Imifanekiso YaseZweni Lesithembiso
Izizwe Zihlanganela EMegido
“ABACWANINGI bayakhungatheka ngeArmagedoni yezwe,” kubika iphephandaba lesayensi ngokuthi impi yenuzi iyoletha “ubusika benuzi” obushubisa umnkantsha noma “ihlobo lenuzi” elihangulayo.
Mhlawumbe uye wakubona ukukhulumela okunjalo okuhlanganisa “iArmagedoni” nezikhathi zethu ezibucayi. Iyini “iArmagedoni”? Ungase ufune ukwazi, njengoba ukuphila kwakho kuhilelekile.
Bheka ngenhla ukubukwa ngaphezulu kweMegido. Lena kwakuyinkundla yezempi kwaIsrayeli wasendulo. Umphostoli uJohane wasebenzisa igama layo lapho ebhala “ngendawo ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni [iNtaba yaseMegido],” noma iArmagedoni. (IsAmbulo 16:16) Ukwazi isizinda seMegido kukhanyisa lawomazwi.
Ungayibona indawo yayo ebalazweni elihambisana nalesihloko. Cishe yengame imigwaqo emibili eyinhloko. IziNtaba zeKarmeli zazivimbe umzila oseNyakatho-Ningizimu phakathi kweGibithe eseningizimu neDamaseku noma eminye imizi ngase-Ewufrathe esentshonalanga. Ngakho izimpi nezinqodlana zokuhweba zazidlula entubeni engezansi eceleni kweMegido, intuba engasohlangothini lwesokudla somfanekiso. Umgwaqo waseNyakatho-Ningizimu owawudlula kulentuba wawuhlangana nomzila obalulekile eSigodini saseJizreyeli phakathi kweTire neSigodi saseJordani, noma iSamariya neJerusalema. Njengoba yayiphahlwe yilemizila, cishe iMegido yayikwazi ukubona labo abadlulayo, futhi isigodi esingaphambi kweMegido saba yindawo yezimpi eziwujuqu.
Ngokwesibonelo, kwakuyilapha lapho uMahluleli uBaruki anqoba khona amaKhanani ngaphansi kwenduna yamabutho uSisera, owayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. (AbAhluleli 4:1-3, 12-16; 5:19) Kamuva, uFaro-Nekho wahola impi yaseGibithe enamandla yamabutho nezinqola phezulu emzileni wogu (ngakho, igama layo iVia Maris, noma iNdlela YasoLwandle) ukuze aqinise abaseSiriya eduze ne-Ewufrathe. Ngesizathu esithile, inkosi yaseJudiya uJosiya yanquma ukumelana nombango wembulunga yonke kaNekho. Kodwa kuphi? Nakuba kwakungamakhilomitha angama-90 ukusuka eNyakatho Jerusalema, uJosiya wakhetha ithafa eliseduze neMegido.—2 IziKronike 35:20-22; Jeremiya 46:2.
Wayazi ukuthi abaseGibithe kwakumelwe badlule lapho, futhi kungenzeka waba nomuzwa wokuthi wayeyoba nempumelelo, njengoba ayeyobe eseduze nesiphephelo sikaIsrayeli. Njengoba ungase ubone, iTeli Megiddo (igquma) inkulu. Lomuzi wasendulo wawusabeka kakhulu. USolomoni wayibiyela ngokuqinile iMegido, ngokusobala akha izindonga zamatshe ezinkulu nesango lesivikelo elikhulu.a (1 AmaKhosi 9:15) Ohlangothini lwangakwesobunxele lwegquma, ungabona umgodi omkhulu owumhubhe, okwakuyisango lokungena endleleni eyinkimbinkimbi yokuthola amanzi. Isitebhisi esiwummango sasiholela phansi entunjeni ende exhozwe edwaleni elingaphansi, enikeza amaIsrayeli intuba yokuya emthonjeni wamanzi kuyilapho ayevikelekile ekuhlaselweni. Abavubukuli baye bathola futhi izinsalela zesitebele samahhashi angama-450, mhlawumbe esisukela esikhathini sokubusa kukaAhabi.—Qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 9:19.
Empini engujuqu eduze kweMegido, uJosiya walinyazwa kakhulu, futhi wafa endleleni ebuyela eJerusalema. (2 AmaKhosi 23:28-30) Lokhu kungenzeka bekuyimbangela ‘yokulila esigodini saseMegido’ esiphawulwe kuZakariya 12:11. Ngokushesha ngemva kokunqotshwa kukaJosiya, iBabiloni landisa ithonya lalo lezempi eJudiya elingenamandla.—2 AmaKhosi 24:1, 2, 12-14; 2 IziKronike 36:1-6.
Unalokho kwaziswa okungokomlando, ungaqaphela ukuthi kungani kusAmbulo esanikezwa umphostoli uJohane, kukhulunywa ngeMegido ekubikezeleni ukuhlanganiswa ‘kwamakhosi omhlaba wonke owakhiwe’ ‘empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Ayikho neyodwa indawo emhlabeni, ngokuqinisekile hhayi isigodi esilawulwa iTell Megiddo, enganela zonke izizwe ezimelene noNkulunkulu. Kodwa iHarmagedoni, noma iArmagedoni, ngokufanelekile ifanekisela isimo saleyompi ewujuqu.—IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-21.
Ngakho bayekeni abezombangazwe nezintatheli ngephutha bacabange ngeArmagedoni njengempi yenuzi eyobhubhisa imbulunga yethu. Unomlando weMegido engqondweni, lendaba ungayiqonda ngokunembe kakhulu. Ungaqaphela ukuthi iArmagedoni iyisimo ngokushesha izizwe eziyolethwa kuso ngempi enkulu lapho uNkulunkulu eyoshanela isimiso esibi sezinto samanje, evula indlela yezwe elisha lokulunga.—2 Petru 3:11-13.
[Umbhalo waphansi]
a Ungafunda kuyiNqabayokulinda ka-August 15, 1988, amakhasi 24-26, ukulandisa okuvusa amadlingozi ngesango laseMegido.
[Ibalazwe ekhasini 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ULwandle Olukhulu
Ukuya EDamaseku
Eya ETire
ULwandle LwaseGalile
IAko
INtaba IKarmeli
IMegido
iVia Maris
IJopha
Ukuya EGibithe
IBeti-Sheyani
IDotani
ISamariya
IShekemi
Ukuya EJerusalema
UMfula IJordani
Mi 0 10
Km 0 10 20
[Umthombo]
Based on a map copyrighted by Pictorial Archive (Near Eastern History) Est. and Survey of Israel
[Isithombe ekhasini 16]
UYOTHOLA umfanekiso omkhudlwana weMegido kuyiKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1989. Imifanekiso yalo eyisithupha izokhulunyelwa ezihlokweni zeNqabayokulinda kulonyaka, ongase ufune ukuzigcina nekhalenda ukuze ukusebenzise esikhathini esizayo.
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Isithombe ekhasini 17]
LESITHOMBE esiqoshiwe saseGibithe singakusiza ukuba ubone ukuqhubeka kukaFaro-Nekho edlula eMegido, lapho anqoba khona iNkosi uJosiya
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.