi sineBhayibheli eliphelele, elihlanganisa nombhalo olotshiwe wendlela ezagcwaliseka ngayo ezinye zeziprofetho zikaDaniyeli emakhulwini eminyaka kamuva. Ngaphezu kwalokho, sibusisekile ngokuphila phakathi ‘nesikhathi sokugcina,’ esabikezelwa kuDaniyeli 12:4. Osukwini lwethu, abagcotshiwe baye babusiswa ngokuqonda okungokomoya, bakhanya njengezinkanyiso zeqiniso kuleli zwe elimnyama. Ngenxa yalokho, eziningi zeziprofetho ezijulile ezisencwadini kaDaniyeli, ezinye ezazimdida yena, siyaziqonda thina namuhla. Ngakho-ke, masiqhubeke sitadisha iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, singazithathi neze kalula lezi zinto. Ukwenza kanjalo kuyosisiza sikhuthazele.
UDANIYELI WAKHUTHAZELA EMTHANDAZWENI
8. UDaniyeli wabeka siphi isibonelo endabeni yomthandazo?
8 Umthandazo nawo wamsiza uDaniyeli ukuba akhuthazele kuze kube sekupheleni. Nsuku zonke wayephendukela kuJehova uNkulunkulu akhulume naye ngokukhululeka ngenhliziyo egcwele ukholo nethemba. Wayazi ukuthi uJehova ‘unguMuzwi wemikhuleko.’ (IHubo 65:2; qhathanisa namaHeberu 11:6.) Ngesikhathi inhliziyo kaDaniyeli ilusizi ngenxa yenkambo ka-Israyeli yokuhlubuka, wathulula imizwa yakhe kuJehova. (Daniyeli 9:4-19) Ngisho nalapho uDariyu eyala ukuba kunxuswe kuye yedwa izinsuku ezingu-30, uDaniyeli akavumanga ukuba lokho kumvimbele ukuba athandaze kuJehova uNkulunkulu. (Daniyeli 6:10) Akusithinti yini izinhliziyo ukubona ngeso lengqondo leyo ndoda esikhulile ethembekile iqunga, ingena emphandwini ogcwele izingonyama kunokuba ilahle ilungelo eliyigugu lokuthandaza? Akungabazeki ukuthi uDaniyeli waya ekupheleni kwakhe ethembekile, ethandaza ngobuqotho kuJehova nsuku zonke.
9. Kungani kungafanele silithathe kalula ilungelo lokuthandaza?
9 Ukuthandaza kuyinto elula. Singathandaza cishe noma nini, noma kuphi, siphumisele noma buthule. Nokho, akufanele nanini silithathe kalula leli lungelo eliyigugu. IBhayibheli lihlobanisa umthandazo nokukhuthazela, ukuphikelela nokuhlala siphapheme ngokomoya. (Luka 18:1; Roma 12:12; Efesu 6:18; Kolose 4:2) Akumangalisi yini ukuthi sinomzila ongenamingcele nohlala uvulekile wokuxhumana nomuntu ophakeme kunabo bonke endaweni yonke? Futhi alalele! Khumbula ngesikhathi uDaniyeli ethandaza, uJehova waphendula ngokuthumela ingelosi. Ingelosi yafika ngesikhathi uDaniyeli esakhuleka! (Daniyeli 9:20, 21) Inkathi yethu kungenzeka akuyona eyokuhanjelwa yizingelosi kanjalo, kodwa uJehova akaguqukile. (Malaki 3:6) Njengoba nje awuzwa umthandazo kaDaniyeli, uyoyilalela neyethu. Futhi lapho sithandaza, siyosondela kuJehova, sakhe isibopho esiyosisiza ukuba sikhuthazele kuze kube sekupheleni, njengoba kwenza uDaniyeli.
UKUKHUTHAZELA EKUBENI UMFUNDISI WEZWI LIKANKULUNKULU
10. Kungani kwakubalulekile kuDaniyeli ukufundisa iqiniso leZwi likaNkulunkulu?
10 UDaniyeli kwadingeka ‘aye ekupheleni’ nangomunye umqondo. Kwadingeka akhuthazele ekubeni umfundisi weqiniso. Akazange alibale ukuthi wayengomunye wabantu abakhethiwe imiBhalo eyayithe ngabo: “‘Ningofakazi bami,’ usho uJehova, ‘nenceku yami engiyikhethileyo.’” (Isaya 43:10) UDaniyeli wenza konke ayengakwenza ukuze afeze lokho kuthunywa. Cishe umsebenzi wakhe wawuhlanganisa nokufundisa abantu bakubo ababethunjelwe eBabiloni. Kuncane esikwaziyo ngokusebenzelana kwakhe namanye amaJuda ngaphandle kokusondelana kwakhe namathathu abizwa ngokuthi ‘abangane bakhe’—uHananiya, uMeshayeli no-Azariya. (Daniyeli 1:7; 2:13, 17, 18) Ukusondelana kwabo njengabangane ngokuqinisekile kwenza lukhulu ekusizeni ngamunye wabo ukuba akhuthazele. (IzAga 17:17) UDaniyeli, njengoba uJehova ayembusise ngokuqonda okukhethekile, wayenokuningi ayengakufundisa abangane bakhe. (Daniyeli 1:17) Kodwa kwakudingeka afundise nabanye.
11. (a) Yini eyayivelele ngomsebenzi kaDaniyeli? (b) Waphumelela kanjani uDaniyeli ekufezeni isabelo sakhe esingavamile?
11 Ngaphezu kwabanye abaprofethi, uDaniyeli wayenomsebenzi wokufakaza ezicukuthwaneni zabeZizwe. Nakuba ngokuvamile kwakudingeka amemezele imiyalezo engathandeki, akazange aphathe laba babusi njengokungathi bayenyanyeka noma baphansi ngandlela-thile. Wakhuluma nabo ngenhlonipho nangobuciko. Babekhona ababefuna ukumenzela phansi uDaniyeli—njengalabo babusi bezifundazwe ababenomona, beceba okubi. Kodwa ezinye izicukuthwane zazimhlonipha. Ngenxa yokuthi uJehova wenza uDaniyeli wakwazi ukuchaza izimfihlakalo ezazidida amakhosi nabahlakaniphileyo, lo mprofethi waba ngovelele kakhulu. (Daniyeli 2:47, 48; 5:29) Yiqiniso, njengoba ayekhula, wayengasakwazi ukusukumela phezulu njengasebusheni bakhe. Kodwa ngokuqinisekile waya ekupheleni kwakhe esafuna ngokwethembeka noma iyiphi indlela ayengakhonza ngayo njengofakazi kaNkulunkulu wakhe amthandayo.
12. (a) Yimiphi imisebenzi yokufundisa esihlanganyela kuyo namuhla njengamaKristu? (b) Singasilalela kanjani iseluleko sikaPawulu ‘sokuqhubeka sihamba ngokuhlakanipha ngakulabo abangaphandle’?
12 Ebandleni lobuKristu namuhla, singase sithole abangane abathembekile abayosisiza sikhuthazele, njengoba nje uDaniyeli nabangane bakhe abathathu basizana. Sibuye sifundisane, ‘sikhuthazane.’ (Roma 1:11, 12) NjengoDaniyeli, sithunywe ukuba sifakaze kwabangakholwa. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Khona-ke kudingeka silole amakhono ethu ukuze ‘siphathe izwi leqiniso ngokufanele’ lapho sikhuluma nabantu ngoJehova. (2 Thimothewu 2:15) Futhi kuyosisiza ukulalela iseluleko somphostoli uPawulu: “Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha ngakulabo abangaphandle.” (Kolose 4:5) Ukuhlakanipha okunjalo kuhlanganisa nokuba nombono olinganiselayo ngalabo esingakholwa nabo. Asibeyi labo bantu, sizibone singcono. (1 Petru 3:15) Kunalokho, sifuna ukubadonsela eqinisweni, sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngesu lokungacunuli nangekhono ukuze sibafinyelele izinhliziyo. Lapho siphumelela ukufinyelela othile, yeka intokozo esiba nayo! Ngempela leyo ntokozo iyasisiza sikhuthazele kuze kube sekupheleni, njengoba kwenza uDaniyeli.
“UYOPHUMULA”
13, 14. Kungani abaseBabiloni kwakubethusa ukufa, futhi umbono kaDaniyeli wawuhluke kanjani?
13 Ngokulandelayo ingelosi iqinisekisa uDaniyeli: “Uyophumula.” (Daniyeli 12:13) Ayesho ukuthini lawo mazwi? UDaniyeli wayazi ukuthi wayesahlalelwe ukufa. Ukufa bekulokhu kuyisiphetho esingagwemeki sabo bonke abantu, kusukela osukwini luka-Adamu kuze kube kolwethu. IBhayibheli likubiza kufanele ukufa ngokuthi “isitha.” (1 Korinte 15:26) Kodwa kuDaniyeli ukufa kwakusho into ehluke kakhulu kunalokho abantu baseBabiloni ababemzungezile ababekucabanga. Kubona, njengoba babecwile ekukhulekeleni onkulunkulu bamanga nabaxakayo abangaba ngu-4 000, ukufa kwakuhambisana nazo zonke izinto ezethusayo. Babekholelwa ukuthi ngemva kokufa, labo ababeye baphila ngokungajabuli noma bafa ngobudlova babeba imimoya egcwele impindiselo ehlupha abaphilayo. AbaseBabiloni babekholelwa nasezweni labafileyo, elaligcwele izilwane ezesabekayo ezingabantu nezingokoqobo.
14 KuDaniyeli, ukufa kwakusho okuhluke kakhulu kulezo zinto. Emakhulwini eminyaka ngaphambi kosuku lukaDaniyeli, iNkosi uSolomoni yayiphefumulelwe ngokwaphezulu ukuba ithi: “Abafileyo abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Futhi ngokuqondene nomuntu ofayo, umhubi wayehlabelele: “Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.” (IHubo 146:4) Ngakho uDaniyeli wayazi ukuthi amazwi ayewatshelwe yingelosi ayeyoba iqiniso. Ukufa kwakusho ukuphumula. Akukho micabango, akukho kuzisola, akukho kuhlushwa—azikho nezilwane ezesabekayo. UJesu Kristu washo okufanayo ngesikhathi uLazaru efile. Wathi: “ULazaru umngane wethu uye kophumula.”—Johane 11:11.
15. Usuku lokufa lungaba ngcono kanjani kunolokuzalwa?
15 Cabangela esinye isizathu esenza ukufa kungamthusi uDaniyeli. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Igama elihle lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.” (UmShumayeli 7:1) Usuku lokufa, isikhathi sokukhala esizedlula zonke, lungaba ngcono kanjani kunosuku lokuzalwa olujabulisayo? Into esemqoka “igama.” “Amafutha amahle” angase abize kakhulu. Udadewabo kaLazaru uMariya wake wagcoba izinyawo zikaJesu ngamafutha anamakha ayebiza imali ecishe ibe ngangomholo wonyaka! (Johane 12:1-7) Kungenzeka kanjani ukuba igama nje libe yigugu kangaka? KumShumayeli 7:1, kuthiwa “igama elihle.” Akulona nje igama kuphela eliyigugu kakhulu kodwa yilokho elikumelelayo. Lapho umuntu ezalwa, usuke engenadumela, engenamlando wemisebenzi emihle, engenazo izinkumbulo eziyigugu engenazo nezimfanelo zobuntu. Kodwa lapho ukuphila kuphela, igama lisho zonke lezi zinto. Futhi uma uNkulunkulu elibheka njengegama elihle, liba yigugu ngaphezu kwanoma yiziphi izinto ezibonakalayo.
16. (a) UDaniyeli wazama kanjani ukuzakhela igama elihle noNkulunkulu? (b) Kungani uDaniyeli ayengaya kophumula eqiniseka ngokugcwele ukuthi wayephumelele ukuzakhela igama elihle noJehova?
16 Kukho konke ukuphila kwakhe, uDaniyeli wenza konke okusemandleni akhe ukuze azakhele igama elihle noNkulunkulu, futhi uJehova wakuqaphela lokho. Wayembhekile uDaniyeli futhi ehlola inhliziyo yakhe. UNkulunkulu wayenze okufanayo naseNkosini uDavide, eyahuba: “Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.” (IHubo 139:1, 2) Kuyavunywa, uDaniyeli wayengaphelele. Wayeyinzalo ka-Adamu onesono futhi eyilungu lesizwe esinesono. (Roma 3:23) Kodwa uDaniyeli waphenduka ekoneni kwakhe futhi waqhubeka ezama ukuhamba noNkulunkulu wakhe ngendlela eqotho. Ngakho lo mprofethi othembekile wayengaqiniseka ukuthi uJehova wayezomthethelela izono zakhe futhi angamthukutheleli nhlobo. (IHubo 103:10-14; Isaya 1:18) UJehova ukhetha ukukhumbula imisebenzi emihle yezinceku zakhe ezithembekile. (Heberu 6:10) Ngenxa yalokho, kwaze kwaba kabili ingelosi kaJehova ibiza uDaniyeli ngokuthi ‘umuntu othandekayo.’ (Daniyeli 10:11, 19) Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wayemthanda uDaniyeli. UDaniyeli wayengaya kophumula anelisekile, azi ukuthi uzakhele igama elihle noJehova.
17. Kungani kuphuthuma ukuba sizakhele igama elihle noJehova namuhla?
17 Ngamunye wethu angazibuza, ‘Ingabe sengizakhele igama elihle noJehova?’ Siphila ezikhathini zezinkathazo. Ukuqaphela ukuthi ukufa kungasifica noma nini akubona ubugwala kodwa kuwukubhekana namaqiniso. (UmShumayeli 9:11) Khona-ke, yeka indlela okusemqoka ngayo ukuba ngamunye wethu anqume ukuzakhela igama elihle noNkulunkulu manje, ngaphandle kokulibala. Uma senza kanjalo, akudingeki sikwesabe ukufa. Kumane nje kuwukuphumula—njengokulala. Futhi njengokulala, kulandelwa ukuvuka!
“UYOSUKUMA”
18, 19. (a) Yayisho ukuthini ingelosi lapho ibikezela ukuthi uDaniyeli ‘wayeyosukuma’ esikhathini esizayo? (b) Kungani uDaniyeli ayelazi ithemba lovuko?
18 Incwadi kaDaniyeli iphetha ngesithembiso esimnandi kakhulu uNkulunkulu ake wasenza kumuntu. Ingelosi kaJehova yatshela uDaniyeli: “Uyosukuma umele isabelo sakho ekupheleni kwezinsuku.” Yayisho ukuthini ingelosi? Njengoba ‘ukuphumula’ ebisanda kukhuluma ngakho kuwukufa, isithembiso sokuthi uDaniyeli ‘wayeyosukuma’ esikhathini esithile kamuva sasisho into eyodwa—uvuko!b Eqinisweni, ezinye izazi ziye zagomela ngokuthi uDaniyeli isahluko 12 ungowokuqala ukukhuluma ngovuko ngendlela ecacile emiBhalweni YesiHeberu. (Daniyeli 12:2) Nokho, kulokhu zishaye phansi. UDaniyeli wayelazi kahle ithemba lovuko.
19 Ngokwesibonelo, akungabazeki ukuthi uDaniyeli wayewazi la mazwi ayelotshwe u-Isaya emakhulwini amabili eminyaka ngaphambili: “Abafileyo bakho bayakubuye baphile, izidumbu zabo zivuke. Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini, ngokuba . . . nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.” (Isaya 26:19) Esikhathini eside ngaphambi kwalokho, uJehova wayenike u-Eliya no-Elisha amandla okuba bavuse abafileyo. (1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37) Ngisho nangaphambi kwalokho, uHana, unina womprofethi uSamuweli, wavuma ukuthi uJehova uyakwazi ukuvusa abantu eSheoli, okuyithuna. (1 Samuweli 2:6) Nangaphambili kakhulu kwalokho, uJobe othembekile waveza ithemba ayenalo ngala mazwi: “Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami. Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho.”—Jobe 14:14, 15.
20, 21. (a) UDaniyeli uyothola luphi uvuko? (b) Cishe uvuko ePharadesi luyokwenzeka kanjani?
20 NjengoJobe, uDaniyeli wayenesizathu sokuqiniseka ngokuthi uJehova wayezokulangazelela ngempela ukumbuyisela ekuphileni ngolunye usuku esikhathini esizayo. Noma kunjalo, kumelwe ukuba kwaduduza kakhulu ukuzwa isidalwa somoya esinamandla sigcizelela lelo themba. Yebo, uDaniyeli uyosukuma “ovukweni lwabalungileyo,” oluyokwenzeka phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. (Luka 14:14) Kuyosho ukuthini lokho ngoDaniyeli? IZwi likaNkulunkulu lisitshela okuningi ngakho.
21 UJehova “uwuNkulunkulu wokuthula hhayi wesiyaluyalu.” (1 Korinte 14:33) Kuyacaca-ke ukuthi ePharadesi uvuko luyokwenzeka ngendlela ehlelekile. Mhlawumbe kuyobe sekudlule isikhathi esithile ngemva kwe-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Yonke iminonjana yalesi simiso esidala sezinto iyobe isusiwe, futhi ngokungangabazeki ayobe esenziwe namalungiselelo okwamukela abafileyo. Ngokuqondene nohlelo abayobuya ngalo abafileyo, iBhayibheli lisinikeza lesi sandulela: “Yilowo nalowo esigabeni sakhe siqu.” (1 Korinte 15:23) Kubonakala sengathi lapho kuziwa ‘ovukweni lwabalungile nabangalungile,’ abalungile bayobuyiswa kuqala. (IzEnzo 24:15) Ngaleyo ndlela, amadoda athembekile asendulo, njengoDaniyeli, ayokwazi ukusiza ekuphatheni izindaba zasemhlabeni, kuhlanganise nokufundisa izinkulungwane zezigidi ‘zabangalungile’ ababuyiselwa ekuphileni.—IHubo 45:16.
22. Yimiphi eminye imibuzo okungangabazeki ukuthi uDaniyeli uyolangazelela ukuba iphendulwe?
22 Ngaphambi kokuba uDaniyeli alungele ukufeza izabelo ezinjalo, ngokuqinisekile uyoba nemibuzo ayofuna ukuyibuza. Kakade ngokuqondene nezinye iziprofetho ezijulile ayezinikeziwe, wayethé: “Ngakuzwa, kepha angiqondanga.” (Daniyeli 12:8) Yeka indlela ayojabula ngayo lapho ekugcineni eziqonda lezi zimfihlakalo zaphezulu! Akungabazeki ukuthi uyofuna ukuzwa konke ngoMesiya. Uyohlabeka umxhwele lapho ezwa ngokulandelana kwemibuso yezwe kusukela osukwini lwakhe kuze kube kolwethu, lapho ezwa ngokuthi bangobani ‘abangcwele abathembekile boPhezukonke’—abakhuthazela naphezu kokushushiswa phakathi ‘nesikhathi sokugcina’—nalapho ezwa ngokubhujiswa kokugcina kwayo yonke imibuso yabantu, ibhujiswa uMbuso kaNkulunkulu ophethwe uMesiya.—Daniyeli 2:44; 7:22; 12:4.
ISABELO SIKADANIYELI EPHARADESI—NESAKHO!
23, 24. (a) Izwe uDaniyeli ayovuselwa kulo liyobe lihluke kanjani kulelo ayelazi? (b) Ingabe uDaniyeli uyoba nayo indawo ePharadesi, futhi sazi kanjani?
23 UDaniyeli uyofuna ukwazi ngezwe ayobe ephila kulo ngaleso sikhathi—izwe eliyobe lingafani neze nelosuku lwakhe. Ziyobe zingasekho izibazi zempi nezengcindezi ezazihlupha izwe ayelazi. Kuyobe kungekho ukudabuka, ukugula nokufa. (Isaya 25:8; 33:24) Kodwa kuyoba nenala yokudla, izindlu eziningi nomsebenzi owanelisayo wabo bonke. (IHubo 72:16; Isaya 65:21, 22) Isintu siyoba umkhaya onobunye, ojabulayo.
24 Ngokuqinisekile uDaniyeli uyobe enendawo yakhe kulowo mhlaba. Ingelosi yamtshela: “Uyosukuma umele isabelo sakho.” Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “isabelo” lapha liyefana nalelo elisetshenziselwa isiqephu sezwe.c Kungenzeka ukuthi uDaniyeli wayesazi isiprofetho sikaHezekeli sokwaba izwe elibuyiselwe lakwa-Israyeli. (Hezekeli 47:13–48:35) Sisikiselani isiprofetho sikaHezekeli ekugcwalisekeni kwaso ePharadesi? Ukuthi bonke abantu bakaNkulunkulu bayoba nendawo ePharadesi, ngisho nezwe uqobo labiwe ngendlela ehlelekile nelungile. Yebo, isabelo sikaDaniyeli ePharadesi siyohilela okungaphezu kwendawo nje. Siyohlanganisa nendima yakhe enjongweni kaNkulunkulu lapho. Umvuzo uDaniyeli awuthenjiswa uqinisekile.
25. (a) Yiziphi ezinye izici zokuphila ePharadesi ozithandayo? (b) Kungani kungase kuthiwe abantu bangabasePharadesi?
25 Kuthiwani-ke ngesakho isabelo? Lezi zithembiso zingasebenza nakuwe. UJehova ufuna ukuba abantu abalalelayo ‘basukumele’ isabelo sabo, babe nendawo ePharadesi. Cabanga nje! Ngempela, kuyovusa amadlingozi ukubona uDaniyeli ubuso nobuso, kanye namanye amadoda nabesifazane abathembekile bezikhathi zeBhayibheli. Kuyoba khona nabanye abaningi abayobe bevela kwabafileyo, bedinga ukufundiswa ukuze bazi uJehova uNkulunkulu futhi bamthande. Zicabange wena ulungisa ikhaya lethu eliwumhlaba futhi usiza ekuliguquleni libe ipharadesi elinezinto ezinhlobonhlobo nobuhle obungapheli. Zicabange ufundiswa uJehova, ufunda ukuphila ngendlela ayehlose ukuba isintu siphile ngayo. (Isaya 11:9; Johane 6:45) Yebo, ikhona indawo yakho ePharadesi. Nakuba abanye namuhla bengase bangayikholwa indaba yePharadesi, khumbula ukuthi ekuqaleni uJehova wayejonge ukuba isintu siphile endaweni enjalo. (Genesise 2:7-9) Ngalowo mqondo, iPharadesi liyindawo engokwemvelo yezinkulungwane zezigidi emhlabeni. Liyikhaya lazo. Ukufinyelela kulo kuyofana nokufika ekhaya.
26. Yini ebonisa ukuthi uJehova uyazi ukuthi ukulindela isiphelo salesi simiso akulula kithi?
26 Izinhliziyo zethu zichichima ukwazisa uma sicabanga ngakho konke lokhu, akunjalo? Awufisi yini wena ukuba lapho? Yingakho-ke oFakazi BakaJehova belangazelela ukwazi ukuthi siyophela nini lesi simiso sezinto! Ukulinda akulula. UJehova uyakwazi lokho ngoba usinxusa ukuba ‘sihlale silindele’ ukuphela ‘noma kungalibala.’ Usho ukuthi kithina kungase kubonakale kulibala, ngoba kuwo lo mbhalo, siyaqinisekiswa: ‘Akuyikwephuza.’ (Habakuki 2:3; qhathanisa nezAga 13:12.) Yebo, isiphelo siyofika ngesikhathi.
27. Yini okumelwe uyenze ukuze ume phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade?
27 Yini okufanele uyenze njengoba isiphelo sisondela? Njengomprofethi kaJehova othandekayo uDaniyeli, khuthazela ngokwethembeka. Tadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo. Thandaza ngobuqotho. Ngothando zihlanganise nokholwa nabo. Fundisa abanye iqiniso ngentshiseko. Njengoba isiphelo salesi simiso sezinto esonakele sisondela usuku nosuku, hlala uzimisele ukuba yinceku eqotho yoPhezukonke nomsekeli oqinile weZwi lakhe. Ngazo zonke izindlela, sinake isiprofetho sikaDaniyeli! Futhi kwangathi iNkosi enguMbusi uJehova ingakunika ilungelo lokuma phambi kwayo ngentokozo kuze kube phakade!
[Imibhalo yaphansi]
a UDaniyeli wayethunjelwe eBabiloni ngo-617 B.C.E., cishe esengumfana. Lo mbono wawuthola ngonyaka wesithathu kaKoresi, noma ngo-536 B.C.E.—Daniyeli 10:1.
b Ngokwe-Brown-Driver-Briggs Hebrew and English Lexicon, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi ‘sukuma’ lapha, libhekisela “ekuvuselelweni ngemva kokufa.”
c Leli gama lesiHeberu lihlobene negama elithi “itshe,” ngoba kwakusetshenziswa amatshe amancane uma kwenziwa inkatho. Ngezinye izikhathi izwe lalabiwa ngale ndlela. (Numeri 26:55, 56) Incwadi ethi A Handbook on the Book of Daniel ithi leli gama lapha lisho “lokho (uNkulunkulu) akubekele umuntu.”
-
-
UJehova Uthembisa UDaniyeli Umvuzo Omuhle KakhuluSinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
-
-
[Isithombe esigcwele ikhasi 307]
[Isithombe ekhasini 318]
NjengoDaniyeli, uyalinaka yini izwi likaNkulunkulu lesiprofetho?
-