-
Incwadi YeBhayibheli Yama-39—UMalaki“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
8. Abapristi balingcolise kanjani itafula likaJehova, futhi kungani beyofikelwa isiqalekiso?
8 Manje uJehova ukhuluma ngokuqondile ‘nabapristi abedelela igama lakhe.’ Njengoba bezama ukuzithethelela, uJehova ukhomba imihlatshelo yabo yezilwane eziyizimpumputhe, eziqhugayo, nezigulayo, abese ebuza, Ingabe ngisho nombusi ubeyoyamukela imihlatshelo enjalo? UJehova ngokwakhe akajabuli ngayo. Igama lakhe kumelwe liphakanyiswe phakathi kwezizwe, kodwa labantu bayamhlambalaza ngokuthi: “Itafula leNkosi [uJehova] lingcolile.” Bayokwehlelwa isiqalekiso ngoba beqile ngobuqili izifungo zabo ngokunikela ngemihlatshelo eyize. “Ngokuba ngiyinkosi enkulu, usho uJehova-Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”—1:6, 12, 14.
-
-
Incwadi YeBhayibheli Yama-39—UMalaki“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
13. Yini uMalaki ayishoyo (a) ngomusa nothando lukaJehova? (b) ngomthwalo wemfanelo wabafundisi beZwi likaNkulunkulu? (c) ngalabo abeqa imithetho nezimiso zikaNkulunkulu?
13 Incwadi kaMalaki iyasiza ekuqondeni izimiso ezingaguquki zikaJehova uNkulunkulu nothando lomusa wakhe. Ekuqaleni, igcizelela uthando olukhulu lukaJehova ngabantu bakhe “uJakobe.” Wathi emadodaneni kaJakobe: “Mina-Jehova angiguquki.” Naphezu kobubi babo obukhulu, wayekulungele ukubuyela kubantu bakhe uma bebuyela kuye. UNkulunkulu onomusa ngempela! (Mal. 1:2; 3:6, 7; Roma 11:28; Eks. 34:6, 7) NgoMalaki, uJehova wagcizelela ukuthi izindebe zompristi “ziyakugcina ukwazi.” Bonke abaphathiswe ukufundisa iZwi likaNkulunkulu kumelwe baliqaphele leliphuzu, beqiniseka ukuthi bafundisa ulwazi oluqondile. (Mal. 2:7; Fil. 1:9-11; qhathanisa noJakobe 3:1.) UJehova akababekezeleli abazenzisi, labo abazama ukuveza ukuthi ‘ukwenza okubi kuhle emehlweni kaJehova.’ Akekho okumelwe acabange ukuthi angakhohlisa uJehova ngokwenza umnikelo nje wokuzenzisa kuleNkosi enkulu. (Mal. 2:17; 1:14; Kol. 3:23, 24) UJehova uyoba ufakazi osheshayo kubo bonke abeqa imithetho nezimiso zakhe zokulunga; akukho-muntu ongalindela ukwenza okubi futhi angajeziswa ngakho. UJehova uyobahlulela. (Mal. 3:5; Heb. 10:30, 31) Abalungileyo bangaba nesiqinisekiso esigcwele sokuthi uJehova uyokhumbula izenzo zabo futhi abavuze. Kumelwe balalele uMthetho kaMose, njengoba noJesu enza, ngoba uqukethe izinto eziningi ezigcwaliseka kuye.—Mal. 3:16; 4:4; Luka 24:44, 45.
-