Isiprofetho SikaHoseya Sisisiza Ukuba Sihambe NoNkulunkulu
“Bayolandela uJehova.”—HOSEYA 11:10.
1. Iyiphi idrama engokomfanekiso esencwadini kaHoseya?
INGABE uyawathanda amadrama anabalingiswa abathakazelisayo nezigcawu ezivusa amadlingozi? Incwadi yeBhayibheli kaHoseya inedrama engokomfanekiso.a Leyo drama iphathelene nezigigaba zomkhaya womprofethi kaNkulunkulu uHoseya futhi ihlobene nomshado ongokomfanekiso uJehova awungenela no-Israyeli wasendulo ngesivumelwano soMthetho KaMose.
2. Yini eyaziwayo ngoHoseya?
2 Isendlalela sale drama sikuHoseya isahluko 1. Kubonakala sengathi uHoseya wayehlala ndawana-thile embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi (obizwa nangesizwe sawo esivelele, u-Efrayimi). Waprofetha phakathi nesikhathi sokubusa kwababusi bakwa-Israyeli abangu-7 bokugcina namakhosi akwaJuda u-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya. (Hoseya 1:1) Ngakho, uHoseya waprofetha okungenani iminyaka engu-59. Nakuba le ncwadi ebizwa ngegama lakhe yaqedwa ngemva nje kuka-745 B.C.E., iyasebenza namuhla, njengoba izigidi ziphishekela inkambo efana naleyo eyabikezelwa ngala mazwi: “Bayolandela uJehova.”—Hoseya 11:10.
Okwembulwa Amazwibela
3, 4. Chaza ngamafuphi lokho okusezahlukweni 1 kuya ku-5 zikaHoseya.
3 Ukuhlola kafushane uHoseya izahluko 1 kuya ku-5 kuzosenza sizimisele ngokwengeziwe ukuhamba noNkulunkulu ngokubonisa ukholo nangokuphishekela inkambo evumelana nentando yakhe. Nakuba izakhamuzi zombuso wakwa-Israyeli zaziphinga ngokomoya, uNkulunkulu wayezoba nesihe kuzo uma ziphenduka. Lokhu kwafanekiselwa yindlela uHoseya aphatha ngayo umkakhe, uGomere. Ngemva kokuba emzalele umntwana, kubonakala sengathi uGomere waba nezingane ezimbili ezingamavezandlebe. Noma kunjalo, uHoseya waphinde wamamukela, njengoba nje noJehova ayezimisele ukubonisa isihe kuma-Israyeli aphendukayo.—Hoseya 1:1–3:5.
4 UJehova wayezoqulisa u-Israyeli icala ngoba kwakungekho qiniso, namusa wothando nalwazi ngoNkulunkulu ezweni. Wayezomenza alandise u-Israyeli owayekhonza izithombe kanye nombuso onhlanhlathayo wakwaJuda. Nokho, lapho abantu bakaNkulunkulu “besebunzimeni obukhulu,” babezomfuna uJehova.—Hoseya 4:1–5:15.
Idrama Iyaqala
5, 6. (a) Ubufebe babande kangakanani embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi? (b) Kungani isixwayiso esanikezwa u-Israyeli wasendulo sibalulekile kithi?
5 UNkulunkulu wayala uHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ofebayo nabantwana bobufebe, ngoba izwe ngobufebe lifulathela uJehova.” (Hoseya 1:2) Babande kangakanani ubufebe kwa-Israyeli? Siyatshelwa: “Umoya wobufebe uqobo lwawo ubadukisile [abantu basembusweni wezizwe eziyishumi], futhi bayaphuma ngobufebe ngaphansi kukaNkulunkulu wabo. . . . Amadodakazi enu [ayafeba] nomalokazana benu [bayaphinga]. . . . Ngokuqondene namadoda, ayasuka ukuze abe wodwa nezifebe, enza imihlatshelo nezifebe zesifazane zasethempelini.”—Hoseya 4:12-14.
6 Ubufebe, kokubili obungokomoya nobungokwenyama, babuthé bhe kwa-Israyeli wasendulo. Ngakho, uJehova wayezowenza ‘alandise’ ama-Israyeli. (Hoseya 1:4; 4:9) Lesi sixwayiso sibalulekile kithi ngoba uJehova uzobenza balandise labo abaziphatha kabi futhi abaqhuba ukukhulekela okungcolile namuhla. Kodwa labo abahamba noNkulunkulu baphila ngokuvumelana nezindinganiso zakhe zokukhulekela okuhlanzekile futhi bayazi ukuthi ‘akukho sifebe esinefa embusweni kaKristu nokaNkulunkulu.’—Efesu 5:5; Jakobe 1:27.
7. Ukushada kukaHoseya noGomere kwakufanekiselani?
7 Lapho uHoseya ethatha uGomere njengomkakhe, ngokusobala wayeseyintombi futhi wayengumfazi othembekile lapho ‘emzalela indodana.’ (Hoseya 1:3) Njengoba kubonisiwe kule drama engokomfanekiso, ngemva nje kokukhulula ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe ngo-1513 B.C.E., ngokufanayo uNkulunkulu wenza nawo isivumelwano esasinjengesomshado ohlanzekile. Ngokwamukela leso sivumelwano, u-Israyeli wathembisa ukwethembeka ‘kumyeni’ wakhe, uJehova. (Isaya 54:5) Yebo, lo mshado ongokomfanekiso ka-Israyeli noNkulunkulu wafanekiselwa umshado ohlanzekile kaGomere noHoseya. Kodwa yeka indlela izinto ezashintsha ngayo!
8. Umbuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi waba khona kanjani, futhi ukukhulekela kwawo kwakunjani?
8 UmkaHoseya “waphinde futhi wakhulelwa wabeletha indodakazi.” Leyo ntombazane nomunye umntwana amthola kamuva cishe wabathola ngokuphinga. (Hoseya 1:6, 8) Njengoba uGomere ayefanekisela u-Israyeli, ungase ubuze, ‘U-Israyeli wafeba kanjani?’ Ngo-997 B.C.E., izizwe eziyishumi zakwa-Israyeli zahlukana nezizwe zaseningizimu, uJuda noBhenjamini. Embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi zasenyakatho kwaqalwa ukukhulekela ithole, ukuze abantu balowo mbuso bangayi kwaJuda ukuyokhulekela uJehova ethempelini lakhe eJerusalema. Ukukhulekela unkulunkulu wamanga uBhali, okwakuhambisana nemibuthano yokuzitika ngobulili, kwagxila kwa-Israyeli.
9. Njengoba kubikezelwe kuHoseya 1:6, kwenzekani ku-Israyeli?
9 Lapho kuzalwa ingane yesibili kaGomere okungenzeka yayiyivezandlebe, uNkulunkulu wathi kuHoseya: “Yiqambe ngokuthi uLo-ruhama [okusho ukuthi “Akaboniswanga Isihe”], ngoba ngeke ngisaphinde ngiyibonise isihe indlu yakwa-Israyeli, ngoba ngizoyisusa nokuyisusa.” (Hoseya 1:6) UJehova ‘wawasusa’ ama-Israyeli lapho abase-Asiriya bewathumba ngo-740 B.C.E. Nokho, uNkulunkulu wawubonisa isihe umbuso wakwaJuda wezizwe ezimbili futhi wawusindisa kungengamnsalo, inkemba, impi, amahhashi, noma izinkweli zamahhashi. (Hoseya 1:7) Ngobusuku obubodwa ngo-732 B.C.E., ingelosi eyodwa vó yabulala amasosha ase-Asiriya angu-185 000 ayesongela ikomkhulu lakwaJuda, iJerusalema.—2 AmaKhosi 19:35.
Icala UJehova Aliqulisa U-Israyeli
10. Ukuphinga kukaGomere kwafanekiselani?
10 UGomere wamshiya uHoseya wayohlala nenye indoda, waba “umfazi ofebayo.” Lokhu kwafanekisela ukwakha kuka-Israyeli imifela-ndawonye yezombusazwe nezizwe ezikhonza izithombe, aqale ukuthembela kuzo. Kunokuba abonge uJehova, u-Israyeli wathi izibusiso ayezithola zivela konkulunkulu balezo zizwe, waphula isivumelwano sakhe somshado noNkulunkulu ngokuhlanganyela ekukhulekeleni kwamanga. Shono uJehova ayezosiqulisa lesi sizwe esiphingayo ngokomoya!—Hoseya 1:2; 2:2, 12, 13.
11. Kwenzekani esivumelwaneni soMthetho lapho uJehova evumela u-Israyeli noJuda ukuba badingiswe?
11 Iyiphi inhlawulo u-Israyeli ayikhokha ngokushiya uMyeni wakhe? UNkulunkulu wabangela ukuba “aye ehlane” laseBhabhiloni, isizwe esanqoba i-Asiriya, lapho ama-Israyeli ayedingiselwe khona ngo-740 B.C.E. (Hoseya 2:14) Lapho uJehova ewuqeda ngale ndlela umbuso wezizwe eziyishumi, akasisulanga isivumelwano sakhe somshado nesizwe sakwa-Israyeli sokuqala sezizwe eziyishumi nambili. Empeleni, lapho uNkulunkulu evumela iJerusalema ukuba libhujiswe abaseBhabhiloni ngo-607 B.C.E. nabantu bakwaJuda ukuba babe izithunjwa, akasiqedanga isivumelwano soMthetho KaMose u-Israyeli oyizizwe ezingu-12 ayengenele ngaso umshado ongokomfanekiso naye uNkulunkulu. Lobo buhlobo baze baphela ngemva kokuba abaholi bamaJuda benqabe uJesu Kristu base bembulala ngo-33 C.E.—Kolose 2:14.
UJehova Uyala U-Israyeli
12, 13. Uyini umnyombo kaHoseya 2:6-8, futhi lawo mazwi asebenza kanjani ku-Israyeli?
12 UNkulunkulu wayala u-Israyeli ukuba “asuse ubufebe bakhe,” kodwa yena wayefuna ukulandela labo abamkhanukelayo. (Hoseya 2:2, 5) UJehova wathi: “Ngakho-ke bheka ngibiyela indlela yakho nxazonke ngameva; ngiyomisa udonga lwamatshe ngokumelene naye, ngeke azithole izindlela zakhe. Empeleni uyogijima alandele izithandwa zakhe ezimkhanukelayo, kodwa ngeke azifice; ngokuqinisekile uyozifuna, kodwa ngeke azithole. Khona-ke uyobe esethi, ‘Ngifuna ukuhamba ngibuyele kumyeni wami, owokuqala, ngoba kwakungcono ngaleso sikhathi kunamanje.’ Kodwa yena ubengaqapheli ukuthi yimi engangimnike okusanhlamvu newayini elimnandi namafutha, nokuthi yimi engamandisela isiliva, negolide, abalisebenzisela uBhali [noma, “abalenza isithombe sikaBhali,” umbhalo waphansi we-Reference Bible].”—Hoseya 2:6-8.
13 Nakuba u-Israyeli afuna usizo lwezizwe ezazikade ‘ziyizithandwa zakhe ezimkhanukelayo,’ asikho kuzo esakwazi ukumsiza. Wayebiyelwe njengokungathi ngehlozi elingafohleki, okwazenza zahluleka ukumsiza. Ngemva kokuvinjezelwa abase-Asiriya iminyaka emithathu, ikomkhulu lika-Israyeli, iSamariya, lawa ngo-740 B.C.E., futhi umbuso wezizwe eziyishumi awuzange uphinde umiswe kabusha. Yidlanzana kuphela kuma-Israyeli athunjiwe elaliyobona ukuthi izinto zazihamba kahle kanjani ngenkathi okhokho bawo bekhonza uJehova. Leyo nsali yayizokulahla ukukhulekela uBhali, ifune ukuba nobuhlobo obuvuselelwe besivumelwano noJehova.
Indaba Iyaqhubeka
14. Kwenzeka kanjani ukuba uHoseya abuyisane noGomere?
14 Ukuze ukuqonde ngokwengeziwe ukuhlobana kwezimo zomuzi kaHoseya nobuhlobo buka-Israyeli noJehova, cabanga ngala mazwi: “UJehova waqhubeka wathi kimi: ‘Hamba uphinde futhi uthande owesifazane othandwa ngumngane wakho futhi ophingayo.’” (Hoseya 3:1) UHoseya wawulalela lo myalo, wamhlenga uGomere ngokumthenga endodeni ayesehlala nayo. Kamuva, uHoseya wamyala ngokuqinile umkakhe: “Uzohlala izinsuku eziningi ungowami. Akumelwe ufebe, futhi akumelwe ube ngowenye indoda.” (Hoseya 3:2, 3) UGomere wasamukela leso siyalo, uHoseya wayesebuyisana naye. Lokhu kwenzeka kanjani phakathi kukaNkulunkulu nabantu bakwa-Israyeli noJuda?
15, 16. (a) Isizwe sikaNkulunkulu esase siyaliwe sasingasithola ngamiphi imibandela isihe sakhe? (b) UHoseya 2:18 ugcwaliseke kanjani?
15 Lapho abadingiswa bakwa-Israyeli noJuda bethunjiwe eBhabhiloni, uNkulunkulu wasebenzisa abaprofethi bakhe ukuze ‘akhulume nenhliziyo yabo.’ Ukuze bathole isihe sikaNkulunkulu, abantu bakhe kwakudingeka babonise ukuphenduka, babuyele kuMyeni wabo, njengoba uGomere abuyela kumyeni wakhe. UJehova wayeyobe esesikhipha “ehlane” laseBhabhiloni isizwe sakhe esinjengomfazi esase siyaliwe, asibuyisele kwaJuda naseJerusalema. (Hoseya 2:14, 15) Leso sithembiso wasifeza ngo-537 B.C.E.
16 UNkulunkulu wafeza nalesi sithembiso: “Ngokuqinisekile ngiyobenzela isivumelwano ngalolo suku ngokuphathelene nesilo sasendle nesidalwa esindizayo samazulu nento enwabuzelayo yasemhlabathini, futhi umnsalo nenkemba nempi ngiyokwephula kuphele ezweni, ngiyobalalisa ngokulondeka.” (Hoseya 2:18) Insali yamaJuda eyabuyela ezweni layo yahlala ngokulondeka, ingesabi zilwane. Lesi siprofetho sagcwaliseka nango-1919 C.E., lapho insali ka-Israyeli ongokomoya ikhululwa ‘eBhabhiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga. Manje ihlala ngokulondeka futhi ijabulela ukuphila epharadesi elingokomoya nabangane bayo, abanethemba lokuphila phakade emhlabeni. Azikho izici zobulwane phakathi kwala maKristu eqiniso.—IsAmbulo 14:8; Isaya 11:6-9; Galathiya 6:16.
Cabangisisa Ngezifundo
17-19. (a) Iziphi izimfanelo zikaNkulunkulu esinxuswa ukuba sizilingise lapha? (b) Isihe nesihawu sikaJehova kufanele kusithinte kanjani?
17 UNkulunkulu unesihe nesihawu, futhi nathi kufanele sibe njalo. Leso esinye sezifundo ezitholakala ezahlukweni zokuqala zikaHoseya. (Hoseya 1:6, 7; 2:23) Ukuzimisela kukaNkulunkulu ukuwabonisa isihe ama-Israyeli aphendukayo kuvumelana nesaga esiphefumulelwe: “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.” (IzAga 28:13) Amazwi omhubi nawo ayaziduduza izoni eziphendukayo: “Imihlatshelo eya kuNkulunkulu iwumoya ophukile; O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyidelele.”—IHubo 51:17.
18 Isiprofetho sikaHoseya siqokomisa isihawu nesihe sikaNkulunkulu esimkhulekelayo. Ngisho noma abanye bechezuka ezindleleni zakhe zokulunga, bangaphenduka futhi baguquke. Uma benza kanjalo, uJehova uyabamukela. Wababonisa isihe labo ababephenduka esizweni sakwa-Israyeli, ayeshade naso ngokomfanekiso. Nakuba babengamlaleli uJehova futhi ‘bemzwisa ubuhlungu Ongcwele ka-Israyeli, wayenesihe elokhu ekhumbula ukuthi bayinyama.’ (IHubo 78:38-41) Isihe esinjalo kufanele sisishukumisele ukuba siqhubeke sihamba noNkulunkulu wethu onesihawu, uJehova.
19 Nakuba izono ezinjengokubulala, ukweba nokuphinga zazidlangile kwa-Israyeli, uJehova ‘wakhuluma nenhliziyo ka-Israyeli.’ (Hoseya 2:14; 4:2) Izinhliziyo zethu kufanele zishukunyiswe futhi uthando lwethu ngoJehova luqine lapho sicabanga ngesihe nesihawu sakhe. Ngakho-ke masizibuze: ‘Ngingasilingisa kanjani kangcono isihe sikaJehova lapho ngisebenzelana nabanye? Uma omunye umKristu ongonile ecela ngimxolele, ingabe njengoNkulunkulu ngikulungele ukuthethelela?’—IHubo 86:5.
20. Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi kufanele siqiniseke ngethemba esilinikwe uNkulunkulu.
20 UNkulunkulu unikeza ithemba langempela. Ngokwesibonelo, wathembisa: ‘Ngizomnika ithafa eliphansi lase-Akori njengomnyango oya ethembeni.’ (Hoseya 2:15) Inhlangano kaJehova yasendulo eyayinjengomfazi yayinethemba eliqinisekile lokubuyiselwa ezweni lakubo, lapho kwakukhona khona ‘ithafa eliphansi lase-Akori.’ Ukugcwaliseka kwaleso sithembiso ngo-537 B.C.E. kusinika isizathu esiqinile sokujabula ethembeni eliqinisekile esilinikwa uJehova.
21. Ulwazi lufeza yiphi indima ekuhambeni kwethu noNkulunkulu?
21 Ukuze siqhubeke sihamba noNkulunkulu, kudingeka siqhubeke singenisa ulwazi ngaye futhi silusebenzise ekuphileni kwethu. Ulwazi ngoJehova lwaluntuleka kakhulu kwa-Israyeli. (Hoseya 4:1, 6) Nokho, abanye babekwazisa kakhulu ukufundiswa uNkulunkulu, benza ngokuvumelana nakho futhi babusiswa kakhulu. UHoseya wayengomunye walabo. Babenjalo nabangu-7 000 ababengakhothamanga kuBhali osukwini luka-Eliya. (1 AmaKhosi 19:18; Roma 11:1-4) Ukwazisa esinakho ngokufundiswa uNkulunkulu kuyosisiza siqhubeke sihamba naye.—IHubo 119:66; Isaya 30:20, 21.
22. Kufanele kubhekwe kanjani ukuhlubuka?
22 UJehova ulindele ukuba amadoda aholayo phakathi kwabantu bakhe akwenqabe ukuhlubuka. Nokho, uHoseya 5:1 uthi: “O bapristi, yizwani lokhu, ninake nina bendlu ka-Israyeli, bekani indlebe nani bendlu yenkosi, ngoba isahlulelo siphathelene nani; ngoba nibe yisicupho kulo iMizpa naba njengenetha elilulelwe phezu kweThabori.” Abaholi abayizihlubuki babeyisicupho nenetha kuma-Israyeli, bewayengela ekukhonzeni izithombe. INtaba iThabori nendawo okuthiwa iMizpa cishe kwakuyizikhungo zalokho kukhulekela kwamanga.
23. Uzuzeni ngokutadisha izahluko 1 kuya ku-5 zikaHoseya?
23 Kuze kube manje, isiprofetho sikaHoseya sisibonise ukuthi uJehova unguNkulunkulu onesihe onikeza ithemba futhi ababusise labo abasebenzisa lokho abafundisa kona futhi benqabe ukuhlubuka. Ngakho-ke, njengama-Israyeli asendulo aphenduka, masifune uJehova futhi sizame njalo ukumjabulisa. (Hoseya 5:15) Ngokwenza kanjalo, siyovuna okuhle futhi sibe nenjabulo nokuthula okungenakuqhathaniswa okutholwa yibo bonke abahamba noNkulunkulu ngokwethembeka.—IHubo 100:2; Filipi 4:6, 7.
[Umbhalo waphansi]
a EyabaseGalathiya 4:21-26 ilandisa ngedrama engokomfanekiso. Ukuze ufunde ngayo, bheka uMqulu 2, amakhasi 693-4, we-Insight on the Scriptures, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• Ukushada kukaHoseya noGomere kwakufanekiselani?
• Kungani uJehova ayezoqulisa u-Israyeli icala?
• Isiphi isifundo esikuthintile kuHoseya izahluko 1 kuya ku-5?
[Isithombe ekhasini 18]
Uyazi ukuthi umkaHoseya umelela bani?
[Isithombe ekhasini 19]
Izakhamuzi zaseSamariya zanqotshwa abase-Asiriya ngo-740 B.C.E.
[Isithombe ekhasini 20]
Abantu abajabulayo babuyela ezweni lakubo