-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda—1994 | Agasti 15
-
-
Uma kulimala impande, wonke umuthi uyawuzwa umphumela. (Qhathanisa noMathewu 3:10; 13:6.) Ngokufanayo, uMalaki wabhala: “Luyakubashisa lolosuku oluzayo, usho uJehova-Sebawoti, lungabashiyeli-mpande nagatsha.” (Malaki 4:1) Incazelo isobala—ukunqunywa okuphelele. Abazali (izimpande) babeyonqunywa, kanye nenzalo yabo (amagatsha).a Lokhu kugcizelela umthwalo wemfanelo abazali abanawo ngabantwana babo abancane; ikusasa elihlala njalo labantwana abancane linganqunywa ukuma kwabazali babo phambi kukaNkulunkulu.—1 Korinte 7:14.
Ulimi oluku-Isaya 37:31 nakuMalaki 4:1 lusekelwe ephuzwini lokuthi amagatsha (nezithelo emagatsheni amancane) kuphila ngezimpande. Lokhu kuyisihluthulelo sokuqonda ukuthi kukanjani uJesu ‘eyimpande kaJese’ ‘nempande kaDavide.’
-
-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda—1994 | Agasti 15
-
-
a Umbhalo wasethuneni waseFenike lasendulo wasebenzisa ulimi olufanayo. Kunoma ibaphi ababengase bavule leyondawo yokungcwaba wathi: “Kwangathi bangebe nampande phansi nazithelo phezulu!”—Vetus Testamentum, April 1961.
-