-
Incwadi YeBhayibheli Yama-39—UMalaki“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
12. Yini ethenjiswayo ngokuphathelene nosuku lukaJehova olwesabekayo?
12 Usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo (4:1-6). Lolu usuku oluzayo oluyoqothula ababi, lungashiyi-mpande nagatsha. Kodwa ilanga lokulunga liyophumela abesaba igama likaJehova, futhi bayophiliswa. UJehova ubayala ukuba bakhumbule uMthetho kaMose. Ngaphambi kosuku lwakhe olukhulu nolwesabekayo, uJehova uthembisa ukuthuma uEliya umprofethi. “Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso.”—4:6.
-
-
Incwadi YeBhayibheli Yama-39—UMalaki“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
15. Ungubani “uEliya” osesiprofethweni sikaMalaki?
15 Khona-ke, kuMalaki 4:5, 6, uJehova wathembisa: “Bhekani, ngiyakuthuma kini uEliya umprofethi.” Ungubani ‘loEliya’? Bobabili uJesu nengelosi eyabonakala kuZakariya basebenzisa lamazwi kuJohane uMbhapathizi, bebonisa ukuthi nguye ‘oyakubuyisela konke’ futhi ‘alungiselele uJehova isizwe esilungiselweyo’ ukuba samukele uMesiya. Nokho, uMalaki uthi futhi “uEliya” ungumhambeli phambili ‘wosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo,’ ngaleyondlela ebonisa ukugcwaliseka okusazokwenzeka esikhathini esizayo ngosuku lokwahlulela.—Math. 17:11; Luka 1:17; Math. 11:14; Marku 9:12.
-