-
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJoweli Neka-AmoseINqabayokulinda—2007 | Okthoba 1
-
-
2:32—Kusho ukuthini ‘ukubiza igama likaJehova’? Ukubiza igama likaNkulunkulu kusho ukulazi, ukulihlonipha ngokujulile, ukuncika nokuthembela kumnikazi walo.—Roma 10:13, 14.
-
-
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJoweli Neka-AmoseINqabayokulinda—2007 | Okthoba 1
-
-
2:28-32. Yilowo kuphela ‘obiza igama likaJehova oyosinda’ ‘ngosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.’ Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova uthululela umoya wakhe kuyo yonke inhlobo yenyama futhi unabancane nabadala, abesilisa nabesifazane, abahlanganyela emsebenzini wokuprofetha, okungukuthi, bamemezela ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu’! (IzEnzo 2:11) Njengoba usuku lukaJehova lusondela, akufanele yini sivame “ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu”?—2 Petru 3:10-12.
-