ISAHLUKO SESINE
UJehova—UNkulunkulu Obikezela Ikusasa, Aligcwalise
1, 2. (a) Kungani abanye bengase babe nomuzwa wokuthi izinto azihambi kahle? (b) Abaprofethi abangu-12 babuchaza kanjani ubuntu bukaJehova?
ABANTU abaningi banomuzwa wokuthi abazi ukuthi ukuphila kwabo kubhekephi. Imibiko yezindaba abaye bayifunde ibenza baphethe ngokuthi sonke isintu silengela egodini. Imizamo yokuxazulula izinkinga ezisemhlabeni ibonakala yenza izinto zibe zimbi kakhulu. Kuyaphawuleka ukuthi abanye babaprofethi abangu-12 esifunda ngabo nabo zabakhathaza izimo ezinjalo, futhi bamemezela izigijimi zethemba ezingasisiza nathi nesingaduduza ngazo abanye.—Mika 3:1-3; Habakuki 1:1-4.
2 Iphuzu elisemqoka ozolithola kulezi zincwadi zeziprofetho liwukuthi uJehova, uMbusi wendawo yonke, wazi kahle ukuthi kwenzekani ezindabeni zesintu futhi unesithakazelo esijulile enhlalakahleni yethu. Empeleni ngamunye wethu angasho athi, “Unesithakazelo kweyami inhlalakahle.” Abaprofethi abangu-12 bamchaza kahle “uJehova wamabutho.” UNkulunkulu ‘angathinta izwe, lincibilike,’ noma kunjalo uqinisekisa abantu bakhe: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami.” (Zakariya 2:8; Amose 4:13; 9:5) Akukuthinti yini inhliziyo ukufunda amavesi aveza indlela imisebenzi kaNkulunkulu ebuswa ngayo uthando nendlela abonisa ngayo isihe nentethelelo? (Hoseya 6:1-3; Joweli 2:12-14) Kuyavunywa, imibhalo yalaba baprofethi ayihlaziyi isici ngasinye sobuntu bukaNkulunkulu; kungadingeka zonke izincwadi zeBhayibheli ezingu-66 ukuze kwenziwe lokho. Noma kunjalo, lezi zincwadi ezingu-12 zisinika ithuba elihle lokubona ubuntu bukaNkulunkulu nemisebenzi yakhe ekhangayo.
3. Abaprofethi abangu-12 bakuveza kanjani ukuthi uJehova unguNkulunkulu wenjongo?
3 Izincwadi zabaprofethi abangu-12 zingaqinisa ukuthembela kwethu kuJehova njengoMbikezeli wekusasa no-Mgcwalisi ongehluleki wezinjongo zakhe. Zisiqinisekisa ngokuthi ekugcineni uyoletha umhlaba oyipharadesi oyobuswa nguye. (Mika 4:1-4) Abanye balaba baprofethi bachaza ukuthi uJehova wayilungiselela kanjani indlela yokuza kukaMesiya neyesihlengo esasiyokhulula isintu esonweni nasekufeni. (Malaki 3:1; 4:5) Kungani kusemqoka ukwazi konke lokhu?
UMBUSI ONOTHANDO UPHETHE ZONKE IZINTAMBO
4, 5. (a) Yiliphi iqiniso eliyinhloko ngoNkulunkulu eliqhakambiswa abaprofethi abangu-12? (b) Ukuba kukaJehova namandla onke kukuthinta kanjani wena?
4 Khumbula inselele eyaphonselwa uNkulunkulu ngokuqondene nelungelo lakhe lokubusa, njengoba sixoxe ngayo esahlukweni esandulele. Ukuvukela igunya likaJehova—nokusola izisusa zakhe—kwenza abanye ezulwini bangamlalela uNkulunkulu futhi kwabangela ezinkulu izinxushunxushu emhlabeni. Kusobala-ke ukuthi ukuze izinto zihambe kahle endaweni yonke futhi kube nokuthula kubantu, kudingeka ukuhlonipha ubukhosi bukaJehova nokuzithoba kubo. Ngakho-ke, uJehova uzimisele kufanele ukulwela ubukhosi bakhe. Ake sibone indlela izincwadi zabaprofethi abangu-12 ezingasisiza ngayo sikubone ngokucace ngokwengeziwe lokhu.
5 Njengezithunywa zikaJehova, laba baprofethi baqhakambisa isikhundla sakhe esiphakeme. Ngokwesibonelo, lapho ebabaza igama loMninimandla onke nobukhosi bakhe, u-Amose usebenzisa isiqu esithi “Nkosi EnguMbusi” izikhathi ezingu-21. Lokhu kubonisa ukuthi uNkulunkulu weqiniso mkhulu ngendlela engachazeki futhi akehlulwa yilutho. (Amose 9:2-5; bheka ibhokisi elithi “UJehova UMninimandla Onke.”) UJehova uyena kuphela onguMbusi ofanele wendawo yonke, uphakeme ngendlela engenakuqhathaniswa kunezithombe ezingaphili. (Mika 1:7; Habakuki 2:18-20; Zefaniya 2:11) Isikhundla sikaJehova njengoMenzi wezinto zonke simnikeza igunya elingenakuphikiswa lokubusa konke okusezulwini nasemhlabeni. (Amose 4:13; 5:8, 9; 9:6) Kungani kubalulekile lokhu kuwe?
6. Bahileleke kanjani bonke abantu ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu?
6 Uma wake wabandlululwa, waphathwa ngokungafanele, noma wacwaswa, makukududuze ukwazi ukuthi uMbusi onothando usikhathalela sonke. UJehova wayenobuhlobo obukhethekile nesizwe esisodwa sasendulo, kodwa wamemezela injongo yakhe yokuzuzisa abantu bazo zonke izizwe nezilimi. ‘UyiNkosi yeqiniso yomhlaba wonke.’ (Mika 4:13) UNkulunkulu wathembisa ukuthi igama lakhe “liyoba likhulu phakathi kwezizwe.” (Malaki 1:11) Ngenxa yokuthi uBaba wethu osezulwini uzenza aziwe yibo bonke abantu ngokungakhethi, ‘abantu abavela kuzo zonke izilimi zezizwe’ bavumela phezulu lapho bemenywa ukuba babe abakhulekeli bakhe.—Zakariya 8:23.
7. Kungani ibalulekile incazelo yegama likaJehova?
7 Ukwazi ukuthi uNkulunkulu unjani nokuthi yini azoyenza kuhlobene eduze negama lakhe. (IHubo 9:10) Ngesikhathi sikaMika, igama likaJehova lalinyundelwa ngoba abaningi ababebizwa ngalo babengalaleli ngokushaqisayo. Lo mprofethi waphefumulelwa ukuba agcizelele ‘ukuphakama kwegama likaJehova’ futhi aveze ukuthi “umuntu onokuhlakanipha okusebenzayo uyolesaba igama [likaNkulunkulu].” (Mika 5:4; 6:9) Ngani? Noma yiliphi ithemba eliqinisekile onalo ngekusasa laphakade lihlobene nencazelo ebalulekile yalelo gama: “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Kungani ungafundi uJoweli 2:26 bese ucabanga indlela okungakujabulisa ngayo ukubizwa ngalelo gama nokwazisa abanye ngoNkulunkulu okunguyena yedwa ongazenza abe yinoma yini edingekayo ukuze azuzise zonke izidalwa zakhe? UNkulunkulu nguye yedwa onamandla angapheli okufeza izinto. Ubufakazi balokho ungabuthola ekugcwalisekeni kweziprofetho eziningi ezamenyezelwa abaprofethi abangu-12.
8. Likuthinte kanjani wena igama likaJehova?
8 Izigidi ziye zasizakala ngokufunda ukuthi uJehova angabangela ukuba kwenzeke noma kugcwaliseke noma yini ayifunayo. UJoweli wakubonisa lokho emazwini adumile acashunwa abalobi abangamaKristu: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova [uyosinda].” (Joweli 2:32; IzEnzo 2:21; Roma 10:13) Ingabe thina siyavumelana namazwi ashiwo uMika ngokuqiniseka, athi “thina, siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade?” (Mika 4:5) Yebo, ngezikhathi zokushushiswa noma zokucindezeleka, ‘singaphephela’ ngokuqiniseka “egameni likaJehova.”—Zefaniya 3:9, 12; Nahume 1:7.
9. UNkulunkulu ukwazi ukubalawula ngezinga elingakanani ababusi abangabantu?
9 Njengoba ufunda lezi zincwadi zeziprofetho, uzoqiniseka ngokwengeziwe ukuthi uJehova ulawula ngisho nababusi abangabantu nalabo abasezikhundleni eziphakeme. Uyakwazi ukubenza benze ngokuvumelana nentando yakhe. (IzAga 21:1) Cabanga ngendaba kaDariyu Omkhulu wasePheresiya. Izitha zokukhulekela kweqiniso zafuna usizo lwakhe ukuze zivimbele ukwakhiwa kabusha kwethempeli likaJehova eJerusalema. Kwavele kwenzeka okuhlukile kunalokho! Cishe ngo-520 B.C.E., uDariyu wavuselela isimemezelo sikaKoresi, wasekela nomsebenzi wamaJuda wokwakha. Lapho kuphakama ezinye izingqinamba, umyalezo kaNkulunkulu kuMbusi ongumJuda uZerubhabhele wawuthi: “‘Ngeke kube ngebutho lempi, noma ngamandla, kodwa kuyoba ngomoya wami,’ kusho uJehova wamabutho. Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubhabhele uyoba yizwe elihlelembekile.” (Zakariya 4:6, 7) Akukho sithiyo esiyovimba ukuba uJehova abhubhise lesi simiso esibi sezinto nokuba akhele abakhulekeli bakhe ipharadesi.—Isaya 65:21-23.
10. Ukulawula kukaNkulunkulu kuhamba ibanga elingakanani, futhi kungani lokho kuphawuleka?
10 Cabanga futhi ngokuthi uJehova ukwazi ukulawula amandla endalo, lawo angawasebenzisa ukuze aqothule izitha zakhe uma efuna. (Nahume 1:3-6) Egcizelela indlela uJehova angabavikela ngayo abantu bakhe, uZakariya wasebenzisa ulimi olungokomfanekiso: “UJehova uyobonakala [kubo], umnsalo wakhe ngokuqinisekile uzophuma njengombani nje. INkosi EnguMbusi uJehova izoshaya uphondo, futhi ngokuqinisekile iyohamba nezivunguvungu zaseningizimu.” (Zakariya 9:14) Kungaba nzima-ke yini ngoNkulunkulu ukuba abonise ukuphakama kwakhe kunezizwe ezingenaNkulunkulu esikhathini sethu? Phinde!—Amose 1:3-5; 2:1-3.
UMGCINI-ZITHEMBISO ESINGAMETHEMBA
11, 12. (a) Kungani kwakucatshangwa ukuthi iNineve alinakunqotshwa? (b) Kwagcina kwenzekeni eNineve ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu lesiprofetho?
11 Ake sithi wawuphila ekhulwini lesishiyagalolunye B.C.E. endaweni manje eyaziwa ngokuthi iMpumalanga Ephakathi. Imuphi umuzi omkhulu cishe owawuyokuzwa kukhulunywa ngawo? Awukho omunye ngaphandle kweNineve. Laliwumuzi odumile wase-Asiriya osebeni olusempumalanga loMfula iTigrisi, cishe lingamakhilomitha angu-900 enyakatho-mpumalanga yeJerusalema. Cishe wawuyokuzwa kukhulunywa ngobukhulu balo obubabazekayo—lalicishe libe amakhilomitha ayikhulu selilonke! Abantu ababevakashela iNineve babethi lihle njengeBhabhiloni, lisho ngezigodlo zalo zasebukhosini, amathempeli, imigwaqo ebanzi, amapaki, nomtapo wezincwadi omkhulukazi. Ngaphezu kwalokho, osomaqhinga bezempi babekhuluma ngezindonga zakhona zangaphandle nezangaphakathi ezazizinkulu futhi zingabhodlozeki.
12 “Alisoze lanqotshwa!” Kumelwe ukuba abantu abaningi babelichaza kanjalo iNineve. Kepha abanye abaprofethi besizwe esincane sakwaJuda babephikelela nokuthi uJehova wayewahlulelele ukubhujiswa lowo “muzi wokuchithwa kwegazi.” Ngenxa yokwamukela kwabantu isigijimi sikaJona, lo muzi waphunyuka okwesikhashana esahlulelweni sikaNkulunkulu. Kodwa abaseNineve babuye baziphindelela ezindleleni zabo ezimbi zakuqala. UNahume wabikezela: ‘Nineve inkemba iyokunquma. Alukho usizo oyoluthola esigemegemeni sakho.’ (Nahume 3:1, 7, 15, 19; Jona 3:5-10) Cishe ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu wasebenzisa uZefaniya ukuba abikezele ukuthi iNineve liyoba ugwadule oluyincithakalo. (Zefaniya 2:13) Ingabe lo mbuso owawubonakala ungenakunqotshwa wawuyogumbuqelwa, kugcwaliseke izwi likaJehova? Impendulo yavela cishe ngo-632 B.C.E. ngenkathi abaseBhabhiloni, amaSkithe namaMede bevimbezela iNineve. Izikhukhula ezingalindelekile zakhukhula izindonga, abahlaseli bafohla izindonga zawo. (Nahume 2:6-8) Lo muzi owawuke waba namandla waphenduka izindunduma zamanxiwa ngokushesha. Sikhuluma nje iNineve liyincithakalo.a ‘Lo muzi othabayo’ awukwazanga ukuvimbela ukugcwaliseka kwezwi likaNkulunkulu!—Zefaniya 2:15.
13. Yibuphi ubufakazi bokugcwaliseka kweziprofetho obutholakala ezincwadini zabaprofethi abangu-12?
13 Okwenzeka eNineve kumane nje kuyisibonelo esisodwa sokugcwaliseka kweziprofetho. Bheka ibalazwe lesimanje leMpumalanga Ephakathi. Uyalibona yini izwe lakwa-Amoni, i-Asiriya, iBhabhiloni, u-Edomi, noma elakwaMowabi? Alikho nhlobo! Nakuba lezi zizwe zazike zavelela, abaprofethi abangu-12 babikezela ukuwa kwazo. (Amose 2:1-3; Obadiya 1, 8; Nahume 3:18; Zefaniya 2:8-11; Zakariya 2:7-9) Lezo zizwe zashabalala ngokulandelana. UJehova wayethe ziyophela, ngempela kwaba njalo! Okwabikezelwa yilaba baprofethi ngokubuya kwensali yamaJuda ekuthunjweni eBhabhiloni kwagcwaliseka—kwenzeka!
14. Kungani ungagxilisa ukuphila kwakho ngokuqiniseka ezithembisweni zikaJehova?
14 Ubufakazi obunjalo bokuthi uJehova uyakwazi ukuprofetha buluthinta kanjani ukholo lwakho? Ungaqiniseka ukuthi uJehova uyozifeza izithembiso zakhe; unguNkulunkulu “ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) Ngaphezu kwalokho, ngeZwi lakhe usitshela lokho okudingeka sikwazi. Ukuphila kwakho ungakugxilisa ekwenzeni intando kaJehova futhi uqiniseke ngamazwi akhe esiprofetho. Iziprofetho ezisezincwadini ezingu-12 akuzona nje izibonelo zezibikezelo ezagcwaliseka kudala. Eziningi zazo ziyagcwaliseka kumanje noma zizogcwaliseka maduze. Ngakho-ke, okuqukethwe yilezi zincwadi ezingu-12 kungaluqinisa ukholo lwakho lokuthi iziprofetho eziphathelene nesikhathi sethu nekusasa lethu zizogcwaliseka. Ungazithathi kalula.
UBABA OKHATHALELAYO
15. Uma ushikiliswa izinkinga zakho siqu, indaba kaMika ingakusiza kanjani?
15 Ukwethembeka kukaNkulunkulu akubonakali nje kuphela kulokho okuyokwenzeka ezizweni noma ezweni lilonke. UJehova ubikezela izinto futhi azigcwalise ngendlela ethinta wena luqobo. Kanjani? Ake sithi ushikiliswa izinkinga zakho siqu. Uyazi ukuthi awudingi nje umuntu okuqondayo kuphela—udinga umuntu ongamethemba ukuba akusize. Ekhulwini lesishiyagalombili B.C.E., kumelwe ukuba uMika wazizwa enesithukuthezi njengoba ayeshumayela kubantu bakwaJuda abaqhoshayo. Kungenzeka kwakubonakala sengathi uwukuphela komuntu othembekile emhlabeni, engenakwethemba ngisho nabakubo. Wayebe esaqalaze, azibonele abantu abanxanele igazi, abakhohlisayo nabonakele. Nakuba kunjalo, uMika waqinisekiswa izithembiso zikaNkulunkulu zokuthi uyobanakekela abathembekileyo bakhe kungakhathaliseki ukuthi abanye bangenzani. Makukududuze nawe lokho, ikakhulukazi uma njengomkhulekeli kaJehova uzithola uphakathi kwabambalwa abamkhonzayo noma kunguwe wedwa, ube uzungezwe abantu abangamhloniphi uNkulunkulu.—Mika 7:2-9.
16. Kungani ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyakubona ukonakala nokucindezela nokuthi uyobakhulula abalungileyo?
16 Njengoba kuvamisile namuhla, izigwili nezikhulu zakwaJuda nakwa-Israyeli zaba amagovu futhi zenzelela. Ngenxa yentela emba eqolo nokuqhwagwa komhlaba, abantu benziwa izigqila ngokungemthetho. Abampofu babenganakwa, baze bahlukunyezwe imbala. (Amose 2:6; 5:11, 12; Mika 2:1, 2; 3:9-12; Habakuki 1:4) Esebenzisa izithunywa zakhe, uNkulunkulu wakwenza kwacaca ukuthi akakubekezeleli ukonakala nokucindezela abanye nokuthi izoni eziphikelelayo uyozijezisa. (Habakuki 2:3, 6-16) Ubikezela ukuthi ‘uyolungisa izindaba ngokuqondene nesintu’ nokuthi izinceku zakhe azamukelayo ‘ziyohlala kube yileyo naleyo phansi komvini wayo naphansi komkhiwane wayo, ngeke kube khona oyenza ithuthumele.’ (Mika 4:3, 4) Yeka impumuzo eziyoyithola! Ziningi ezinye izinto uNkulunkulu azibikezela, zagcwaliseka. Ngeke-ke yini nawe waqiniseka ukuthi nalesi sithembiso sizogcwaliseka?
17, 18. (a) Kungani uNkulunkulu ebanikeza ithemba abantu? (b) Kufanele sisibheke kanjani isijeziso sikaJehova?
17 UJehova akagcwalisi izithembiso zakhe ngenjongo yokubonisa ukuthi uyakwazi ukubikezela, njengokungathi uyabukisa. Akwenzayo kuqhutshwa uthando olunezimiso ngoba “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Khumbula indaba kaHoseya, owaphila ekhulwini lesishiyagalombili B.C.E. Njengoba nje umkaHoseya, uGomere, ayengathembekile kuye, nama-Israyeli ayengathembekile kuJehova. Ukukhonza kwawo izithombe kwakufana nokuphinga; ayexuba ukukhulekela uBhali nokukhulekela uJehova okumsulwa. Ngomqondo ongokomfanekiso abuye ‘afeba’ ne-Asiriya neGibhithe. Wayeyosabela kanjani uJehova? UHoseya kwakumelwe ahambe efunana nomkakhe ongathembekile ambuyise. UJehova wafuna abantu bakhe ngoba ebathanda. “Ngaqhubeka ngimdonsa ngezindophi zomuntu wasemhlabeni, ngamagoda othando, . . . futhi ngobumnene ngaletha ukudla kulowo nalowo.” (Hoseya 2:5; 11:4) Ukube baphenduka ngobuqotho, uNkulunkulu wayezobathethelela, babuye babe nobuhlobo naye futhi. (Hoseya 1:3, 4; 2:16, 23; 6:1-3; 14:4) Awuthinteki yini uma ubona uthando lukaJehova? Zibuze, ‘Uma uJehova abonisa uthando olunjalo esikhathini esidlule, kwalani ukuba ngiqiniseke ngothando lwakhe olufudumele, oluqotho, olungashintshi nolungapheli?’—Hoseya 11:8.
18 Izincwadi ezingu-12 zeziprofetho zingakusiza futhi ubone ukuthi uthando lukaNkulunkulu lungahlanganisa nokukuqondisa. UJehova waqinisekisa abantu bakhe abahlubukayo ukuthi ‘wayengeke ababhuqe.’ (Amose 9:8) Lapho kudingeka isijeziso, uNkulunkulu wayengasigodli, kodwa yeka ukuthi kufanele ukuba babekhululeka kanjani ngokwazi ukuthi isijeziso sakhe sasiba esesikhashana! UMalaki 1:6 ufanisa uJehova nobaba onothando. Uyazi ukuthi ubaba onothando angazijezisa izingane zakhe azithandayo ukuze aziqondise. (Nahume 1:3; Hebheru 12:6) Nokho, uthando lukaBaba wethu osezulwini lumenza ephuze ukuthukuthela, futhi uMalaki 3:10, 16 ugcizelela ukuthi uyozivuza ngokucebile izinceku zakhe.
19. Yikuphi ukuzihlola okufanelekayo ukuba sikwenze?
19 UMalaki uqala incwadi yakhe ngalesi siqinisekiso: “‘Nginithandile,’ kusho uJehova.” (Malaki 1:2) Njengoba ucabangisisa ngalesi siqinisekiso saphezulu esanikezwa u-Israyeli, zibuze: ‘Kukhona yini engikwenzayo okungangivimbela ukuba ngithandwe uNkulunkulu? Yisiphi isici sothando lukaNkulunkulu engifuna ukusazi nokusinambitha ngokugcwele?’ Uma uluqonda ngokujulile uthando lukaNkulunkulu, uyoqhubeka uqiniseka ngokuthi uyokuthanda kuze kube phakade.
INTETHELELO IVULA INDLELA YOKUSINDISWA
20. Intethelelo kaNkulunkulu iyivula kanjani indlela yokusindiswa?
20 Njengoba ufunda lezi zincwadi zeziprofetho uzophawula ukuthi ngezinye izikhathi uJehova wayebikezela nezinhlekelele. Ngani? Ngokuvamile, wayesuke efuna abantu bakhe baphenduke. Ukuze kube njalo, wavumela ezinye izizwe ukuba zichithe iSamariya ngo-740 B.C.E. neJerusalema ngo-607 B.C.E. Lokho uNkulunkulu ayekubikezele kwagcwaliseka, kodwa kamuva wavumela abaphendukile ukuba babuyele ezweni lakubo. Yebo, lezi zincwadi zigcizelela ukuthi uNkulunkulu uthethelela ngomusa nokuthi uyabamukela abantu abasishiyayo isono babuyele kuye. (Habakuki 3:13; Zefaniya 2:2, 3) UMika washukumiseleka ukuba amemezele: “Ubani onguNkulunkulu onjengawe, oxolela isiphambeko nosidlulisayo iseqo sensali yefa lakhe? Ngokuqinisekile ngeke abambelele entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngoba ujabula ngomusa wothando.” (Mika 7:18; Joweli 2:13; Zakariya 1:4) Ukugcwaliseka kweziprofetho kuyakufakazela lokho.
21. (a) Bathini abaprofethi abangu-12 ngoMesiya? (b) Yiziphi iziprofetho ezikuthakazelisayo ngoMesiya?
21 Ngokuqondene nesisekelo esingokomthetho esingeke sisuke sentethelelo yaphakade, uJehova wabikezela ukuza kukaMesiya, owayeyodela ukuphila kwakhe kobuntu abe “yisihlengo esihambelanayo” sesintu esinesono. (1 Thimothewu 2:6) U-Amose wakhuluma ngokubuyiselwa okwakuyolethwa uMesiya, indodana kaDavide. (Amose 9:11, 12; IzEnzo 15:15-19) UMika waze washo nendawo ayeyozalelwa kuyo uJesu, owayeyovela nezinzuzo ezaziyobanika ukuphila bonke ababonisa ukholo emhlatshelweni waKhe. (Mika 5:2) UZakariya naye wakhuluma ‘ngeHlumela,’ uJesu, ‘owayeyohlala abuse esihlalweni sakhe sobukhosi.’ (Zakariya 3:8; 6:12, 13; Luka 1:32, 33) Ngokungangabazeki ukuhlola lezi ziprofetho kuzoluqinisa ukholo lwakho.—Bheka ibhokisi elithi “Iziprofetho Eziyinhloko NgoMesiya.”
22. Lokho abaprofethi abangu-12 abakwembulayo ngoJehova kuluqinisa kanjani ukholo lwakho?
22 Njengoba ufunda lezi zigijimi zabaprofethi abangu-12, luzokhula ukholo lwakho ekutheni uNkulunkulu uzonqoba ekugcineni. UJehova uyiQhawe lethu futhi uyobenza ubulungisa beqiniso. Izwi likaNkulunkulu lihlala njalo. Uyazikhumbula izivumelwano azenze nabantu bakhe, uyazinakekela izinceku zakhe, azikhulule kubo bonke abacindezeli. (Mika 7:8-10; Zefaniya 2:6, 7) UJehova akashintshile. (Malaki 3:6) Yeka indlela okuqinisekisa ngayo ukwazi ukuthi uNkulunkulu akadidwa yilutho futhi akavinjwa yilutho ukuba afeze injongo yakhe! Uma ethi usuku lwakhe lokwahlulela luzofika, usho ukuthi luzofika. Ngakho-ke, hlala ululindile usuku lukaJehova! “UJehova uyoba yinkosi phezu kwawo wonke umhlaba. Ngalolo suku uJehova uyoba munye, negama lakhe libe linye.” (Zakariya 14:9) Yilokhu akubikezele futhi uyokugcwalisa.
a Ngo-November 2002, kungakalwiwa e-Iraq, uProfesa Dan Cruickshank wavakashela kule ndawo. Wabika ohlelweni lwethelevishini i-BBC: “Emngceleni weMosul kunamanxiwa omuzi omkhulu waseNineve, okwathi—kanye neNimrud . . . wavubukulwa abavubukuli baseBrithani ngomkhulu umdlandla kusukela ngawo-1840 kuqhubeke. . . . Ukuhlolwa kwale mizi yase-Asiriya kwaveza impucuko eyayingasaziwa—eyayisithi ayibe inganekwane—eyayaziwa kuphela ngokwalokho okushiwo yiBhayibheli, nako okufushane, okungaqondakali futhi okungekuhle.”