-
Uzokhubeka Yini Ngenxa KaJesu?INqabayokulinda (Efundwayo)—2021 | Meyi
-
-
(3) UJESU AKAWAGCINANGA AMASIKO AMANINGI AMAJUDA
Abaningi bakhubeka ngenxa yokuthi uJesu walahla amanye amasiko abo. Abanye bangakhutshwa kanjani into efanayo namuhla? (Bheka isigaba 13)d
13. Yini eyenza abaningi bamlahla uJesu?
13 Ngosuku lukaJesu, abafundi bakaJohane uMbhapathizi bamangazwa ukuthi abafundi bakaJesu abakuzilanga ukudla. UJesu wabachazela ukuthi sasingekho isidingo sokuba bazile ukudla esaphila. (Math. 9:14-17) Noma kunjalo, abaFarisi nabanye abaphikisi bakaJesu bamlahla ngenxa yokuthi wayengawagcini amasiko abo. Bathukuthela ngesikhathi elapha abagulayo ngeSabatha. (Marku 3:1-6; Joh. 9:16) Nakuba babethi bayalihlonipha iSabatha, izenzo zabo zazisho okuhlukile ngoba babeqhuba ibhizinisi ethempelini. Bathukuthela lapho uJesu ebaxosha. (Math. 21:12, 13, 15) Nalabo uJesu ayeshumayela kubo esinagogeni eNazaretha, bathukuthela bagan’ unwabu ngesikhathi esebenzisa izibonelo zomlando ka-Israyeli ukuze ababonise ukuthi bangamagovu futhi bantula ukholo. (Luka 4:16, 25-30) Indlela ehlukile kaJesu yokwenza izinto yabakhuba abaningi.—Math. 11:16-19.
14. Kungani uJesu alahla amasiko abantu angavumelani nemiBhalo?
14 Ithini imiBhalo? UJehova washo lokhu esebenzisa umprofethi u-Isaya: “Lesi sizwe sithi siza kimi singidumisa ngezindebe zaso, kodwa inhliziyo yaso ikude nami; singesaba ngenxa yemiyalo esiyifundiswe ngabantu.” (Isaya 29:13) UJesu wenza into efanele ngokulahla amasiko abantu angavumelani nemiBhalo. Labo ababecabanga ukuthi imithetho namasiko abantu kubaluleke ukwedlula imiBhalo bamenqaba uJehova nalowo amthuma njengoMesiya.
-
-
Uzokhubeka Yini Ngenxa KaJesu?INqabayokulinda (Efundwayo)—2021 | Meyi
-
-
(4) UJESU AKAZANGE ASHINTSHE EZEPOLITIKI
Abaningi bakhubeka ngenxa yokuthi uJesu wayengenandaba nezepolitiki. Abanye bangakhutshwa kanjani into efanayo namuhla? (Bheka isigaba 17)e
17. Yini eyakhuba abantu abaningi ngosuku lukaJesu?
17 Abanye ngosuku lukaJesu babelufuna ngokushesha ushintsho kwezepolitiki. Babelindele ukuba uMesiya abakhulule ekucindezelweni ukubusa kwamaRoma. Kodwa lapho bezama ukwenza uJesu inkosi yabo, wenqaba. (Joh. 6:14, 15) Abanye—kuhlanganise nabapristi—babekhathazeke ngokuthi uJesu wayeyoletha ushintsho kwezepolitiki olwaluyothukuthelisa amaRoma, ayenike labo baholi benkolo isilinganiso esithile samandla negunya. Lokho kukhathazeka ngezepolitiki kwabangela ukuba amaJuba amaningi akhubeke.
18. Yiziphi iziprofetho zeBhayibheli ezimayelana noMesiya abaningi abangazange bazinake?
18 Ithini imiBhalo? Nakuba iziprofetho eziningi zabikezela ukuthi uMesiya wayeyogcina eyiQhawe elinqobayo, ezinye iziprofetho zabonisa ukuthi kwakuyodingeka aqale afele izono zethu. (Isaya 53:9, 12) Pho kungani babenamathemba angafanele? Abaningi ngosuku lukaJesu babengahambisani nanoma isiphi isiprofetho esinganikezi isixazululo esisheshayo ezinkingeni zabo.—Joh. 6:26, 27.
-