Ingabe Wakha Esihlabathini Noma Edwaleni?
INGABE uyakujabulela ukufunda iBhayibheli? Ingabe uze ubeke eceleni isikhathi sokufunda iBhayibheli njalo nomunye woFakazi BakaJehova? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi unomuzwa wokuthi ulwazi olutholile luye lwakusiza ukuba uqonde kangcono ukuthi kungani leli zwe likhungethwe yizinkinga njengamanje? (IsAmbulo 12:9, 12) Ngaphezu kwalokho, izindima eziningi zeBhayibheli ziye zakududuza phakathi nezikhathi ezinzima futhi zakunika ithemba lesikhathi esizayo.—IHubo 145:14; 147:3; 2 Petru 3:13.
Ukuzuza ulwazi olunembile lweBhayibheli kuyisinyathelo esibalulekile kulabo abafisa ukuba abalandeli bakaKristu. Kodwa ingabe kuwukuphela kwesinyathelo esidingekayo? Cha. Ukuze ahlale engumKristu weqiniso—ikakhulukazi uma evivinywa ukholo—umfundi weBhayibheli kudingeka athathe esinye isinyathelo esibalulekile. Siphi? Ukuze sithole impendulo, ake sicabangele kafushane iNtshumayelo YaseNtabeni, intshumayelo eyanikezwa nguJesu entabeni eGalile.—Mathewu 5:1, 2.
Ukuvivinywa Kwezindlu Ezimbili
Ingabe ujwayelene nalokho okuqukethwe yiNtshumayelo YaseNtabeni? Ungathola le ntshumayelo edumile emaVangelini kaMathewu noLuka. (Mathewu 5:1–7:29; Luka 6:20-49) Kuthatha nje imizuzu engu-20 ukufunda yonke le ntshumayelo. Noma kunjalo, iqukethe izingcaphuno ezingaphezu kwezingu-20 ezithathwe emiBhalweni YesiHebheru kanye nemifanekiso engaphezu kwengu-50. Omunye umfanekiso—ophathelene nokwakhiwa kwezindlu ezimbili—uyingqayizivele ngoba uJesu wawusebenzisa njengesiphetho sentshumayelo yakhe. Uma uqonda ukubaluleka kwalowo mfanekiso wokuphetha, uyosizwa ukuba ubone indlela ongaqhubeka ngayo uqinile njengomlandeli kaKristu kungakhathaliseki ukuthi ubhekana nakuphi ukuvivinywa kokholo.
UJesu wathi: “Wonke umuntu owezwayo la mazwi ami awenze uyofaniswa nendoda ehlakaniphile, eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nemimoya yayishaya leyo ndlu, kodwa ayizange ibhidlike, ngoba yayisekelwe phezu kwedwala. Ngaphezu kwalokho, wonke umuntu owezwayo la mazwi ami kodwa angawenzi uyofaniswa nendoda eyisiwula, eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nemimoya yayishaya leyo ndlu yabhidlika, kwaba kukhulu ukuwa kwayo.”—Mathewu 7:24-27.
Indoda ‘Eyamba Yajula’
Iliphi iqiniso elibalulekile uJesu alidlulisela kubafundi bakhe ngalo mfanekiso wabakhi ababili? Ukuze uthole, bhekisisa amazwi kaJesu. Yini oyiphawulayo ngalezi zindlu ezimbili? Zombili zabhekana nezinhlekelele ezifanayo. Kungenzeka zazifana. Futhi kungenzeka zazisendaweni efanayo—mhlawumbe zakhelene. Noma kunjalo, enye yayakhiwe esihlabathini, enye edwaleni. Kwakungenzeka kanjani lokho? Njengoba siphawulile eVangelini likaLuka, kwakungenxa yokuthi indoda ehlakaniphile ‘yamba yajula’ ukuze ifinyelele edwaleni. (Luka 6:48) Ngenxa yalokho, indlu yayo yama iqinile.
Iliphi iphuzu uJesu ayefuna ukulicacisa? UJesu walandisa lo mfanekiso ukuze aqokomise izenzo zabakhi, hhayi ukubukeka kwezindlu noma indawo ezikuyo noma amandla emvelo. Enye indoda yamba yajula, kanti enye ayizange yenze kanjalo. Ungafana kanjani nendoda ehlakaniphile eyamba yajula? UJesu uqobo wafingqa iphuzu lalo mfanekiso ngala mazwi: “Khona-ke, ningibizelani ngokuthi ‘Nkosi! Nkosi!’ nibe ningazenzi izinto engizishoyo? Wonke umuntu oza kimi ezwe amazwi ami futhi awenze, ngizonibonisa ukuthi ufana nobani: Ufana nomuntu . . . [owemba] wajula wabeka isisekelo edwaleni.”—Luka 6:46-48.
Yiqiniso, ukulalela nje izimfundiso zeBhayibheli noma ukufunda iBhayibheli ekhaya kunjengokwakha indlu esihlabathini—akudingeki umuntu embe. Kodwa ukusebenzisa izimfundiso zikaKristu kuyinselele. Kuhilela ukumba ujule ukuze ufinyelele edwaleni.
Ngakho-ke, ukuthi uma uqine njengomlandeli kaKristu noma cha kuxhomeke ekutheni uyakusebenzisa yini lokho okuzwayo noma cha. Uma ukusebenzisa ekuphileni kwakho kwansuku zonke lokho okufunda eBhayibhelini, unjengendoda ehlakaniphile eyamba yajula. Ngakho-ke, umfundi ngamunye weBhayibheli kumelwe ame, azibuze: ‘Ingabe ngingumuzwi, noma ngingumenzi? Ingabe ngiyalifunda nje iBhayibheli, noma ngiyayilandela imiyalo yalo uma ngenza izinqumo?’
Imiphumela Yokumba Ujule
Cabangela okwenzeka kuJosé. Abazali bakhe bamkhulisa ukuba ahloniphe izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli, kodwa wayengalifundi ngokwakhe iZwi likaNkulunkulu. UJosé uthi: “Lapho ngithutha ekhaya, ngazama ukwenza okuhle, kodwa ngangizungezwe abangane ababi. Ngaqala ukudla izidakamizwa, ukuziphatha kabi futhi ngangilwa njalo.”
Ngokuhamba kwesikhathi, uJosé wanquma ukushintsha indlela aphila ngayo futhi waqala ukufunda iBhayibheli ngokuzimisela. Uthi: “Into eyangishukumisela ukuba ngishintshe ngempela kwakuwukufunda nokuqonda iNtshumayelo kaJesu yaseNtabeni. Kodwa kwangithatha isikhathi eside ukwenza ushintsho ebuntwini bami nasendleleni yokuphila. Ekuqaleni, ngangisaba ukuthi ‘abangane’ bami bazocabangani ngami, kodwa ngakunqoba lokho kwesaba. Ngayeka amanga nenhlamba futhi ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngafunda ukuthi njengoba nje uJesu athembisa, ukuphila ukuphila okulula nokusebenzisa iseluleko seBhayibheli kuyayiletha ngempela injabulo ehlala njalo.”—Mathewu 5:3-12.
Uyoba yini umphumela uma umba ujule ukuze wakhe edwaleni—okuwukuthi, uma ukusebenzisa ngenkuthalo lokho okufunda eZwini likaNkulunkulu? UJesu wathi: “Lapho kuba nesikhukhula, umfula wayishaya leyo ndlu, kodwa wawungenawo amandla okuyinyakazisa, ngenxa yokwakhiwa kwayo kahle.” (Luka 6:48) Ngokuqinisekile, uma wakha kahle ngokusebenzisa lokho okufundayo, indlu yakho ngeke nje igcine ngokumelana nokuvivinywa okunjengeziphepho kodwa futhi ngeke inyakaziswe. Yeka indlela okududuza ngayo lokho!
Umfundi uJakobe, owayengumfowabo kaJesu ngamzali munye, ubala esinye isibusiso esitholwa abafundi beBhayibheli abangagcini nje ngokuzwa kodwa abangabenzi bangempela beZwi likaNkulunkulu elilotshiwe. UJakobe wabhala: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela . . . Lowo obukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lo muntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi, uyojabula lapho ewenza.”—Jakobe 1:22-25.
Ngokuqinisekile, labo abasebenzisa iseluleko seBhayibheli bayajabula ngempela. Leyo njabulo inikeza abalandeli bakaKristu amandla okuma beqinile lapho bebhekene nokuvivinywa okunjengesiphepho okuvivinya ukholo lwabo nobuqotho bokuzinikela kwabo kuNkulunkulu.
Uyokwenzenjani?
Lapho uJesu enikeza iNtshumayelo YaseNtabeni, wagcizelela ukuthi ukukhonza uJehova uNkulunkulu akuyona indaba yalokhu kanye nalokhuya, kodwa lokhu noma lokhuya. Ngokwesibonelo, uJesu wafundisa ukuthi umuntu uba neso elihle noma elibi, ukhonza uNkulunkulu noma ingcebo, uhamba endleleni enyinyekile noma endleleni evulekile. (Mathewu 6:22-24; 7:13, 14) Khona-ke, lapho ephetha umfanekiso wakhe wabakhi ababili, uJesu wathi abalandeli bakhe mabakhethe phakathi kwezinto ezimbili: Ukwenza njengendoda ehlakaniphile noma njengendoda eyisiwula.
Uma uqhubeka ukusebenzisa ngenhliziyo yonke lokho okufundayo lapho utadisha iBhayibheli, uyobe wenza ngokuhlakanipha. Yebo, ukumba ujule ukuze wakhe edwaleni kuyokulethela izibusiso manje nasesikhathini esizayo.—IzAga 10:25.
[Izithombe ekhasini 30]
Ukuma kwethu siqinile kuxhomeke ekusebenziseni lokho esikufundayo