Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-39—UMalaki
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
    • 3. Yini ebonisa ukuthi isiprofetho sikaMalaki salotshwa ngemva kuka-443 B.C.E.?

      3 Lesiprofetho salotshwa nini? Kwakuphakathi nokuphatha kombusi othile, okwenza kube ngesikhathi sokubuyiselwa kweJerusalema ngemva kokuchithwa kukaJuda iminyaka engu-70. (Mal. 1:⁠8) Kodwa muphi umbusi? Njengoba kukhulunywa ngenkonzo yethempeli kodwa kungashiwo lutho ngokwakhiwa kwethempeli, kumelwe ukuba kwakungemva kwesikhathi soMbusi uZerubabele, ithempeli elaqedwa phakathi nesikhathi sakhe. Kunoyedwa kuphela omunye umbusi walenkathi okukhulunywa ngaye emiBhalweni, futhi uNehemiya. Ingabe isiprofetho siyavumelana nesikhathi sikaNehemiya? Akukho lutho olushiwo kuMalaki ngokuphathelene nokwakhiwa kabusha kweJerusalema nodonga lwalo, okwenza kungabi sengxenyeni yokuqala yobubusi bukaNehemiya. Nokho, kuningi okushiwoyo ngokuphathelene nokuxhaphaza kwabapristi, okuhlanganisa uMalaki nesimo esasikhona lapho uNehemiya efika okwesibili eJerusalema, ngemva kokubizelwa kwakhe eBabiloni uAritahishashita ngo-443 B.C.E., unyaka wama-32 wokubusa kwalenkosi. (Mal. 2:⁠1; Neh. 13:⁠6) Izingxenye ezifanayo kuMalaki nakuNehemiya zibonisa ukuthi isiprofetho sisebenza kuso lesikhathi.​—⁠Mal. 2:​4-8, 11, 12​—⁠Neh. 13:​11, 15, 23-26; Mal. 3:​8-10​—⁠Neh. 13:​10-⁠12.

  • Incwadi YeBhayibheli Yama-39—UMalaki
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
    • 8. Abapristi balingcolise kanjani itafula likaJehova, futhi kungani beyofikelwa isiqalekiso?

      8 Manje uJehova ukhuluma ngokuqondile ‘nabapristi abedelela igama lakhe.’ Njengoba bezama ukuzithethelela, uJehova ukhomba imihlatshelo yabo yezilwane eziyizimpumputhe, eziqhugayo, nezigulayo, abese ebuza, Ingabe ngisho nombusi ubeyoyamukela imihlatshelo enjalo? UJehova ngokwakhe akajabuli ngayo. Igama lakhe kumelwe liphakanyiswe phakathi kwezizwe, kodwa labantu bayamhlambalaza ngokuthi: “Itafula leNkosi [uJehova] lingcolile.” Bayokwehlelwa isiqalekiso ngoba beqile ngobuqili izifungo zabo ngokunikela ngemihlatshelo eyize. “Ngokuba ngiyinkosi enkulu, usho uJehova-Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”​—⁠1:​6, 12, 14.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela