Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • “Sitshele Ukuthi Lokhu Kuyakuba-Nini?”
    INqabayokulinda—1994 | Febhuwari 15
    • 11 Njengoba kulandiswe kuzEnzo 2:1-4 no-14-21, ngePentekoste lika-33 C.E., uNkulunkulu wathululela umoya ongcwele kubafundi abangu-120, kokubili abesilisa nabesifazane. Umphostoli uPetru wakhanyisa ukuthi lokhu kwakuyilokho uJoweli ayekubikezele. Nokho, kuthiwani ngamazwi kaJoweli akhuluma ‘ngelanga eliphenduka ubumnyama nenyanga eba-yigazi nezinkanyezi ezisusa ukukhanya kwazo’? Akukho okubonisa ukuthi lokhu kwagcwaliseka ngo-33 C.E. noma phakathi nenkathi yeminyaka engaphezu kwengu-30 yesiphelo sesimiso sezinto sobuJuda.

      12, 13. Izenzakalo zasemkhathini wezulu ezabikezelwa uJoweli zagcwaliseka kanjani?

      12 Ngokusobala leyongxenye yokugcina yesibikezelo sikaJoweli yayihlobene eduze ‘nokufika kosuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova’—ukubhujiswa kweJerusalema. INqabayokulinda ka-July 1, 1967, ngokuphathelene nosizi olwehlela iJerusalema ngo-70 C.E. yathi: “Lolo ngempela ‘kwakuwusuku lukaJehova’ uma kubhekiselwa eJerusalema nabantwana balo. Futhi ngokuqondene nalolosuku ‘kwakunegazi eliningi nomlilo nomusi othunqayo,’ ilanga lingasikhanyisi isigayegaye somuzi emini, nenyanga isikhumbuza igazi elichithiwe, kungekhona ukukhanya kwenyanga okunokuthula nokucwathile ebusuku.”c

      13 Yebo, njengoba kwakunjalo nangezinye iziprofetho esiziphawulile, izenzakalo zasemkhathini wezulu ezabikezelwa uJoweli zazizogcwaliseka lapho uJehova ekhipha isahlulelo. Kunokuba kuqhubekele kuyo yonke inkathi yokuphela kwesimiso sobuJuda, ukufiphala kwelanga, inyanga, nezinkanyezi kwenzeka lapho amabutho esahlulelo ehlasela iJerusalema. Ngokunengqondo, singalindela ukugcwaliseka okukhulu kwaleyongxenye yesiprofetho sikaJoweli lapho uNkulunkulu eqala ukukhipha isahlulelo kulesisimiso sezinto samanje.

  • “Sitshele Ukuthi Lokhu Kuyakuba-Nini?”
    INqabayokulinda—1994 | Febhuwari 15
    • c UJosephus ubhala ngezenzakalo ezenzeka phakathi nokuhlaselwa kokuqala kweJerusalema amaRoma (66 C.E.) nokubhujiswa kwalo: “Phakathi nobusuku kwaqubuka isivunguvungu esibhubhisayo; kwagasela isiphepho, imvula yana ngamathantala, imibani yabaneka iphindelela, ukuqeqebula kwezulu kwakwethusa, umhlaba wazamazama ngomsindo ovimbanisa izindlebe. Inhlekelele eyayizokwehlela uhlanga lwesintu yafanekiselwa ngokucacile yilokhu kuwa kwaso sonke lesisimiso sezinto, futhi akekho owayengangabaza ukuthi lezizigameko zazibikezela inhlekelele engenakuqhathaniswa.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela