Isahluko 19
Okusondelayo ‘Ukulwa Kosuku Olukhulu LukaNkulunkulu UMninimandla Onke’
1. (a) Yini izizwe ngokushesha ezizophoqelela uNkulunkulu uMninimandla onke ukuba ayilobe “eNcwadini yeziMpi zikaJehova,” futhi yayiyini leyoncwadi? (b) Kungayiphi impi leyoncwadi iyofinyelela emvuthwandaba okhazimulayo?
EKUGCINENI izizwe sezize zafika esikhathini lapho ziphoqelela uNkulunkulu uMninimandla onke ukuba alobe isiphetho esikhazimulayo “eNcwadini yeziMpi zikaJehova.” (Numeri 21:14) Leyoncwadi engokoqobo yayiwumbhalo ogciniwe wezimpi uJehova azilwa ngenxa yabantu bakhe. Ngokusobala uMose wayifunda. Kungenzeka ukuthi lencwadi yaqala ngempi ka-Abrahama ephumelelayo namakhosi athumba uLoti, uJehova elwela uAbrahama. (Genesise 14:1-16, 20) Ngokushesha manje, ‘iNcwadi yeziMpi zikaJehova’ izolethwa emvuthwandaba okhazimulayo sekunezelwe isahluko esisha—indaba yokunqoba kwakhe okukhazimula kakhulu. Lokho kuyoba ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eHarmagedoni, isiphetho ngokuqondene nalesimiso sezinto. (IsAmbulo 16:14, 16) Yonke ‘lencwadi’ iyobonisa ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke akakaze ahlulwe empini.
2, 3. (a) Kusukela ekuqaleni kobuKristu, yini ebeyenzeka ekulweni kukaJehova “izimpi”? (b) Yini eyoshukumisela uJehova ukuba alwele izinceku zakhe esikhathini sethu?
2 Kuyiqiniso, kusukela ekuqaleni kobuKristu kuze kube manje, uJehova uye wabalondoloza ngezinye izindlela abantu bakhe kunangezimpi. UJehova akakaze abalwele ofakazi bakhe abangamaKristu njengoba enza kuIsrayeli ngaphansi koMthetho kaMose. Kodwa esikhathini esiseduze esizayo kuzofika isikhathi lapho eyolwela izinceku zakhe zanamuhla ezizinikele ngempi. Yini eyoshukumisa leyompi eHarmagedoni?
3 Ngaphambi kokugqashuka kwempi kaNkulunkulu, iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, liyobe selibhujisiwe. USathane uDeveli nabachithi beBabiloni Elikhulu bezombangazwe abangayifuni inkolo bayocasulwa iqiniso lokuthi oFakazi BakaJehova bayoba ukuphela kweqembu lenkolo eliyobe likhona. Ababusi bezwe bayobe bengawufinyelelanga umgomo wabo wezwe elingamesabi uNkulunkulu. Ngakho-ke, manje bayothi makuhlaselwe ngamandla onke abakhulekeli bakaJehova, obukhosi bakhe bendawo yonke bayabenqaba futhi bayabeyisa! Ngaleyondlela eqinisweni bayobe belwa noNkulunkulu.—IsAmbulo 17:14, 16; qhathanisa nezEnzo 5:39.
“UJehova-Sebawoti” Uqalisa Ukulwa Izimpi Futhi
4. (a) UJehova usabela kanjani ekuhlaseleni kukaGogi? (b) Lokho kusabela kuyofakazelani, ngokuvumelana negama elithi “uJehova-Sebawoti”?
4 USathane uDeveli, uGogi wakwamaGogi ongokomfanekiso, uyoba yingqongqo kulokhu kuhlasela abantu bakaJehova. Lapho uGogi esebenzisa amabutho akhe angamfuni uNkulunkulu ukuba ahlasele abantu bakaJehova, abaphange futhi ababhubhise, uJehova uyongenela alwele abantu bakhe, njengoba kwabikezelwa kuHezekeli 38:2, 12, 18-20. Ukusabela kukaJehova kubikezelwe futhi kuZakariya 14:3: “UJehova uyakuphuma, alwe nalabobezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa.” Ngalendlela uNkulunkulu weBhayibheli uyonikeza zonke izizwe zanamuhla ubufakazi bokuthi usenguNkulunkulu weMpi, njengoba nje ayenjalo ezinsukwini zikaIsrayeli wasendulo, lapho, njengoba kulotshwe emiBhalweni yesiHeberu, achazwa ‘njengoJehova-Sebawoti [“wamabutho,” NW]’ izikhathi ezingama-260.—IHubo 24:10; 84:12.
5, 6. (a) Iyiphi impi egqashukayo manje, futhi ubani oholela amabutho asezulwini empini? (b) Yikuphi ukulandisa okwenziwa umphostoli uJohane ngokuya kwamabutho asezulwini empini?
5 Lapho “usuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” lufika, kuyobe sekuyisikhathi ‘sempi’ eyophawula lolosuku. UJehova unikeza iNduna yakhe yeMpi, uJesu Kristu, uphawu. Egameni likaJehova, yena namabutho asezulwini ayizigidigidi zezingelosi baqonda empini, njengokungathi bagibela amahhashi empi. (Juda 14, 15) Njengentatheli yempi, umphostoli uJohane usinikeza kusengaphambili indaba yokunqoba okuchithayo iNduna yeMpi kaJehova eyokuzuza “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke”:
6 “Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi . . . Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.”—IsAmbulo 19:11-16.
7. Kusho ukuthini ngezizwe ukunyathelwa kwesikhamo sewayini esingokomfanekiso solaka lukaNkulunkulu?
7 INduna yeMpi eyinkosi, uJesu Kristu, ihola amabutho asezulwini ekuhlaseleni kokunqoba ngokumelene nawo wonke amabutho eHarmagedoni. Leyonkundla yempi uyenza isikhamo esikhulu sewayini! Njengoba iNkosi yamakhosi ‘inyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ lokhu kusho ukuthi izizwe ziyoqothulwa ngokuphelele. Ziyofakwa njengamagilebhisi avuthiwe ‘esikhamweni sewayini’ esikhulu, lapho “intukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke” iyozehlela ngomphumela obhubhisayo. Amabutho asezulwini ayohlanganyela ekunyatheleni ‘isikhamo sewayini solaka lukaNkulunkulu.’—IsAmbulo 14:18-20.
8. UJehova uwachaza kanjani amasu akhe empi?
8 OFakazi BakaJehova emhlabeni abawaphakamiseli “inkemba” amabutho kaGogi, kodwa uJehova owenza kanjalo. Lena impi yakhe! Futhi ekugcineni izizwe zalelizwe elithuthukile ngokwesayensi ziyombona elwa! Lalela njengoba echaza amasu akhe empi: “Ngiyakumbizela [uGogi] inkemba kuzo zonke izintaba zami, isho iNkosi uJehova, inkemba yalowo nalowo imelane nomfowabo. Ngiyakumahlulela ngesifo nangegazi, nginise phezu kwakhe, namaviyo akhe, nabantu abaningi abanaye imvula ekhukhulayo, namatshe esichotho, nomlilo, nesibabule. Ngiyakuzenza-mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.”—Hezekeli 38:21-23.
Izikhali Zaphezulu Zisetshenziswa Esitheni
9. Yiziphi ezinye zezikhali zempi uJehova ayozisebenzisa ezitheni zakhe?
9 Njengezikhali zempi, uJehova uyosebenzisa amandla endalo: izikhukhula zemvula, amatshe esichotho abulalayo, imvula yomlilo nesibabule, ukuphethuka kwamanzi aphuma ekujuleni komhlaba, nemibani eqeqebukayo. Ekusebenzeni kwendlela kaNkulunkulu yokubulala izitha zakhe, ukukhanya kuyoba kukhulu imini nobusuku kangangokuthi ilanga lemvelo nenyanga kuyobonakala kungasadingeki ekukhanyiseni. Kuyoba njengokungathi kumile, kungasasebenzi njengabaphathi bokukhanya kodwa kuvumele imicibisholo kaJehova ebenyezelayo iveze amandla okukhanyisa. (Habakuki 3:10, 11) UJehova unezinto zokulwa zemvelo eziningi angazisebenzisa.—Joshuwa 10:11; Jobe 38:22, 23, 29.
10. NgokukaZakariya 14:12, yini enye uJehova ayoyisebenzisa ‘ngosuku lokulwa’ oluzayo?
10 ‘Ngosuku lokulwa’ oluzayo, uJehova uyosebenzisa futhi isifo ‘nokushaya.’ Umprofethi uZakariya waloba ngalokhu: “Yikho okuyakuba-ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwé neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.”—Zakariya 14:12.
11. Yini eyokwenzeka lapho “ukushaya” kugadla emabuthweni ahlasela abantu bakaJehova?
11 Kungakhathaliseki ukuthi “ukushaya” kuyoba ngokoqobo noma cha, kuyothulisa imilomo evulekele ukukhipha izinsongo ezesabisayo! Ulimi ludleke! Amandla okubona ayophela, ukuze abahlaseli abaneso elibi bengamane bagadle bengaboni. Amehlo adleke! Izikhwepha zamabutho anamandla ziyophela amandla esemi ngezinyawo zawo—hhayi eselele phansi njengezidumbu. Inyama emboze amathambo awo idleke!—Qhathanisa noHabakuki 3:5.
12. “Ukushaya” kuyowathinta kanjani amakamu nezinqola zempi zesitha?
12 “Ukushaya” kuyogadla ngokushesha emakamu awo ezempi. Izinqola zokuhlasela ziyobhajwa ngokungenathemba! (Zakariya 14:15; qhathanisa noEksodusi 14:24, 25.) Okubonisa indlela izinqola zawo zempi eziyoba yize ngayo amazwi kaZakariya 14:6: “Kuyakuthi ngalolosuku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela [“izinto ziyoba yiqhwa,” NW].” Akukho ukukhanya kwasezulwini komusa waphezulu okuyowakhanyisela. Ukukhanya kokuzenzela kwesayensi yanamuhla ngeke kubususe ubumnyama bolaka lwaphezulu. Izinto zokusebenza ziyoma, njengokungathi ziqiniswe amakhaza—zaba yiqhwa.
13. Yini eyonezela ekwesabeni uJehova akubangelayo phakathi kwabahlaseli?
13 Konke lokhu kwesabisa ngempela! Kodwa okuyonezela kulokho kwesaba kuyoba ukukhungatheka uNkulunkulu ayokubangela kubahlaseli. Ubunye besenzo sabo ngokumelene noFakazi BakaJehova buyokwehlukana. Njengezilwi ezinezigqoko zokuzifihla amakhanda azo eshashalazini laseRoma, ayogadla komunye nomunye engabonani. Ukukhungatheka okubulalayo kuyosakazeka njengoba eyobe ebulalana wodwa.—Zakariya 14:13, qhathanisa neNW.
14. (a) Kuyoba kukhulu kangakanani ukubulala ngalesosikhathi, futhi izinyoni nezilwane kuyohlanganyela kanjani ezinzuzweni zokunqoba kukaJehova? (b) Yisiphi isimo sengqondo abasindile abayoba naso ‘ngakwababuleweyo bakaJehova’?
14 Ukubulawa kwabantu abaningi ngalolosuku olungafani nezinye kuyoshaqisa, ngoba ayobe emaningi amabutho angasohlangothini lukaGogi kuleyompi. (IsAmbulo 19:19-21) Ngempela kuyoba impi yomhlaba wonke, ngoba ayikho ingxenye yomhlaba eyosinda ekubhujisweni. Ngaphezu kwalokho, labo ababulewe eHarmagedoni ngeke bangcwatshwe bese kubekwa izimpawu zokubakhumbula. Izinyoni zalo lonke uhlobo nezilwane zasendle ziyohlanganyela ezinzuzweni zokunqoba kukaNkulunkulu, futhi ngesikhathi esifanayo, ziyosiza ekuhlanzeni izidumbu eziningi emhlabeni eziyobe zidindilizile njengomquba, zingakhalelwa, zingangcwatshwa, abasindile bazenyanye. (Hezekeli 39:1-5, 17-20; IsAmbulo 19:17, 18) “Ababuleweyo bakaJehova” bayobe bezithele ngehlazo laphakade ngokwabo.—Jeremiya 25:32, 33; Isaya 66:23, 24.
Igama LikaJehova Liyakhazinyuliswa
15. Yisiphi isenzakalo esivelele esiyobe sifeziwe, futhi kube namuphi umphumela egameni likaJehova?
15 Ngaleyondlela, “uJehova-Sebawoti” ngeNduna yakhe yeMpi, uJesu Kristu, uyozizuzela inkazimulo engapheli. Isenzakalo esikhulu kunazo zonke emlandweni wendawo yonke siyobe sesifeziwe—ukulwelwa kobukhosi bukaJehova bendawo yonke nokungcweliswa kwegama lakhe elingcwele. (Hezekeli 38:23; 39:6, 7) UJehova uyozenzela igama elidlula konke okuye kwachazwa “eNcwadini yeziMpi zikaJehova” nasemiBhalweni yesiHeberu yeBhayibheli eliNgcwele. (Qhathanisa noIsaya 63:12-14.) Yeka igama elihle uJehova ayozenzela lona ngokunqoba kwakhe okwesabekayo “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke”! Ngalesosikhathi bonke abathandi balelogama bayolidumisa ngenjabulo kuze kube phakade, behuba izindumiso zalo!
16. Ngokucabangela okusondelayo ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ imuphi umthandazo owenziwa ngenxa ‘yesixuku esikhulu’?
16 Khona-ke, phambili ekulweni, Wena Jehova-Sebawoti, neNdodana yakho ebusayo uJesu Kristu eceleni kwakho! (IHubo 110:5, 6) Ofakazi bakho abathembekile emhlabeni mababe ofakazi abajabulayo bokunqoba kwakho okungenakufaniswa ngeNkosi yakho uJesu Kristu “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” “Isixuku esikhulu” masiphume ngenjabulo “osizini olukhulu” sibe ofakazi bakho basemhlabeni phakade. (IsAmbulo 7:14) Ngaphansi kokukhathalela kwakho kothando, mabasindele ekuBuseni Kweminyaka Eyinkulungwane okungenayo impi ‘kweNkosi yokuthula’ enqobayo. Mababe ubufakazi obubonakalayo kwabafileyo abavusiwe ekulweleni ubukhosi obungobakho ngokufanelekile kuyo yonke indawo. Siyakubonga ngokuloba isiphetho esikhazimulayo “eNcwadini yeziMpi zikaJehova.” Lendaba yokunqoba kwakho okungenakufaniswa mayihlale kuze kube-phakade embhalweni ogciniwe wezenzakalo zaminyaka yonke zomlando wendawo yonke!
[Isithombe ekhasini 156, 157]
“UJehova-Sebawoti” uyokulwa nezizwe