Izifundo Ezivela EmiBhalweni: Malaki 1:1–4:6
INkosi Yeqiniso Izokwahlulela
“KUYIZE ukukhonza uNkulunkulu.” (Malaki 3:14) Ukungabi nalukholo okunjalo kwazwakaliswa abantu bakaNkulunkulu uqobo lapho uMalaki eprofetha ekhulwini leminyaka lesihlanu B.C.E. Ngani? Ngoba kwakukhona izimo ezidabukisayo kwaJuda, ikakhulukazi phakathi kwabapristi. Inzuzo yobugovu yayiyinjongo yabo eyinhloko. Ngendlela eqondile nenamandla, uMalaki wadalula labobaholi benkolo abazenzisayo futhi waxwayisa ngokuthi iNkosi yeqiniso yayizokwahlulela.—Malaki 1:6-8; 2:6-9; 3:1.
Isiprofetho sikaMalaki siyagcwaliseka osukwini lwethu siqu. Ngakho-ke, senza kahle ukuba sicabangele izifundo esiziqukethe.
Ukwedelela Igama LikaNkulunkulu
UJehova ulindele ukuba abantu bakhe bamnike okungcono kakhulu kwabo. Okokuqala uNkulunkulu ubonisa uthando lwakhe ngabantu bakhe. Noma kunjalo, abapristi badelela igama lakhe ngokwamukela kubantu izilwane eziyizimpumputhe, ezigulayo, neziqhugayo ukuba zibe imihlatshelo. UJehova akathokozi ngabapristi abazikhonza bona noma ngeminikelo ephansi esezandleni zabo. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi benzani, ‘igama likaJehova liyokwesabeka phakathi kwezizwe.’—1:1-14.
Labo abangabafundisi banomthwalo wemfanelo onzima. (Jakobe 3:1) Abapristi ‘babakhubekisile abaningi emthethweni.’ Kanjani? Ngokwehluleka ukuyala abantu ngomthetho kaNkulunkulu nangokubonisa ukukhetha. UJehova ubathukuthelele ngokufanele, “ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe.”—2:1-9.
UJehova akabathalalisi labo ababonisa ukungalinaki ilungiselelo lomshado. Ngokuphambene nomthetho kaNkulunkulu, amadoda akwaJuda aye athatha abafazi bezinye izizwe. (Duteronomi 7:3, 4) Baye bakhohlisa abafazi bobusha babo ngokwahlukana nabo. UJehova ‘uyakuzonda ukwahlukana,’ kuxwayisa uMalaki.—2:10-17.
Ukwahlulela Nokucwenga
UJehova akakubekezeleli phakade ukwenza okubi. “INkosi yeqiniso” iyoza ethempelini layo, ihamba ‘nesithunywa sesivumelwano.’ Iyocwenga futhi ihlanze amadodana kaLevi. UJehova uyoba ngufakazi osheshayo ngokumelene nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, abaphangi, nabacindezeli.—3:1-5, qhathanisa neNW.
Labo abagodlela uJehova iminikelo yabo bazenza mpofu bona ngokwabo. UJehova akaguquki. Uma abantu abaphaphalazayo bebuyela kuye, uyobuyela kubo ngomusa. Bebephanga uNkulunkulu ngokugodla okweshumi neminikelo. Kodwa uma beletha okweshumi, uJehova uthembisa isibusiso “kunokwaneleyo.” Bayobona isithelo esinganqamuki.—3:6-12.
Amehlo kaJehova aphezu kwabantu bakhe. UNkulunkulu umelana nalabo abakhulume amazwi alukhuni ngokumelene naye. Ngokuphambene, uyabanakekela labo abamesabayo. “Incwadi yokukhumbula” iyobhalelwa ‘abazindla ngegama lakhe.’ Abantu bakhe bayobona umehluko phakathi kwabalungile nababi.—3:13-18.
Usuku LukaJehova Luyeza!
Usuku lukaJehova luyosho ukubhujiswa ngokuphelele kwababi. Usuku lukaJehova luyeza, futhi ababi bayoqedwa njengezinhlanga esithandweni esivuthayo. Bayobhujiswa, kungasali “mpande nagatsha.” Ngokuqondene nalabo abesaba igama likaJehova, bayojabulela izinzuzo ezelaphayo ‘zelanga lokulunga.’ Ngaphambi kokuza kwalolusuku olwesabisayo, uJehova uyothumela uEliya umprofethi ukuba enze umsebenzi wokubuyisela.—4:1-6.
Izifundo zanamuhla: Uma kuziwa ekukhulekeleni, uJehova ufuna ukuba abantu bakhe bamnike okungcono kakhulu kwabo. (Qhathanisa noMathewu 22:37, 38.) Abafundisi beZwi likaNkulunkulu banomthwalo wemfanelo wokubayala ngokufanele nokuhola abanye ekukhulekeleni kweqiniso. Senza kahle ukukhumbula ukuthi amehlo kaNkulunkulu wokwahlulela ngokulunga aphezu kwalabo abahlulekayo ukubonisa inhlonipho efanele ngomshado nakulabo abenza ukungalungi. Sengathi singazithoba ngentobeko yeNkosi yeqiniso enqubweni yokucwenga neyokuhlanza njengoba silindele ngokulangazelela “usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo”!
[Ibhokisi ekhasini 30]
IZINGCAPHUNO ZEBHAYIBHELI ZIYAHLOLWA
○ 1:10—Abapristi abangamagovu, abalambele imali babekhonza ngenxa yenzuzo yabo siqu. Babefuna inkokhelo ngemisebenzi emincane yasethempelini, njengokuvala iminyango noma ukubasa imililo yasealtare. Akumangalisi ukuthi uJehova ‘akayamukelanga imihlatshelo ezandleni zabo’!
○ 1:13—Abapristi abangenalukholo base bebheka imihlatshelo njengenkonzo ekhathazayo, umthwalo. Babezeyisa, noma bezidelela, izinto zikaJehova ezingcwele. Akufanele nanini sivumele ‘izinkunzi zezindebe zethu’ ukuba zinikelwe njengendlela yokugcina icala nje!—Hoseya 14:2, NW; Heberu 13:15.
○ 2:13—Amadoda amaningi angamaJuda ayehlukana nabafazi bobusha bawo, mhlawumbe ukuze ashade nabesifazane abasebasha abangamaqaba. Ialtare likaJehova lagcwala izinyembezi—ngokusobala ezabafazi abalahliwe ababeza endlini engcwele ukuzothululela usizi lwabo phambi kukaNkulunkulu.—Malaki 2:11, 14, 16.
○ 3:1—“INkosi yeqiniso” inguJehova uNkulunkulu, “isithunywa sesivumelwano” singuJesu Kristu. Lesiprofetho sagcwaliseka okokuqala lapho uJesu ehlanza ithempeli. (Marku 11:15-17) Lokhu kwakungemva kweminyaka emithathu nengxenye egcotshwe njengeNkosi Emisiwe. Ngokufanayo, ngemva kweminyaka emithathu nengxenye uJesu ebekwe esihlalweni sobukhosi njengeNkosi ekwindla ka-1914, waphelezela uJehova ukuya ethempelini elingokomoya futhi wathola abantu bakaNkulunkulu bedinga ukucwengwa nokuhlanzwa.
○ 3:2, 3—Inqubo yasendulo yokucwenga yayithatha isikhathi. Ngakho, umhlanzi ngokuvamile ‘wayehlala,’ alinde kuze kube yilapho insimbi ewuketshezi isicwazimula njengesibuko esiphuculiwe futhi esekwazi ukuzibona kuyo. Ngokufanayo, uJehova uye waqhubeka ecwenga abantu bakhe namuhla, esusa izimfundiso nemikhuba engcolile. Lokhu kuye kwabasiza ukuba bambonakalise ngokucace ngokwengeziwe.—Efesu 5:1.
○ 4:2—Lena incazelo yezibusiso zesikhathi esizayo eziyojatshulelwa yilabo abesaba igama likaNkulunkulu. Banethemba lokuthamela ilanga lomusa kaNkulunkulu lapho ukukhubazeka okungokomzimba, okungokwengqondo, nokungokomzwelo okuye kwahlupha umkhaya wesintu sekuphulukisiwe.—IsAmbulo 21:3, 4.
○ 4:5—Umprofethi uEliya wayephila eminyakeni engaba ama-500 ngaphambi kokuba lesiprofetho sinikezwe. Ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., uJesu Kristu waveza uJohane uMbhapathizi njengalowo okwabikezelwa ukuthi wayeyofanekisela uEliya. (Mathewu 11:12-14; Marku 9:11-13) Nokho, “uEliya” wayezoba umhambeli phambili ‘wosuku lukaJehova,’ okubonisa ukugcwaliseka okwengeziwe ngalesikhathi ‘kokuba khona’ kukaKristu.—2 Thesalonika 2:1, 2.
[Isithombe ekhasini 31]
Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wahlanza ithempeli. Ngo-1918 waphelezela uJehova ukuya ethempelini elingokomoya ukuze ahlanze abantu bakaNkulunkulu