ISAHLUKO SESISHIYAGALOLUNYE
Ukuphatha Abanye Ngendlela Efunwa UNkulunkulu
1-3. (a) Yini amaKristu amaningi angase ayicabange ngeThire lasendulo? (b) Chaza indlela iNkosi uHiramu no-Israyeli abaphathana ngayo. (c) Yini esingase siyifunde ngeThire?
UKHUMBULANI uma uzwa kukhulunywa ngeThire lasendulo? AmaKristu amaningi angakhumbula indlela isiprofetho esagcwaliseka ngayo lapho u-Alexander Omkhulu esusa imfucumfucu emanxiweni omuzi omkhulu waseThire, wakha ibhuloho eliya emzini omusha waseThire oyisiqhingi wafike wawuchitha. (Hezekeli 26:4, 12; Zakariya 9:3, 4) Nokho, uma uzwa kukhulunywa ngeThire ungacabanga yini ngendlela yokuphatha abafowenu abangokomoya noma abanye abantu nendlela okungafanele ubaphathe ngayo?
2 Lachithelwani iThire? “Ngenxa yokuvukela okuthathu kweThire, . . . ngenxa yokunikela kwabo indikimba ephelele yabadingisiwe ku-Edomi, nangenxa yokuba bengazange bakhumbule isivumelwano sabantu abangabafowabo. Ngiyothumela umlilo phezu kodonga lwaseThire.” (Amose 1:9, 10) Ezikhathini zangaphambili, inkosi yaseThire uHiramu yabonisa uDavide umusa, yasiza nangezinto zokwakha ithempeli likaSolomoni. USolomoni wenza isivumelwano noHiramu, wamnika nemizi eGalile. UHiramu wabiza uSolomoni ngokuthi “mfowethu.” (1 AmaKhosi 5:1-18; 9:10-13, 26-28; 2 Samuweli 5:11) Njengoba iThire ‘lingazange lisikhumbule isivumelwano sabantu abangabafowabo’ futhi lathengisa abanye babantu bakaNkulunkulu ebugqilini, uJehova wakubona elalikwenza.
3 Yisiphi isifundo esingasifunda ngokwahlulela kukaNkulunkulu amaKhanani aseThire ngenxa yokuphatha kabi abantu bakhe? Isifundo esiyinhloko sihlanganisa indlela esiphatha ngayo abafowethu abangokomoya. Ezahlukweni ezandulele zale ncwadi, sifunde kubaprofethi abangu-12 izeluleko ezithile ngokuphatha abanye, njengokwethembeka emabhizinisini ethu nokuziphatha okumsulwa. Nokho, lezi zincwadi ezingu-12 ziqukethe izindlela ezengeziwe uNkulunkulu afuna siphathe ngazo abanye.
UNGASIZAKALI NGOBUNZIMA BOMUNYE
4. Abakwa-Edomi ‘babengabafowabo’ bama-Israyeli ngamuphi umqondo, kodwa babaphatha kanjani ‘abafowabo’?
4 Kunesifundo ongasithola ekwahluleleni kukaNkulunkulu u-Edomi, izwe eliseduze kwakwa-Israyeli: “Kwakungafanele uwubukele lowo mbukwane ngosuku lomfowenu, ngosuku lweshwa lakhe; futhi kwakungafanele ujabule ngamadodana kaJuda ngosuku lokushabalala kwawo.” (Obadiya 12) AbaseThire babengase babe ‘abafowabo’ bama-Israyeli ngenxa yokuhwebelana, kodwa abakwa-Edomi bona babeyizihlobo zegazi zama-Israyeli ngoba babezalwa u-Esawu, iwele likaJakobe. Ngisho noJehova wabiza abakwa-Edomi ngokuthi ‘abafowabo’ bama-Israyeli. (Duteronomi 2:1-4) Ngakho, kwakuyinzondo yangempela ngabakwa-Edomi ukuba bajabule lapho abaseBhabhiloni benqoba amaJuda.—Hezekeli 25:12-14.
5. Kukuziphi izimo lapho singase sibonise khona umoya onjengowabakwa-Edomi?
5 Ngokusobala, uNkulunkulu akayithandanga indlela abakwa-Edomi abaphatha ngayo abafowabo abangamaJuda. Nokho, singase sizibuze, ‘UNkulunkulu angayibheka kanjani indlela engiphatha ngayo abafowethu?’ Isici esidinga ukusicabangela yindlela esibabheka nesibaphatha ngayo abafowethu uma siye sahilizisana. Ngokwesibonelo, ake sithi umKristu ukukhubile noma uxabane nesihlobo sakho. Uma ‘unesizathu sokukhononda,’ ingabe uyofukamela inzondo, ungayidlulisi indaba noma uzame ukuyixazulula? (Kolose 3:13; Joshuwa 22:9-30; Mathewu 5:23, 24) Ukwenza kanjalo kungathinta indlela omphatha ngayo umfowenu; ungase ubande uma ukhuluma naye, umzibe noma ukhulume kabi ngaye. Uma sisenabisa lesi sibonelo, ake sithi yena lo mfowenu uyona, mhlawumbe kuze kudingeke elulekwe noma ayalwe abadala bebandla. (Galathiya 6:1) Ubuyobonisa umoya wabakwa-Edomi, usizakale ngobunzima bomfowenu? UNkulunkulu ubengafuna usabele kanjani?
6. Ngokungafani noZakariya 7:10, uMika 7:18 usikisela ukuba senzeni?
6 UJehova wenza uZakariya waveza isifiso saKhe sokuba ‘singacebelani lutho olubi ezinhliziyweni zethu.’ (Zakariya 7:9, 10; 8:17) Lesi seluleko siyafaneleka uma sinomuzwa wokuthi umfowethu usiphathe kabi noma wone othile wakithi. Ezimweni ezinjalo, kulula ‘ukuceba okubi ezinhliziyweni zethu’ bese sikubonisa ngezenzo lokho. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu ufuna silingise isibonelo sakhe esihle. Khumbula ukuthi uMika wabhala ukuthi uJehova ‘uxolela isiphambeko adlulise neseqo.’a (Mika 7:18) Singakusebenzisa kanjani lokho ngokoqobo?
7. Kungani singase sikhethe ukumane sikhohlwe ukoniwa?
7 Singase siphatheke kabi ngento eyenziwe kithi noma esihlotsheni sethu, kodwa ngempela yimbi kangakanani? IBhayibheli lizibeka ngokucacile izinyathelo zokuxazulula ukungezwani, ngisho nalapho abazalwane bonene. Noma kunjalo, ngokuvamile kungcono kakhulu ukumane ungalinaki iphutha noma ukoniwa, ‘udlulise iseqo.’ Zibuze: ‘Kungenzeka yini ukuthi lesi esinye sezikhathi ezingu-77 okufanele ngimxolele ngazo? Kungani ngingenakuvele ngikhohlwe?’ (Mathewu 18:15-17, 21, 22) Ngisho noma loko koniwa kubonakala kukukhulu manje, kuyobe kusenjalo yini nangemva kweminyaka eyinkulungwane kusukela manje? Funda kulokho okushiwo kumShumayeli 5:20 ngokujabulela kwesisebenzi ukudla nesiphuzo: ‘Akukaningi siyozikhumbula izinsuku zokuphila kwaso, ngoba uNkulunkulu weqiniso usigcina simatasa ngokujabula kwenhliziyo yaso.’ Njengoba lo muntu egxile enjabulweni yakhe yamanje, uyakhohlwa izinkinga zokuphila kwakhe kwansuku zonke. Singasilingisa leso simo sengqondo? Uma sigxila enjabulweni yokuba nabafowethu abangamaKristu, singase sikhohlwe yizinto ezingabalulekile, izinto esingeke sizikhumbule ezweni elisha. Lokhu kuhluke kakhulu ekusizakaleni ngobunzima bomunye noma ukukhumbula ukoniwa.
TSHELA ABANYE IQINISO
8. Iyiphi inselele esibhekana nayo ngokuqondene nokukhuluma iqiniso?
8 Izincwadi ezingu-12 zesiprofetho ziqokomisa nendlela uNkulunkulu afuna ngayo ukuba sibe neqiniso kwesikwenzayo nesikushoyo. Yebo, siyazikhandla lapho sikhuluma ‘iqiniso lalezo zindaba ezinhle’ nabanye. (Kolose 1:5; 2 Korinte 4:2; 1 Thimothewu 2:4, 7) Kodwa okungase kube inselele kakhulu ukukhuluma iqiniso ezingxoxweni zansuku zonke nabantu bakithi nabafowethu abangokomoya, lapho sikhuluma ngezindaba ezihlukahlukene. Kungani kungase kube njalo?
9. Kunini lapho singase silingeke khona ukukhuluma iqiniso elingaphelele, kodwa yini okufanele sizibuze yona?
9 Ubani kithi ongakaze asho noma enze into embi bese kamuva ebuzwa ngayo? Cishe saba namahloni noma saba nesazela. Imizwa enjalo ingenza umuntu aliphike iphutha noma anikeze “incazelo” ethile esonta iqiniso ukuze athalalise iphutha noma alenze libonakale lifaneleka. Noma uma sivaleleke ekhoneni, singase silingeke ukuba sisho lokhu nalokhuya, siwashiye amanye amaqiniso. Ngenxa yalokho, esikushoyo kungase kube yiqiniso kodwa kube kunikeza umqondo ohluke ngokuphelele. Nakuba lokho kungase kungabi ukuqamba amanga ingcaca, njengoba kuvamile ezweni namuhla, ingabe ngempela ‘kuwukukhuluma iqiniso nomakhelwane wethu,’ noma umfowethu? (Efesu 4:15, 25; 1 Thimothewu 4:1, 2) Uma umKristu ebeka izinto ngendlela azi kahle ukuthi izokwenza abafowabo bafinyelele eziphethweni okungezona, bakholwe into engelona iqiniso ngempela, enganembile, ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani?
10. Abaprofethi bawuchaza kanjani umkhuba owawuvame kwa-Israyeli nakwaJuda wasendulo?
10 Abaprofethi baqaphela ukuthi ngisho namadoda nabesifazane abazinikezele kuJehova ngezinye izikhathi abakunaki lokho akufunayo kubo. UHoseya waveza imizwa kaNkulunkulu ngabanye babantu bosuku lwakhe: ‘Mabaphangwe, ngoba beqé umthetho wami! Mina ngabakhulula, kodwa bona bakhulumé amanga ngisho nangami.’ Ngaphandle kokukhuluma amanga aluhlaza cwé ngoJehova, abanye báqala “ukuqalekisa nokuqhuba inkohliso,” mhlawumbe besonta amaqiniso ngenjongo yokudukisa abanye. (Hoseya 4:1, 2; 7:1-3, 13; 10:4; 12:1) UHoseya wabhala lawo mazwi eseSamariya, umbuso wasenyakatho. Ingabe izinto zazingcono kwaJuda? UMika uyasitshela: “Izicebi zakhe ziye zagcwala ubudlova, nabakhileyo kuye bakhulumé amanga, nolimi lwabo luyakhohlisa emlonyeni wabo.” (Mika 6:12) Kuhle siphawule indlela labo baprofethi abakulahla ngayo ‘ukuqhuba inkohliso’ nalabo ‘abalulimi lwabo luyakhohlisa emlonyeni wabo.’ Ngakho ngisho namaKristu abengeke neze aqambe amanga ngamabomu, angazibuza: ‘Kungenzeka yini ngezinye izikhathi ngikhohlise noma ngibe nolimi olukhohlisayo emlonyeni wami? Yini uNkulunkulu ayifunayo kimi kule ndaba?’
11. Abaprofethi bembulani ngentando kaNkulunkulu ngokuqondene nesikushoyo?
11 Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu waphinde wasebenzisa abaprofethi ukuba acacise okuhle akufuna kithi. UZakariya 8:16 uthi: “Nazi izinto okufanele nizenze: Khulumani iqiniso omunye komunye. Yahlulelani emasangweni enu ngeqiniso nangesahlulelo sokuthula.” Osukwini lukaZakariya amasango ayeyisigcawu amadoda amadala ayequlela kuso amacala. (Ruthe 4:1; Nehemiya 8:1) Noma kunjalo, uZakariya akashongo ukuthi lesi kwakuwukuphela kwesikhathi okwakufanele kukhulunywe ngaso iqiniso. Kumelwe sikhulume iqiniso emphakathini, kodwa futhi siyanxuswa: “Khulumani iqiniso omunye komunye.” Lokho kuhlanganisa nalapho sisodwa emakhaya sikhuluma nesishade nabo noma nezihlobo zethu eziseduze. Kuyasebenza nasezingxoxweni zethu zansuku zonke nabafowethu nodadewethu abangokomoya, kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma ubuso nobuso, ocingweni, noma ngezinye izindlela. Banezizathu ezizwakalayo zokulindela ukuba sikhulume iqiniso. Abazali abangamaKristu kufanele bagcizelele kubantababo indlela okubaluleke ngayo ukungawaqambi amanga. Kanjalo abantwana bayokhula bazi ukuthi uNkulunkulu ulindele ukuba bagweme ulimi olukhohlisayo, bakhulume iqiniso lodwa.—Zefaniya 3:13.
12. Yiziphi izifundo eziwusizo esizithola kulezi zincwadi zeziprofetho?
12 Ingane noma umuntu omdala okhuluma iqiniso njalo uvumelana nesikhuthazo sikaZakariya: “Thandani iqiniso nokuthula.” (Zakariya 8:19) Phawula futhi incazelo kaMalaki yalokho uJehova akubona eNdodaneni yaKhe: “Umthetho weqiniso waba semlonyeni wakhe, futhi ukungalungi akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho.” (Malaki 2:6) Ingabe uJehova angalindela okuhlukile kithi? Khumbula, sineZwi lakhe eliphelele, elihlanganisa nabaprofethi abangu-12 nazo zonke izifundo esizifunda kubo.
GWEMA UKUPHATHA ABANYE NGOBUDLOVA
13. Iyiphi enye inkinga eyayikhona evezwa uMika 6:12?
13 UMika 6:12 usitshela ukuthi enye indlela abantu bakaNkulunkulu basendulo ababephatha kabi ngayo abanye ‘yayiwukukhuluma amanga, nolimi lwabo lukhohlisa emilonyeni yabo.’ Kodwa leli vesi liveza nenye inkinga engathí sina. Lithi ‘izicebi zase zigcwele ubudlova.’ Kwenzeka kanjani lokho, futhi singafundani kukho?
14, 15. Izizwe ezazakhelene nabantu bakaNkulunkulu zazinamuphi umlando ngobudlova?
14 Cabanga ngedumela lezinye izizwe ezazakhelene nabantu bakaNkulunkulu. Enyakatho-mpumalanga kwakune-Asiriya, nenhloko-dolobha yalo iNineve, uNahume abhala ngayo: “Maye kuwo umuzi wokuchithwa kwegazi! Ugcwele inkohliso nokuphanga. Ayisuki inyamazane ebanjiwe!” (Nahume 3:1) Ama-Asiriya ayaziwa ngokulwa ngesihluku nangokuphatha ngonya iziboshwa zempi—ezinye iziboshwa zazishiswa noma zebulwe isikhumba ziphila, ezinye zikopolotwe amehlo noma zinqunywe amakhala, izindlebe, noma iminwe. Incwadi ethi Gods, Graves, and Scholars ithi: “Into eyenza iNineve lagxila ezingqondweni zabantu kwakuwukubulala, ukuphanga, ukucindezela nokuhlukumeza ababuthaka; ngezimpi nangazo zonke izinhlobo zobudlova.” Sinofakazi wokuzibonela walobo budlova (mhlawumbe naye owabenza). Ngemva kokuzwa isigijimi sikaJona, inkosi yaseNineve yathi ngabantu bayo: “Mabembathe indwangu yesaka, umuntu nemfuyo; mababize uNkulunkulu ngamandla babuye, yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obabusezandleni zabo.”—Jona 3:6-8.b
15 Ubudlova obubi kangaka babungagcini e-Asiriya. I-Edomi, elaliseningizimu-mpumalanga yakwaJuda, nalo lalizojeziswa. Ngani? “I-Edomi, libe yihlane eliyincithakalo, ngenxa yobudlova obenziwe kubantwana bakwaJuda, okuchithwa igazi elingenacala ezweni labo.” (Joweli 3:19) Ingabe abakwa-Edomi basilalela lesi sixwayiso babuyeka ubudlova? Ngemva kwamakhulu amabili eminyaka, u-Obadiya wabhala: “Amadoda akhona anamandla ayokwesaba kakhulu, Themani [umuzi wakwa-Edomi]. . . . Ngenxa yobudlova obenze kumfowenu uJakobe, . . . kuyomelwe unqunywe kuze kube nini nanini.” (Obadiya 9, 10) Kuthiwani nokho ngabantu bakaNkulunkulu?
16. U-Amose noHabakuki basivezela yiphi inkinga eyayikhona osukwini lwabo?
16 U-Amose wachaza isimo saseSamariya, inhloko-dolobha yombuso wasenyakatho: “‘Nibone iziyaluyalu eziningi ezikulo nokuphamba okungaphakathi kwalo. Abazi ukuthi bangakwenza kanjani okuqondile,’ kusho uJehova, ‘labo ababekelela ubudlova nokuphanga.’” (Amose 3:9, 10) Ungase ucabange ukuthi kwakungcono kwaJuda, lapho ithempeli likaJehova lalikhona. Kodwa uHabakuki, owayehlala kwaJuda, wabuza uNkulunkulu: “Kuyoze kube nini ngicela usizo kuwe ebudloveni, kodwa wena ungasindisi? Kungani ungenza ngibone okulimazayo, futhi uqhubeka ubheke inkathazo nje? Kungani phambi kwami kukhona ukuphanga nobudlova?”—Habakuki 1:2, 3; 2:12.
17. Yini eyayingase ibangele abantu bakaNkulunkulu ukuba babe nobudlova?
17 Kungenzeka yini ukuthi ubudlova bavama kubantu bakaNkulunkulu ngenxa yokuvumela kwabo ukuthonywa isimo sengqondo sase-Asiriya, se-Edomi, noma sezinye izizwe ngobudlova? USolomoni wayexwayise ngokuthi kwakungenzeka lokhu: “Ungabi nomona ngomuntu wobudlova, noma ukhethe noma iyiphi yezindlela zakhe.” (IzAga 3:31; 24:1) Kamuva, uJeremiya washo ngokuqondile: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Ningayifundi neze indlela yezizwe.’”—Jeremiya 10:2; Duteronomi 18:9.
18, 19. (a) Ukube uHabakuki ubephila manje, ubengazizwa kanjani ngobudlova banamuhla? (b) Wena uzizwa kanjani ngobudlova besikhathi sethu?
18 Ukube uHabakuki ubephila manje, bebungeke yini bumnenge ubudlova besikhathi sethu? Abantu abaningi bakhulela ebudloveni. Opopayi abathandwa abafana namantombazane banobudlova—omunye upopayi uzama ukushaya omunye, umphihlize, noma umbulale. Kungakabiphi intsha eningi idlulela emidlalweni yama-video eyiwina ngokudubula, ngokuqhumisa, noma ngokubulala izitha. Abanye bangase bathi: “Kumane kuyimidlalo nje.” Noma kunjalo, imidlalo yobudlova edlalelwa kuma-computer asekhaya noma emishinini emaphaseji ezitolo yenza abadlali bahlale becabanga ngobudlova, ishintshe izimo zengqondo nezenzo zabo. Yeka indlela esiyiqiniso ngayo lesi seluleko: “Umuntu wobudlova uyoyenga umuntu wakubo, futhi ngokuqinisekile umbangela ukuba ahambe ngendlela engeyinhle”!—IzAga 16:29.
19 Nakuba uHabakuki aphoqeleka ukuba aqhubeke ebheke inkathazo nje futhi ‘kukhona ubudlova phambi’ kwakhe, wadabuka. Ungase ubuze-ke manje, ‘Ubeyokujabulela ukuhlala nami abukele izinhlelo engivame ukuzibukela kuyithelevishini?’ Zibuze futhi, ‘Ingabe ubengabekela eceleni isikhathi sokubukela imidlalo yobudlova, lapho abadlali beze bagqoke khona izivikelo njengezilwi zasendulo?’ Emidlalweni ethile, amadlingozi abaningi avuswa yizimpi eziba senkundleni noma eziba phakathi kwabalandeli abasuke sebethathekile. Kwezinye izizwe, abaningi babukela amafilimu nama-video obudlova abukisa izimpi noma ukulwa ngaphandle kwezikhali. Bangase babeke izaba zokuthi kuwumlando noma umbukiso wamasiko esizwe, kodwa ingabe lokho kwenza ubudlova bamukeleke?—IzAga 4:17.
20. Hlobo luni lobudlova uMalaki aveza umbono kaJehova ngabo?
20 UMalaki uveza isici esifana nalesi lapho eveza umbono kaJehova ngokukhohlisa omkawo kwamanye amaJuda. “‘Uyakuzonda ukuhlukanisa umshado,’ kusho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ‘nomuntu osibekele ingubo yakhe ngobudlova.’” (Malaki 2:16) Inkulumo yesiHebheru ehunyushwe ngokuthi “osibekele ingubo yakhe ngobudlova” iqondwa ngezindlela ezihlukahlukene. Ezinye izazi zithi isho ukuninda ingubo yakho ngegazi lapho uhlasela omunye umuntu ngobudlova. Noma yikuphi, uMalaki wayekulahla ingcaca ukuhlukumeza umuntu oshade naye. Yebo, uMalaki waphakamisa indaba yobudlova basekhaya, wayesebonisa ukuthi uNkulunkulu akabufuni.
21. Kukuziphi izimo lapho amaKristu kumelwe agweme khona ubudlova?
21 Ubudlova, bungaba ukulwa ngokoqobo noma ngamazwi, obenziwa ekhaya lomKristu buyafana nobudlova obenziwa emphakathini; uNkulunkulu ububona bobubili. (UmShumayeli 5:8) Nakuba uMalaki akhuluma ngobudlova obenziwa enkosikazini, akukho lutho eBhayibhelini okubenza bube ngcono uma indoda ibenza ezinganeni zayo noma kubazali asebekhulile. Kanti akwamukeleki nalapho inkosikazi ibenza kumyeni wayo, ezinganeni, noma kubazali. Kuyavunywa, emkhayeni wabantu abangaphelele, kungase kube khona ukushuba kwesimo okubangela ukucasulwa ubala futhi ngezinye izikhathi ukuthukuthela. Noma kunjalo, iBhayibheli liyaseluleka: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.”—Efesu 4:26; 6:4; IHubo 4:4; Kolose 3:19.
22. Sazi kanjani ukuthi singakugwema ukuba yizidlova ngisho noma abaningi esiphila nabo beyizo?
22 Abanye bangase babeke izaba ngobudlova babo, bathi, ‘Nginjena ngoba ngakhulela emkhayeni onobudlova,’ noma ‘Abantu endaweni yakithi noma besizwe sakithi banenhliziyo encane, alufakwa.’ Nokho, lapho uMika elahla ‘izicebi ezazigcwele ubudlova,’ akazange athi ayikho into ezazingayenza ngoba zazikhulele ebudloveni. (Mika 6:12) UNowa waphila ngesikhathi umhlaba ‘ugcwele ubudlova,’ futhi amadodana akhe akhulela kubo. Ingabe baba yizidlova? Lutho neze! “UNowa wathola umusa emehlweni kaJehova,” futhi amadodana akhe amlandela asinda kuZamcolo.—Genesise 6:8, 11-13; IHubo 11:5.
23, 24. (a) Yini esisiza ukuba sigweme ukwaziwa njengezidlova? (b) UJehova uzizwa kanjani ngabantu abaphatha abanye ngendlela ayifunayo?
23 Emhlabeni jikelele, oFakazi BakaJehova baziwa ngokuba nokuthula hhayi ngokuba yizidlova. Bayayihlonipha futhi bayilalele imithetho kaKhesari emelene nezenzo zobudlova. (Roma 13:1-4) Baye ‘bakhanda izinkemba zabo zaba ngamageja,’ futhi balwela ukuphishekela ukuthula. (Isaya 2:4) Bazama ukugqoka “ubuntu obusha” obuwusizo ekugwemeni ubudlova. (Efesu 4:22-26) Balandela nesibonelo esihle sabadala abangamaKristu, ‘abangashayi muntu’ ngezwi noma ngesenzo.—1 Thimothewu 3:3; Thithu 1:7.
24 Yebo, singakwazi—futhi kumelwe—siphathe abanye ngendlela efunwa uNkulunkulu. UHoseya uthi: “Ngubani ohlakaniphile, ukuba aqonde lezi zinto? Oqondayo, ukuba azazi? Ngoba izindlela zikaJehova ziqondile, futhi ngabalungileyo abayohamba kuzo.”—Hoseya 14:9.
a Ngokuphathelene ‘nokudlulisa iseqo,’ esinye isazi sithi lesi singathekiso sesiHebheru “sithathelwa endleleni isihambi esidlula ngayo entweni esingafuni ukuyinaka. Umqondo [awukona ukuthi uNkulunkulu akasiboni isono] kodwa uwukuthi kwezinye izimo akasiphawuli ngenjongo yokujezisa; uwukuthi akajezisi kodwa uyathethelela.”
b Endaweni engamakhilomitha angu-35 eningizimu-mpumalanga yeNineve kwakuneKhala (iNimrud), eyakhiwa kabusha u-Ashurnasirpal. EBritish Museum kunezinsika zaseKhala, esifunda ngazo: “U-Ashurnasirpal wayichaza njengoba injalo indluzula nobulwane ayelwa ngabo. Iziboshwa zazichonywa ezibondeni noma zibethelwe ezigxotsheni zemizi eyayisuke ivinjezelwe . . . ; izinsizwa nezintombi zazebulwa isikhumba ziphila.”—Archaeology of the Bible.