IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaMalaki
ITHEMPELI laseJerusalema elivuselelwe selineminyaka engaphezu kwengu-70 limile. Kodwa njengoba isikhathi sidlula, amaJuda azithola esesimweni esibuthakathaka ngokomoya. Ngisho nabapristi sebekhohlakele. Ubani ozobaqaphelisa isimo abakuso ngempela futhi azame ukubavuselela ngokomoya? UJehova uwunika umprofethi uMalaki lowo msebenzi.
Le ncwadi yokugcina yemiBhalo YesiHebheru, ebhalwe uMalaki ngamazwi anamandla, iqukethe isiprofetho esiphefumulelwe uNkulunkulu. Ukunaka izwi lesiprofetho sikaMalaki kungasisiza ukuba silungele ‘usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo,’ lapho kuyoqedwa khona lesi simiso sezinto samanje esibi.—Malaki 4:5.
ABAPRISTI ‘BABANGELE ABANINGI UKUBA BAKHUBEKE’
UJehova uveza indlela azizwa ngayo ngo-Israyeli, ethi: “Nginithandile.” Kodwa abapristi baye badelela igama likaNkulunkulu. Kanjani? “Ngokuletha isinkwa esingcolile e-altare [lakhe]” nangokwenza umhlatshelo ‘ngesilwane esilunyonga noma esigulayo.’—Malaki 1:2, 6-8.
Abapristi ‘babangele abaningi ukuba bakhubeke emthethweni.’ Abantu ‘bayakhohlisana.’ Abanye sebethathe amakhosikazi abezizwe. Abanye baye bakhohlisa ‘abafazi bobusha babo.’—Malaki 2:8, 10, 11, 14-16.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
2:2—Iyiphi indlela uJehova ‘aqalekisa ngayo isibusiso’ sabapristi abaphambukayo? Lokhu uNkulunkulu wakwenza ngomqondo wokuthi isibusiso esasikhishwa yilaba bapristi sasiyophenduka isiqalekiso.
2:3—Kwakusho ukuthini ‘ukusakazela ubulongwe’ ebusweni babapristi? NgokoMthetho, ubulongwe besilwane esenziwa umhlatshelo kwakufanele bukhishelwe ngaphandle kwekamu futhi bushiswe. (Levitikusi 16:27) Ukusakazela ubulongwe ebusweni babapristi kwakusho ukuthi uJehova wayeyenqaba imihlatshelo futhi labo abayenzayo babeyisinengiso kuye.
2:13—I-altare likaJehova lalimbozwe ngezinyembezi zobani? Lezi kwakuyizinyembezi zamakhosikazi ayeza ethempelini futhi athululele uJehova izinhliziyo zawo. Ayelubangelwe yini lolo sizi? Abayeni bawo abangamaJuda babefune izehlukaniso ngezizathu ezingafanele base bewashiya, ngokunokwenzeka ukuze bashade nabesifazane bezizwe abasebasha.
Izifundo Esizitholayo:
1:10. UJehova wayengayijabuleli imihlatshelo yabapristi abahahayo, ababekhokhisa abantu ngisho nangezinkonzo ezivamile ezinjengokuvala iminyango noma ukubasa umlilo e-altare. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba izenzo zethu zokukhulekela, ezihlanganisa lokho esikwenzayo enkonzweni yobuKristu, zishukunyiswe uthando olungenabugovu ngoNkulunkulu nomakhelwane, zingashukunyiswa yinzuzo yemali!—Mathewu 22:37-39; 2 Korinte 11:7.
1:14; 2:17. UJehova akakubekezeleli ukuzenzisa.
2:7-9. Labo abanikezwe ilungelo lokufundisa ebandleni kufanele baqiniseke ukuthi lokho abakufundisayo kuvumelana neZwi likaNkulunkulu, imiBhalo Engcwele, nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ‘zomphathi othembekile.’—Luka 12:42; Jakobe 3:11.
2:10, 11. UJehova ulindele ukuba abakhulekeli bakhe basithathe ngokungathí sina iseluleko sokuba bashade “kuphela eNkosini.”—1 Korinte 7:39.
2:15, 16. Abakhulekeli beqiniso kufanele basihloniphe isivumelwano somshado abasenze nabafazi bobusha babo.
‘INKOSI YEQINISO IYOFIKA ETHEMPELINI LAYO’
“INkosi yeqiniso [uJehova uNkulunkulu] iyofika kungazelelwe ethempelini” ikanye “nesithunywa sesivumelwano [uJesu Kristu].” UNkulunkulu ‘uyokuza kubantu bakhe ngenjongo yokwahlulela’ futhi uyoba ufakazi osheshayo ngokumelene nabo bonke abenzi bokubi. Ngaphezu kwalokho, kuyolotshwa “incwadi yenkumbulo” yalabo abesaba uJehova.—Malaki 3:1, 3, 5, 16.
Usuku “oluvutha njengesithando somlilo” luyofika futhi luqothule bonke ababi. Ngaphambi kokuba lolo suku lufike, kuyothunyelwa umprofethi ukuba ‘abuyisele izinhliziyo zoyise kubantwana, nezinhliziyo zabantwana koyise.’—Malaki 4:1, 5, 6.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
3:1-3—“INkosi yeqiniso” “nesithunywa sesivumelwano” beza nini ethempelini, futhi ubani owathunywa ukuba abandulele? UJehova weza ethempelini lakhe ngokuthumela ummeleli ukuzolihlanza ngoNisani 10, 33 C.E. Ngaleso sikhathi uJesu wangena ethempelini waxosha ababethenga nababethengisa. (Marku 11:15) Lokhu kwakungemva kweminyaka emithathu nesigamu uJesu egcotshwe njengomiselwe ubukhosi. Ngokufanayo, kubonakala sengathi eminyakeni emithathu nesigamu ngemva kokugcotshwa njengeNkosi ezulwini, uJesu waya ethempelini elingokomoya enoJehova futhi wathola abantu bakaNkulunkulu bedinga ukuhlanzwa. Ekhulwini lokuqala, uJohane uMbhapathizi wathunywa ukuba ayolungiselela amaJuda ukuza kukaJesu Kristu. Ezikhathini zanamuhla, kwathunywa isithunywa kusengaphambili ukuba silungiselele ukuza kukaJehova ethempelini lakhe elingokomoya. Emuva ngawo-1880, iqembu labafundi beBhayibheli laqala ukwenza umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli ukuze lifundise abanhliziyo ziqotho amaqiniso amaningi eBhayibheli ayisisekelo.
3:10—Ingabe ukuletha “konke okweshumi” kumelela ukunika uJehova konke esinakho? UMthetho KaMose waqedwa ngesisekelo sokufa kukaJesu, ngakho ukukhipha okweshumi okuyimali akuyona imfuneko. Kodwa ukukhipha okweshumi kuwumfuziselo. (Efesu 2:15) Akumeleli ukukhipha konke esinakho. Nakuba okweshumi kwakulethwa minyaka yonke, thina siletha konke esinakho kuJehova kanye kuphela—lapho sizinikezela kuye futhi sikubonisa ngokubhapathizwa emanzini. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, konke esinakho kungokukaJehova. Noma kunjalo, usinika ithuba lokukhetha ingxenye yalokho esinakho—okweshumi okungokomfuziselo—sikusebenzise enkonzweni yakhe. Kungaba yinoma yini izimo zethu ezisivumela ukuba siyenze, nalokho izinhliziyo zethu ezisishukumisa ukuba sikusebenzise. Imihlatshelo esiyinika uJehova ihlanganisa isikhathi, amandla nemali esiyisebenzisa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Kuhlanganisa nokuya emihlanganweni yobuKristu, ukuhambela amanye amakholwa agulayo nasekhulile, nokusekela ukukhulekela kweqiniso ngezimali.
4:3—Abakhulekeli bakaJehova ‘bayobanyathela kanjani ababi’? Abantu bakaNkulunkulu emhlabeni ngeke ‘babanyathele ababi’ ngokoqobo, okuwukuthi, bahlanganyele ekukhipheni kwakhe isahlulelo phezu kwabo. Kunalokho, lokhu kubonisa ukuthi izinceku zikaJehova zasemhlabeni ziyokwenza lokhu ngokomfanekiso ngokuhlanganyela ngenhliziyo yonke ekuhalaliseni kokunqoba ngemva kokuqedwa kwezwe likaSathane.—IHubo 145:20; IsAmbulo 20:1-3.
4:4—Kungani kufanele ‘sikhumbule umthetho kaMose?’ AmaKristu awekho ngaphansi kwesibopho salowo Mthetho, kodwa wawusebenza ‘njengesithunzi sezinto ezinhle ezizayo.’ (Hebheru 10:1) Ngakho, ukunaka uMthetho KaMose kungasisiza ukuba sibone indlela izinto ezalotshwa kuwo ezigcwaliseka ngayo. (Luka 24:44, 45) Ngaphezu kwalokho, uMthetho uqukethe “imifuziselo yezinto ezisezulwini.” Kubalulekile ukuba siwutadishe ukuze siqonde izimfundiso nokuziphatha kobuKristu.—Hebheru 9:23.
4:5, 6—“U-Eliya umprofethi” umelela bani? Kubikezelwa ukuthi “u-Eliya” wayezokwenza umsebenzi wokuvuselela, owukulungiselela izinhliziyo zabantu. Ekhulwini lokuqala C.E., uJesu Kristu wabonisa ukuthi uJohane uMbhapathizi ‘ungu-Eliya.’ (Mathewu 11:12-14; Marku 9:11-13) Uzakwabo wosuku lwanamuhla uthunywa “ngaphambi kokuza kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.” Namuhla u-Eliya ‘uyinceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45) Lesi sigaba samaKristu agcotshiwe besilokhu senza umsebenzi wokuvuselela ngokomoya ngentshiseko.
Izifundo Esizitholayo:
3:10. Ukungamnikezi uJehova okungcono kakhulu kuwukuzincisha isibusiso sakhe.
3:14, 15. Ngenxa yesibonelo esibi sabapristi, amaJuda aqala ukubheka inkonzo kaNkulunkulu njengento engelutho. Labo abaphathiswe umthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu kufanele babe yisibonelo.—1 Petru 5:1-3.
3:16. UJehova ugcina umbhalo walabo abamesabayo nabathembekile kuye. Uyabakhumbula futhi uyobalonda lapho eqeda izwe likaSathane elibi. Ngakho-ke, masingalokothi siyekethise ekuzimiseleni kwethu ukulondoloza ubuqotho kuNkulunkulu.—Jobe 27:5.
4:1. Ngosuku lokulandisa kuJehova, kokubili “igatsha” “nempande” kuyobhekana nesimo esifanayo—izingane ezincane ziyothola isahlulelo esifanayo nesabazali bazo. Yeka umthwalo wemfanelo abazali abanawo uma kuziwa ezinganeni zabo! Obaba nomama abangamaKristu kumelwe bazikhandle ekufuneni ukwamukeleka kuNkulunkulu futhi balondoloze ubuhlobo obuhle naye.—1 Korinte 7:14.
“Mesabe UNkulunkulu Weqiniso”
Obani abayosindiswa ‘osukwini lukaJehova olukhulu nolwesabekayo’? (Malaki 4:5) UJehova uthi: “Ilanga lokulunga liyophumela kini, nina enilesabayo igama lami, linokuphulukisa emaphikweni alo; empeleni niyophuma niqebekule inhlabathi njengamathole akhuluphalisiwe.”—Malaki 4:2.
“Ilanga lokulunga,” uJesu Kristu, likhanyisela labo abalesaba ngenhlonipho igama likaNkulunkulu, futhi bajabulela umusa kaNkulunkulu. (Johane 8:12) Kubo, “linokuphulukisa emaphikweni alo”—ukuphulukiswa okungokomoya manje nokuphulukiswa ngokuphelele ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo ezweni elisha likaNkulunkulu. (IsAmbulo 22:1, 2) Njengoba beneme, benza “njengamathole akhuluphalisiwe.” Ngenxa yalezi zibusiso esizilindele, masilalele iseluleko seNkosi uSolomoni: “Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”—UmShumayeli 12:13.
[Isithombe ekhasini 26]
Umprofethi uMalaki, inceku kaNkulunkulu eyayishiseka futhi izinikele
[Isithombe ekhasini 29]
Lokho esikufundisayo kufanele kuvumelane neBhayibheli
[Isithombe ekhasini 29]
Izinceku zikaJehova ziyazihlonipha izivumelwano zazo zomshado