Ukukhonza Njengezisebenzi Ezikanye NoJehova Ezimethembayo
“Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi-ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho [ngesizotha], na?”—MIKA 6:8, NW.
1. Kungasiphi isisekelo esingokomBhalo zonke izinceku zikaJehova namuhla zingabizwa ngokuthi “izisebenzi ezikanye naye”?
UMPHOSTOLI uJohane ongumKristu wabhala: “Bhekani uthando olungaka asiniké lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu: futhi siyibo.” (1 Johane 3:1) Futhi umphostoli uPawulu wathi ngaye nangomngane wakhe uApholo: “Siyizisebenzi kanye noNkulunkulu.” (1 Korinte 3:9) Zombili lezinkulumo zakhulunywa abalandeli abagcotshiwe bakaJesu Kristu futhi zaziqondene nabo. Kodwa eqinisweni zisebenza kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu zeqiniso. Ngakho lezi zingahunyushwa njengezithi: ‘Bheka uthando olungaka uBaba asiphe lona lokuba sibe yizisebenzi ezikanye noJehova.’
2. Kungani kungenzeka ngezinceku zikaJehova ukuba zibe yizisebenzi ezikanye naye?
2 Kungenzeka kanjani ukuba abantu ababuthakathaka, abangaphelele babe izisebenzi ezikanye noMdali omkhulu, onamandla nenhlakanipho okungenamkhawulo, ophelele ekwahluleleni ngokulunga, futhi owuthando olwenziwe samuntu? Lokhu kungenzeka ngoba abazali bethu bokuqala babenziwe ngomfanekiso nomfuziselo woMdali nowesisebenzi esikanye naye, uLizwi, noma uLogos. (Genesise 1:26, 27; Johane 1:1) Ngakho abazali bethu bokuqala babenikezwe isilinganiso sokuhlakanipha, ukwahlulela ngokulunga, amandla, nothando. Kungalesosizathu uJehova ayengathi ezincekwini zakhe zasemhlabeni ngomprofethi wakhe: “Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi-ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho [ngesizotha], na?”—Mika 6:8.
3. Kuqondweni kuMika 6:8, futhi yini edingekayo ngomuntu ngaphambi kokuba abe omunye wezisebenzi ezikanye noJehova?
3 Lapho sifunda amazwi athi, “UJehova ufunani kuwe . . ?” umqondo ubonakala uwukuthi lokho okulandelayo kufingqa kahle isibopho ‘somuntu’ kuNkulunkulu nakubantu abakanye naye. Ukuthi lokhu kunjalo ngezinga elingakanani kuzobonakala njengoba ingxoxo yethu iqhubeka. Iqiniso, akuyena noma ubani nje ongahamba noJehova. Nokho kungathiwa lelilungelo ligcinelwe kuphela labo ‘abavumelene naye.’ (Amose 3:3) Kanjani? Ngokuzinikezela ngokungagodli kuJehova futhi babonakalisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi, njengoba kuboniswe esihlokweni esandulelayo. Ngakho, uMika 6:8 usho ukuthini kulabantu?
‘Ukwenza Ukulunga’
4. Eqinisweni, kusho ukuthini ‘ukwenza ukulunga’?
4 Okokuqala, kukhona imfuneko ‘yokwenza ukulunga.’ Njengezisebenzi ezikanye noJehova uNkulunkulu, kumelwe sibe nonembeza omuhle. ‘Ukwenza ukulunga’ ngokuyisisekelo kusho ukwenza okulungileyo, okufunwa uNkulunkulu kithi. Lokhu kusho ukuthi kumelwe sigcwalise izifungo zethu, esikhulu kunazo zonke siwukunikeza uJehova ukuzinikela okuphelele. (Nahume 1:2, NW) Akakuvumeli ukubangiswa. Asinakukwazi ukukhonza amakhosi amabili.—1 Korinte 10:22; Mathewu 6:24.
5. UJesu Kristu wabonisa kanjani ukuthi wayethanda ukulunga futhi ezonda ububi?
5 Ngaphezu kwalokho, ukuze ‘senze ukulunga’ kumelwe ‘sithande ukulunga sizonde okubi,’ njengoba uJesu Kristu enza. Ngenxa yokuthanda kwakhe ukulunga, wazigcina ‘engenacala, engenabala, ehlukanisiwe nezoni.’ (IHubo 45:7; Heberu 7:26) Futhi ngoba uJesu wayezonda okubi, kwakungenxa yentukuthelo efanele ukuthi washaya abaholi benkolo bosuku lwakhe ababengabazenzisi nabahahayo.—Mathewu 23:13-36; Johane 8:44.
6. Kungani sidinga okungaphezu nje kokuvuma ngengqondo ukuthi kufanele sigweme okunqatshelwe ngoba kukubi?
6 Njengoba kungabonwa esibonelweni sikaJesu, akwanele ukuthanda ukulunga. Kumelwe futhi sizonde—yebo, sicanukele, senyanye, sinengwe, sibe nenzondo enamandla—ngokubi. Ngenxa yokuthi ukuthambekela kwethu kubi kusukela kwasebusheni bethu futhi nezinhliziyo zethu ziyakhohlisa, ziyaphamba, sidinga okungaphezu nje kokuvuma ngengqondo kuphela ukuthi okubi kunqatshelwe. (Genesise 8:21; Jeremiya 17:9) Ngaphandle kokuba simelane ngokunamandla nemikhuba yesono nezilingo siyonqotshwa ukuyenga kwayo. Kumelwe sibe nenzondo enamandla ngokubi efana naleyo uFinehasi ayibonisa lapho egwaza ngomkhonto umbhangqwana owawuhlangene ekukhulekeleni kokuziphatha okubi uBali-Peyori.—Numeri 25:5-8.
7. Yibuphi ubufakazi esinabo bokuthi uJehova akabasebenzisi ababi njengezisebenzi ezikanye naye?
7 UJehova akabafuni futhi ngeke abasebenzise noma yibaphi abantu ababi njengezisebenzi ezikanye naye. Lokhu kwenziwe kwacaca kuyiHubo 50:16-18, lapho sifunda khona ukuthi: “Kepha komubi uNkulunkulu uthi: Yini ukuba ushumayele izimiso zami, uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho, ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi ami uwalahla emva kwakho, na? Uma ubona isela, uvumelana nalo; neziphingi uhlanganyela nazo.”
8. Yisiphi isehlakalo esigcizelela isihlamba esingasidala ngokuvumela ukunqotshwa okubi?
8 Singahle sizigcine simatasa enkonzweni kaJehova, sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa uma singakuqapheli ukubonisa ukuzithiba, singase sone ngenxa yobuthakathaka obungokwenyama futhi silethe isihlamba egameni likaJehova. Kungakho eminyakeni embalwa eyedlule umdala waphinga nodade ongokomoya owayenomyeni ongakholwayo. Ngobusuku okwamenyezelwa ngabo ukususwa ekuhlanganyeleni kwalowo owayengumdala, indoda yalowesifazane ethukuthele yangena eHholo LoMbuso iphethe isibhamu futhi yabadubula laba ababili abanecala. Akekho owafa kubo, kodwa ngosuku olulandelayo lokhu kwaba indaba elotshwe ekhasini lokuqala ephephandabeni elikhulu kunawo wonke eUnited States! Ngempela, ukwenza okubi kuletha isihlamba.—IzAga 6:32.
9. NgokwezAga 4:23, yini okumelwe siyigcine, futhi ngani?
9 Ngakho-ke, siyalwa ngokufanele: “Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.” (IzAga 4:23) Yebo, kumelwe sizifundise mayelana nalokho esivumela izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso zigxile kukho. Ezikhathini eziningi, ithelevishini, omagazini, nezinye izinhlobo zokusakaza zibukisa ngezinto ezingcolile, kuhlanganise nezincwadi ezingcolile. Ngakho-ke, kumelwe sibe abakhetha kakhulu lokho esikubukayo, esikulalelayo nesikufundayo. Ukulawula imicabango yethu siqu kubaluleke kakhulu! Ngokwesibonelo, kungase kube lula ukuthola injabulo ngokucabanga ngezindaba zobulili ezingqondweni zethu, izinto esingasoze sacabanga ukuzama ukuzenza ekuphileni okungokoqobo. (Mathewu 5:28) Kodwa ngokuvamile imicabango enjalo iphumela ezenzweni ezimbi. Khona-ke esikhundleni sokuba sigxile ezintweni ezinjalo ngengqondo, masibonise isithelo somoya ongcwele sokuzithiba futhi sigxile ezintweni ezilotshwe kwabaseFilipi 4:8.—Galathiya 5:22, 23.
“Ukuthanda Umusa”
10, 11. (a) Yimuphi umehluko okhona phakathi kokwethembeka nokukholeka? (b) INdodana kaNkulunkulu yakubonisa kanjani ukwethembeka nokukholeka?
10 Imfuneko yesibili ephawulwe kuMika 6:8 iwukuba ‘sithande umusa.’ IThe New English Bible lapha ifundeka ngalendlela, “Uthande ukukholeka.” Umbhalo waphansi kuyiNew World Translation Reference Bible ubonisa ukuthi igama lesiHeberu elithi cheʹsedh, elihunyushwe ngokuthi “umusa,” lingahunyushwa futhi ngokuthi “umusa wothando” noma “uthando olukholekile.” Ngokwabahlaziyi bamagama, “ukukholeka kusho ukumelana ngokuqinile nanoma yisiphi isilingo sokuhlubuka noma sokukhaphela.” Igama elithi “ukukholeka lenezela egameni elithi ukwethembeka, umqondo wokufuna ukusekela nokulwela umuntu noma into ngisho noma sekunzima kanjani.” Ngokuthakazelisayo, emiBhalweni sithola futhi umehluko omncane ekusetshenzisweni kwalamagama. Ngokwesibonelo, igama elithi “ukukholeka” alisetshenziswa ezintweni ezingaphili. Kodwa igama elithi “ukwethembeka” lisetshenziswa ngokuphindaphindiwe. Kanjalo, inyanga ibizwa ngokuthi “ufakazi othembekileyo osemafwini.” (IHubo 89:37) Futhi-ke amazwi kaNkulunkulu kuthiwa athembekile, okusho ukuthi anokwethenjelwa.a (IsAmbulo 21:5; 22:6) Nokho, ukukholeka kusetshenziselwa uJehova uNkulunkulu kuphela nezinceku zakhe azivumelayo. Kanjalo, ngokuqondene noJehova siyafunda: “Kokholekileyo uyazibonakalisa ekholekile.”—2 Samuweli 22:26, NW.
11 INdodana kaNkulunkulu yayithembekile futhi ikholekile kuJehova ezulwini. Emhlabeni, yabhekana nokuvivinywa njengomuntu uJesu Kristu futhi yabonakalisa ngokulalela kwayo ukuthi yayithembekile futhi ikholekile njengesidalwa esiwumuntu. Lokhu kuboniswe amaHeberu 5:7-9, lapho sifunda khona ukuthi: “Owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; esephelelisiwe waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.”
Ukuvivinywa Kokukholeka
12. Ngezinye izikhathi, yini engavivinya ukukholeka kwethu, futhi abanye baye basabela kanjani ekuvivinyweni okunjalo?
12 Ukukholeka kuJehova uNkulunkulu kudinga ukuba futhi sikholeke ezincekwini zakhe ezisemhlabeni, amaKristu esikanye nawo. Umphostoli uJohane wenza lokhu kucace lapho esikhumbuza: “Ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.” (1 Johane 4:20) Ukungapheleli kwabanye kungase kuvivinye ukukholeka kwethu kulendaba. Ngokwesibonelo, lapho becasuliwe, abanye baye babonisa ubuthakathaka ekukholekeni kwabo enhlanganweni kaJehova ngokungayi emihlanganweni yobuKristu. Olunye uvivinyo lokukholeka kubafowethu luphakama lapho labo uJehova abasebenzisayo ekuholeni benza iphutha ekwahluleleni. Kaningi, amaphutha anjalo aye asetshenziswa abathile njengezaba zokuduba nokuzihlukanisa nenhlangano kaJehova ebonakalayo. Kodwa ingabe inkambo yabo yesenzo ifanelekile? Lutho neze!
13. Kungani ukuzihlukanisa nenhlangano kaJehova kungenakuvunyelwa, futhi yimaphi amathuba azivezayo kwabanjalo abangathembekile?
13 Kungani abantu abanjalo bengenakuzithethelela lapho beshiya inhlangano kaNkulunkulu? Ngoba iZwi lakhe liyasiqinisekisa: “Abathanda umthetho [kaJehova] banokuthula okukhulu; akukho-sikhubekiso kubo.” (IHubo 119:165) Ngaphezu kwalokhu, siyalwa ukuba ‘sibe nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.’ (1 Petru 4:8; IzAga 10:12) Ngokwengeziwe, make sithi umuntu kufanele azihlukanise nabantu bakaJehova. Angaya kuphi? Ingabe akabhekene yini nenkinga efanayo abaphostoli bakaJesu ababebhekene nayo lapho ebabuza ukuthi nabo bafuna ukumshiya yini? Umphostoli uPetru waphendula ngokuqondile: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.” (Johane 6:68) Ayikho enye indawo angaya kuyo ngaphandle kokuya ‘eBabiloni elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga, noma ezidladleni ‘zesilo’ sikaSathane sezombangazwe. (IsAmbulo 13:1; 18:1-5) Ngokuvamile, labo abangathembekile abaye bashiya inhlangano kaJehova ebonakalayo baye bahlanganyela nalabo ‘abaseBabiloni elikhulu’ elihlazisa uNkulunkulu.
“Uhambe NoNkulunkulu Wakho Ngesizotha”
14, 15. (a) Yiziphi izincazelo igama lesiNgisi elisho “isizotha” elinazo? (b) Iyiphi incazelo yegama elithi “isizotha” esiyikhathalelayo lapha, futhi ngaziphi izizathu? (c) Kungani kufanele ukuba amaKristu ‘azise ngokusesilinganisweni amakhono awo nomcebo’?
14 Igama lesiNgisi elisho “isizotha” linezincazelo eziningi. Lingasho lokho okungazikhukhumezi, “okulinganiselwe ngobungako, ubuningi, noma ububanzi.” Noma lingaba nencazelo yobumsulwa, “ukunakekela ukufaneleka kokugqoka nokuziphatha.” (1 Thimothewu 2:9) Bese kuba nencazelo “yesizotha” esiyikhathalela ngokukhethekile, okungukuthi ukuqaphela ukulinganiselwa komuntu noma “ukwazisa ngokusesilinganisweni amakhono omuntu noma umcebo.” Asinakuba abanye bezisebenzi ezikanye noJehova uma sizicabangela ngokweqile kakhulu, sidonsela ukunakekela kithina ngokwethu esikhundleni sokudonsela ukunakekela okuyinhloko kuJehova uNkulunkulu.
15 ‘Ukwazisa ngokusesilinganisweni amakhono ethu noma umcebo,’ kuyincazelo esobala okumelwe siyihlanganise negama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “isizotha” kuMika 6:8, NW. Lokhu kufakazelwa indlela leligama elisetshenziswe ngayo kwenye futhi indawo elivela kuyo kuphela emiBhalweni YesiHeberu. KuzAga 11:2, NW, aliqhathaniswa nokuziphatha okungcolile kobulili kodwa liye liqhathaniswe nokugabadela, okuwumphumela wokuzicabangela ngokweqile. Lapho siyafunda: “Lapho kufika [ukugabadela], kufika nehlazo; kepha [kwabazothileyo] kukhona ukuhlakanipha.” Ukuba nesizotha kuhambisana nokumesaba uJehova, okuhlanganiswa futhi nokuhlakanipha. (IHubo 111:10) Umuntu onesizotha uyamesaba uJehova ngoba uyaqaphela ukuthi kunomehluko omkhulu kakhulu phakathi kwakhe noNkulunkulu, phakathi kokulunga namandla kaJehova nokungapheleli kwakhe nobuthakathaka. Ngakho-ke umuntu onesizotha ufeza ukusindiswa kwakhe ngokwesaba nokuthuthumela.—Filipi 2:12.
16. Yimiphi eminye imibhalo ebonisa ukuthi kungani amaKristu kufanele ukuba abe nesizotha?
16 Kunezizathu eziningi kakhulu zokuthi kungani izisebenzi ezikanye noJehova kufanele zibe nesizotha! Kungakhathaliseki ukuthi singaba abahlakaniphe kangakanani, sinikezwe amandla angokomzimba angakanani, noma ukuthi sinengcebo ebonakalayo engakanani, asinazo izizathu zokuqhosha. (Jeremiya 9:23) Ngani? Ngenxa yesimiso esiphawulwe kweyoku-1 Korinte 4:7: “Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?” Futhi asinasizathu sokuqhosha ngenxa yezithelo zenkonzo yethu, ngoba sifundani kweyoku-1 Korinte 3:6, 7? Lapho uPawulu wathi: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.” Amazwi kaJesu kuLuka 17:10 kufanele futhi asisize ukuba sihlale sinesizotha, ngoba wathi: “Nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.”
17. Kungani ukuba nesizotha ngempela kuyinkambo yokuhlakanipha?
17 Ngempela ukuba nesizotha kuyinkambo yokuhlakanipha. Isizotha sisenza sikwazi ukwaneliseka noma kuphi lapho sinelungelo lokukhonza khona. Uma sinesizotha, ngeke sizame ukulwela ukugqama kodwa siyokwaneliswa ukuziphatha ‘njengabancinyane.’ (Luka 9:48) Khona-ke, futhi siyoba nesimo somhubi, owathi: “Usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.” (IHubo 84:10) Ngaphezu kwalokho, uma sinesizotha, siyoba nothando oluyosishukumisela ukuba sandulelane ekwazisaneni.—Roma 12:10.
Isizotha Siyafaneleka Kwabasha
18. (a) Kungani ukuba nesizotha kufaneleka kakhulu ngentsha? (b) Isidingo sokuba nesizotha sifakazelwa yimuphi umlando ohilela intsha yosuku lwanamuhla?
18 Kungokufanele kakhulu ukuba intsha engamaKristu izihlobise ngesambatho sesizotha. Yeka isibonelo esihle uElihu ayibekela sona! Nakuba wayenezimpendulo eziqondile, wayezimisele ukulinda ngenhlonipho kuze kube yilapho amadoda amadala esekhulumile. (Jobe 32:6, 7) Ngokuvamile, intsha ithambekele ekuzethembeni, ukungaqapheli ukulinganiselwa kwayo. Ngenxa yokuthi inamandla angokomzimba futhi iye yazuza ulwazi oluthile, ingase ithambekele ekubabukeleni phansi abadala kunayo. Kodwa ulwazi alufani nenhlakanipho, ewukusetshenziswa kolwazi. Okufanayo umlando odabukisayo intsha eningi yanamuhla ewuqophayo eUnited States. Lapho, amaphesenti angama-63 okuboshelwa ubugebengu obukhulu ahlanganisa abantu abasha kuya eminyakeni engama-24 yobudala, lapho amaphesenti angama-30 abantu ababoshwayo angawabangaphansi kweminyaka eyi-18 ubudala. Kubikwa futhi ukuthi “ukushayela kwabadakiwe noma kwabaluthwe imilaliso kuyimbangela eyinhloko yokufa phakathi kwabantu baseMelika abaneminyaka eyi-15 kuya kwengama-24 yobudala.” Kulelozwe, “imishado eminingi ngokwengeziwe yabashada besebancane iphela ngedivosi,” kuyilapho kubikwa ukuthi “cishe imishado ingahlala isikhathi eside uma umakoti nomyeni sebeneminyaka yenhlakanipho eminingana lapho beshada.”
19. Yisiphi iseluleko esingokomBhalo intsha eyenza kahle ngokusilalela?
19 Khona-ke, yeka ukuthi sihlakaniphe kangakanani iseluleko seZwi likaNkulunkulu! Ngokufanelekile, siyala intsha ukuba yazise uyise nonina, ibalalele ezintweni zonke. (Efesu 6:1-3; Kolose 3:20) Ikakhulukazi intsha kufanele ifake leseluleko esihlakaniphile ezinhliziyweni: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”—IzAga 3:5, 6.
20. Yimiphi imivuzo bonke abantu abazinikezele nababhapathiziwe abangayilindela uma belalela uMika 6:8?
20 Yiziphi izinzuzo sonke esingazilindela, uma ngemva kokuba sesibonise ukuthembela kuJehova ngokuzinikezela nobhapathizo, bese ‘senza ukulunga, sibonisa uthando olukholekile, futhi sihamba noNkulunkulu wethu ngesizotha’? Okubaluleke kunakho konke, siyovunyelwa uJehova ngoba sihlangabezana nezimfuneko zakhe futhi kanjalo siyokwenza inhliziyo yakhe ithokoze ngokuhlanganyela ekungcwelisweni kwegama lakhe elikhulu nelisabekayo. (IzAga 27:11) Ngaphezu kwalokho, ekuphileni kwethu siqu siyoliqaphela iqiniso lesimiso sokuthi “Ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.”—1 Thimothewu 4:8.
[Umbhalo waphansi]
a Entshonalanga yeUnited States, kunesiphethu samanzi ashisayo, eminyakeni eminingi ngokwesilinganiso esasiphethuka kanye ngemizuzu engama-65. Kanjalo sazitholela igama elithi, Omdala Othembekile.
Ziyini Izimpendulo Zakho?
◻ Ngokuvumelana noMika 6:8 yini edingekile ukuze “wenze ukulunga”?
◻ Ukukholeka kuJehova kuhlobene kanjani nobuhlobo bethu namaKristu esikanye nawo?
◻ Kungani kufanele ‘sihambe noNkulunkulu ngesizotha’?
◻ Kungani ukuba nesizotha kuyifanele ngokukhethekile intsha engamaKristu?
[Isithombe ekhasini 17]
Ingabe uyayigcina inhliziyo yakho ngokuba okhethayo kulokho okubukayo, okulalelayo, nokufundayo?
[Isithombe ekhasini 18]
UPetru wayazi ukuthi ayikho enye indawo ababengaya kuyo ngoba uJesu ‘wayenamazwi okuphila.’ Ingabe nawe uzimisele kanjalo ukuhlala ukholekile enhlanganweni kaJehova?