-
Izixwayiso Zaphezulu EzikuthintayoINqabayokulinda—1989 | Ephreli 15
-
-
UNkulunkulu uletha inhlekelele kulabo abanecala lobudlova kubantu bakhe. Siyini isizathu senhlekelele yabakwaEdomi? Izenzo eziphindaphindiwe zobudlova emadodaneni kaJakobe, abafowabo. Njengenzalo kaEsawu, abakwaEdomi babehlobene nabakwaIsrayeli. Nokho, banecala lokuphanga izihlobo zabo, bethokoza ngokunenzondo ekuweni kweJerusalema, futhi benezela kulokhu ngokuyisa abasindile esitheni. Ngalokho, iEdomi liye landisa ukubhujiswa kwalo.—10-16.
-
-
Izixwayiso Zaphezulu EzikuthintayoINqabayokulinda—1989 | Ephreli 15
-
-
○ 10—IEdomi lalahlulelwe ‘ukunqunywa kuze kube-phakade’ ngenxa yokuba kwalo nenzondo enonya nokuntula ngokungenazwela uthando lomzwelo olungokwemvelo ngesizwe esingumfowabo, ‘abantwana bakwaJuda.’ (Ivesi 12) Ukushabalaliswa okunjalo kwesizwe kwasho ukuthi umbuso wakwaEdomi onohulumeni nabantu ezindaweni ezithile zezwe kwakuyonyamalala ebusweni bomhlaba. Namuhla, abekho abantu abangakhonjwa besizwe sakwaEdomi; “babenjengokungathi abazange babekhona.”—Ivesi 16.
-