Imibuzo Evela Kubafundi
◼ KuMathewu 10:21, ingabe uJesu wayesixwayisa ngokuthi abazalwane abaningi ebandleni bayophendukela abafowabo abangokomoya?
Cha, akukhona lokho uJesu ayekusho ngalesosixwayiso, esifundeka kanje: “Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.”—Mathewu 10:21.
Umongo ubonisa ukuthi uJesu washo lokhu kubaphostoli abangu-12 njengoba ayebathuma ohambweni lokushumayela kwaIsrayeli. Okuningi kwalokho akusho kwakuqondiswe ngokuyinhloko kubaphostoli. Ngokwesibonelo, wathi babenikezwe amandla okuphulukisa ngokuyisimangaliso, okukhipha amademoni, ngisho nawokuvusa abafile. (Mathewu 10:1, 8; 11:1) Umlando ufakazela ukuthi akuwona wonke amaKristu athola amandla anjalo okwenza izimangaliso, okuqinisekisa ukuthi uJesu lapha wayekhuluma neqembu elilodwa lezilaleli—abaphostoli bakhe.
Nokho, okunye kwalokho uJesu akusho kwadlulela ngalé kohambo lwabaphostoli lokushumayela. Wathi kubo: “Kepha xwayani abantu, . . . Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namaKhosi ngenxa yami, kube-ngubufakazi kubo nakwabezizwe.” (Mathewu 10:17, 18) Kulolohambo, abangu-12 ngokunokwenzeka babhekana nokuphikiswa, kodwa abukho ubufakazi bokuthi bayiswa “phambi kwababusi namakhosi” ukuze banikeze ubufakazi “kwabezizwe.”a Eminyakeni yakamuva, abaphostoli bavela phambi kwababusi, njengamakhosi uHerode Agrippa I nowesi-II, uSergiyu Pawulu, uGaliyu, ngisho noMbusi uNero. (IzEnzo 12:1, 2; 13:6, 7; 18:12; 25:8-12, 21; 26:1-3) Ngakho amazwi kaJesu asebenza kamuva.
Iseluleko sikaJesu saqhubeka nesixwayiso: “Umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni.” Wayengabhekiseli kubafowabo abangokomoya njengoba nje ayengabhekiseli kobaba noma abantwana abangokomoya emazwini akhe alandelayo evesini 21: ‘Uyise [uyokhaphela] umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.’ UJesu wayesho ukuthi abaphostoli babengalindela ubutha noma ukuphikiswa okuvela ngisho nasezihlotsheni.—Mathewu 10:35, 36.
Abaphostoli kwakuyodingeka bakhuthazele kulolohambo lokushumayela. UJesu waqhubeka: “Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni lowo uyakusindiswa.”—Mathewu 10:22.
Okunye kwalokho uJesu akusho kulesosenzakalo kubalulekile kithi njengoFakazi BakaJehova namuhla. Ekushumayeleni kwethu sigcizelela uMbuso. Senza inkonzo yethu ngesihle futhi sifuna abantu abanesithakazelo esigijimini noma abasifanelekele. Ukuqapha kufanelekile. Abaphikisi baningi. Ngezinye izikhathi izihlobo, omakhelwane, noma esisebenza nabo babangela izinkinga ezinkulu, ikakhulukazi kulabo abaqotho abaqala ukuphishekela inkambo yobuKristu beqiniso. UJesu waphinda lesixwayiso esiphathelene nokuphikiswa okunjalo lapho echaza ‘isibonakaliso’ sokuba khona kwakhe. (Mathewu 24:3, 9, 10; Luka 21:16, 17) Waphinda futhi wakhuluma ngesidingo sokuba ‘sikhuthazele kuze kube sekupheleni ukuze sisindiswe.’ Yebo, kudingeka sikhuthazele kuze kube sekupheleni kokuphila kwethu kwamanje noma kuze kube yilapho lesimiso sezinto siphela futhi sikwazi ukungena ezweni elisha.—Mathewu 24:13.
[Umbhalo waphansi]
a Ezinye izinguqulo zihumusha lamazwi ngokuthi ‘kumaqaba’ (The Jerusalem Bible), ‘kwabeZizwe’ (New International Version kanye nezinguqulo zikaMoffatt noLamsa), nangokuthi ‘kubahedeni’ (The New English Bible).