Ukuthula Komhlaba Kanjani Futhi Nini?
UKUTHULA komhlaba ngelinye lamaphupho esintu athandeka kakhulu. Kodwa ukucabanga ukuthi ohulumeni babantu bangakuletha kuwukuzikhohlisa. Izifundo zomlando ziyavumelana nalokho iBhayibheli elikuqinisekisa ngokoqobo: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23.
UMdali wendawo yonke umninimandla onke kuphela, uJehova uNkulunkulu, ongaletha ukuthula okuhlala njalo. Futhi uye wathembisa ukuthi uyokwenza njalo. Kanjani? Hhayi ngemizamo yabantu kodwa ngalokho uJesu Kristu akwenza isihloko sakho konke ukufundisa kwakhe—uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. (Mathewu 6:9, 10) uMbusi walowoMbuso uKristu Jesu, esiprofethweni ubizwa ngokuthi “iNkosi Yokuthula” yeqiniso. (Isaya 9:6) Futhi ngaphansi kokubusa koMbuso, isithembiso sikaNkulunkulu siwukuthi ‘kuyovama ukuthula’ emhlabeni wonke.—IHubo 72:7.
Nokho, iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi, ngaphambi kokuba lokhu kwenzeke, lesimiso sezinto samanje esinezimpi kumelwe sisuswe. (1 Johane 2:15-17) Futhi isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi ukubhujiswa kwaso kuseduze.—Mathewu 24:3-14, 22, 34; Luka 21:25-28; 1 Thimothewu 3:1-5.
Ngakho lokhu kuyinjongo engenakuguquka ‘kaNkulunkulu ongaqambi amanga.’ (Thithu 1:2) Ngakho, bekungafanele yini ukuba abaholi benkolo, ikakhulukazi labo beLobukholwa, benze imithandazo evumelana nalenjongo? Futhi akufanele yini ngabe benza ngokuvumelana naleyonjongo? Nokho, akekho noyedwa kulabo bameleli benkolo ababeseAssisi owaphawula ngokuphela kwalesimiso okuseduze nangokufika koMbuso kaNkulunkulu, isigijimi esiyisisekelo sikaJesu neZwi likaNkulunkulu.
Lokhu akumangalisi ngoba lezozinkolo azibafundisanga abalandeli bazo iqiniso ngezinjongo zikaNkulunkulu. Esikhundleni salokho, ziyingxenye yalelizwe elingaphansi kukaSathane, futhi zigxilise imizamo yazo ekulilondolozeni. Ngenxa yalokho, abantu babo bahlukene phakathi, bakholelwa kakhulu ebuzweni kunaseMbusweni kaNkulunkulu. Lokhu kuye kwababangela ukuba babulalane ezimpini zezwe. Ngakho lamazwi asebenza ezinkolweni ezinjalo: “Ziphingi anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.”—Jakobe 4:4.
Ngakho, izicelo zokuthula zalezizinkolo azizwiwa muntu. Zikhumbuza ngesimo esikhathini somprofethi uJeremiya. Emuva lapho abaprofethi benkolo yamanga bamemezela: “Ngukuthula, ngukuthula.” Kodwa eqinisweni, ‘kwakungekho ukuthula’ ngabo.—Jeremiya 6:14.
Umsebenzi Wokufundisa Emhlabeni Wonke
Nokho, injongo kaNkulunkulu izogcwaliseka. (Isaya 55:11) Ngakho namhlanje umsebenzi womhlaba wonke wokufundisa iBhayibheli uyaqhubeka. Lokhu kuvumelana nesiprofetho esikuMathewu 24:14, esithi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
Njengoba labo abayingxenye yalomsebenzi womhlaba wonke wokukhulekela kweqiniso bezithoba ezimfunekweni zikaNkulunkulu, sebeye basusa ithonya lobuzwe elihlukanisayo phakathi kwabo. Sebewumphakathi wabantu abanokuthula abathandanayo futhi abaphilela uMbuso kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, bagcwalisa isiprofetho esijabulisayo esikuMika 4, esithi.
“Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova [ukukhulekelwa kwakhe kweqiniso] iqiniswe esiqongweni sezintaba, [zonke ezinye izinhlobo zokukhulekela], . . . nabantu bayakugobhozela khona. Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe. . . . Ziyakukhanda izinkemba zazo zibengamakhuba, imikhonto yazo ibengocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Mika 4:1-3.
Kusobala ukuthi lesiprofetho akunakwenzeka ukuthi sagcwaliswa umhlangano owawuseAssisi. Labo abagobhozela entabeni engokomfanekiso yokukhulekela okuhlanzekile bangabantu abafundiswa ngezindlela zikaJehova zokuthanda ukuthula nabaphila ngokuhambisana nezinjongo zakhe nezimfuneko. Abasibo abantu abahleli ezinkolweni zabo zakuqala, abahlukaniswe izimfundiso nemikhuba ephikisanayo. Kunalokho, bahlanganiswe ndawonye njengoba uMika 2:12 abikezela: “Ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira.”
Umphumela walomsebenzi wokufundisa uwukuthi abantu abangaphezu kwezigidi ezintathu emhlabeni wonke sebengabamemezeli ‘bezindaba ezinhle zoMbuso. Sebengabantu abanokuthula, futhi abayikubulala omunye umuntu ngaphansi kwanoma iziphi izimo. Njengoba nje uMika abikezela, kakade sebekhande Izinkemba zabo zaba ngamakhuba . . . ngeke besafunda ukulwa. Futhi izigidi eziningi zabanye abantu abathakazelayo emhlabeni wonke zifundiswa yibo.
OFakazi BakaJehova babheke phambili emhlabeni omusha onobunye okuyogcwaliseka kuwo uMika 4:4 kuso sonke isintu: “Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova [wemikhosi yasezulwini] ukhulumile.” Ngokulandelayo, evesini lesi-5, uMika uveza umahluko phakathi kwalabo abakhonza onkulunkulu bamanga abaningi nalabo abakhonza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, ethi: “Ngokuba bonke abantu bahamba, kubeyilowo nalowo ngegama likaNkulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kubephakade naphakade.” Ngokusobala, igama likaJehova alizange lize liphathwe nokuphathwa eAssisi. Nokho, ngeke yini uthande ukufunda ngaloNkulunkulu weBhayibheli? oFakazi BakaJehova bayojabula ukukusiza kulokhu.
[Isithombe ekhasini 12]
Obani asebezikhande ngempela izinkemba zabo zaba amakhuba?