-
Thembela KuJehova Uphile!INqabayokulinda (Efundwayo)—2018 | Novemba
-
-
7. Yini uJehova ayenza ngokukhathazeka kukaHabakuki?
7 Funda uHabakuki 1:5-7. Ngemva kokuphonsa izinkathazo zakhe kuJehova, kungenzeka uHabakuki wayezibuza ukuthi uJehova wayezosabela kanjani. Njengoba uJehova enguBaba onozwela noqondayo, akazange amthethise lapho ekhononda kufanele. UNkulunkulu wayazi ukuthi wayekhala ngoba ezwa ubuhlungu nosizi. Emazwini ayewaqondise kumaJuda angalaleli, uJehova wamchazela lokho okwakuyokwenzeka esikhathini esizayo. Kungenzeka ukuthi uHabakuki waba umuntu wokuqala uJehova amtshela ukuthi kwase kusondele ukuphela kwaleyo nkathi enodlame.
8. Kungani impendulo kaJehova yammangaza uHabakuki?
8 UJehova wabonisa uHabakuki ukuthi wayekulungele ukuthatha isinyathelo. Sase sisondele isijeziso saleso sizukulwane esinodlame nesibi. Ngenkulumo ethi “ezinsukwini zenu,” uJehova wayebonisa ukuthi lesi sahlulelo sasiyokwenzeka nakanjani phakathi nesikhathi sokuphila kwalo mprofethi noma esalabo ayephila nabo. UJehova waphendula ngendlela uHabakuki ayengayilindele. Ingabe lokhu kwamsiza uHabakuki? Lokho uJehova amtshela khona ngokuqinisekile kwakusho ukuthi ukuhlupheka kwakuzokwanda kulo lonke elakwaJuda.a AmaKhaledi (abaseBhabhiloni) ayenonya nokhahlo, enodlame ngaphezu kwabantu bakubo ababeyazi indlela efanele yokukhonza uJehova. Yini eyayibangela ukuba uJehova asebenzise isizwe esinonya esikhulekela onkulunkulu bamanga ukuze alethe inhlekelele kubantu bakhe? Ubuyosabela kanjani ngemva kokuzwa le mpendulo evela kuJehova?
-
-
Thembela KuJehova Uphile!INqabayokulinda (Efundwayo)—2018 | Novemba
-
-
a UHabakuki 1:5 usebenzisa isabizwana esithi “ni-” ukuze uchaze ukuthi le nhlekelele yayiyokwehlela wonke uJuda.
-