-
Ukugcwalisa Isiprofetho SikaIsayaINqabayokulinda—1986 | Agasti 15
-
-
“Bheka, inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami, ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe, amemezele ukwahlulela kubo abezizwe. Akayikubanga, akayikubangalasa, akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe. Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.”
-
-
Ukugcwalisa Isiprofetho SikaIsayaINqabayokulinda—1986 | Agasti 15
-
-
Futhi, uJesu uyisa isigijimi sakhe esiduduzayo kubantu ngokomfanekiso abanjengomhlanga ofecekileyo, ogotshiwe futhi owephuliwe. Banjengomongo othunqayo, abanhlansi yabo yokugcina yokuphila icishe yacinywa. UJesu akawaphuli umhlanga ofecekileyo noma acime umongo olokozayo, othunqayo. Kodwa ngomusa nangothando uphakamisa abathobekileyo ngokuhlakanipha. Ngokuqinisekile, uJesu uyilowo izizwe ezingathembela kuye! Mathewu 12:15-21; Marku 3:7-12; Isaya 42:1-4.
-