Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukholo Olukhulu Lwenduna Yekhulu
LAPHO uJesu enikeza iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni usesebenze cishe ingxenye yesikhathi senkonzo yasobala. Lokhu kusho ukuthi usesalelwe cishe unyaka nezinyanga eziyisishiyagalolunye ukuba aqede umsebenzi wakhe emhlabeni.
UJesu manje ungena emzini waseKapernawume owawusufana nendawo ayesukela kuyo lapho eya emsebenzini. Lapha kufika kuye amadoda amadala amaJuda enesicelo. Athunywa induna yebutho lamaRoma engeyezizwe.
Inceku ethandekayo yenduna yekhulu igula kakhulu futhi isizofa, futhi ifuna ukuba uJesu asindise inceku yayo. AmaJuda ancengela induna kuJesu, athi: “Ifanele ukuba uyenzele lokho, ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge.”
Ngaphandle kokungabaza, uJesu uhamba namadoda. Nokho lapho sebeseduze, induna yekhulu ithumela kuye abangane ukuba bathi: “Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami. Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe.”
Yeka amazwi okuthobeka enduna ejwayele ukushayela abanye umthetho! Kodwa futhi ngokunokwenzeka icabanga ngoJesu, iqaphela ukuthi umthetho unqabela umJuda ukuba angazihlanganisi nabangemaJuda. Ngisho noPetru wathi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe.”
Mhlawumbe ngenxa yokuba ingafuni ukuba uJesu ezwe imiphumela yokwephula lomthetho, induna ithumela abangane bayo ukuba bamcele: “Yisho izwi, khona inceku yami iyakusinda. Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; nakwelinye: Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze.”
Nokho, lapho ezwa lokhu uyamangala. Uthi: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwaIsrayeli ukukholwa okungaka kumuntu.” Emva kokusindisa inceku yenduna, uJesu usebenzisa lesenzakalo ukuze alandise ukuthi kukanjani abangemaJuda abakholwayo beyothola izibusiso ezenqatshwa amaJuda angakholwa.
UJesu uthi: “Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni noAbrahama nolsaka noJakobe embusweni wezulu, kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
‘Abantwana bombuso abakhishelwa ebumnyameni obungaphandle’ bangamaJuda emvelo angalemukeli ithuba elinikezwa wona kuqala lokuba ababusi noKristu. UAbrahama, ulsaka noJakobe bamelele ilungiselelo loMbuso kaNkulunkulu. Ngakho uJesu ulandisa ukuthi kukanjani abeZizwe, ngomqondo ongokomfanekiso, beyokwamukelwa ukuba bahlale etafuleni elingokwasezulwini “embusweni wezulu.” Luka 7:1-10; Mathewu 8:5-13; IzEnzo 10:28.
◆ Kungani amaJuda ancengela induna yekhulu eyayingeyeZizwe?
◆ Kungenzeka ukuthi sasiyini isizathu sokuba induna icele ukuba uJesu angangeni endlini yayo?
◆ Wayesho ukuthini uJesu ngamazwi akhe okuphetha?