Isahluko 24
Ingabe Kufezwa Ngamandla Omuntu? Noma Ngomoya KaNkulunkulu?
ISABELO uJesu Kristu asinikeza abalandeli bakhe sasibonakala sisikhulu ngokweqile. Nakuba babembalwa, kwakumelwe bamemezele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba owakhiwe. (Math. 24:14; IzE. 1:8) Akukhona nje ukuthi umsebenzi wawumkhulu kodwa kwakumelwe wenziwe naphezu kwezingqinamba ezazibonakala zingenakunqotshwa, ngoba njengoba uJesu ngokungagwegwesi ayetshele abafundi bakhe, babeyozondwa futhi bashushiswe ezizweni zonke.—Math. 24:9; Joh. 15:19, 20.
Lapho bebhekene nokuphikiswa embulungeni yonke, oFakazi BakaJehova baye bazikhandla ngentshiseko ukuze bafeze umsebenzi uJesu awubikezela. Izinga ubufakazi osebunikezwe ngalo kakade liyiqiniso elingenakuphikwa, futhi livusa amadlingozi ngempela. Kodwa yini ekwenze kwaba nokwenzeka? Ingabe kuye kwaba ngamandla noma ukuhlakanipha komuntu? Noma ingabe kuye kwaba ukusebenza komoya kaNkulunkulu?
Umlando weBhayibheli ngokuqondene nokubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso eJerusalema ekhulwini lesithupha B.C.E. usikhumbuza ukuthi indima kaNkulunkulu uqobo ekufezweni kwentando yakhe akumelwe inganakwa. Abakhulumeli bezwe bangase bafune enye incazelo yalokho okwenzekayo. Nokho, echaza indlela injongo yakhe eyayiyofezwa ngayo, uNkulunkulu wabangela umprofethi wakhe uZakariya ukuba athi: “Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela, usho uJehova-Sebawoti.” (Zak. 4:6) OFakazi BakaJehova abanqikazi ukuthi yilendlela ukushunyayelwa kwesigijimi soMbuso okufezwa ngayo namuhla—hhayi ngokuphendukela emandleni ezempi, hhayi ngenxa yamandla omuntu noma ithonya lanoma yiliphi iqembu lamadoda avelele, kodwa ngenxa yokusebenza komoya kaJehova. Ingabe ubufakazi buyakusekela lokho abakukholelwayo?
“Kababaningi Abahlakaniphileyo Ngokwenyama”
Lapho ebhalela amaKristu okuqala eGreece, umphostoli uPawulu wavuma: “Bhekani ukubizwa kwenu-bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho-nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.”—1 Kor. 1:26-29.
Abaphostoli bakaJesu ngokwakhe babengabantu ababesebenza. Abane babengabadobi. Omunye wayengumthelisi, umsebenzi amaJuda ayewubukela phansi. Labaphostoli babengamadoda ayebhekwa abefundisi bamaJuda ‘njengangafundile, ayimifunda nje,’ okubonisa ukuthi imfundo yabo yayingeyona eyasezikoleni zemfundo ephakeme. (IzE. 4:13) Lokhu akusho ukuthi abantu ababenemfundo yezwe noma engokwenkolo ethé xaxa babengabi amaKristu. Umphostoli uPawulu wayefunde ngasezinyaweni zikaGamaliyeli owayefundile, owayeyilungu leSanhedrin yamaJuda. (IzE. 22:3) Kodwa, njengoba umbhalo usho, ‘babengebaningi’ abanjalo.
Umlando ufakazela ukuthi isazi sefilosofi esingumRoma sekhulu lesibili C.E., uCelsus, uhlekisa ngokuthi “izisebenzi, abakhandi bezicathulo, abalimi, amadoda angafundile nayinhlekisa ukwedlula wonke, kufanele abe abashumayeli abashisekayo beVangeli.” (The History of the Christian Religion and Church, During the Three First Centuries, ka-Augustus Neander) Lapho ebhekene nokugconwa nokushushiswa kobudlova okwakunqwatshelwaniswa kuwo eMbusweni waseRoma, yini eyaqinisa amaKristu eqiniso ukuba aqhubeke engabamemezeli bezindaba ezinhle? UJesu wayethé kwakuyoba umoya ongcwele kaNkulunkulu.—IzE. 1:8.
Ezikhathini zamuva, oFakazi BakaJehova ngokufanayo baye bahlanjalazwa, ngokuyinhloko, ngoba bengabantu abavamile, hhayi abantu abasesigabeni sokuphila esingenza izwe lithembele kubo. Phakathi kwezinceku zikaJehova zokuqala zosuku lwanamuhla ezeza nesigijimi soMbuso eDenmark kwakunomkhandi wezicathulo. ESwitzerland naseFrance, kwakuyisisebenzi sasengadini. Ezingxenyeni eziningi ze-Afrika, isigijimi sasiphethwe yizisebenzi ezazingazinzi endaweni eyodwa. EBrazil, amatilosi aba nengxenye. Abaningi boFakazi basePoland enyakatho yeFrance babengabavukuzi ezimayini zamalahle.
Beshukunyiswe ngokujulile yilokho ababekufunde eZwini likaNkulunkulu ngosizo lwezincwadi ze-Watch Tower, babefuna ukubonisa uthando lwabo ngoJehova ngokumlalela, ngakho benza umsebenzi iZwi likaNkulunkulu elithi amaKristu eqiniso ayowenza. Kusukela ngalesosikhathi, ezinye izigidi ezivela kuzo zonke izizinda zokuphila ziye zahlanganyela kulomsebenzi. Zonke zingabashumayeli bevangeli.
OFakazi BakaJehova bakha okuwukuphela kwenhlangano yenkolo emhlabeni wonke emalungu ayo wonke afakaza ngokomuntu siqu kwabangakholwa, azame ukuphendula imibuzo yabo esebenzisa iBhayibheli, futhi abanxuse ukuba babe nokholo eZwini likaNkulunkulu. Ezinye izinhlangano zenkolo ziyavuma ukuthi yilokho wonke amaKristu okufanele akwenze. Ezinye ziye zazama ukukhuthaza amalungu amasonto azo ukuba akwenze. Kodwa oFakazi BakaJehova kuphela abaqhubeka bekwenza. Isiqondiso sikabani, iseluleko sikabani, isiqinisekiso sikabani sokusekela kothando, futhi izithembiso zikabani ezibashukumisela ukuba benze lomsebenzi abanye abawushaya indiva? Babuze wena ngokwakho. Kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuliphi izwe, bazophendula ngokuthi: “OkukaJehova.” Khona-ke, udumo kufanele lunikezwe bani?
Indima Eyabikezelelwa Izingelosi ZikaNkulunkulu
Echaza izenzakalo ezaziyokwenzeka phakathi nesiphelo salesisimiso sezinto, uJesu wabonisa ukuthi kwakungeke kube abalandeli bakhe emhlabeni kuphela ababeyohlanganyela ekubutheni abathandi bokulunga. KuMathewu isahluko 13, lapho ekhuluma ngokubuthwa kwabokugcina abayohlanganyela naye embusweni wasezulwini, uJesu wathi: “Abavuni yizingelosi.” Zaziyobabutha ensimini enkulu kangakanani ‘labantwana bombuso’? “Insimu yizwe,” kuchaza uJesu. Ngakho, labo ababeyobuthwa babeyovela ezingxenyeni ezikude zembulunga. Ingabe lokhu kuye kwenzeka ngempela?—Math. 13:24-30, 36-43.
Kwenzekile ngempela! Nakuba abaFundi BeBhayibheli babeyizinkulungwane ezimbalwa kuphela njengoba izwe lalisondela ezinsukwini zalo zokugcina ngo-1914, isigijimi soMbuso abasishumayela ngokushesha sasibekela imbulunga yonke. EMpumalanga, emazweni aseYurophu, e-Afrika, nasemazweni aseMelika, naseziqhingini, abantu bamukela ithuba lokukhonza izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu futhi babuthelwa enhlangaweni eyodwa enobunye.
Ngokwesibonelo, eNtshonalanga Australia isigijimi soMbuso safinyelela kuBert Horton. Uhlobo lwenkolo ayelwazi lwalungamthakazelisi; wayehileleke kwezombangazwe nasemisebenzini yezinyunyana zezisebenzi. Kodwa lapho unina emnika incwadi ye-Watch Tower ethi The Divine Plan of the Ages futhi eqala ukuyifunda neBhayibheli, wavele wazi ukuthi wayethole iqiniso. Engatshelwe muntu walihlanganyela nayesebenza nabo. Lapho esekwazile ukuthola abaFundi BeBhayibheli, wahlanganyela nabo ngenjabulo, wabhapathizwa ngo-1922, waqala inkonzo yesikhathi esigcwele, futhi wafuna ukukhonza kunoma iyiphi indawo inhlangano kaJehova eyayimqondisa kuyo.
Kolunye uhlangothi lomhlaba, uW. R. Brown, kakade owayeseshumayela eziqhingini zaseCaribbean, wathutha waya e-Afrika ngo-1923 eyosakaza isigijimi soMbuso khona. Wayengeyena umshumayeli oziphethe ozenzela umsebenzi wakhe siqu. Naye wayesebenza nabantu bakaJehova abahlelekile. Wayefune ukukhonza lapho ayedingeka khona, futhi waqala isabelo eNtshonalanga Afrika esabela esiqondisweni esasivela ehhovisi lasendlunkulu. Labo abazuza ngokuqondile enkonzweni yakhe nabo basizwa ukuba baqaphele ukubaluleka kokusebenzelana eduze nenhlangano kaJehova.
Ukumenyezelwa koMbuso kwafinyelela naseNingizimu Melika. UHermán Seegelken waseMendoza, e-Argentina, kwase kukade ebuqaphela ubuzenzisi emasontweni amaKatolika namaProthestani. Kodwa ngo-1929 naye wezwa isigijimi soMbuso, wasamukela ngentshiseko, futhi waqala ukusihlanganyela nabanye, enobunye nezinceku zikaJehova emhlabeni wonke. Okuhlangenwe nakho okufanayo kuye kwenzeka embulungeni yonke. Abantu “abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,” nakuba babesakazeke ezweni lonke futhi bephishekela izindlela ezihlukahlukene zokuphila, abagcinanga ngokulalela kodwa bazinikela ekwenzeni inkonzo kaNkulunkulu. Babuthelwa enhlanganweni enobunye ukuba benze umsebenzi uJesu awubikezelela lesisikhathi. (IsAm. 5:9, 10) Kwenzeka kanjani lokhu?
IBhayibheli lithi izingelosi zikaNkulunkulu zaziyoba nendima ebalulekile kukho. Ngenxa yalokhu, ukumenyezelwa koMbuso kwakuyoduma njengomsindo wecilongo elivela emthonjeni onamandla adlula awomuntu. Eqinisweni, ngo-1935 kwakuzwakele emazweni angu-149—enyakatho, eningizimu, empumalanga, nasentshonalanga, kusukela kwenye ingxenye yomhlaba kuya kwenye.
Ekuqaleni, ‘umhlambi omncane’ kuphela owawubonisa ukwazisa okuqotho ngoMbuso kaNkulunkulu futhi owawuzimisele ukukhonza izithakazelo zawo. Yilokho iBhayibheli elalikubikezele. Manje “isixuku esikhulu” esanda ngokushesha, esibalwa ngezigidi esivela kuzo zonke izizwe, siye sahlangana nawo. Nalokho, kwakubikezelwe eZwini likaNkulunkulu. (Luka 12:32; Joh. 10:16; IsAm. 7:9, 10) Laba akubona abantu abamane bathi bangabenkolo eyodwa, kodwa eqinisweni, babe behlukaniswe phakathi yiyo yonke imibono namafilosofi ahlukanisa izwe elibazungezile. OFakazi BakaJehova abagcini nje ngokukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu kuyilapho eqinisweni bebeka ithemba labo ekubuseni kwabantu. Ngisho nakuba kusho ukufaka ukuphila kwabo engozini, balalela uNkulunkulu njengombusi. IBhayibheli lakusho ngokucacile ukuthi ukubuthwa kwabantu abanjalo ‘abesaba uNkulunkulu nabamnika inkazimulo’ kwakuyokwenziwa ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi. (IsAm. 14:6, 7; Math. 25:31-46) OFakazi baqiniseka ngokungaguquki ukuthi yilokho kanye okuye kwenzeka.
Ezikhathini eziningi, njengoba beye bahlanganyela enkonzweni yabo, baye babona ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuqondisa kwasezulwini. Ngokwesibonelo, eRio de Janeiro, eBrazil, iqembu loFakazi lase lizoqeda ukwenza ukuhambela kwalo endlini ngendlu ngosuku oluthile ngeSonto lapho omunye eqenjini ethi: “Ngisathanda ukuqhubeka kancane ngisebenza. Kunento ethi angiye kulowamuzi.” Owayeqondisa leliqembu wasikisela ukuba ishiyelwe olunye usuku, kodwa lommemezeli waphikelela. Kulowomuzi loFakazi wathola owesifazane, enezinyembezi zigeleza ebusweni, owathi ubesanda kuthandaza ecela usizo. Wayeke wahanjelwa oFakazi kodwa wangabonisa sithakazelo esigijimini seBhayibheli. Nokho, ukushona komyeni wakhe ngokungazelele kwakumenze wasiqaphela isidingo ayenaso sokuthola usizo olungokomoya. Wayefune iHholo LoMbuso, kwanhlanga zimuka nomoya. Wayethandaze ngobuqotho kuNkulunkulu ecela usizo, futhi manje lwase lusemzini wakhe. Ngokushesha ngemva kwalokho wabhapathizwa. Wayeqiniseka ukuthi uNkulunkulu wayewuzwile umthandazo wakhe nokuthi wayethathe isinyathelo esasidingeka ukuze amnike impendulo.—IHu. 65:2.
UFakazi kaJehova othile ongumJalimane owayehlala eNew York wayekwenze umkhuba nsuku zonke ukuthandazela isiqondiso sikaNkulunkulu lapho enza inkonzo yakhe. Kunowesifazane othile othakazelayo ayemfuna, masonto onke, emgwaqweni ngoba wayengazi ukuthi lona wesifazane wayehlalaphi. Khona-ke, ngolunye usuku ngo-1987, njengoba loFakazi eqala enkonzweni, wathandaza: “Jehova, uyazi ukuthi ukuphi. Ngicela ungisize ngimthole.” Emizuzwini embalwa kamuva, wabona lona wesifazane ehlezi esitolo okudlelwa kuso.
Ingabe kwamane kwaqondana? IBhayibheli lithi amaKristu eqiniso ‘ayizisebenzi kanye noNkulunkulu’ futhi izingelosi zithunyelwe “ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa.” (1 Kor. 3:9; Heb. 1:14) Ngemva kokuba loFakazi eselandise lona wesifazane indlela ayemthole ngayo, lona wesifazane wamukela isimemo sokuhlala phansi ahlole iBhayibheli ngokwengeziwe ngalo lolosuku.
Ukufinyelela ‘Amasimu Angafinyeleleki’ Ngezindaba Ezinhle
OFakazi BakaJehova baye baphikelela emizamweni yabo yokufinyelela kuwo wonke amazwe ngesigijimi soMbuso. Kodwa lokhu akukuchazi ngokugcwele lokho okuye kwafezwa. Baye babona isigijimi soMbuso sisakazekela ezindaweni lapho yonke imizamo yabo esuke ihlelwe ngokucophelela ibhuntshiswa khona.
Ngokwesibonelo, ezehlakalweni eziningi phakathi nawo-1920 nawo-1930, kwafakwa izicelo ezikhulwini zikahulumeni endaweni ngalesosikhathi eyayiyiSoviet Union zokuthola imvume yokuthumela izincwadi zeBhayibheli kulelozwe noma ukuba zinyatheliswe lapho. Izimpendulo ngalesosikhathi zazilandula. Babembalwa oFakazi BakaJehova eSoviet Union, kodwa kwakudingeka usizo olwengeziwe ukuze kufezwe umsebenzi wokushumayela lowo iZwi likaNkulunkulu elathi kumelwe wenziwe. Ingabe kukhona okwakungase kwenziwe ukuze kunikezwe lolosizo?
Ngokuthakazelisayo, ekupheleni kweMpi Yezwe II, bekanye nabanye abantu abaningi, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwenkulungwane balapho okwakuyimpumalanga Poland khona bazithola beseSoviet Union. Ekamu lokuhlushwa eRavensbrück, amakhulu abesifazane abasebasha baseRussia bazi iziboshwa ababekanye nazo ezazingoFakazi BakaJehova. Abanye balaba besifazane bazinikezela kuJehova phakathi nalesosikhathi, futhi kamuva babuyiselwa ezingxenyeni ezihlukahlukene zeSoviet Union. Abanye abaningi bazithola behlala eSoviet Union njengoba imingcele yezwe yashintshwa phakathi nempi. Umphumela awubanga yilokho okwakuhloswe uhulumeni waseSoviet. Wawungazange uhlelwe iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Kodwa wafeza lokho iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe elalikubikezele. Ikhulumela lezizenzakalo, INqabayokulinda (yesiNgisi) yathi: “Ngakho iyabonakala indlela, ngokuqondisa kweNkosi, engenza ngayo kube nofakazi kunoma yiliphi izwe, ukuba basekele iqiniso futhi bazise abanye ngegama likaJehova lapho.”—Eka-February 1, 1946.
Akulona izwe elilodwa kuphela eliye lathi koFakazi BakaJehova: ‘Anikwazi ukuza lapha!’ noma, ‘Aninakushumayela lapha.’ Kuye kwenzeka ngokuphindaphindiwe emhlabeni wonke, emazweni amaningi, ngokuvamile ngoba kungabefundisi abacindezela izikhulu zikahulumeni. Amanye alamazwe kamuva abenza baqashelwa ngokomthetho oFakazi BakaJehova. Kodwa ngisho nangaphambi kokuba lokho kwenzeke, ukukhulekelwa kukaJehova, uMdali wezulu nomhlaba, kwakwamukelwe izinkulungwane zabantu kuwo kanye lamazwe. Kwafezwa kanjani lokhu?
Incazelo elula itholakala eBhayibhelini, okungukuthi, izingelosi zikaNkulunkulu zinendima evelele ekuyiseni kubantu bazo zonke izizwe ukunxusa okuphuthumayo: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”—IsAm. 14:6, 7.
Impumelelo Naphezu Kwezingqinamba Ezibonakala Zingenakunqotshwa
Lokho oFakazi BakaJehova abaye babhekana nakho kwamanye amazwe akukhona nje ukwenqatshelwa kwenkonzo yabo yasobala kodwa kwakuyimizamo yokubaqothula ngokuphelele.
Phakathi neMpi Yezwe I, abefundisi benza umzamo wobunye e-United States naseCanada wokumisa umsebenzi wabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngalesosikhathi. Lokhu kuyiqiniso elaziwayo. Naphezu kweziqinisekiso ezingokomthetho zenkululeko yokukhuluma nengokwenkolo, abefundisi bacindezela izikhulu zikahulumeni ukuba zivale izincwadi zabaFundi BeBhayibheli. Abaningi baboshwa bagcinwa ejele benqatshelwa ibheyili; abanye bashaywa ngonya. Izikhulu ze-Watch Tower Society nabangane bazo abaseduze bagwetshwa isikhathi eside ejele ekuqulweni kwamacala enkantolo kamuva okwabonakala ukuthi kwakungemthetho. URay Abrams encwadini yakhe ethi Preachers Present Arms wathi: “Ukuhlaziywa kwalo lonke icala kuholela esiphethweni sokuthi ekuqaleni amasonto nabefundisi babesekela umzamo wokuqothula amaRussellite,” njengoba abefundisi ngokugcona babebabiza kanjalo abaFundi BeBhayibheli. Kodwa ngemva kwempi, labobaFundi BeBhayibheli baphuma benomfutho omkhulu kunanini wokumemezela iNkosi kaJehova, uJesu Kristu, noMbuso wayo. Wawuvelaphi lowomfutho ovuselelwe? IBhayibheli lalibikezele ngesenzakalo esinjalo futhi lalithe kwakuyobangelwa “umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu.”—IsAm. 11:7-11.
Ngemva kokuba amaNazi eqale ukubusa eJalimane, ukushushiswa koFakazi BakaJehova kwaba namandla emazweni ayelawulwa amaNazi. Kwakunokuboshwa nempatho yesihluku. Kwaba nokuvinjelwa. Ekugcineni, ngo-October 1934, amabandla oFakazi BakaJehova kulo lonke elaseJalimane athumela kuhulumeni izincwadi ezirejistiwe ezazichaza ngokucacile ukuthi abanamigomo ephathelene nezombangazwe kodwa babezimisele ukulalela uNkulunkulu njengombusi. Ngesikhathi esifanayo, amabandla oFakazi emhlabeni wonke athumela izincwadi ezithunyelwa ngocingo besekela abafowabo abangamaKristu eJalimane.
Ngalo lolosuku, ngo-October 7, 1934, ehhovisi likaDkt. Wilhelm Frick, eBerlin, u-Adolf Hitler efumbethe izibhakela wathi ngoFakazi BakaJehova: “Leliqenjana lizoqothulwa eJalimane!” Kwakungelona usongo olungasho lutho. Kwaba nokuboshwa okusakazekile. Ngokwesaziso esasiyimfihlo sePrussian Secret State Police sango-June 24, 1936, kwakhiwa “iQembu Lamasosha AmaGestapo elikhethekile” elalizolwa noFakazi. Ngemva kokuzilungiselela okukhulu amaGestapo aqalisa umkhankaso wawo wokubamba bonke oFakazi BakaJehova nawo wonke umuntu owayesolwa ukuthi unguFakazi. Phakathi nalokho kuhlasela wonke amaphoyisa ayehilelekile, eyeka izigebengu zingaphazanyisiwe.
Imibiko ibonisa ukuthi ekugcineni kwaboshwa oFakazi baseJalimane abangaba ngu-6 262. UKarl Wittig, owayeyisikhulu sikahulumeni waseJalimane naye owagcinwa emakamu amaningi okuhlushwa, kamuva wabhala: “Alikho elinye iqembu leziboshwa . . . elathola impatho yonya olwedlulele lwamasosha ama-SS njengabaFundi BeBhayibheli. Kwakuwunya olwaluyiketango elinganqamuki lokuhlushwa emzimbeni nasengqondweni, olungenakuchazwa nganoma yiluphi ulimi emhlabeni.”
Waba yini umphumela? Encwadini eyakhishwa ngo-1982, uChristine King uyaphetha: “OFakazi kuphela [uma kuqhathaniswa namanye amaqembu ezinkolo] uhulumeni angazange aphumelele kubona.” UHitler wayefungile ukuthi uzobaqothula, futhi abaningi babulawa. Nokho, uDkt. King uyaphawula: “Umsebenzi [wokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu] waqhubeka, futhi ngo-May 1945 inhlangano yoFakazi BakaJehova yayisekhona, kuyilapho i-National Socialism ingasekho.” Ubuye aveze ukuthi: “Akekho owahlehla.” (The Nazi State and the New Religions: Five Case Studies in Non-Conformity) Kungani uHitler, nebutho lakhe elalihlome liphelele, amaphoyisa aqeqeshwe kahle, namakamu okuhlushwa amaningi, engakwazanga ukufeza usongo lwakhe lokuqothula leliqembu elalilincane uma kuqhathaniswa futhi elalingahlomile izwe elilibheka njengabantu abavamile? Kungani amanye amazwe engakwazanga ukuwuvimbela umsebenzi walo? Kungani kungagcinanga ngokuthi kube abantu abambalwa abangabodwa, kodwa kwaba oFakazi BakaJehova bebonke abaye bahlala beqinile lapho bebhekene nokushushiswa ngesihluku?
Impendulo itholakala esixwayisweni esihlakaniphile uGamaliyeli, umfundisi woMthetho, asinikeza amalungu ayekanye nawo eSanhedrin yamaJuda lapho esingethe udaba olufanayo olwaluhilela abaphostoli bakaJesu Kristu. Wathi: “Dedani kulababantu, nibayeke, ngokuba uma lelisu nalomsebenzi kuvela kubantu, kuyakuchitheka; kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba-namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.”—IzE. 5:38, 39.
Ngakho amaqiniso angokomlando abonisa ukuthi umsebenzi owawubonakala ungenakwenziwa, uJesu awabela abalandeli bakhe ukuba bawenze naphezu kwezingqinamba ezazibonakala zingenakunqotshwa awufezwa ngamandla omuntu kodwa ufezwa ngomoya kaNkulunkulu. Njengoba uJesu ngokwakhe asho lapho ethandaza kuNkulunkulu: “Baba, konke kungenzeka kuwe.”—Marku 14:36.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 547]
“Kube-ngomoya wami kuphela, usho uJehova-Sebawoti”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 548]
Yini eyabaqinisa ukuba baqhubeke beshumayela naphezu kokuhlekwa usulu nokushushiswa ngobudlova?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 549]
Ubufakazi bokuqondisa kwezingelosi
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 551]
‘INkosi ingenza kube nofakazi kunoma yiliphi izwe’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 553]
Abantu abanobunye abaye bahlala beqinile okholweni lapho bebhekene nezingqinamba ezazibonakala zingenaku-nqotshwa