Hlala Ulukhumbula Usuku LukaJehova
“Usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.”—JOWELI 3:14.
1. Kungani impi engcwele ezayo emenyezelwa uJehova iyokwehluka ezimpini “ezingcwele” zesintu?
“MEMEZELANI lokhu phakathi kwabezizwe, ningcwelise impi.” (Joweli 3:9) Ingabe lokhu kubhekisele empini engcwele? Lapho sibheka emuva eziMpini Zokholo, izimpi ezingokwenkolo, kanye nezimpi ezimbili zezwe—lezo eLobukholwa elaba nendima eyinhloko kuzo—singase sishaqeke lapho sicabanga ngempi “engcwele.” Nokho, impi engcwele yesiprofetho sikaJoweli ayiyona impi ephakathi kwezizwe. Ayikhona ukubangwa okugcwele inzondo kwezindawo noma izinto, kusetshenziswa inkolo njengezaba. Iyimpi yokulunga. Iyimpi kaNkulunkulu yokuqeda emhlabeni ukuhaha, umbango, ukonakala, kanye nokucindezela. Iyolwela ubukhosi bukaJehova obufanele phezu kwayo yonke indalo yakhe. Leyompi iyocaba indlela yokuba uMbuso kaKristu ungenise isintu eMinyakeni Eyinkulungwane yokuthula kwendawo yonke, ukuchuma, nenjabulo okwabikezelwa abaprofethi bakaNkulunkulu.—IHubo 37:9-11; Isaya 65:17, 18; IsAmbulo 20:6.
2, 3. (a) Luyini “usuku lukaJehova” okwaprofethwa ngalo kuJoweli 3:14? (b) Kungani izizwe zikufanele lokho okuyodingeka zibhekane nakho phakathi nalolosuku?
2 Khona-ke, luyini “usuku lukaJehova” olwabikezelwa kuJoweli 3:14? “Hawu lolosuku,” kubabaza uJehova ngokwakhe, “ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.” Luwukuchitha ngayiphi indlela? Lomprofethi kamuva uyachaza: “Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.” (Joweli 1:15; 3:14) Lolu usuku uJehova akhipha ngalo isinqumo sakhe sokwahlulela ezixukwini zabantu abangamesabi abenqaba ubukhosi bakhe obufanele phezu kwezulu nomhlaba. Kuyisinqumo sikaJehova ukuchitha isimiso sezinto sobusathane esiye sabamba isintu isikhathi eside kangaka ezingalweni zaso.—Jeremiya 17:5-7; 25:31-33.
3 Isimiso esonakele sasemhlabeni kumelwe sibhekane naleso sinqumo. Kodwa ingabe isimiso sezwe sibi kangako? Ukuthi klabe nje emlandweni waso kwenele! UJesu waveza lokho okuyisimiso kuMathewu 7:16: “Niyakubazi ngezithelo zabo.” Ingabe amadolobha amakhulu ezwe awazange yini abe ubishi lwezidakamizwa, ubugebengu, ubudlova, ukuziphatha okubi, kanye nokungcola? Emazweni amaningi inkululeko esanda kutholwa iye yacinaniswa ukudideka okungokwezombangazwe, ukuntuleka kokudla, nobumpofu. Abantu abangaphezu kwezigidigidi baphila ngezabelo zokudla ezinganele. Ngaphezu kwalokho, umqeda-zwe wengculaza, obhebhethekiswa izidakamizwa kanye nezindlela zokuphila zokuziphatha okubi, umboza ingxenye enkulu yomhlaba ngefu elimnyama. Ikakhulukazi kusukela kwagqashuka iMpi Yezwe I ngo-1914, kuye kwaba nokwehla ngezinga lomhlaba wonke kwazo zonke izici zokuphila.—Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 3:1-5.
4. Iyiphi inselele uJehova ayibekela izizwe?
4 Nokho, uJehova ubebuthela ndawonye abantu abavela kuzo zonke izizwe abemukela ngenjabulo imfundo ephathelene nezindlela zakhe futhi bahambe emikhondweni yakhe. Labantu abasembulungeni yonke baye bakhanda izinkemba zaba amakhuba, belahla izindlela zobudlova zalelizwe. (Isaya 2:2-4) Yebo, izinkemba zaba amakhuba! Kodwa ingabe lokhu akuphambene yini nokumemeza uJehova abangela ukuba kumenyezelwe kuJoweli 3:9, 10? Lapho siyafunda: “Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe, ningcwelise impi, niwavuse amaqhawe; mawasondele, enyuke onke amadoda empi. Khandani amakhuba enu abe-yinkemba, ocelemba benu babe-yimikhonto.” Ah, lapha uJehova ubekela ababusi bezwe inselele yokuba balethe amabutho abo ahlomile abumbene ukuba amelane naye eArmagedoni. Kodwa ngeke baphumelele! Kumelwe banqotshwe ngokuphelele!—IsAmbulo 16:16.
5. Uyoba yini umphumela lapho ‘umvini womhlaba’ uvunwa?
5 Bedelela iNkosi enguMbusi uJehova, ababusi abanamandla baye bakha izindawo zokugcina izikhali ezesabekayo—kodwa kwaba yize! UJehova unikeza umyalo kuJoweli 3:13: “Fakani isikela, ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe; wozani ninyathele, ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezikhongozelo ziyachichima, ngokuba ububi babo bukhulu.” Lawomazwi afana nalawo akusAmbulo 14:18-20, lapho ingelosi ephethe isikela elibhukhali iyalwa ukuba ‘ibuthe amahlukuzo omvini womhlaba, ngokuba izithelo zomvini zivuthiwe.’ Lengelosi ifaka isikela bese iphonsela lezo zizwe ezidelelayo “esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu.” Ngokomfanekiso, igazi liphuma esikhamweni sewayini liphakame lize lifinyelele ematomini amahashi, ibanga elingamastadiyu angu-1 600—okucishe kube amakhilomitha angu-300! Yeka isimo esesabekayo ngesintu esidelela uJehova!
Izakhamuzi Ezigcina Umthetho
6. OFakazi BakaJehova bazibheka kanjani izizwe nababusi bazo?
6 Ingabe lokhu kusho ukuthi oFakazi BakaJehova bayazedelela izizwe kanye nababusi bazo? Lutho neze! Bamane nje balahla ukonakala okubonwa yibo bonke abantu ngokucacile, futhi baxwayisa ngosuku lukaJehova olusondela ngokushesha lokukhipha isahlulelo sakhe. Ngesikhathi esifanayo, bawulalela ngokuzithoba umyalo womphostoli uPawulu kweyabaseRoma 13:1 (NW): “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme.” Banikeza lababusi abangabantu inhlonipho ebafanele hhayi ukukhulekela. Njengezakhamuzi ezigcina umthetho, balandela izindinganiso zeBhayibheli zokwethembeka, ukuba neqiniso, nokuhlanzeka futhi benza imikhaya yabo siqu ibe nokuziphatha okuhle. Basiza abanye ukuba bafunde ukuthi bangakwenza kanjani nabo lokhu. Bahlala ngokuthula nabo bonke abantu, abahileleki ekumasheni kokubhikisha noma ekuvukeleni kwezombangazwe. OFakazi BakaJehova bafuna ukuba isibonelo ekulaleleni imithetho yamagunya aphakeme angabantu, kuyilapho belindele iGunya Eliphakeme Kunawo Wonke, iNkosi enguMbusi uJehova, ukuba libuyisele ukuthula okuphelele nohulumeni wokulunga kulomhlaba.
Ukhipha Isahlulelo Sakhe
7, 8. (a) Kungayiphi indlela izizwe ziyozanyazanyiswa futhi ubumnyama behlele phezu kwazo? (b) UJoweli ufanekisela obani namuhla, futhi ngokungafani nezwe lilonke, babusiswa kanjani laba?
7 Ngolimi olucacile olungokomfanekiso, uJehova unikeza lencazelo eyengeziwe yokukhishwa kwesahlulelo sakhe: “Ilanga nenyanga kuba-mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo. UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; izulu nomhlaba kuyazamazama, kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantwana bakwaIsrayeli.” (Joweli 3:15, 16) Isimo sesintu esibonakala sikhanya futhi sichuma siyophenduka sibe esidabukisayo, esibikezela ishwa, futhi lesimiso sezwe esiya siba izicucu siyozanyazanyiswa singaphinde sibe khona, sibhujiswe njengokungathi ngokuzamazama komhlaba okukhulu!—Hagayi 2:20-22.
8 Phawula isiqinisekiso esijabulisayo sokuthi uJehova uyoba isiphephelo nenqaba yabantu bakhe! Kungani kunjalo? Ngoba bawukuphela kwabantu—abantu bezizwe zonke—abaye basabela emazwini kaJehova athi: “Besenikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.” (Joweli 3:17) Njengoba igama likaJoweli lisho ukuthi “UJehova UnguNkulunkulu,” ubafanekisela kahle oFakazi BakaJehova abagcotshiwe bezikhathi zanamuhla, abasebenza ngesibindi ekumemezeleni ubukhosi bukaJehova. (Qhathanisa noMalaki 1:11.) Uma sibheka amazwi okuvula esiprofetho sikaJoweli, siyothola indlela awubikezela ngokucace ngayo umsebenzi wabantu bakaNkulunkulu namuhla.
Uswebezane Lwesikhonyane
9, 10. (a) Iyiphi inhlupho ebikezelwa uJoweli? (b) Incwadi yesAmbulo isenanela kanjani isiprofetho sikaJoweli esiphathelene nenhlupho, futhi lenhlupho iba namuphi umphumela kweLobukholwa?
9 Manje lalela “izwi likaJehova elafika kuJoweli”: “Yizwani lokhu nina-badala, nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni. Kwake kwaba-khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na? Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu abantwana babo, nabantwana babo esinye isizukulwane. Okushiywé yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywé yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywé yizinkumbi kudliwe yinkasa.”—Joweli 1:1-4.
10 Lona umkhankaso ongavamile, oyohlala ukhunjulwa. Amagagasi ngamagagasi ezinambuzane, ikakhulukazi isikhonyane, onakalisa izwe. Kusho ukuthini lokhu? IsAmbulo 9:1-12 naso sikhuluma ngenhlupho yesikhonyane, ethunyelwa uJehova ngaphansi kokuqondisa ‘kwenkosi, ingelosi yakwalasha,’ enguKristu Jesu uqobo lwakhe. Amagama ayo nguAbadoni (ngesiHeberu) noApholiyoni (ngesiGreki) asho “Imbubhiso” ‘noMbhubhisi.’ Lesikhonyane sifanekisela insali egcotshiwe yamaKristu, manje osukwini lweNkosi, ehambayo iyokonakalisa amadlelo eLobukholwa ngokuyidalula ngokuphelele inkolo yamanga futhi imemezele impindiselo kaJehova ezokwehlela phezu kwayo.
11. Isikhonyane sosuku lwanamuhla siqiniswa kanjani, futhi ngokuyinhloko obani abayizisulu zokuhlasela kwaso?
11 Njengoba isAmbulo 9:13-21 sibonisa, inhlupho yesikhonyane ilandelwa inhlupho enkulu yabakhwele amahhashi. Yeka indlela lokhu okuyiqiniso ngayo namuhla, njengoba izinkulungwane ezimbalwa ezisasele zamaKristu agcotshiwe ziqiniswa ‘ngezinye izimvu’ ezingaphezu kwezigidi ezine, sebebonke bakha abakhweli bamahhashi okungenakumelwana nabo! (Johane 10:16) Bamunye ekumemezeleni izahlulelo zikaJehova ezintinyelayo kubantu abakhonza izithombe beLobukholwa nakulabo ‘abangaphenduki ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.’ Abefundisi—bamaKatolika nabamaProthestani—abaye bazisekela ngenkuthalo izimpi ezibulalayo zalelikhulu leminyaka, kanye nabapristi abalala nabantwana, nabavangeli beTV abonakele, baphakathi kwalabo lezigijimi zesahlulelo eziqondiswe kubo.
12. Kungani abaholi beLobukholwa befanelwe ukwamukela izigijimi zesahlulelo, futhi yini ezokwenzeka kubo ngokushesha, nakuwo wonke amalungu eBabiloni Elikhulu?
12 ‘Kulabobanumzane’ abonakele abangabefundisi, kunkeneneza lesixwayiso sikaJehova: “Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihewule nonke eniphuza iwayini ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.” (Joweli 1:5) Kulelikhulu lama-20 leminyaka, inkolo yeLobukholwa yenzé ukuba ukuyekelela kwalelizwe kuthathele indawo izimiso ezihlanzekile zokuziphatha zeZwi likaNkulunkulu. Kuye kwabonakala kumnandi enkolweni yamanga nakubantu abangaphansi kwayo ukwamukela izindlela zezwe, kodwa yeka isivuno sokugula ngokomoya nangokwenyama abaye basivuna! Ngokushesha, njengoba kuchazwe kusAmbulo 17:16, 17, kuyoba “umqondo” kaNkulunkulu ukuba imibuso yezombangazwe iphendukele wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga, iBabiloni Elikhulu, futhi iwubhubhise. Kungalesosikhathi kuphela, njengoba ubona isahlulelo sikaJehova sikhishwa kuwo, lapho ‘uyophaphama’ khona esimweni sawo sokungasanguluki ngenxa yobudakwa.
“Abantu Abaningi Abanamandla”
13. Kungayiphi indlela eLobukholwa libona iqulo lesikhonyane ‘liliningi futhi linamandla’?
13 Umprofethi kaJehova uyaqhubeka echaza iqulo lesikhonyane ngokuthi “abantu abaningi abanamandla,” futhi iBabiloni Elikhulu lilibona linjalo. (Joweli 2:2) Ngokwesibonelo, abefundisi balo bakhaliswa iqiniso lokuthi izinkolo zeLobukholwa zehlulekile ukuguqula abantu eJapane eligcwele ubuBuddha. Nokho, namuhla oFakazi BakaJehova baseJapane abangaphezu kuka-160 000 bayaphithizela kulelozwe futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zomuntu siqu emakhaya abantu angaphezu kuka-200 000. EItaly oFakazi BakaJehova abangu-180 000 manje sebebhekwa njengabadlulwa amaKatolika kuphela ngenani. Akuzange kusize ukuba isikhulu sesonto esingumRoma Katolika eItaly sikhaliswe iqiniso lokuthi oFakazi BakaJehova bathatha esontweni ‘okungenani amaKatolika athembekile angu-10 000’ unyaka ngamunye.a OFakazi bayakujabulela ukwamukela abanjalo.—Isaya 60:8, 22.
14, 15. UJoweli ulichaza kanjani iqulo lesikhonyane, futhi lokhu kuye kwagcwaliseka ngayiphi indlela namuhla?
14 Echaza iqulo lesikhonyane loFakazi abagcotshiwe, uJoweli 2:7-9 uthi: “Bagijima njengamaqhawe, bakhwela ezingangeni njengamadoda empi; bahamba, kube-yilowo nalowo ngendlela yakhe, abaphambanisi izindlela zabo. Abahlohlolozani omunye nomunye; bahamba, kube-yilowo nalowo ngendlela yakhe; baziphonsa phakathi kwezikhali, abakhawuli. Batheleka emzini, bagijima ogangeni; bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitele njengesela.”
15 Ngempela, umbono ocacile webutho ‘lesikhonyane’ esigcotshiwe, manje elihlanganyela nabangane balo abangaphezu kwezigidi ezine, ezinye izimvu! Alukho ‘ugange’ lobutha obungokwenkolo olungabavimbela. Ngesibindi, ‘bahamba ngawo lowomkhondo’ wokufakaza obala kanye neminye imisebenzi yobuKristu. (Qhathanisa neyabaseFilipi 3:16.) Esikhundleni sokuhlehla, bebelokhu bezimisele ukubhekana nokufa, njengoba kwenza izinkulungwane zoFakazi ‘ezaziphonsa phakathi kwezikhali’ ngenxa yokwenqaba ukudumisa uHitler ongumKatolika waseJalimane lobuNazi. Iqulo lesikhonyane liye lanikeza ubufakazi obuphelele “emzini” weLobukholwa, leqa zonke izithiyo, lingena, ngomqondo ongokomfanekiso, njengesela emakhaya njengoba lisakaza izigidigidi zezincwadi zeBhayibheli ngomsebenzi walo wendlu ngendlu. Kuyintando kaJehova ukuba kunikezwe lobufakazi, futhi awekho amandla ezulwini noma emhlabeni angakuvimbela.—Isaya 55:11.
‘Bagcwala Umoya Ongcwele’
16, 17. (a) Kunini lapho amazwi kaJoweli 2:28, 29 agcwaliseka khona ngokuvelele? (b) Yimaphi amazwi kaJoweli angokwesiprofetho angazange agcwaliseke ngokuphelele ngekhulu lokuqala leminyaka?
16 UJehova utshela oFakazi bakhe: “Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kukaIsrayeli [ongokomoya] nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye.” (Joweli 2:27) Abantu bakhe bakuqaphela ngokugcwele lokhu lapho uJehova eqala ukugcwalisa amazwi akhe akuJoweli 2:28, 29: “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana namadodakazi enu ayakuprofetha.” Lokhu kwenzeka ngePentekoste lika-33 C.E., lapho abafundi bakaJesu ababehlangene begcotshwa “base begcwala bonke uMoya oNgcwele.” Ngamandla omoya ongcwele, bashumayela, futhi ngosuku olulodwa, “kwanezelwa . . . abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.”—IzEnzo 2:4, 16, 17, 41.
17 Kulesosehlakalo esijabulisayo, uPetru wabuye wacaphuna uJoweli 2:30-32: “Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe-yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova. Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe.” Lawomazwi agcwaliseka ngokwengxenye lapho iJerusalema libhujiswa ngo-70 C.E.
18. Ukugcwaliseka okukhulu kukaJoweli 2:28, 29 kwaqala nini?
18 Nokho, uJoweli 2:28-32 wayezogcwaliseka ngokwengeziwe. Ngempela, lesiprofetho sagcwaliseka ngokuphawulekayo kusukela ngoSeptember 1919. Ngalesosikhathi kwaba nomhlangano oyohlala ukhumbuleka wabantu bakaJehova eCedar Point, eOhio, eU.S.A. Umoya kaNkulunkulu wabonakaliswa ngokusobala, futhi izinceku zakhe ezigcotshiwe zashukunyiselwa ukuba ziqale umkhankaso wokufakaza embulungeni yonke ofinyelela nasosukwini lwanamuhla. Yeka ukwanda okukhulu okuye kwaba umphumela! Labo ababesemhlanganweni eCedar Point abangaphezu kuka-7 000 baye banda bafinyelela kwabangu-10 650 158 ababeseSikhumbuzweni sokufa kukaJesu ngoMarch 30, 1991. Kulaba, bangu-8 850 kuphela abathi bangamaKristu agcotshiwe. Yeka injabulo enkulu bonke laba ababa nayo uma bebona isithelo sembulunga yonke esikhiqizwa umoya kaJehova onamandla!—Isaya 40:29, 31.
19. Ngenxa yokuba seduze kosuku lukaJehova, yisiphi isimo sengqondo ngamunye wethu okufanele abe naso?
19 Maduze nje ‘kuzofika usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova’ oluyobhubhisa isimiso sezinto sikaSathane. (Joweli 2:31) Ngokujabulisayo, “yilowo nalowo obiza igama [likaJehova] uyakusindiswa.” (IzEnzo 2:21) Kanjani? Umphostoli uPetru usitshela ukuthi “usuku lweNkosi luyakufika njengesela” abese enezela: “Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe-ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nasekumesabeni uNkulunkulu, nibheka [‘futhi nihlala nikhumbula ukuba khona kosuku lukaJehova, NW].” Njengoba sihlala sikhumbula ukuthi usuku lukaJehova luseduze, siyojabulela futhi ukubona ukugcwaliseka kwesithembiso sikaJehova ‘samazulu amasha nomhlaba omusha, okugcwele ukulunga—2 Petru 3:10-13.
[Umbhalo waphansi]
a La Repubblica, Rome, Italy, November 12, 1985 neLa rivista del clero italiano, May 1985.
Ingabe Ungachaza?
◻ Luyini “usuku lukaJehova”?
◻ Uyovunwa kanjani ‘umvini womhlaba,’ futhi ngasiphi isizathu?
◻ Inhlupho yesikhonyane iye yalihlupha ngayiphi indlela eLobukholwa kusukela ngo-1919?
◻ Umoya kaJehova wathululwa kanjani phezu kwabantu bakhe ngo-33 C.E., nango-1919?