Khuluma Ulimi Oluhlanzekile Futhi Uphile Phakade!
“Funani uJehova...funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”—ZEFANIYA 2:3.
1. (a) Yiziphi izindlela ezisetshenziswa abafundi ukuze bafunde ulimi okungelona olwabo? (b) Kungani kufanele ukhulume ulimi oluhlanzekile?
ABAFUNDI bangase bafunde ulimi olusha ngokusebenzisa indlela yokuhlelwa kolimi noma indlela yolimi olukhulunywayo. Ngendlela yokuhlelwa kolimi, ngokuvamile basebenzisa izincwadi futhi bafunde imithetho yokuhlelwa kwalololimi. Ngendlela yolimi olukhulunywayo, balingisa imisindo namazwi akhulunywa umfundisi wabo. Zombili lezindlela ziyasetshenziswa ekufundeni “ulimi oluhlanzekile.” Futhi kubalulekile ukuba lolulimi silukhulume uma sinethemba ‘lokusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.’—Zefaniya 2:1-3; 3:8, 9.
2. Singakufunda kanjani lokho okungase kubizwe ngokuthi imithetho yokuhlelwa kolimi yolimi oluhlanzekile?
2 Incwadi eyinhloko esetshenziswayo ekufundeni ulimi oluhlanzekile yiBhayibheli. Ukulifunda ngenkuthalo kanye nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kukufundisa lokho okungase kubizwe ngokuthi imithetho yokuhlelwa kolimi yolimi oluhlanzekile. Isifundo seBhayibheli sasekhaya esiqhutshwa omunye woFakazi BakaJehova siyisiqalo esihle. Kulabo asebezinikezele kuNkulunkulu kakade, sidingekile isifundo sasikhathi sonke nesenkuthalo semiBhalo. Kodwa ingabe zikhona izindlela eziphumelela ngokukhethekile zokufunda ulimi oluhlanzekile? Futhi zinzuzo zini ezitholakala ngokulukhuluma?
Indlela Yokufunda Ulimi Oluhlanzekile
3. Iyiphi indlela eyodwa yokufunda ulimi oluhlanzekile?
3 Enye indlela yokufunda ulimi oluhlanzekile iwukuhlobanisa amaqiniso owafundayo namaphuzu osuwazi kakade, njengoba nomfundi wolimi engase ahlobanise imithetho yokuhlelwa kolimi ehlukahlukene ngokuthuthukayo. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi kungenzeka ukuba wawazi ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu, kodwa wawazi okuncane ngemisebenzi yakhe. Kusukela ngalesosikhathi, ukutadisha iBhayibheli kungenzeka ukuba kwakufundisa ukuthi uKristu manje useyabusa njengeNkosi yasezulwini nokuthi phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, isintu esilalelayo siyolethwa ekupheleleni. (IsAmbulo 20:5, 6) Yebo, ukuhlobanisa imiqondo emisha naleyo osuyazi kakade kuthuthukisa ukuqonda kwakho ulimi oluhlanzekile.
4. (a) Iyiphi enye indlela yokufunda ‘imithetho yokuhlelwa kolimi’ yolimi oluhlanzekile, futhi yikuphi ukulandisa kweBhayibheli okusetshenzisiwe ukuze kuboniswe lokhu? (b) Yini eyenzeka lapho uGideyoni namadoda akhe angamakhulu amathathu bethatha isinyathelo? (c) Ukulandisa okuphathelene noGideyoni kufundisa siphi isifundo?
4 Enye indlela yokufunda ‘imithetho yokuhlelwa kolimi’ yolimi oluhlanzekile iwukuzibona ngeso lengqondo izenzakalo ezingokweBhayibheli. Ngokwesibonelo: Zama ‘ukubona nokuzwa’ ukulandisa okulotshwe kubAhluleli 7:15-23. Bheka! Umahluleli ongumIsrayeli uGideyoni uhlukanise amabutho akhe aba amaviyo amathathu yilelo nalelo linamadoda ayikhulu. Ebumnyameni, ehla buthule eNtabeni iGilibowa futhi ahaqa ikamu labakwaMidiyani abalele. Ingabe laba abangamakhulu amathathu bahlome baphelela? Hhayi ngokwezempi. Phela, omakad’ ebona kwezempi abaqhoshayo bangabahleka usulu uma bengababona! Indoda ngayinye iphethe kuphela uphondo, imbiza enkulu yamanzi, nobhaqa olufakwe kuleyombiza. Kodwa lalela! Lapho enikezwa uphawu, amadoda ayikhulu anoGideyoni akhalisa izimpondo zawo bese ephihliza izimbiza zawo zamanzi. Amanye amaIsrayeli angamakhulu amabili nawo enza okufanayo. Njengoba wonke ephakamisela phezulu izimbaqa zawo ezilanguka amalangabi, uyawezwa ememeza: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni.” Yeka ukuthi lokhu kubathusa kanjani abakwaMidiyani! Bayadiyazela bephuma ematendeni abo, amehlo agcwele ubuthongo agqolozela ngokwesaba amalangabi alangukayo akhanyise izithunzi futhi abangele ukwesaba okuphathelene nezinkolelo-ze. Njengoba abakwaMidiyani beqala ukubaleka, amadoda kaGideyoni ayaqhubeka nokushaya amacilongo awo, futhi uNkulunkulu wenza ukuba izitha zawo zilwe zodwa. Yeka isifundo esinamandla solimi oluhlanzekile! UNkulunkulu angazikhulula izinceku zakhe ngaphandle kwamandla abantu ezempi. Ngaphezu kwalokho, “uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu.”—1 Samuweli 12:22.
5. Imihlangano yobuKristu ingasiza kanjani ekulolongeni inkulumo yethu?
5 Lapho abafundi befundiswa ulimi abangalwazi ngendlela yolimi olukhulunywayo, bazama ukuphindaphinda imisindo namazwi omfundisi ngokuyikho. Yeka amathuba amahle akhona okukhuluma ulimi oluhlanzekile emihlanganweni yobuKristu! Lapho, sizwa abanye bekhuluma ngalololimi lwamaqiniso angokomBhalo, futhi nathi singase sibe nelungelo lokuphendula ngokwethu. Ingabe sesaba ukuthi singase sisho okuthile okuyiphutha? Lokhu makungasikhathazi neze, ngoba iphutha elilungiswa ngomusa umdala owengamele umhlangano onjengeSifundo SeNqabayokulinda samasonto onke lingayilolonga inkulumo yethu. Ngakho-ke, yiba khona futhi uhlanganyele njalo emihlanganweni yobuKristu.—Heberu 10:24, 25.
Ukungena Kokungcola
6. Kungani kunokungafani okungaka phakathi koFakazi BakaJehova nezinhlangano ezingokwenkolo zeLobukholwa?
6 Labo abamemezela injongo kaJehova nabazisa ngoMbuso wakhe wasezulwini bakhuluma ulimi oluhlanzekile njengoFakazi bakhe. Benza igama lakhe laziwe futhi bamkhonza “nganhliziyonye,” noma ngokuvumelana kunye. (Zefaniya 3:9) Nakuba izinkolo zeLobukholwa zinalo iBhayibheli, azilukhulumi ulimi oluhlanzekile noma zibize egameni likaJehova ngokholo. (Joweli 2:32) Azinaso isigijimi esinokuvumelana esisekelwe emiBhalweni. Ngani? Ngoba zibeka amasiko angokwenkolo, amafilosofi ezwe, nokuthembeka kwezombangazwe ngaphezu kweZwi likaNkulunkulu. Izinjongo zazo, amathemba, nezindlela zingezalelizwe elonakele.
7. Yimuphi umehluko oboniswayo kweyoku-1 Johane 4:4-6 ophakathi koFakazi BakaJehova nezinkolo zamanga?
7 ELobukholwa—eqinisweni, wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga—alilukhulumi ulimi olufanayo njengoba kwenza oFakazi BakaJehova. Ngokuthakazelisayo, kulabo abakhuluma ulimi oluhlanzekile, umphostoli uJohane wabhala: “NingabakaNkulunkulu . . . nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni. Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa. Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa.” (1 Johane 4:4-6) Izinceku zikaJehova ziye zabanqoba abafundisi bamanga ngenxa yokuthi uNkulunkulu, osebunyeni nabantu bakhe, “mkhulu kunaye [uDeveli] osezweni,” umphakathi wesintu ongalungile. Njengoba izihlubuki ‘zingezezwe’ futhi zinomoya walo omubi, ‘zikhuluma okwezwe, nezwe liyazizwa.’ Kodwa abantu abanjengezimvu balalela labo abangabakaNkulunkulu, beqaphela ukuthi abantu bakaJehova bakhuluma ulimi oluhlanzekile lweqiniso leBhayibheli elinikezwa ngenhlangano yakhe.
8. Ungubani umuntu ongenamthetho?
8 Kwabikezelwa ukuhlubuka okukhulu, futhi ‘imfihlakalo yokungabi namthetho’ yayisisebenza kakade ekhulwini lokuqala leminyaka C.E. Ngokuhamba kwesikhathi, amadoda amukela—noma aqhwaga—izikhundla zokufundisa ebandleni afundisa izimfundiso eziningi zamanga. Ulimi lwawo lwalungahlanzekile neze. Ngakho kwavela isigaba ‘somuntu ongenamthetho,’ abefundisi beLobukholwa, abanamathele emasikweni enkolo yamanga, kumafilosofi ezwe, nasezimfundisweni ezingezona ezingokomBhalo.—2 Thesalonika 2:3, 7.
Ulimi Oluhlanzekile Luzwakala Emhlabeni Wonke
9. Yiziphi izinguquko ezingokwenkolo ezazikhona phakathi nekhulu le-19 leminyaka?
9 Iqembu elincane kuphela labantu abesaba uNkulunkulu ‘elalwa ukulwa okunzima ngenxa yokholo olwanikelwa abangcwele.’ (Juda 3) Angatholakalaphi amakholwa anjalo? Phakathi namakhulu eminyaka, inkolo yamanga iye yagcina abantu abaningi besebumnyameni obungokomoya, kodwa uNkulunkulu wayebazi labo abambalwa ababenokuvunyelwa nguye. (2 Thimothewu 2:19) Khona-ke, phakathi nezinguquko zezentengiselwano, zezimboni, nezenhlalo zekhulu le-19 leminyaka, kwavela amazwi aba ngavelele engxubevangeni evamile yokusangana kwenkolo yamanga. Amaqembu amancane azama ukufunda izibonakaliso zezikhathi nokubikezela ukuza kwesibili kukaJesu, kodwa akuwona wonke ayekhuluma ulimi oluhlanzekile.
10. Yiliphi iqembu “lokuza kwesibili” elakhethwa uNkulunkulu ukuba likhulume ulimi oluhlanzekile, futhi kungani kunobufakazi bokuthi isandla sikaJehova besinalo?
10 Nokho, ngo-1879, kwacaca ukuthi yiliphi izwi elikhuluma “ngokubuya kwesibili” elalikhethwa uJehova ukuba likhulume ulimi oluhlanzekile njengoFakazi bakhe. Ngalesosikhathi iqembu elincane labatadisha iBhayibheli elaliholwa uCharles Taze Russell lalihlangana ePittsburgh, ePennsylvania, eU.S.A. Laliye laqiniseka ukuthi ukuza kwesibili kukaJesu kwakuyoqalisa ukuba khona kwakhe okungabonakali, ukuthi kwakuyofika isikhathi sosizi lwezwe, nokuthi lesikhathi sasiyolandelwa ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane okwakuyobuyisela iPharadesi emhlabeni, nokuphila okuphakade kubantu abalalelayo. NgoJuly 1879 labaFundi BeBhayibheli baqala ukunyathelisa umagazini manje owaziwa ngokuthi INqabayokulinda. Kwasakazwa amakhophi angu-6 000 kuphela kamagazini wokuqala. Kodwa “isandla seNkosi” sasinalaboFakazi, ngoba leliphephabhuku manje lisakazwa ngezilimi ezingu-111, ngesilinganiso samakhophi angaphezu kuka-15 000 000 anyatheliswayo kamagazini ngamunye.—Qhathanisa nezEnzo 11:19-21.
11, 12. Yimaphi amanye amaqiniso angokomBhalo aqondwa yilabo abakhuluma ulimi oluhlanzekile?
11 NgeBhayibheli nangezincwadi zoFakazi BakaJehova, futhi ikakhulukazi ngenxa yokumemezela kwalamaKristu ngentshiseko izindaba ezinhle, ulimi oluhlanzekile luye lwaziwa emhlabeni wonke. Futhi yeka ukuthi labo abalukhulumayo bajabulela izinzuzo ezinhle kangakanani! Esikhundleni sokuthi ‘uNkulunkulu unguNkulunkulu, uKristu unguNkulunkulu, noMoya Ongcwele unguNkulunkulu’ ngolimi olungaqondakali noluyimfihlakalo lwabakholelwa kuZiqu-zintathu, bavumelana nokuma kweBhayibheli kokuthi uJehova ungoPhezukonke, uJesu Kristu njengomncane uyiNdodana yaKhe, nokuthi umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku amangalisayo. (Genesise 1:2; IHubo 83:18; Mathewu 3:16, 17) Abakhuluma lolulimi oluhlanzekile bayazi ukuthi umuntu akazange azivelele esuka esimweni esiphansi sokuphila kodwa wadalwa uNkulunkulu onothando. (Genesise 1:27; 2:7) Bayaqaphela ukuthi umphefumulo uyayeka ukuphila lapho umuntu efa—iqiniso elikuqedayo ukwesaba abafileyo. (UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4) Isihogo siqondwa ngokuthi siyithuna lesintu elivamile, hhayi indawo yokuhlupha ngomlilo esungulwe unkulunkulu othile ononya. (Jobe 14:13) Bayazi futhi ukuthi uvuko luyithemba elinikezwa uNkulunkulu ngabafileyo.—Johane 5:28, 29; 11:25; IzEnzo 24:15.
12 Labo abakhuluma ulimi oluhlanzekile babonisa inhlonipho ngegazi nangokuphila. (Genesise 9:3, 4; IzEnzo 15:28, 29) Bayaqaphela ukuthi ukuphila kukaKristu kwasemhlabeni kuyinani lesihlengo elakhokhelwa isintu esilalelayo. (Mathewu 20:28; 1 Johane 2:1, 2) Abalokothi bakhuleke “kosanta,” njengoba bazi ukuthi imikhuleko yabo kumelwe iqondiswe kuJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu. (Johane 14:6, 13, 14) Njengoba iZwi likaNkulunkulu likulahla ukukhulekela izithombe, imifanekiso ayisetshenziswa ekukhulekeleni kwabo. (Eksodusi 20:4-6; 1 Korinte 10:14) Futhi bayazigwema izingozi zokukhulekela amademoni ngoba bayakwenqaba ukukhulekela imimoya, nakho okulahlwayo eBhayibhelini.—Duteronomi 18:10-12; Galathiya 5:19-21.
13. Kungani labo abakhuluma ulimi oluhlanzekile bengakhungathekile?
13 Izinceku zikaJehova, ezikhuluma ulimi oluhlanzekile, azikhungathekile ngokuthi zikuphi ekulandelaneni kwezikhathi. UJehova uye wazifundisa ukuthi ‘zisesikhathini sokuphela,’ uJesu ekhona njengomoya okhazimulayo ongabonakali. (Daniyeli 12:4; Mathewu 24:3-14; 2 Thimothewu 3:1-5; 1 Petru 3:18) Elandelwa amabutho asezulwini anamandla, uKristu usezogabavula aye empini ukuze akhiphe isahlulelo sikaNkulunkulu kulesimiso sezinto. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 16:14, 16; 18:1-8; 19:11-21) Yebo, futhi labo abakhuluma lolulimi oluhlanzekile bamatasa bememezela izindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu ngokushesha uzoletha izibusiso ezinhle kuso sonke isintu esilalelayo emhlabeni oyipharadesi. (Isaya 9:6, 7; Daniyeli 7:13, 14; Mathewu 6:9, 10; 24:14; Luka 23:43) Konke lokho, futhi simane nje sengula ngaphezulu! Ngokuqinisekile, ulimi oluhlanzekile luwulimi olucebe kunazo zonke, oluyigugu kunazo zonke emhlabeni!
14. Yiziphi ezinye izinzuzo ezijatshulelwa yilabo abakhuluma ulimi oluhlanzekile?
14 Izinzuzo ezijatshulelwa yilabo abakhuluma ulimi oluhlanzekile zihlanganisa “ukuthula kukaNkulunkulu” okulondoloza izinhliziyo namandla engqondo. (Filipi 4:6, 7) Balalela imithetho yeBhayibheli, ethuthukisa impilo, injabulo, nokwaneliseka okuza ngokuthokozisa uJehova. (1 Korinte 6:9, 10) Yebo, futhi abakhuluma ulimi oluhlanzekile banethemba lokuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe.—2 Petru 3:13.
Lusebenzise Noma Ulahlekelwe Yilo
15. Uyozuza kanjani ngokuluqonda kahle ulimi oluhlanzekile?
15 Ukuze ukhulume ulimi oluhlanzekile ezweni elisha, kumelwe ulwazi kahle kangangokuba lube ulimi ocabanga ngalo. Lapho umuntu efunda ulimi, uqale acabange ngolimi lwakhe lomdabu bese ehumushela imiqondo yakhe olimini olusha. Kodwa njengoba eba ngoqephuza kakhudlwana olimini olusha, uqala ukucabanga ngalo ngaphandle kokudinga inqubo yokuhumusha. Ngokufanayo, ngesifundo senkuthalo, ungathola ukuqonda okunjalo okuhle kolimi oluhlanzekile kangangokuba uyokwazi ukuthi ungayisebenzisa kanjani imithetho nezimiso zeBhayibheli ukuze uxazulule izinkinga futhi uhlale ‘usendleleni yokuphila.’—IHubo 16:11.
16. Yini engenzeka uma ungalusebenzisi njalo ulimi oluhlanzekile?
16 Kumelwe ulusebenzise njalo ulimi oluhlanzekile, ngaphandle kwalokho uyolahlekelwa ikhono lokulukhuluma kahle. Ngokwesibonelo: Eminyakeni edlule, abanye bethu bafunda ulimi olungelona olwabo. Singase siwakhumbule amanye amagama alololimi kodwa kungenzeka siye salahlekelwa ukulukhuluma kahle ngenxa yokungalusebenzisi njalo. Kungenzeka okufanayo nangolimi oluhlanzekile. Uma singalusebenzisi njalo, singalahlekelwa ukulukhuluma kahle, futhi lokho kube nemiphumela eyinhlekelele ngokomoya. Ngakho masilukhulume njalo emihlanganweni nasenkonzweni yobuKristu. Lemisebenzi, kanye nesifundo somuntu siqu, iyosisiza ukuba sisho izinto ngokuyikho ngolimi oluhlanzekile. Futhi yeka ukuthi lokho kubaluleke kanjani!
17. Yini ebonisa ukuthi inkulumo ingaba esindisa ukuphila noma ibe ebulalayo?
17 Inkulumo ingaba esindisa ukuphila noma ibe ebulalayo. Lokhu kwabonakala ngesikhathi sengxabano eyayiphakathi kwesizwe sakwaIsrayeli uEfrayimi noMahluleli uJefta waseGileyadi. Ukuze babone abakwaEfrayimi ababezama ukweqa bawele uMfula iJordani, abaseGileyadi babesebenzisa igama lokudlula elithi “Shiboleti,” elalinomsindo osekuqaleni othi “sh.” Abantu bakwaEfrayimi babezithengisa ngokwabo kubalindi bakwaGileyadi emazibukweni aseJordani ngokuthi “Siboleti” esikhundleni sokuthi “Shiboleti,” bephimisela umsindo osekuqaleni kwaleligama ngokungeyikho. Ngenxa yalokho, abakwaEfrayimi abangu-42 000 babulawa! (AbAhluleli 12:5, 6) Ngokufanayo, lokho abefundisi beLobukholwa abakufundisayo kungase kuzwakale kufana nolimi oluhlanzekile kulabo abangajwayelene kahle neqiniso leBhayibheli. Kodwa ukukhuluma ngendlela yenkolo yamanga kuyoba okubulalayo ngosuku lolaka lukaJehova.
Siyohlala Simunye
18, 19. Yini eboniswa uZefaniya 3:1-5?
18 Ekubhekiseleni eJerusalema elingathembekile lasendulo nasemfuziselweni walo wanamuhla, eLobukholwa, kuZefaniya 3:1-5 kushiwo lokhu: “Wo kohlubukileyo nongcolileyo, muzi ocindezelayo! Awuzwa-zwi, awumukeli ukulaywa, awumethembi uJehova, awusondelanga kuNkulunkulu wawo. Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli-lutho ingomuso. Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi; abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele bawudlovulile umthetho. UJehova ulungile phakathi kwawo, akenzi okubi; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni, akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.” Abaluleke ngani lawomazwi?
19 Kokubili iJerusalema lasendulo neLobukholwa losuku lwanamuhla kuhlubukile kuJehova futhi kuzingcolisile ngokukhulekela kwamanga. Ukona kwabaholi bakho kuye kwaphumela ekucindezeleni. Naphezu kwezixwayiso zikaNkulunkulu eziphindaphindiwe, akuzange kulalele futhi kusondele kuye. Izikhulu zakho bezilokhu zinjengamabhubesi asabekayo, zingakunaki ngokuqhosha ukulunga. Njengezimpisi ezihahayo, abahluleli bakho baye badwengula ukwahlulela ngokulunga kwaba izicucu. Abapristi bakho baye ‘bangcolisa okungcwele futhi badlovula umthetho’ kaNkulunkulu. Ngakho-ke uJehova ‘usezobutha izizwe futhi aqoqe imibuso, ukuze athululele phezu kwazo intukuthelo yakhe, lonke ulaka lwakhe oluvuthayo.’—Zefaniya 3:8.
20. (a) Yini okumelwe yenziwe ukuze umuntu asinde ngosuku lolaka lukaJehova? (b) Ungaba kanjani nethemba lokujabulela izibusiso zaphakade ezivela kuNkulunkulu?
20 Usuku lolaka lukaJehova lusondela ngokushesha. Ngakho-ke, ukuze usindele ezweni elisha likaNkulunkulu, funda futhi ukhulume ulimi oluhlanzekile ngaphandle kokulibala. Kungokwenza kanjalo kuphela lapho ungathola khona isivikelo senhlekelele engokomoya manje nasenhlekeleleni esondela ngokushesha yomhlaba wonke. OFakazi BakaJehova bamemezela usuku lwentukuthelo kaNkulunkulu nesigijimi esinika ithemba soMbuso wakhe. Yeka ukuthi bajabula kanjani ngokukhuluma ngenkazimulo yobukhosi bakhe! (IHubo 145:10-13) Yiba munye kanye nabo, futhi ungaba nethemba lokujabulela ukuphila okuphakade nezinye izibusiso ezivela kuMsunguli wolimi oluhlanzekile, iNkosi enguMbusi uJehova.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yiziphi ezinye zezindlela zokufunda ulimi oluhlanzekile?
◻ Kungani kunenzuzo ukukhuluma ulimi oluhlanzekile?
◻ Yini engenzeka uma ungalusebenzisi njalo ulimi oluhlanzekile?
◻ Umuntu angasinda kanjani ngosuku lolaka lukaJehova futhi ajabulele izibusiso zaphakade?
[Isithombe ekhasini 16]
UGideyoni nabantu bakhe bakhalisa izimpondo zabo futhi baphakamisa izimbaqa zabo
[Isithombe ekhasini 18]
Kusukela ngo-1879 kuqhubeke kwenziwa kwacaca ukuthi uCharles Taze Russell nabangane bakhe babesetshenziswa uNkulunkulu ukuze base-kele ulimi oluhlanzekile
[Izithombe ekhasini 20]
Ingabe umunye noFakazi BakaJehova ekukhulumeni ulimi oluhlanzekile?