IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaHoseya
UKUKHULEKELA kweqiniso sekucishe kuphele embusweni wakwa-Israyeli osenyakatho wezizwe eziyishumi. Njengoba kubusa uJerobowamu II, u-Israyeli ukhomba ngophakathi, kodwa akube kusaba njalo ngemva kokufa kwakhe. Kube sekulandela inkathi yothuthuva nezingxabano zombangazwe. Amakhosi amane kwayisithupha alandelayo ayabulawa. (2 AmaKhosi 14:29; 15:8-30; 17:1-6) Inkathi eyiminyaka engu-59 yokuprofetha kukaHoseya, eyaqala ngo-804 B.C.E., iqhubeka ize ifike kule nkathi yesiphithiphithi.
Imizwa kaJehova ngalokho okwenziwa u-Israyeli onhlanhlathayo iboniswe ngokucacile kulokho okwenzeka emshadweni kaHoseya. Isigijimi sikaHoseya sidalula ukuphambuka kuka-Israyeli, sikhiphe nezahlulelo ezingokwesiprofetho ngokumelene no-Israyeli nombuso wakwaJuda. Kule ncwadi ebizwa ngegama lakhe, uHoseya usebenzisa inkulumo ethambile nenozwela, ngesikhathi esifanayo enamandla nengagudl’ iguma. Njengoba iyingxenye yeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, isigijimi sayo siyaphila futhi sinamandla.—Hebheru 4:12.
“ZITHATHELE UMFAZI OFEBAYO”
UJehova utshela uHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ofebayo.” (Hoseya 1:2) UHoseya uyalalela futhi uthola nendodana ngoGomere. Abantwana ababili abalama lona abazalwa uGomere cishe bangamavezandlebe. Incazelo yamagama abo, elithi Lo-ruhama nelithi Lo-ami, ibhekisela ekugodleni kukaJehova isihe sakhe ku-Israyeli nasekulahleni abantu bakhe abangathembekile.
UJehova uzizwa kanjani ngabantu bakhe abavukelayo? Utshela uHoseya: “Hamba uphinde futhi uthande owesifazane othandwa ngumngane wakho futhi ophingayo, njengasendabeni yokuthanda kukaJehova abantwana bakwa-Israyeli kuyilapho bona bephendukela kwabanye onkulunkulu.”—Hoseya 3:1.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo:
1:1—Kungani uHoseya ewabala wonke amakhosi amane abusa kwaJuda phakathi nenkonzo yakhe kodwa akhulume ngombusi oyedwa kuphela wakwa-Israyeli? Kungenxa yokuthi ngamakhosi avela ohlwini lozalo lukaDavide kuphela ayeqashelwa njengababusi abafanele babantu bakaNkulunkulu abakhethiwe. Amakhosi ombuso wasenyakatho ayengaphumi ohlwini lozalo lukaDavide, kanti awakwaJuda ayephuma kulo.
1:2-9—Ingabe uHoseya ngempela wazithathela umfazi ofebayo? Yebo, ngempela uHoseya waganwa owesifazane kamuva owaba isiphingikazi. Lo mprofethi akasho lutho olubonisa ukuthi lokho akulandisayo ngokuphila komkhaya wakhe kwakuyiphupho noma umbono.
1:7—Indlu yakwaJuda yaboniswa nini isihe futhi yasindiswa? Lokhu kwagcwaliseka ngo-732 B.C.E., ezinsukwini zeNkosi uHezekiya. Ngaleso sikhathi, uJehova waqeda usongo lwabase-Asiriya eJerusalema ngokuthumela ingelosi ukuba ibulale abantu abangu-185 000 emabuthweni esitha ngobusuku obubodwa. (2 AmaKhosi 19:34, 35) Ngaleyo ndlela uJehova wasindisa uJuda ngengelosi, hhayi “ngomnsalo noma ngenkemba noma ngempi, ngamahhashi noma ngezinkweli zamahhashi.”
1:10, 11—Njengoba umbuso wakwa-Israyeli osenyakatho waphela ngo-740 B.C.E., kwenzeka kanjani ukuba amadodana ka-Israyeli ‘aqoqane abe yindikimba ehlangene’ namadodana kaJuda? Abaningi abavela embusweni osenyakatho babeye kwaJuda ngenkathi izakhamuzi zakwaJuda zingakathunjelwa eBhabhiloni ngo-607 B.C.E. (2 IziKronike 11:13-17; 30:6-12, 18-20, 25) Lapho amaJuda athunjiwe ebuyela kwelakubo ngo-537 B.C.E., inzalo yalabo ababevele embusweni wakwa-Israyeli osenyakatho yayiphakathi kwalabo ababuya.—Ezra 2:70.
2:21-23—Yini eyayibikezelwa yila mazwi kaJehova: “Ngokuqinisekile ngiyomhlwanyela [uJizreyeli] njengembewu ehlwanyelelwa mina emhlabathini, futhi ngiyombonisa isihe”? Igama lezibulo likaHoseya ngoGomeri kwakunguJizreyeli. (Hoseya 1:2-4) Incazelo yalelo gama, ethi “UNkulunkulu Uyohlwanyela Imbewu,” ibhekisela ngokwesiprofetho ekubutheni kukaJehova insali ethembekile ngo-537 B.C.E. ayihlwanyele njengembewu kwaJuda. Izwe okwase kuyiminyaka engu-70 liyincithakalo, manje kwakuzodingeka likhiqize okusanhlamvu, iwayini elimnandi namafutha. Ngendlela esankondlo, isiprofetho sithi lezi zinto zaziyocela umhlaba ukuba uveze umsoco, nomhlaba ucele amazulu ukuba alethe imvula. Amazulu wona ayeyocela uNkulunkulu ukuba alethe amafu emvula. Konke lokhu kwakuyokwenzeka ukuze izidingo zensali ebuyayo zinakekelwe ngokugcwele. Abaphostoli uPawulu noPetru bathi uHoseya 2:23 usebenza ekubuthweni kwensali ka-Israyeli ongokomoya.—Roma 9:25, 26; 1 Petru 2:10.
Izifundo Esizitholayo:
1:2-9; 3:1, 2. Cabanga ngokuzidela kukaHoseya ngokwenza intando yaphezulu ahlale emshadweni! Lapho kuziwa ekwenzeni intando kaNkulunkulu, sizimisele ngezinga elingakanani ukudela esikuthandayo?
1:6-9. UJehova uzonda ukuphinga okungokomoya ngendlela efana nazonda ngayo okungokwenyama.
1:7, 10, 11; 2:14-23. Lokho uJehova akubikezela ngo-Israyeli noJuda kwagcwaliseka. Ngaso sonke isikhathi izwi likaJehova liyagcwaliseka.
2:16, 19, 21-23; 3:1-4. UJehova uzimisele ukuthethelela labo abaphenduka ngokusuka enhliziyweni. (Nehemiya 9:17) NjengoJehova, kufanele sisebenzelane nabanye ngozwela nangesihe.
“KUNECALA UJEHOVA AZOLIQULISA”
“Kunecala uJehova azoliqulisa abakhileyo ezweni.” Ngani? Ngenxa yokuthi “akukho qiniso namusa wothando nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.” (Hoseya 4:1) U-Israyeli ohlubukayo uye wakhohlisa, wachitha negazi futhi waphinga ngokwenyama nangokomoya. Kunokuya kuNkulunkulu acele usizo, “ubize iGibhithe; uye e-Asiriya.”—Hoseya 7:11.
UJehova ukhipha isahlulelo sakhe, ethi: “U-Israyeli uzogwinywa.” (Hoseya 8:8) Umbuso wakwaJuda nawo unecala. UHoseya 12:2 uthi: “Kunecala uJehova okumelwe aliqulise uJuda, yebo ukwenza uJakobe alandise ngokwezindlela zakhe; uyombuyisela ngokwezenzo zakhe.” Kodwa ngokuqinisekile bazobuyiselwa, ngoba uNkulunkulu uyathembisa: “Ngizobakhulula esandleni seShiyoli; ngizobophula ekufeni.”—Hoseya 13:14.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo:
6:1-3—Ubani owayethi: “Wozani, masibuyele kuJehova”? Kungenzeka ukuthi ama-Israyeli angathembekile ayekhuthazana ukuba abuyele kuJehova. Uma kunjalo, ayemane ezenzisa nje. Umusa wawo wothando wawungowesikhashana “njengamafu asekuseni nanjengamazolo amukayo ekuseni.” (Hoseya 6:4) Kusenokwenzeka ukuthi nguHoseya owayesho la mazwi, enxusa abantu ukuba babuyele kuJehova. Noma ngabe yikuphi, izakhamuzi eziphambukayo zombuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi kwakudingeka zibonise ukuphenduka kwangempela futhi zibuyele ngokoqobo kuJehova.
7:4—Ama-Israyeli aphingayo ayefana kanjani ‘nesithando somlilo esibaselwe’? Lesi siqhathaniso sibonisa izinga elikhulu lezifiso ezimbi ezinhliziyweni zawo.
Izifundo Esizitholayo:
4:1, 6. Uma sifuna ukuqhubeka sithola umusa kaJehova, kumelwe siqhubeke singenisa ulwazi ngaye futhi siphile ngokuvumelana nalokho esikufundayo.
4:9-13. UJehova uyobenza balandise labo abaziphatha kabi ngokobulili, baqhube nokukhulekela kwamanga.—Hoseya 1:4.
5:1. Labo abaholayo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kufanele bakulahle ngokuphelele ukuhlubuka. Ngaphandle kwalokho, bangase bayengele abanye ekukhulekeleni kwamanga, kanjalo babe ‘yisicupho nenetha’ kubo.
6:1-4; 7:14, 16. Ukuphenduka ngomlomo kuphela kuwubuzenzisi futhi akusizi ngalutho. Ukuze athole isihe sikaNkulunkulu, umenzi wobubi kufanele aphenduke ngokusuka enhliziyweni, okubonakala ngokubuyela kwakhe “kokuphakeme,” okungukuthi uhlobo lokukhulekela oluphakeme. Izenzo zakhe kufanele zivumelane nezindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme.—Hoseya 7:16, umbhalo waphansi we-Reference Bible.
6:6. Ukusenza umkhuba isono kubonisa ukuntula uthando oluqotho ngoNkulunkulu. Awukho umhlatshelo ongokomoya ongakwenza kuthetheleleke lokhu.
8:7, 13; 10:13. Isimiso esithi “noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi,” saba yiqiniso endabeni yama-Israyeli akhonza izithombe.—Galathiya 6:7.
8:8; 9:17; 13:16. Iziprofetho ngombuso wasenyakatho zagcwaliseka lapho inhloko-dolobha yawo, iSamariya, ithathwa abase-Asiriya. (2 AmaKhosi 17:3-6) Singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyokwenza lokho akushilo nokuthi uyokugcwalisa akukhulumile.—Numeri 23:19.
8:14. UJehova wathumela “umlilo emizini” yakwaJuda ngo-607 B.C.E. esebenzisa abaseBhabhiloni, ebhubhisa iJerusalema nezwe lakwaJuda njengoba kwakubikezelwe. (2 IziKronike 36:19) Izwi likaNkulunkulu alisoze laphutha.—Joshuwa 23:14.
9:10. Nakuba ayezinikezele kuNkulunkulu weqiniso, ama-Israyeli ‘angena kuBhali wasePheyori, azinikezela entweni eyihlazo.’ Senza ngokuhlakanipha uma sifunda esibonelweni sawo esibi futhi siqaphe singenzi okuphambene nokuzinikezela kwethu kuJehova.—1 Korinte 10:11.
10:1, 2, 12. Kufanele sikhulekele uNkulunkulu ngenhliziyo engenakho ukuzenzisa. Lapho ‘sizihlwanyelela imbewu ngokulunga, sivuna ngokomusa wothando.’
10:5. Elithi Bheti-aveni (elisho ukuthi “Indlu Yobuhlungu”) yigama lokweyisa okwakubizwa ngalo iBhethele (elisho ukuthi “Indlu KaNkulunkulu”). Lapho isithombe sethole saseBheti-aveni sithunjwa, abahlala eSamariya bakhala ngenxa yokulahlekelwa into yabo ababeyikhulekela. Yeka ukuthi akunangqondo kanjani ukwethembela esithombeni esingaphili esingakwazi ngisho nokuzivikela!—IHubo 135:15-18; Jeremiya 10:3-5.
11:1-4. Ngaso sonke isikhathi uJehova usebenzelana ngothando nabantu bakhe. Ukuzithoba kuNkulunkulu akucindezeli nanini.
11:8-11; 13:14. Izwi likaJehova ngokuqondene nokubuyiselwa kwabantu bakhe ekukhulekeleni kweqiniso alizange ‘libuyele kuye lingabanga namiphumela.’ (Isaya 55:11) Ngo-537 B.C.E., ukuthunjwa eBhabhiloni kwaphela futhi insali yabuyela eJerusalema. (Ezra 2:1; 3:1-3) Noma yini uJehova ayishilo ngabaprofethi bakhe iyokwenzeka nakanjani.
12:6. Ngaso sonke isikhathi kufanele sizimisele ukubonisa umusa wothando, ubulungisa nokwethemba uJehova.
13:6. Ama-Israyeli ‘aneliseka futhi inhliziyo yawo yaqala ukuphakama. Yingakho angikhohlwa [mina Jehova].’ Kudingeka siqaphe noma yikuphi ukuthambekela ekuziphakamiseni.
“IZINDLELA ZIKAJEHOVA ZIQONDILE”
UHoseya uyanxusa: “O Israyeli, buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, ngoba isiphambeko sakho sikukhubekisile.” Uncenga abantu ukuba bathi kuJehova: “Kwangathi ungaxolela isiphambeko; wamukele okuhle, futhi njengembuyiselo sizonikela kuwe ngamaduna ezinkomo ezindebe zethu.”—Hoseya 14:1, 2.
Umezi wobubi ophendukayo kufanele aye kuJehova, amukele izindlela zakhe futhi amenzele umhlatshelo wokumdumisa. Ngani? Ngenxa yokuthi “izindlela zikaJehova ziqondile, futhi ngabalungileyo abayohamba kuzo.” (Hoseya 14:9) Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi abaningi “ngokuqinisekile [basazoza] bethuthumela kuJehova nasebuhleni bakhe engxenyeni yokugcina yezinsuku”!—Hoseya 3:5.
[Isithombe ekhasini 15]
Ukuphila komkhaya kaHoseya kwafanekisela ukusebenzelana kukaJehova no-Israyeli
[Isithombe ekhasini 17]
Ukuwa kweSamariya ngo-740 B.C.E. kwaba ukuphela kombuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi