Yibani Abenzi Bezwi, Ningabi Abalizwayo Kuphela
“Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.”—MATHEWU 7:21.
1. Yini abalandeli bakaJesu abazoqhubeka beyenza?
QHUBEKANI nicela. Qhubekani nifuna. Qhubekani ningqongqoza. Phikelelani ekuthandazeni, ekutadisheni, nasekwenzeni amazwi kaJesu abhalwe eNtshumayelweni yaseNtabeni. UJesu utshela abalandeli bakhe ukuthi bangusawoti womhlaba, njengoba benesigijimi esilondolozayo esiyoliswe ngosawoti okungamelwe bawuvumele ukuba ube duma, ulahlekelwe ukunambitheka kwawo noma amandla awo alondolozayo. Bawukukhanya kwezwe, bebonakalisa ukukhanya okuvela kuKristu Jesu nakuJehova uNkulunkulu hhayi ngalokho abakushoyo kuphela kodwa futhi nangalokho abakwenzayo. Imisebenzi yabo emihle ikhanya njengamazwi abo anikeza ukukhanya—futhi bangakhuluma ngisho nangokuzwakala kakhudlwana ezweni elijwayele ubuzenzisi bobuFarisi bakho kokubili abaholi benkolo nabezombangazwe, abasho okuningi futhi benze okuncane.—Mathewu 5:13-16.
2. Ikuphi ukuyala uJakobe akunikezayo, kodwa isiphi isimo sokuyekelela abanye abazithathela sona ngephutha?
2 UJakobe uyayala: “Yibani-ngabalenza izwi, ningabi-ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.” (Jakobe 1:22) Abaningi bazikhohlisa ngemfundiso yokuthi ‘uma umuntu eke wasindiswa uhlala esindisiwe,’ njengokungathi manje sebengahlala phansi futhi balindele umvuzo wasezulwini abawucabangelayo. Iyimfundiso yamanga nethemba eliyize. “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni,” kusho uJesu, “nguyena oyakusindiswa.” (Mathewu 24:13) Ukuze uzuze ukuphila okuphakade, kumelwe ‘uthembeke kuze kube-sekufeni.’—IsAmbulo 2:10; Heberu 6:4-6; 10:26, 27.
3. Isiphi isiyalo ngokwahlulela uJesu asinikeza ngokulandelayo eNtshumayelweni yaseNtabeni?
3 Njengoba uJesu ayeqhubeka neNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, washo amazwi amaningi amaKristu okumelwe alwele ukuwalandela. Nanka amanye abonakala elula, kodwa alahla okunye kokuthambekela okunzima kakhulu ukukulahla: “Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangalesosilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso. Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na? Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho; bheka, ugongolo lusesweni lakho, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.”—Mathewu 7:1-5.
4. Isiphi esinye isiyalo esinikezwa ukulandisa kukaLuka, futhi ukusisebenzisa kuphumelaphi?
4 Ekulandiseni kukaLuka ngeNtshumayelo yaseNtabeni, uJesu watshela izilaleli zakhe ukuba zingagxekani. Kunalokho, ‘ziqhubeke zithethelelana,’ okuwukuthi, zixolele ukushiyeka kwabantu ezikanye nabo. Lokhu kwakuyobangela abanye ukuba basabele ngomusa, njengoba uJesu asho: “Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”—Luka 6:37, 38.
5. Kungani kulula kangaka ukubona amaphutha kwabanye kunokubona lawo akithi ngokwethu?
5 Phakathi nekhulu lokuqala leminyaka C.E., ngenxa yamasiko ashiwo ngomlomo, cishe bonke abaFarisi babethambekele ekwahluleleni abanye ngonya. Noma isiphi sezilaleli zikaJesu esasinomkhuba wokwenza lokho kwakumelwe sikuyeke. Kulula kakhulu ukubona izingcezwana emehlweni abanye kunokubona izingongolo kwawethu—futhi kukuqinisa ngokwengeziwe ukuzicabangela kwethu! Njengoba enye indoda yasho, “Ngiyakuthanda ukugxeka abanye ngoba kungenza ngizizwe ngijabula kakhulu!” Ukuba nomkhuba wokugxeka abanye kungasinikeza imizwa yokuthi silungile ebonakala ivala amaphutha ethu siqu esifuna ukuwafihla. Kodwa uma ukuqondiswa kudingekile, kumelwe kunikezwe ngomoya wobumnene. Umuntu onikeza isiqondiso kumelwe akuqaphele njalo ukushiyeka kwakhe.—Galathiya 6:1.
Ngaphambi Kokwahlulela, Zama Ukuqonda
6. Lapho kudingekile ukwahlulela kwethu, kumelwe kwenziwe phezu kwaziphi izisekelo, futhi yiluphi usizo okumelwe silufune ukuze singabi abagxeka ngokweqile?
6 UJesu wayengezelanga ukwahlulela izwe kodwa ukulisindisa. Noma iziphi izahlulelo azenza kwakungezona ezakhe kodwa zazisekelwe emazwini awanikezwa uNkulunkulu ukuba awakhulume. (Johane 12:47-50) Noma iziphi izahlulelo esizenzayo nazo kumelwe zivumelane neZwi likaJehova. Kumelwe sinqobe ukuthambekela kobuntu kokuthanda ukugxeka. Ekwenzeni lokhu, kumelwe sithandazele usizo lukaJehova ngokuphikelelayo: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa. Ngoba bonke abacelayo bayamukela, bonke abafunayo bayathola futhi bonke abangqongqozayo bayovulelwa.” (Mathewu 7:7, 8, NW) Ngisho noJesu wathi: “Mina ngingenze-lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.”—Johane 5:30.
7. Imuphi umkhuba okumelwe siwuhlakulele oyosisiza ekusebenziseni uMthetho Wegolide?
7 Akumelwe sihlakulele umkhuba wokwahlulela abantu, kodwa wokuzama ukubaqonda ngokuzibeka esimweni sabo—okungeyona into elula ukuyenza kodwa okuyinto edingekile uma sifuna ukwenza ngokuvumelana noMthetho Wegolide, uJesu awumemezela ngokulandelayo: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.” (Mathewu 7:12) Ngakho abalandeli bakaJesu kumelwe bazwele futhi baqonde isimo esingokwengqondo, esingokomzwelo, nesingokomoya sabanye. Kumelwe baqaphele futhi baqonde izidingo zabanye futhi babe nesithakazelo somuntu siqu ekubasizeni. (Filipi 2:2-4) Eminyakeni eminingi kamuva uPawulu wabhala: “Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”—Galathiya 5:14.
8. UJesu wakhuluma ngaziphi izindlela ezimbili, futhi kungani enye yazo ikhethwa iningi labantu?
8 Ngokulandelayo uJesu wathi: “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.” (Mathewu 7:13, 14) Abaningi ngalezozinsuku bakhetha indlela eyisa ekubhujisweni futhi abaningi basenza kanjalo. Indlela ebanzi ivumela abantu ukuba bacabange ngokuthanda kwabo futhi baphile ngokuthanda kwabo: akukho mithetho, azikho izibopho, indlela nje yokuphila yokuthatha kalula, konke kulula. Kubona ukuthi “phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane” akusebenzi!—Luka 13:24.
9. Kudingani ukuhamba endleleni eyingcingo, futhi isiphi isixwayiso uJesu asinikeza labo abahamba kuyo?
9 Kodwa umnyango omncinyane ophumela endleleni eyisa ekuphileni okuphakade. Kuyinkambo edinga ukuzithiba. Kungase kuhlanganise ukuyala okuyohlola izisusa zakho futhi kuvivinye imfanelo yokuqina kokuzinikezela kwakho. Lapho ushushiso lufika, lendlela iba maholo futhi idinge ukukhuthazela. UJesu uxwayisa labo abahamba kulendlela: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathisé okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.” (Mathewu 7:15) Lencazelo yayifanelana ncamashí nabaFarisi. (Mathewu 23:27, 28) ‘Babehlezi esihlalweni sikaMose,’ bezisholo ukuthi bakhulumela uNkulunkulu kuyilapho belandela amasiko abantu.—Mathewu 23:2.
Indlela AbaFarisi ‘Abavalela [Ngayo] Abantu UMbuso’
10. Kungayiphi indlela eqondile ababhali nabaFarisi ababefuna ngayo ‘ukuvalela abantu umbuso’?
10 Ngaphezu kwalokho, abefundisi abangamaJuda bafuna ukuvimba labo abafuna ukungena ngesango elincane. “Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.” (Mathewu 23:13) Inqubo yabaFarisi yayinjengoba nje uJesu axwayisa. ‘Babeyolahla igama labafundi bakhe ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu.’ (Luka 6:22) Ngenxa yokuthi indoda eyazalwa iyimpumputhe futhi yaphulukiswa uKristu yayikholelwa ukuthi uJesu unguMesiya, bayixosha esinagogeni. Abazali bayo babengenakuyiphendula imibuzo ngoba babesaba ukuxoshwa esinagogeni. Ngesizathu esifanayo, abanye abakholelwa ukuthi uJesu unguMesiya baba manqikanqika ukukuvuma obala.—Johane 9:22, 34; 12:42; 16:2.
11. Iziphi izithelo ezikhiqizwa abefundisi beLobukholwa ezibadalulayo?
11 “Niyakubazi ngezithelo zabo,” kusho uJesu. “Yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.” (Mathewu 7:16-20) Umthetho ofanayo uyasebenza namuhla. Abaningi babefundisi beLobukholwa basho okunye benze okunye. Nakuba bezisholo ukuthi bafundisa iBhayibheli, basekela ukuhlambalaza okunjengoZiqu-zintathu nesihogo somlilo. Abanye bayasiphika isihlengo, befundisa ukuziphendukela kwemvelo kunendalo, futhi bashumayela ulwazi lwengqondo oluthandwayo ukuze bakitaze izindlebe. NjengabaFarisi, abaningi babefundisi banamuhla bangabathandi bemali, bephanga imihlambi yabo izigidi zamaRandi. (Luka 16:14) Bonke bamemeza ukuthi, “Nkosi, Nkosi,” kodwa ukusabela kukaJesu kubo kuthi: “Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.”—Mathewu 7:21-23.
12. Kungani abanye abake bahamba endleleni eyingcingo beyekile ukwenza kanjalo, futhi kunamuphi umphumela?
12 Namuhla, abanye abake bahamba endleleni eyingcingo baye bayeka ukwenza kanjalo. Bathi bayamthanda uJehova, kodwa abawulaleli umyalo wakhe wokushumayela. Bathi bayamthanda uJesu, kodwa abazondli izimvu zakhe. (Mathewu 24:14; 28:19, 20; Johane 21:15-17; 1 Johane 5:3) Abafisi ukuboshelwa ejokeni nalabo abahamba ezinyathelweni zikaJesu. Bathola indlela eyingcingo iyingcingo kakhulu. Bakhathala ukwenza okuhle, ngakho “baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi.” (1 Johane 2:19) Babuyela ebumnyameni, futhi ‘yeka ukuthi lobobumnyama bukhulu kangakanani!’ (Mathewu 6:23) Abakunakanga ukunxusa kukaJohane: “Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.”—1 Johane 3:18.
13, 14. Imuphi umfanekiso owanikezwa uJesu ngokusebenzisa amazwi akhe ekuphileni kwethu, futhi kungani kwakufaneleka kangaka ngalabo ababesePalestina?
13 UJesu waphetha iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni ngomfanekiso oshukumisayo: “Yilowo nalowo owezwa lawamazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyondlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.”—Mathewu 7:24, 25.
14 EPalestina izimvula ezinkulu zazigelezisa amanzi emiseleni embekile abe izikhukhula ezibhubhisayo ezigobhoza ngamandla. Ukuze izindlu zingakhukhuleki, zazidinga izisekelo ezakhiwe phezu kwedwala eliqinile. Ukulandisa kukaLuka kubonisa ukuthi umuntu “wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni.” (Luka 6:48) Kwakuwumsebenzi onzima, kodwa kwakubuyisela lapho kufika isiphepho. Ngakho ukwakhela izimfanelo zobuKristu emazwini kaJesu kuyoba okuzuzisayo lapho kugadla isikhukhula esiza ngamandla sesitha.
15. Uyoba yini umphumela ngalabo abalandela amasiko abantu kunokulalela amazwi kaJesu?
15 Enye indlu yayakhiwe esihlabathini: “Yilowo owezwa lawamazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyondlu, yawa, kwaba-kukhulu ukuwa kwayo.” Kuyoba njalo ngalabo abathi “Nkosi, Nkosi” kodwa behluleka ukwenza lokho uJesu akushoyo.—Mathewu 7:26, 27.
“Kungenjengababhali Babo”
16. Waba yini umphumela kulabo abezwa iNtshumayelo yaseNtabeni?
16 Waba yini umphumela weNtshumayelo yaseNtabeni? “Kwathi uJesu eseqedile lawomazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.” (Mathewu 7:28, 29) Bashukunyiswa ngokujulile yilowo owayekhuluma ngegunya ababengakaze balizwe ngaphambili.
17. Yini ababhali okwakumelwe bayenze ukuze benze imfundiso yabo isebenze, futhi bathini ngezihlakaniphi ezifile ezazicashunwa?
17 Akukho mbhali owake wakhuluma ngegunya lakhe siqu, njengoba lombhalo ogciniwe ongokomlando ubonisa: “Ababhali babetsheleka igunya lokwamukeleka kwemfundiso yabo emasikweni, nakubaqambi bawo: futhi akukho ntshumayelo yanoma imuphi umbhali eyayinegunya noma ukubaluleka, ngaphandle [kokucaphuna] amazwi athi . . . ORabi banesiko elithi, noma . . . Amadoda ahlakaniphile athi; noma inkulumo ethile enjalo engokwesiko. UHillel Omkhulu wafundisa ngeqiniso, nanjengoba isiko laliphathelene nento ethile; ‘Kodwa, nakuba akhuluma ngaleyondaba usuku lonke, . . . abazange bayamukele imfundiso yakhe, kwaze kwaba yilapho ethi ekugcineni, Ngizwe kanjalo kuShemaia noAbtalion [izikhulu ezandulela uHillel].’” (ICommentary on the New Testament From the Talmud and Hebraica, kaJohn Lightfoot) AbaFarisi baze ngisho bathi igunya balithola ezihlakaniphini ezafa kudala: “Izindebe zabalungile, lapho othile ecaphuna imfundiso ethile yomthetho emagameni abo—izindebe zabo zikhuluma buthule kanye nabo ethuneni.”—Torah—From Scroll to Symbol in Formative Judaism.
18. (a) Imuphi umehluko owawukhona phakathi kokufundisa kwababhali nokukaJesu? (b) Ukufundisa kukaJesu kwakuvelele kakhulu ngaziphi izindlela?
18 Ababhali babecaphuna abantu abafile njengegunya labo; uJesu wakhuluma ngegunya alinikwe uNkulunkulu ophilayo. (Johane 12:49, 50; 14:10) ORabi babekhipha amanzi akhuntile emithonjeni evaliwe; uJesu waletha imithombo yamanzi aqabulayo aqeda ukoma kwangaphakathi. Wayethandaza futhi ezindla ebusuku, futhi lapho ekhuluma, wayefinyelela ekujuleni kubantu ababengakaze babaqaphele ngaphambili. Wayekhuluma ngamandla ababengawezwa, igunya ngisho nababhali, abaFarisi, nabaSadusi ekugcineni ababesaba ukulibekela inselele. (Mathewu 22:46; Marku 12:34; Luka 20:40) Kwakungakaze kukhulume muntu ngalendlela! Ekuphetheni kwaleyontshumayelo, izixuku zashiywa zimangele!
19. Ezinye izindlela zokufundisa ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova namuhla zifana kanjani nezazisetshenziswa uJesu eNtshumayelweni yaseNtabeni?
19 Kuthiwani ngosuku lwanamuhla? Njengezikhonzi zendlu ngendlu, oFakazi BakaJehova basebenzisa izindlela ezifanayo. Ake sithi umninikhaya uyakutshela: “Isonto lami lithi umhlaba uzoshiswa.” Uphendula ngokuthi: “Lona kanye iBhayibheli lakho lesiZulu Esivamile lifundeka kanje kumShumayeli 1:4: ‘Umhlaba umi phakade’” Lomuntu uyamangala. “Phela, bengingazi ukuthi kukhona lokho eBhayibhelini lami!” Omunye uthi: “Ngiye ngezwa njalo ukuthi izoni ziyosha esihogweni somlilo.” “Kodwa lona kanye iBhayibheli lakho lithi kumaRoma 6:23: ‘Inkokhelo yesono ingukufa.’” Noma ngoZiqu-zintathu: “Umfundisi wami uthi uJesu noYise bayalingana.” “Kodwa kuJohane 14:28 iBhayibheli lakho licaphuna uJesu ethi: ‘UBaba mkhulu kunami.’” Omunye umuntu uthi kuwe: “Ngiye ngezwa kuthiwa uMbuso kaNkulunkulu uphakathi kwakho.” Ukusabela kwakho: “KuDaniyeli 2:44 iBhayibheli lakho lithi: ‘Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa: . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.’ Kungaba kanjani lokho phakathi kwakho?”
20. (a) Imuphi umehluko okhona phakathi kwendlela yokufundisa yoFakazi neyabefundisi beLobukholwa? (b) Manje isikhathi sani?
20 UJesu wayekhuluma ngegunya alinikwe uNkulunkulu. OFakazi BakaJehova bakhuluma ngegunya leZwi likaNkulunkulu. Abefundisi beLobukholwa bakhuluma ngamasiko enkolo angcoliswe izimfundiso ezisuka eBabiloni naseGibithe. Lapho abantu abaqotho bezwa izinkolelo zabo zilahlwa iBhayibheli, bayamangala futhi bababaze: ‘Bengingazi ukuthi kukhona lokho eBhayibhelini lami!’ Kodwa kukhona. Manje yisikhathi sokuba bonke labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya balalele amazwi kaJesu eNtshumayelweni yaseNtabeni futhi ngaleyondlela bakhele esisekelweni sedwala esihlala njalo.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Kunokuba sikhiphe isahlulelo, yini okumelwe sizame ukuyenza, futhi ngani?
◻ Kungani abaningi kangaka namuhla bekhetha indlela ebanzi?
◻ Kungani indlela kaJesu yokufundisa yayihluke kangaka kweyababhali?
◻ Waba yini umphumela weNtshumayelo yaseNtabeni kwababeyilalele?