-
Wafunda Emaphutheni AkheLingisa Ukholo Lwabo
-
-
12. (a) Kungani kungafanele sisheshe ukwahlulela uJona ngokulala kunesiphepho esikhulu? (Bheka nombhalo waphansi.) (b) Wayembula kanjani uJehova imbangela yenhlekelele?
12 Ezibona engelusizo lwalutho, uJona wehlela ezingxenyeni ezingaphansi zomkhumbi wathola indawo yokucambalala. Wabe esezunywa ubuthongo.b Ukaputeni wamthola, wamvusa, wamnxusa ukuba athandaze kunkulunkulu wakhe njengoba bonke babenza. Eqiniseka ukuthi kunamandla angaphezu kwavamile kulesi siphepho, amatilosi enza inkatho ukuze athole ukuthi ubani kulaba bantu abasemkhunjini oyimbangela yale nhlekelele. Ngokungangabazeki uJona washaywa uvalo njengoba inkatho yayilokhu ikhipha umuntu ngamunye. Ngokushesha iqiniso laba sobala. UJehova wayeqondisa isiphepho kanye nenkatho eyadla umuntu oyedwa—uJona!—Funda uJona 1:5-7.
-
-
Wafunda Emaphutheni AkheLingisa Ukholo Lwabo
-
-
b I-Septuagint igcizelela ukuzunywa ubuthongo kukaJona ngokwenezela ukuthi wayehona. Esikhundleni sokubheka ukulala kukaJona njengophawu lokungabi nandaba, singase sikhumbule ukuthi ngezinye izikhathi ubuthongo bubanqoba kalula abantu abacindezelekile. Phakathi namahora omunyu ekuphileni kukaJesu ensimini yaseGetsemane, uPetru, uJakobe noJohane “bozela ngenxa yosizi.”—Luka 22:45.
-