Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda—1988 | Januwari 1
    • 15. (a) Yiziphi iziyalezo uJesu azinika abafundi bakhe lapho ebathuma ukuba bayoshumayela? (b) Abanye abahlaziyi beBhayibheli baye bakuchaza kanjani lokhu?

      15 Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, nabo futhi wabathuma ngokuqondile kubantu. Lokhu kubonakala eziyalezweni zakhe ezilotshwe kuMathewu 10:1-15, 40-42. Evesini 11 wathi: “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.” IThe Jerusalem Bible ihumusha lelivesi ngalendlela: “Buzani othembekileyo,” njengokungathi abafundi kwakumelwe bayobuza kothile ovelele noma onolwazi emuzaneni ukuze bathole ukuthi ngubani owayenedumela elihle futhi kanjalo owayefanelwe isigijimi. (Bheka futhi inguqulo kaWeymouth neKing James Version.) Futhi lena incazelo nabahlaziyi abathile beBhayibheli abayinikezayo ngevesi 11.

  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda—1988 | Januwari 1
    • 17. Yini ebonisa ukuthi abafundi bakaJesu babengahambeli kuphela abantu abafaneleyo ngesisekelo sokuthi baye batuswa noma bakhethwa?

      17 Lokhu kubonakala emazwini kaJesu akuMathewu 10:14: “Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyondlu noma kulowomuzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.” UJesu wayekhuluma ngokuhambela kwabafundi abantu bengamenyiwe ukuze babashumayeze. Yiqiniso, babeyokwamukela futhi nendawo yokuhlala komunye wabaninikhaya oye wasabela esigijimini. (Mathewu 10:11) Kodwa okwakusemqoka kwakuwumsebenzi wokushumayela. KuLuka 9:6 kuboniswe ukuthi: “Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.” (Bheka futhi uLuka 10:8, 9.) Abantu abafaneleyo abaye bemukela abafundi ezindlini zabo njengabaprofethi, mhlawumbe bebanika “inkomishi yamanzi abandayo” noma ngisho nezindawo zokulala, babengeke balahlekelwe umvuzo wabo. Babeyokuzwa isigijimi soMbuso.—Mathewu 10:40-42.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela