Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda—1990 | Agasti 15
    • Njengesibonelo esihilela isiprofetho seBhayibheli, iWatch Tower kaDecember 15, 1928 yaxoxa ngoMika 5:2-15. Incwadi kaMika yayiphathelene nokuchithwa kweSamariya ‘yiAsiriya,’ kanye nokubuya kwamaJuda ekuthunjweni eBabiloni. (Mika 1:1, 5-7; 4:10) Kodwa futhi yabhekisela ezehlakalweni zamuva, njengokuzalwa kukaMesiya eBetlehema. (Mika 5:2) UMika waprofetha ukuthi ngemva kokukhululwa kwayo ‘eAsiriya,’ “insali yakwaJakobe” yayiyoba “njengamazolo avela kuJehova,” ‘nanjengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu.’ (Mika 5:6-8) LeWatch Tower yaphawula: “Lokhu kungathathwa njengesibonakaliso sokuthi abanye bensali bayobe besemhlabeni ngisho nangemva kokuba iArmagedoni isilwiwe, futhi-ke bayoba nomsebenzi owengeziwe abayowenza egameni leNkosi, kube inkazimulo nodumo kuyo.” Phawula ulimi lokuthobeka, olunengqondo olusetshenzisiwe ukuveza ukuthi kungenzeka: “Lokhu kungathathwa njengesibonakaliso.”

  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda—1990 | Agasti 15
    • Izinkulumo eziphathelene nokuthi kungenzeka yini ukuba abanye babagcotshiwe basindele ezweni elisha zenziwa ngezinhloso ezinhle, nangokukhanyiselwa izenzakalo ezidlule eziseBhayibhelini, ngenjongo yokuzama ukuqonda iziprofetho noma izibonelo ezingase zisho okufanayo kamuva. Uma kutholakala ukuthi abekho abagcotshiwe abasalayo emhlabeni, ngeke kube bikho sizathu sokungeneliseki. Kakade sesiye sakwamukela ukuthi izindaba zeBhayibheli ziqondakala kangcono njengoba isikhathi sidlula. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda kaJanuary 1, 1982, yaphinda yaxoxa ngoMika 5:6-9 futhi yachaza ukuthi “insali kaIsrayeli ongokomoya akudingekanga ukuba ilinde kuze kube ngemva . . . kweHarmagedoni ukuze ibe ‘njengamazolo’ aqabulayo kubantu.” Lengxoxo yaphinde yaveza ukuthi kungenzeka ukuba insali isinde empini enkulu kaNkulunkulu, bese kuthi isikhashana “iqhubeke iba ‘njengamazolo’ aqabulayo ‘esixukwini esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’” Nokho, singabona ukuthi ukuhamba kwesikhathi kanye nokwanda kokukhanya okungokomoya kungandisa futhi kushintshe ukuqonda kwethu iziprofetho namadrama eBhayibheli.—IzAga 4:18.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela