-
Imibono kaZakariya—Indlela Ekuthinta NgayoINqabayokulinda (Efundwayo)—2017 | Okthoba
-
-
16. (a) Yini uZakariya ayibona yenzeka kubhasikidi? (Bheka isithombe 3 esisekuqaleni.) (b) Abesifazane abanamaphiko bawuthatha bawuyise kuphi ubhasikidi?
16 Ngemva kwalokho uZakariya ubona abesifazane ababili abanamaphiko anamandla anjengamaphiko kanogolantethe.(Funda uZakariya 5:9-11.) Laba besifazane bahluke ngokuphelele kulona ovalelwe kubhasikidi. Laba besifazane basebenzisa amaphiko abo anamandla ukuze baphakamise ubhasikidi okuvalelwe kuwo “ukuKhohlakala.” Bawuyisa kuphi? “Ezweni laseShinari,” noma eBhabhiloni. Kodwa kungani bewuyisa eBhabhiloni?
17, 18. (a) Kungani iShinari iyindawo efanelekayo yokubeka ukuKhohlakala? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza ngokuphathelene nobubi nokukhohlakala?
17 Kuma-Israyeli ayephila ngesikhathi sikaZakariya, iShinari kwakuyindawo efanelekayo yokubeka ukuKhohlakala. UZakariya namanye amaJuda babazi ukuthi iBhabhiloni laliyindawo egcwele ukukhohlakala nobubi. Njengoba babekhulela kulelo dolobha elingcolile okukhulekelwa kulo izithombe, kwadingeka balwe kanzima ukuze bamelane nomoya walelo zwe owawunabantu abakhonza onkulunkulu bamanga. Kumelwe ukuba lo mbono wabenza bakhululeka—baqiniseka ngokuthi uJehova uzogcina ukukhulekela kweqiniso kuhlanzekile!
18 Nokho, umbono wakhumbuza amaJuda umthwalo wawo wokukhonza uNkulunkulu ngendlela ehlanzekile. Ukukhohlakala noma ububi ngeke buvunyelwe ukuba bungene futhi buhlale phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Njengoba siye sadonselwa enhlanganweni kaNkulunkulu ehlanzekile, esivikelayo nesinakekela ngothando, kuwumthwalo wethu ukuyigcina ihlanzekile. Ingabe lokhu akusenzi sifune ukugcina “indlu” yethu ihlanzekile? Ukukhohlakala noma ububi banoma yiluphi uhlobo abufuneki epharadesi lethu elingokomoya.
-