Vuma Obala Ukuze Usindiswe
“Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—ROMA 10:13.
1. Phakathi nomlando, yiziphi izixwayiso eziye zamenyezelwa?
UMLANDO uchaza ‘izinsuku zikaJehova’ eziningana. ISikhukhula sosuku lukaNowa, ukubhujiswa kweSodoma neGomora, nokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E. nango-70 C.E. kwakuyizinsuku zikaJehova ezinkulu nezesabekayo. Kwakuyizinsuku zokukhipha ubulungisa kulabo ababehlubuka kuJehova. (Malaki 4:5; Luka 21:22) Phakathi nalezo zinsuku, abaningi babhubha ngenxa yobubi babo. Kodwa abanye basinda. UJehova wabangela ukuba kumenyezelwe izixwayiso, ezazazisa ababi ngenhlekelele eyayisondela futhi zinikeze abanezinhliziyo ezilungile ithuba lokuthola ukusindiswa.
2, 3. (a) Yisiphi isixwayiso esiyisiprofetho esacashunwa ngePhentekoste? (b) Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., yini eyayidingeka ekubizeni igama likaJehova?
2 Ukubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E. kuyisibonelo esivelele salokhu. Ebikezela leso senzakalo kusasele iminyaka ecishe ibe ngu-900, umprofethi uJoweli wabhala: “Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe-yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.” Umuntu wayengasinda kanjani esikhathini esisabisa kanjalo? UJoweli wabhala ephefumulelwe: “Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba-ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube-ngababizwa nguJehova.”—Joweli 2:30-32.
3 NgePhentekoste lika-33 C.E., umphostoli uPetru wakhuluma nesixuku samaJuda namaproselithe eJerusalema wacaphuna isiprofetho sikaJoweli, ebonisa ukuthi izilaleli zakhe zazingalindela ukugcwaliseka kwaso osukwini lwazo: “Ngiyonika imihlola ezulwini phezulu nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi nomlilo nenkungu yomusi; ilanga liyophendulwa libe ubumnyama nenyanga ibe igazi ngaphambi kokuba usuku lukaJehova olukhulu noluqhamile lufike. Futhi wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” (IzEnzo 2:16-21) Sonke isixuku esasilalele uPetru sasingaphansi koMthetho kaMose, ngakho-ke sasilazi igama likaJehova. UPetru wachaza ukuthi kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, ukubiza igama likaJehova kwakuyohilela okuthile okwengeziwe. Ngokuphawulekayo, lokhu kwakuhlanganisa ukubhapathizwa egameni likaJesu, owayebulewe wabe esevuselwa ekuphileni kwasezulwini okungenakufa.—IzEnzo 2:37, 38.
4. Yisiphi isigijimi amaKristu asimemezela kabanzi?
4 Kusukela ngePhentekoste kuqhubeke, amaKristu asakaza izindaba ezimayelana noJesu ovusiwe. (1 Korinte 1:23) Enza kwaziwa ukuthi abantu babengase bamukelwe njengamadodana angokomoya kaJehova uNkulunkulu futhi babe ingxenye “ka-Israyeli kaNkulunkulu” omusha, isizwe esingokomoya ‘esasiyomemezela kabanzi ubuhle bukaJehova.’ (Galathiya 6:16; 1 Petru 2:9) Labo ababeyohlala bekholekile kuze kube sekufeni babeyozuza njengefa ukuphila kwasezulwini okungenakufa njengezindlalifa kanye noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini. (Mathewu 24:13; Roma 8:15, 16; 1 Korinte 15:50-54) Ngaphezu kwalokho, lawa maKristu kwakufanele amemezele ukuza kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo. Kwakufanele axwayise amaJuda ngokuthi ayeyobhekana nosizi oludlula noma yini eyayike yehlela iJerusalema nabantu bakaNkulunkulu kuze kube yileso sikhathi. Nokho, bakhona ababeyosinda. Obani? Yilabo ababiza igama likaJehova.
“Ezinsukwini Zokugcina”
5. Yikuphi ukugcwaliseka kwesiprofetho okuye kwenzeka namuhla?
5 Ngezindlela eziningi, emuva ngaleso sikhathi izimo zazifanekisela lokho esikubona namuhla. Kusukela ngo-1914, isintu besilokhu siphila enkathini yesikhathi ekhethekile, eBhayibhelini ebizwa ngokuthi ‘isikhathi sokugcina,’ ‘isiphelo sesimiso sezinto,’ nangokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (Daniyeli 12:1, 4; Mathewu 24:3-8; 2 Thimothewu 3:1-5, 13) Ekhulwini lethu leminyaka, izimpi ezinonya, ubudlova obungalawuleki, nokucekelwa phansi komphakathi nendawo ezungezile kuye kwaba ukugcwaliseka okuphawulekayo kwesiprofetho seBhayibheli. Konke lokhu kuyingxenye yesibonakaliso esaprofethwa uJesu, esibonisa ukuthi kuseduze ukuba isintu sibhekane nosuku lukaJehova lokugcina olwesabekayo noluwujuqu. Lokhu kufinyelela empini ye-Armagedoni, umvuthwandaba ‘wosizi olukhulu olungakaze lwenzeke kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lwenzeke.’—Mathewu 24:21; IsAmbulo 16:16.
6. (a) UJehova uye wasithatha kanjani isinyathelo ukuze asindise abathobekileyo? (b) Sisitholaphi iseluleko sikaPawulu mayelana nendlela yokusinda?
6 Njengoba usuku lwencithakalo lusondela nakakhulu, uJehova uthatha isinyathelo ukuze abathobekileyo basinde. Phakathi nalesi “sikhathi sokuphela,” uye waqoqa abokugcina baka-Israyeli kaNkulunkulu ongokomoya, futhi kusukela ngawo-1930 kuqhubeke, uye waphendulela ukunaka kwezinceku zakhe zasemhlabeni ekuqoqeni ‘isixuku esikhulu, okungekho muntu okwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.’ Njengeqembu, laba “baphuma osizini olukhulu” bephila. (IsAmbulo 7:9, 14) Kodwa umuntu ngamunye angakwenza kanjani ukusinda kwakhe kuqiniseke? Umphostoli uPawulu uyawuphendula lowo mbuzo. KweyabaseRoma isahluko 10 unikeza iseluleko esihle sokusinda—iseluleko esasebenza osukwini lwakhe futhi esisebenzayo nakolwethu.
Umthandazo Wokusindiswa
7. (a) Yiliphi ithemba elivezwe kweyabaseRoma 10:1, 2? (b) Kungani uJehova manje enza ukuba “izindaba ezinhle” zishunyayelwe kabanzi ngokwengeziwe?
7 Lapho uPawulu ebhala incwadi yabaseRoma, uJehova wayesemlahlile kakade u-Israyeli njengesizwe. Noma kunjalo, lomphostoli waqinisekisa: “Ukuthakazela kwenhliziyo yami nokubanxusela kwami kuNkulunkulu, ngempela, kuwukuba basindiswe.” Ithemba lakhe laliwukuba amaJuda ngamanye azuze ulwazi olunembile lwentando kaNkulunkulu, kuholele ekusindisweni kwawo. (Roma 10:1, 2) Ngaphezu kwalokho, uJehova ufisa ukuba izwe lonke lesintu esibonisa ukholo lisindiswe, njengoba kuboniswe kuJohane 3:16: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” Umhlatshelo kaJesu wesihlengo wavula indlela yalokho kusindiswa okukhulu. Njengasosukwini lukaNowa nezinye izinsuku zesahlulelo ezalandela, uJehova wenza ukuba kumenyezelwe “izindaba ezinhle,” okubonisa indlela yokusindiswa.—Marku 13:10, 19, 20.
8. Elingisa isibonelo sikaPawulu, amaKristu eqiniso asibonisa kobani isithakazelo namuhla, futhi kanjani?
8 Ebonisa ukuthakazelela kwakhe siqu kokubili amaJuda nabeZizwe, uPawulu washumayela ngawo wonke amathuba. ‘Wayethonya amaJuda namaGreki.’ Watshela abadala base-Efesu: “[Angigodlanga] ukunitshela noma yini ezintweni ezinembuyiselo nokunifundisa obala nasendlini ngendlu. Kodwa kokubili kumaJuda nakumaGreki ngabunikeza ngokuphelele ubufakazi obuphathelene nokuphendukela kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu.” (IzEnzo 18:4; 20:20, 21) Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova namuhla bayazikhandla ekushumayeleni, hhayi kumaKristu okuzisholo nje kuphela kodwa kubantu bonke, ngisho “nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.”—IzEnzo 1:8; 18:5.
Ukuvuma “‘Izwi’ Lokholo”
9. (a) EyabaseRoma 10:8, 9 ikhuthaza ukholo olunjani? (b) Ukholo lwethu kumelwe siluvume nini futhi kanjani?
9 Kudingeka ukholo olukhuthazelayo ukuze sisindiswe. Ecaphuna uDuteronomi 30:14, uPawulu wathi: “‘Izwi liseduze kwakho, emlonyeni wakho siqu nasenhliziyweni yakho siqu’; okuwukuthi, ‘izwi’ lokholo, esilishumayelayo.” (Roma 10:8) Njengoba sishumayela lelo “‘zwi’ lokholo,” ligxila nakakhulu ezinhliziyweni zethu. Kwakunjalo ngoPawulu, futhi amazwi akhe aqhubekayo angaqinisa ukuzimisela kwethu ukuba njengaye ekuhlanganyeleni lolo kholo nabanye: “Uma ulivuma obala lelozwi ‘elisemlonyeni wakho siqu,’ ukuthi uJesu uyiNkosi, futhi ubonisa ukholo enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyosindiswa.” (Roma 10:9) Lokhu kuvuma akugcini ngokwenziwa phambi kwabanye ngesikhathi sobhapathizo kodwa kumelwe kube ukuvuma okuqhubekayo, ukufakaza obala ngentshiseko ngazo zonke izici ezinhle zeqiniso. Iqiniso elinjalo ligxila egameni eliyigugu leNkosi EnguMbusi uJehova; eNkosini yethu yobuMesiya noMhlengi, iNkosi uJesu Kristu; nasezithembisweni zoMbuso ezinhle ngokumangalisayo.
10. Ngokuvumelana neyabaseRoma 10:10, 11, kumelwe siliphathe kanjani leli “‘zwi’ lokholo”?
10 Akukho kusindiswa nganoma yibaphi abangalamukeli futhi balisebenzise leli “‘zwi’ lokholo,” njengoba umphostoli eqhubeka ethi: “Ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala kube insindiso. Ngoba umBhalo uthi: ‘Akekho obeka ukholo lwakhe kuye oyodumazeka.’” (Roma 10:10, 11) Kumelwe sizuze ulwazi olunembile lwaleli “‘zwi’ lokholo” futhi siqhubeke silinakekela ezinhliziyweni zethu ukuze sishukumiseleke ukuba sitshele abanye ngalo. UJesu ngokwakhe uyasikhumbuza: “Noma ubani oba namahloni ngami nangamazwi ami kulesisizukulwane esiphingayo nesinesono, neNdodana yomuntu iyoba namahloni ngaye lapho ifika ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi ezingcwele.”—Marku 8:38.
11. Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe kabanzi kangakanani, futhi ngani?
11 Njengoba kwabikezela umprofethi uDaniyeli, kulesi sikhathi sokuphela, “abahlakaniphileyo” babonakala bekhanya “njengokukhazimula kwesibhakabhaka,” njengoba ubufakazi boMbuso busakazekela emikhawulweni yomhlaba. ‘Baphendulela abaningi ekulungeni,’ futhi ulwazi lweqiniso luye lwaba yinala ngempela, ngoba uJehova uzikhanyisa ngokwandayo iziprofetho eziphathelene nalesi sikhathi sokuphela. (Daniyeli 12:3, 4) Nasi isigijimi sokusindiswa esibalulekile ekusindeni kwabo bonke abathanda iqiniso nokulunga.
12. EyabaseRoma 10:12 ihlangana kanjani nokuthunywa kwengelosi okuchazwe kusAmbulo 14:6?
12 Umphostoli uPawulu uyaqhubeka: “Awukho umahluko phakathi komJuda nomGreki, ngoba kukhona iNkosi efanayo phezu kwabo bonke, ecebile kubo bonke abayibizayo.” (Roma 10:12) “Izindaba ezinhle” kumelwe zishunyayelwe namuhla ngezinga elikhulu nakakhulu lembulunga yonke—kubo bonke abantu, kuze kube semikhawulweni yomhlaba uqobo. Ingelosi yesAmbulo 14:6 iyaqhubeka indiza emkhathini, isiphathisa ‘izindaba ezinhle ezimi phakade ukuba sizimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu.’ Kuyobazuzisa kanjani lokhu labo abasabelayo?
Ukubiza Igama LikaJehova
13. (a) Sithini isihloko sethu sonyaka sika-1998? (b) Kungani lesi sihloko sonyaka sifaneleka kakhulu namuhla?
13 Ecaphuna uJoweli 2:32, uPawulu uthi: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” (Roma 10:13) Yeka indlela okufaneleka ngayo ukuthi lawo mazwi aye akhethwa ukuba abe isihloko sonyaka sika-1998 soFakazi BakaJehova! Akukaze ngaphambili kubaluleke ngaphezu kwamanje ukuqhubekela phambili sethembele kuJehova, senza laziwe igama lakhe nezinjongo ezinhle elizimelelayo! Njengasekhulwini lokuqala leminyaka, ngokufanayo nasezinsukwini zokugcina zesimiso sezinto esonakele samanje, kuphuma isimemo esicacile: “Sindiswani kulesisizukulwane esigwegwile.” (IzEnzo 2:40) Yisimemo esinjengecilongo sokuba bonke abantu abesaba uNkulunkulu emhlabeni wonke banxuse uJehova ukuba abasindise kanye nalabo abalalela ukumemezela kwabo izindaba ezinhle obala.—1 Thimothewu 4:16.
14. Yiliphi iDwala okumelwe silibize ukuze sisindiswe?
14 Kuyokwenzekani lapho kugqashuka usuku lukaJehova kulomhlaba? Iningi ngeke libheke kuJehova ukuze lithole insindiso. Abaningi besintu ‘bayoqhubeka bethi ezintabeni nasemadwaleni: “Welani phezu kwethu nisifihle ebusweni baLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu.”’ (IsAmbulo 6:15, 16) Ithemba labo liyobe lisezinhlanganweni ezinjengezintaba zalesi simiso sezinto. Nokho, yeka ukuthi bekuyoba ngcono kangakanani ukube bebeyothembela eDwaleni elikhulu kunawo wonke, uJehova uNkulunkulu! (Duteronomi 32:3, 4) Ngalo, iNkosi uDavide yathi: “Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami.” UJehova ‘uyidwala lethu lensindiso.’ (IHubo 18:2; 95:1) Igama lakhe “lingumbhoshongo onamandla,” “umbhoshongo” okuwukuphela kwawo onamandla ngokwanele okusivikela phakathi nenhlekelele ezayo. (IzAga 18:10) Ngakho-ke, kubalulekile ukuba abaningi ngangokunokwenzeka kubantu abacishe babe izigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha abaphilayo namuhla bafundiswe ukubiza igama likaJehova ngokukholeka nangobuqotho.
15. EyabaseRoma 10:14 ibonisani ngokuqondene nokholo?
15 Ngokufanelekayo, umphostoli uPawulu uqhubeka abuze: “Nokho, bayombiza kanjani lowo abangabekanga ukholo kuye?” (Roma 10:14) Kunezixuku okungenzeka zisazosizwa ukuba zenze “‘izwi’ lokholo” libe elazo, zibize igama likaJehova ukuze zisindiswe. Ukholo lusemqoka. Kwenye incwadi uPawulu uthi: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa kahle [uNkulunkulu] ngoba lowo osondela kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Heberu 11:6) Nokho, kuyokwenzeka kanjani ukuba izigidi ezengeziwe zibe nokholo kuNkulunkulu? Encwadini eya kwabaseRoma, uPawulu uyabuza: “Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye?” (Roma 10:14) Ingabe uJehova uyayilungiselela indlela yokuba bezwe? Ngokuqinisekile! Lalela amazwi kaPawulu aqhubekayo: “Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?”
16. Elungiselelweni laphezulu, kungani abashumayeli bebalulekile?
16 Ngokwephuzu likaPawulu kusobala ukuthi kudingeka abashumayeli. UJesu wabonisa ukuthi kwakuyoba njalo kuze kube ‘sesiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:14; 28:18-20) Ukushumayela kuyingxenye ebalulekile yelungiselelo laphezulu lokusiza abantu ukuba babize igama likaJehova ukuze bakhululwe. Ngisho nakweLobukholwa iningi alenzi lutho ukuze lidumise igama likaNkulunkulu eliyigugu. Abaningi baphambanisa uJehova ngokungenangqondo nezinye iziqu ezimbili emfundisweni engachazeki kaZiqu-zintathu. Futhi, abaningi bawela esigabeni okukhulunywe ngaso kumaHubo 14:1 no- 53:1: “Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu.” Kudingeka bazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo, futhi kumelwe baqonde konke okumelelwa yigama lakhe ukuze basinde osizini olukhulu olusondelayo.
‘Izinyawo Ezinhle’ Zabashumayeli
17. (a) Kungani kufaneleka ngoPawulu ukuba acaphune isiprofetho sokubuyiselwa? (b) Yini ehilelekile ekubeni ‘nezinyawo ezinhle’?
17 Umphostoli uPawulu unomunye umbuzo owodwa obalulekile: “Bayoshumayela kanjani ngaphandle kokuba bethunyiwe? Njengoba nje kulotshiwe: ‘Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!’” (Roma 10:15) UPawulu lapha ucaphuna u-Isaya 52:7, oyingxenye yesiprofetho sokubuyiselwa esiye sagcwaliseka kusukela ngo-1919. Namuhla, uJehova uyaphinda uthumela “oletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa.” Ngokulalela, “abalindi” bakaNkulunkulu abagcotshiwe nabangane babo bayaqhubeka bekhamuluka ngenjabulo. (Isaya 52:7, 8) Izinyawo zalabo abamemezela insindiso namuhla zingase zikhathale, zibe nanothuli, njengoba behamba indlu ngendlu, kodwa yeka indlela ubuso babo obugcwala ngayo injabulo! Bayazi ukuthi bathunywe nguJehova ukuba bamemezele izindaba ezinhle zokuthula futhi baduduze abalilayo, basize laba babize igama likaJehova benombono wokusindiswa.
18. Ithini eyabaseRoma 10:16-18 ngomphumela wokugcina wokumemezela izindaba ezinhle?
18 Kungakhathaliseki ukuthi abantu ‘babeka ukholo entweni ezwiweyo’ noma bakhetha ukungayilaleli, amazwi kaPawulu ayiqiniso: “Abahlulekanga ukuzwa, akunjalo? Phela, eqinisweni, ‘izwi labo laphumela kuwo wonke umhlaba, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba owakhiwe.’” (Roma 10:16-18) Njengoba nje ‘amazulu elanda ngenkazimulo kaJehova,’ njengoba ibonakala emisebenzini yakhe yendalo, kanjalo noFakazi bakhe emhlabeni kumelwe bamemezele “umnyaka womusa kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu, [baduduze] bonke abalilayo.”—IHubo 19:1-4; Isaya 61:2.
19. Uyoba yini umphumela kulabo ‘ababiza igama likaJehova’ namuhla?
19 Usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo luyaqhubeka lusondela. “Hawu lolosuku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.” (Joweli 1:15; 2:31) Sithandazela ukuba izixuku ezengeziwe zisabele ngokuphuthumayo ezindabeni ezinhle, zithuthelekele enhlanganweni kaJehova. (Isaya 60:8; Habakuki 2:3) Khumbula ukuthi ezinye izinsuku zikaJehova zaletha imbubhiso kwababi—osukwini lukaNowa, osukwini lukaLoti, nasezinsukwini zika-Israyeli noJuda ohlubukayo. Manje simi onqenqemeni losizi olukhulu kunalo lonke, lapho isivunguvungu sikaJehova sizoshanela khona ububi ebusweni balomhlaba, sicabe indlela yepharadesi lokuthula okungunaphakade. Ingabe uyoba omunye ‘obiza igama likaJehova’ ngokukholeka? Uma kunjalo, jabula! UNkulunkulu uqobo ukuthembisa ukuthi uyosindiswa.—Roma 10:13.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Yiziphi izinto ezintsha ezamenyezelwa ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E.?
◻ AmaKristu kufanele alinake kanjani “‘izwi’ lokholo”?
◻ Kusho ukuthini ‘ukubiza igama likaJehova’?
◻ Izithunywa zoMbuso ‘zinezinyawo ezinhle’ ngamuphi umqondo?
[Izithombe ekhasini 18]
Abantu bakaNkulunkulu bamemezela ubuhle bakhe ePuerto Rico, eSenegal, ePeru, ePapua New Guinea—yebo, embulungeni yonke