Ukuzinikezela—Kubani? Ngani?
“Kodwa ‘niyisizwe esikhethiweyo, ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele [isizwe esizinikezele], abantu abazuziweyo.’”—1 Petru 2:9, “New World Translation; New Jerusalem Bible; The New English Bible.”
1, 2. (a) Ingabe uAbraham Lincoln wayengowesonto elithile leLobukholwa, nokho enkulumweni yakhe yaseGettysburg wathini ngesizwe ayengumongameli waso? (b) Isiphi isenzo esibonisayo noma lesisizwe siyathembela kuNkulunkulu, futhi uhulumeni oyolandela izinkathazo zezwe uyoba njani “kubantu”?
KUWO WONKE amasonto eLobukholwa, akukho nelilodwa elalingathi umongameli we-16 waseUnited States of America uyilungu lalo. Kodwa, lapho enikeza inkulumo yakhe edumile yaseGettysburg ngoNovember 19, 1863, uAbraham Lincoln, indoda eyayifunda iBhayibheli, washo lamazwi anamandla:
“Eminyakeni engamashumi ayisiphohlongo nesikhombisa edlule okhokho bethu baletha kulelizwekazi, isizwe esisha, esasizalelwe iNkululeko, futhi sizinikezele emqondweni wokuthi bonke abantu badalwa belingana. . . . Kodwa, ngengqondo ebanzi, asinakunikezela—asinakuwungcwelisa—lomhlabathi. Amadoda anesibindi, aphilayo nasafa, ayezabalaza lapha, aye awungcwelisa, ngaphezulu kakhulu kwamandla ethu abuthakathaka ukuba sinezele noma sisuse. . . . Kukuthina abaphilayo, ukuba sizinikezele lapha kulomsebenzi ongaphelile lowo laba abalwa lapha abaye bawuthuthukisa kuze kube manje. Kukuthina ukuba sizinikezele emsebenzini osasele phambi kwethu . . .”
2 Kusukela kuleyonkulumo engakhohlakali enkundleni yempi eGettysburg, ePennsylvania, iUnited States iye yaphambana nokushiwo isisho esisemalini yayo, idollar, “Sithembela KuNkulunkulu.” Naphezu kokuzinikezela kukamongameli nokwanoma yimaphi amaMelika aqotho kusona, “uhulumeni wabantu, ngokukhethwa yibo,” “uyophela emhlabeni.” Ngokujabulisayo, “ngabantu” lokhu akunakuba yinhlekelele ehlala njalo, ngoba kuyolandela uhulumeni wobukhosi ophakeme kaNkulunkulu ngeNkosi yakhe emisiwe, uJesu Kristu, ukuze kubusiswe bonke abakhileyo kulembulunga, kuhlanganise nalokho namuhla okuyizwekazi laseMelika.
3, 4. (a) Isiphi-ke “isizwe” esiyovela? (b) Kukumaphi amazwi kaJehova ayebhekiselwe kumaIsrayeli uPetru ayecaphuna kuwo ngokuqondene nalesi“sizwe” esisha?
3 Khona-ke kuyoba khona isizwe esisha. Yisiphi lesosizwe? Yileso lamazwi aphefumlelwe ayeqondiswe kuso: “Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo.”—1 Petru 2:9.
4 Ngalawomazwi umphostoli uPetru ucaphuna inkulumo eyasetshenziswa uNkulunkulu ngokuqondene nabantu baKhe abakhethiwe uIsrayeli, ngalesosikhathi ababeseNtabeni iSinayi eArabiya, njengoba ilotshwe kuEksodusi 19:5, 6. Lapho siyafunda: “Uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba-yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami, nibe-ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele.”
5. Ngokwendlela iBhayibheli eliwasebenzisa ngayo lamagama, ingabe “ukungcwelisa” no“kunikezela” kusho into efanayo?
5 KuEksodusi 19:6 no-1 Petru 2:9, ezicashunwe ngenhla, ezinye izinguqulo ziyayandisa lenkulumo elula ethi “isizwe esingcwele” ngokuyihumusha ngokuthi “isizwe esizinikezele.”a (Bheka iThe Jerusalem Bible; Moffatt; Knox; The New English Bible.) Ukwamukela izindinganiso zikaJehova nokuphila ngazo kwakuyohlukanisa amaIsrayeli njengabantu abangcwele noma abazinikezele. UNkulunkulu uyakwazi “ukungcwelisa” noma “ukunikezela” into noma umuntu noma iqembu labantu. NgokukaNkulunkulu, lamagama amabili ngokuyisisekelo angasho into efanayo. Nokho, abantu abangaphelele noma bengenakukwazi “ukungcwelisa” noma yini, bayenze ihlanzeke ngenxa yenjongo engcwele, bangakwazi ngokufanelekile nangothando “ukunikezela” okuthile, kuhlanganise nabo ngokwabo.
6. (a) Ngokuthi, “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza,” isiphi isinyathelo esasithathwa isizwe sakwaIsrayeli, ngabanye nanjengeqembu? (b) Kukuliphi ilungiselelo uNkulunkulu abaletha kulo ngaphandle kokucindezela?
6 UNkulunkulu wanxusa amaIsrayeli akhululiwe ukuba abe isizwe esingcwele kuye uma ‘elalela nokulalela izwi lakhe futhi egcina isivumelwano sakhe.’ Aphendula: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” Ngakho-ke, ngabanye nanjengeqembu, ngokungaguquki bazinikezela kuMsindisi wabo, uJehova uNkulunkulu. Nakuba uJehova ayesebakhethile kakade ngenxa yokuthi babeyinzalo yemvelo ka-Abrahama, futhi eye wabakhulula ngokuyisimangaliso eGibithe bawela uLwandle Olubomvu, nokho walindela ukuba amaIsrayeli azinikezele ngokwawo kuyena nasekumkhulekeleni ngokuzithandela. Ngalesisekelo enziwa abantu bakaJehova besivumelwano. Ngokuqondene nalokhu, siyafunda:
“Isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi, wafafaza incwadi nabantu bonke, ethi: Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyalé ngaso uNkulunkulu.”—Heberu 9:19, 20; Eksodusi 24:1-8.
7. (a) Sasiyoba yini isimo samaJuda ezizukulwaneni ezilandelayo? (b) Ayengalahlekelwa kanjani isimo sawo sokuzinikezela?
7 Izizukulwane ezilandelayo zamaJuda zaziyozalelwa kulesisizwe esizinikezele, futhi ngenxa yalokho, zizalelwe ebuhlotsheni bokuzinikezela kuNkulunkulu. Kodwa ngabanye, lapho sebekhulele ebudaleni bokuzinqumela, kwakuyodingeka balingise lawomaJuda eNtabeni iSinayi ekuboniseni ngezisusa zezinhliziyo zabo nezenzo ukuthi babezinikezele ngempela kuJehova ukuze baqhubeke bekulesisizwe esingcwele besebuhlotsheni obuhle. Ngempela, inhlalakahle yabo njengesizwe kanye nokuphila kwabo kwakuhilelekile. Lokhu kuyiqiniso ngoba uNkulunkulu angasisusa isimo sobungcwele asibeka phezu kwabantu, uma bengasifanelekele, asidlulisele kulabo abafanelekayo. Kungaleso sizathu umphostoli uPetru asebenzisa amazwi okuqala kaNkulunkulu kuIsrayeli ongokwemvelo, ukuthi kuyena wayezokuba “ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele,” esizweni esisha samaKristu esaba khona ngePentekoste lika-33 C.E. Lokhu kugudluzwa kokuqashelwa okungcwele kweza kanjani?
8. (a) Lapho uPetru ebhala incwadi yakhe yokuqala ephefumlelwe, iyiphi inhlekelele eyayizokwehlela amaIsrayeli, futhi ibuphi ubuhlobo amaJuda ayengasenabo noJehova uNkulunkulu? (b) Ngakho-ke, obani abakha “isizwe esingcwele”?
8 Lapho umphostoli ebhala amazwi ka-1 Petru 2:9, abantu abangamaJuda babesondela enhlekeleleni yesizwe. Umuzi wabo owawunethempeli waseJerusalema wawuzobhujiswa ngamabutho amaRoma bona basakazwe nezwe lonke, njengoba uJesu ayebikezele. (Luka 21:20-24) Ngokudabukisayo, ngo-33 C.E., babemenqabile uJesu Kristu uMlamuleli wesivumelwano esisha sikaNkulunkulu, futhi ngokungangabazeki uMthetho omdala wesivumelwano owawunoMose njengomlamuleli wawungasasebenzi. “UIsrayeli [o]ngokwenyama” manje wayenqatshwa. (1 Korinte 10:18; Mathewu 23:38) UJehova uNkulunkulu wayeseveze isizwe esisha sikaIsrayeli ongokomoya. (Roma 9:6; Galathiya 6:15, 16) Lesi“sizwe esihlukanisiwe” esisha sasihlanganiswa abafundi bakaJesu Kristu labo uPetru abhekisela kubo encwadini yakhe, ethi, “bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya.”—1 Petru 1:1, 2.
9. Ingabe uNkulunkulu wayewazi kusengaphambili amalungu alesosizwe esingcwele ngamanye, futhi aba kanjani “isizwe” esikhethiweyo?
9 Lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu wayazi amalungu ngamanye futhi wawamisa ngamagama ngaphambi kwesikhathi. Kunalokho, wazi kusengaphambili ukuthi wayezoveza isizwe esisha, “isizwe esingcwele,” futhi wazazi ngaphambili izinto ezaziyodingeka elungwini ngalinye ukuze likhethwe futhi lingeniswe esizweni esingcwele. Futhi, lesizwe esingokomoya sasizokwenziwa sibe ngcwele ngokukhethekile ngomoya kaNkulunkulu ongcwele, amalungu alesizwe ezelwe ngomoya ukuba abe ngamadodana kaNkulunkulu angokomoya. (Thithu 3:4-7) Kulesisizwe sobungcwele ayengase akhonze njenga“bapristi bobukhosi.” Njengabazelwe ngomoya, babeyi“sizwe,” “isizwe esikhethiwe.”
10. Njengoba uNkulunkulu esebenzelana namaKristu agcotshiwe njenge“sizwe” noma iqembu, imiphi-ke imibuzo ephakamayo ngokuqondene nomthwalo wemfanelo welungu ngalinye?
10 Kodwa ukuzinikezela kuJehova kwamalungu ngamanye kwesizwe esisha kungena kanjani endabeni? Njengoba uJehova ‘ewangcwelisa’ noma ‘ewanikezela’ njengeqembu noma isizwe, ingabe ngamanye ngokulalela azinikezela ngokungagodli lutho kuNkulunkulu ukuze amukeleke njengamalungu alesisizwe esisha? Ingabe umbhalo awusho nje kalula ukuthi: ‘Kholwa eNkosini uJesu Kristu futhi uzosindiswa’? Noma, kalula nje, ‘Phenduka uguquke’? Ngakho-ke, ingabe akukhona yini ukukholwa nje, ukuphenduka nokuguquka okukhulunyelwa njengokudingekayo ukuze umuntu abe ngumfundi kaJesu, umKristu? Ingabe uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, wasithatha isinyathelo sokuzinikezela ngesikhathi esemhlabeni? Ake sibone.
“Ngiyeza . . . Ukwenza Intando Yakho”
11. UJesu wazalwa ngaphansi kwaliphi ilungiselelo lesivumelwano noNkulunkulu, futhi kwenzeka kanjani lokho?
11 Ngokuqondene nokuzalwa kukaJesu kobuntu, eyabaseGalathiya 4:4 iyasitshela: “Lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho [kaMose].” Ngemva kokuzalwa kwakhe okuyisimangaliso yincasakazi engumJuda, ukusokwa kwakhe ngosuku lwesishiyagalombili kwaqinisekisa ukuthi ngokuzalwa wayengomunye wabantu bakaNkulunkulu besivumelwano, futhi ngokuqondene nalokhu uJosefa noMariya “benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi [uJehova].”—Luka 2:22-24.
12. UJohane wayewabhapathiza ukuze abonakaliseni amaJuda ayeza kuye, kodwa kungani aqale wenqaba ukubhapathiza uJesu?
12 Kwakukulesizwe esizinikezele lapho umanduleli kaJesu Kristu, uJohane uMbhapathizi, athunywa khona ukuba asize lesisizwe siphenduke. Ngisho noJesu wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwaIsrayeli.” (Mathewu 15:24) Isigijimi esasiya kulabantu abazinikezele bakaNkulunkulu sasingesikhethekile, sasingasebenzi ezizweni ezazingewona amaIsrayeli. UJohane uMbhapathizi wamemezela kulezo“zimvu ezilahlekileyo zendlu yakwaIsrayeli” ukuba ziphenduke ezonweni zazo ngokumelene noMthetho wesivumelwano. (Mathewu 3:1-6) “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.” (IzEnzo 19:4) Nokho, lapho uJesu eziletha kuJohane ukuba abhapathizwe emanzini, lokhu ngokusobala kwakungekhona ukubonakaliswa kokuphenduka, ngoba uJesu wayengenasono futhi engeyena umephuli wesivumelwano soMthetho lowo ayezalwe ngaphansi kwawo. UJohane, ekwazi lokhu, wangabaza ukubhapathiza uJesu, kodwa wahambisana nesicelo sakhe uma etshelwa: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” (Mathewu 3:13-17) Wayesho ukuthini?
13. (a) UJesu wawagcwalisa kanjani amaHubo 40:7, 8? (b) Ukubhapathizwa kukaJesu kwabonakalisani?
13 Lapha uJesu wayenza ngokuvumelana nesiprofetho esikhuluma ngaye kumaHubo 40:7, 8: “Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi: Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami.” KumaHeberu 10:5-10 lesosiprofetho sisetshenziswe kuJesu Kristu, ngoba, endabeni kaJesu, uNkulunkulu akazange afune imihlatshelo eyayinikelwa ngokuvumelana noMthetho kaMose wesivumelwano, kodwa wafuna njengomhlatshelo umzimba ophelele wobuntu uNkulunkulu ayewulungiselele iNdodana yakhe ukuba ibe umhlatshelo wesivumelwano esisha. Ngakho uma ebhapathizwa, uJesu wayengazinikezeli kuNkulunkulu, ngoba kakade wayeseyilungu lesizwe esizinikezele, futhi njengongenasono, wayengadingi ukuphenduka. (Heberu 7:26) Kunalokho, ukubhapathizwa kwakhe kwakuyisibonakaliso sokuziletha kwakhe kuYise osezulwini ukuba enze intando yaKhe eqhubekayo. Futhi ngokuqondene nalokhu uJesu wabekela abafundi bakhe isibonelo sokubhapathizwa.
14. (a) Ngemva kokuboshwa kukaJohane, isiphi isigijimi uJesu aqala ukusishumayela? (b) Ukuphenduka nokubhapathizwa ngalesikhathi kwabalungiselelani abantu?
14 Ngemva kokuba uJesu esezwile ukuthi uJohane uMbhapathizi ufakwe ejele, waqalisa umkhankaso wokushumayela kumaIsrayeli ayesezinikezele kakade. “Kusukela kulesosikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 4:17) Ukubhapathizwa njengesibonakaliso sokuphenduka kwaba namandla engeziwe. (Johane 3:26; 4:1, 2) Lapho uMose oMkhulu, uJesu Kristu, enyukela ezulwini futhi ebeka kuJehova uNkulunkulu inani lomhlatshelo wakhe wobuntu uMthetho kaMose wesivumelwano wenziwa ize futhi kwabekwa isisekelo sokumiswa kwe“sivumelwano esisha” esasibikezelwe. (Jeremiya 31:31-34) Ngakho, ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E., abafundi bakaJesu abangamaJuda basuswa eMthethweni kaMose wesivumelwano bagudlulelwa ‘esivumelwaneni esisha’ leso uMose oMkhulu, uJesu Kristu, ayenguMlamuleli waso.b
15. (a) Yini engaphelanga ngokushesha kumaJuda lapho kuqedwa isivumelwano soMthetho? (b) Yayiyini manje intando kaNkulunkulu ngamaJuda ayekhathalela ubuhlobo bokuzinikezela kuNkulunkulu?
15 Nakuba isivumelwano soMthetho manje sasingasasebenzi, isikhathi sikaNkulunkulu somusa okhethekile nokulandela amaJuda, ngesisekelo sokuba inzalo yemvelo ka-Abrahama, sasingakapheli; saphela ngokokuqala ngonyaka ka-36 C.E. Ngakho, ngisho nangemva kokuthululwa kokuqala komoya ongcwele ngo-33 C.E. umphostoli uPetru owayegcotshwe ngomoya wathi eqenjini lamaJuda eJerusalema: “Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo.” Ukulungisa ubuhlobo babo bokuzinikezela kuNkulunkulu manje kwakuyohilela okungaphezu nje kokuphenduka ezonweni ababezenze ngokumelene nesivumelwano soMthetho ababesazicabangela ukuthi bakuwo kodwa futhi kwakuhilela ukuziletha njengamalungu esikhathi esizayo alesisizwe esisha, okwakuyintando kaNkulunkulu ngalesosikhathi ngabo bonke ababeba ngabafundi bakaJesu, amaKristu. Lokhu kuqinisekiswa yilokho uPetru akusho ngaphambili ngosuku lwePentekoste kumaJuda ‘ayehlabeke enhliziyweni’ ngenxa yokuhlanganyela kwawo ekubangeleni ukufa kukaJesu. Kuwona uPetru wathi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.” Ngakho, kunokwengeziwe okwakuhilelekile kunokuba nje baphenduke futhi bazimisele ukuthuthuka ngokusekelwe ekukholelweni nguJesu.—IzEnzo 3:19, 20; 2:37-40.
16. (a) Lapho isigijimi soMbuso sifinyelela amaSamariya asokiwe, ukubhapathizwa kwawo emanzini kwafanekiselani? Ngani? (b) Yini eyafakazela ukuthi ayengeniswe ebuhlotsheni besivumelwano noNkulunkulu?
16 Ngaphambi kokunyukela ezulwini, uJesu watshela abaphostoli bakhe ukuthi kwakuyodingeka ukufakaza ngaye kuze kufike “naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:8) Nakuba amaSamariya ayengewona amaIsrayeli, abantu ‘besinye isizwe,’ asokwa ngenxa yokuthi azamukela izincwadi zeBhayibheli ezazilotshwe uMose futhi ambheka njengomlamuleli phakathi kwawo noNkulunkulu. (Luka 17:16-18) Ngomusa waKhe ongafanelekanga, uJehova wakubona kukuhle ukuba uPetru asebenzise isihluthulelo esikhethekile ngenxa yamaSamariya cishe ngaphambidlana kokuba asebenzise leso sabezizwe abangasokiwe ekuvuleni amathuba ngokuqondene nombuso wamazulu. Kodwa njengoba lawomaSamariya ayengekho ngempela esivumelwaneni soMthetho kaMose, futhi ‘ekhulekela angakwaziyo,’ manje, ngokubhapathizwa, kwakumelwe okokuqala azinikezele ngokwawo ngokuqondisisa kuJehova uNkulunkulu ngegama likaMesiya, uJesu, njengoMlamuleli wesivumelwano esisha. Ukubhapathizwa kwawo kamuva ngomoya ongcwele kwakufakazela ukuthi ayamukelekile esivumelwaneni esisha.—Mathewu 16:18, 19; Johane 4:4-42; IzEnzo 8:5-25.
17. (a) Kunini futhi kanjani lapho uNkulunkulu ahambela khona ngokokuqala abangemaJuda abangasokiwe “ukuba athathele igama lakhe abantu kubo”? (b) Ukubhapathizwa kwabo emanzini kwafanekiselani?
17 Ngonyaka ka-36 C.E., lapho isikhathi sikaNkulunkulu somusa okhethekile kumaJuda siphela, uJehova uNkulunkulu waphendulela ukunakekela kwakhe kwabangasokile abangewona amaIsrayeli, abeZizwe “ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo.” (IzEnzo 15:14-18) Esebenzisa esinye se“zihluthulelo,” uPetru wathunyelwa emzini weNduna yekhulu engumRoma uKorneliyu, owayebathanda abantu abangamaJuda. Laba beZizwe, kumelwe ukuba babebamukele ubufakazi ngoJehova uNkulunkulu noMesiya wakhe okhazinyulisiwe, ngoba umoya ongcwele wehlela phezu kwabo baqala ukukhuluma ngezilimi. UNkulunkulu ngomusa wayeseqalé ‘ukunika nabezizwe ukuphendukela ekuphileni,’ ngoJesu Kristu, “iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.” (IzEnzo 11:18; Johane 1:29) UJehova nabo wayebamukele esizweni sakhe esingokomoya ngenxa yokuzinikezela kuye ezinhliziyweni zabo. Umoya ongcwele wakuqinisekisa lokhu. Ngakho abekho kumaJuda ababengamaKristu ayehambisana noPetru ababengase baphikisane nomyalo wokuba “babhapathizwe egameni leNkosi [uJesu].” Lokhu kwase kuwukuqala ko“kuphenduka kwabezizwe.” (IzEnzo 10:1-48; 15:3) Kusukela ngalesosikhathi bonke abaye bafisa ukukhonza uNkulunkulu, kungakhathaliseki bengamaJuda noma abeZizwe, kuye kwadingeka ukuba bazinikezele ezinhliziyweni zabo kuJehova. Futhi, ngokuqondene nokubhapathizwa kwabo emanzini, bazilethela ukwenza intando kaNkulunkulu ngabo, ekulingiseni uJesu.
[Imibhalo yaphansi]
a Lapho livela khona okokuqala igama elithi “Ozinikezele” emiBhalweni yesiHeberu kukuGenesise 5:18-24, egameni lika“Enoki,” okuyigama elisho “Ozinikezele.” Emibhalweni yokuqala yesiHeberu leligama libhalwe ngalendlela Hha nokhʹ, futhi lihlobene negama lesiHeberu uHanukah, elisho “ukuzinikezela.” KuJohane 10:22 kukhulunywa ngo“mkhosi wokuhlanjululwa [wokuzinikezela]” uJesu ayekuwo. (Rotherham; Authorized Version) Kuze kube namuhla amaJuda abiza lomkhosi ngokuthi iHanukah, okusho “Ukuzinikezela,” njengoba kungase kubonakale ezinguqulweni zesiHeberu zikaJohane 10:22.
b Akukho mbhalo wokubhapathizwa futhi kwalabafundi bakuqala bakaJesu ekubonakaliseni ukuzinikela kwabo esikhathini esithile ngaphambi kokuthululwa komoya ongcwele kubona ngePentekoste. Ngokusobala ukubhapathizwa kwabo kokuqala kokuphenduka ngesikhathi besengaphansi koMthetho kwakuhlanganisa nalokhu, okwakuyoba sekulingiseni uJesu, ngoba ubhapathizo lukaJohane wayelwenza elindele ukubonakala kukaMesiya futhi wabalungiselela intando kaNkulunkulu ngokuqondene nokuza kwakhe.
EKUBUKEZENI, UNGAYIPHENDULA LEMIBUZO?
□ Obani abakha “isizwe esingcwele” noma “esizinikezele” esikhulunyelwe ku-1 Petru 2:9?
□ AmaIsrayeli asendulo azinikezela kanjani kuJehova uNkulunkulu?
□ Lapho uJesu ebhapathizwa, ingabe wayezinikezela kuNkulunkulu?
□ Yini eyayifanekiselwa ukubhapathizwa ngamanzi kwamaSamariya akholwayo nabeZizwe?
□ Ukuze babe abalandeli bezinyathelo zikaJesu, abangemaJuda abangasokiwe kwakumelwe benzeni?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
“Isizwe” esisha saba khona ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E.
[Isithombe ekhasini 10]
AmaIsrayeli asendulo azinikezela kuJehova uNkulunkulu