-
Ukuvusa Ofakazi AbabiliIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
10. Yini ofakazi bakaJehova abathembekile okumelwe bayenze ngesikhathi benyathelwa?
10 Ngisho nangesikhathi benyathelwa, laba abathembekile abayeki ukuba ofakazi bakaJehova abathembekile. Ngakho, isiprofetho siyaqhubeka: “‘Ngizobangela ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha begqoke indwangu yamasaka.’ Laba bafanekiselwa iminqumo emibili nayizinti zezibani ezimbili futhi bami phambi kweNkosi yomhlaba.”—IsAmbulo 11:3, 4.
-
-
Ukuvusa Ofakazi AbabiliIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
13. (a) Yini eboniswa iqiniso lokuthi amaKristu agcotshiwe ayefanekiselwa ofakazi ababili? (b) Yisiphi isiprofetho sikaZakariya esisikhunjuzwa ukubiza kukaJohane ofakazi ababili ngokuthi ‘iminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili’?
13 Iqiniso lokuthi bafanekiselwa ofakazi ababili lisiqinisekisa ukuthi isigijimi sabo sasiqondile futhi sinezisekelo eziqinile. (Qhathanisa noDuteronomi 17:6; Johane 8:17, 18.) UJohane ubabiza ngokuthi ‘bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili,’ uthi “bami phambi kweNkosi yomhlaba.” Lokhu kuwukubhekisela okusobala esiprofethweni sikaZakariya, owabona uthi lwesibani olunamagatsha ayisikhombisa nemithi yeminqumo emibili. Imithi yeminqumo kwakuthiwa ifanekisela “abagcotshiweyo ababili,” okungukuthi, uMbusi uZerubhabhele nomPristi Ophakeme uJoshuwa, “abemi eceleni kweNkosi yomhlaba wonke.”—Zakariya 4:1-3, 14.
14. (a) Yini eyaboniswa umbono kaZakariya wemithi emibili yeminqumo? nothi lwesibani? (b) Yini amaKristu agcotshiwe ayezohlangabezana nayo phakathi nempi yezwe yokuqala?
14 UZakariya waphila esikhathini sokwakha kabusha, futhi umbono wakhe wemithi yeminqumo emibili wawusho ukuthi uZerubhabhele noJoshuwa babeyobusiswa ngomoya kaJehova ekuqiniseleni abantu umsebenzi. Umbono wothi lwesibani wakhumbuza uZakariya ukuba ‘angaludeleli usuku lwezinto ezincane’ ngoba izinjongo zikaJehova zaziyofezwa—“‘ngeke kube ngebutho lempi, noma ngamandla, kodwa kuyoba ngomoya wami,’ kusho uJehova wamabutho.” (Zakariya 4:6, 10; 8:9) Iqembu elincane lamaKristu elaliyisa ngokuphikelelayo ukukhanya kweqiniso esintwini phakathi nempi yezwe yokuqala laliyosetshenziswa ngendlela efanayo emsebenzini wokwakha kabusha. Nalo futhi laliyoba umthombo wesikhuthazo, futhi nakuba lalilincane, laliyofunda ukuthembela emandleni kaJehova, lingaludeleli usuku lwesiqalo esincane.
-