-
“NguJehova UNkulunkulu Wakho Okumelwe Umkhonze”Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
‘Iwa Phansi Ungikhonze’
8. Lapho eselinga uJesu okwesithathu, uSathane wabonisa kanjani ukuthi yini ngempela ayifunayo?
8 Funda uMathewu 4:8-11. Lapho eselinga uJesu okwesithathu, uSathane wakwenza kwacaca ukuthi yini ayifunayo. USathane wabonisa uJesu “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo” (cishe esebenzisa umbono)—kodwa akambonisanga yonke inkohlakalo yayo. Wabe esethi kuJesu: “Zonke lezi zinto ngizokunika zona uma uwa phansi ungikhonza.”b Yilokho-ke ayekufuna—ukuba amkhonze! USathane wayefuna ukuba uJesu ahlubuke uYise bese enza lo Mlingi abe unkulunkulu wakhe. Kwakungabonakala sengathi uSathane ufuna ukwenzela uJesu izinto zibe lula. Wayethi uJesu angaba nawo wonke amandla nengcebo futhi kwakungeke kudingeke ahlupheke—athwaliswe umqhele wameva, abhaxabulwe, alengiswe nasesigxotsheni sokuhlushwa. Kwakuyisilingo sangempela lesi ngoba uJesu akazange aphike ukuthi nguSathane obusa ohulumeni bezwe! (Joh. 12:31; 1 Joh. 5:19) Ngokuqinisekile, uSathane wayengenza noma yini ukuze aphambukise uJesu ekukhonzeni uYise ngendlela emsulwa.
9. (a) Yini ngempela uSathane ayifunayo kubantu abakhonza uNkulunkulu, futhi uzama kanjani ukusilinga? (b) Kuhilelani ukukhonza kwethu uNkulunkulu? (Bheka ibhokisi elithi “Kuyini Ukukhonza?”)
9 Nanamuhla, uSathane usafuna simkhonze—ngokuqondile noma ngezindlela ezicashile. Njengoba uSathane ‘engunkulunkulu waleli zwe,’ izinkolo zamanga zeBhabhiloni Elikhulu zisuke zikhonza yena ngendlela ecashile. (2 Kor. 4:4) Kodwa njengoba enganeliswa yizigidi zabantu abangamkhonzi uNkulunkulu, ufuna ukulinga nalabo abamkhonzayo ukuba benze okuphambene nentando kaNkulunkulu. Uzama ukusiyengela ekufuneni ingcebo namandla kuleli zwe, kunokuphila ngendlela efanele amaKristu engase ihilele ukuhlupheka “ngenxa yokulunga.” (1 Pet. 3:14) Ukube besingavumela isilingo sokushiya indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu, sibe yingxenye yezwe likaSathane, bekuyofana nokuthi sikhothamela uSathane, siyamkhonza, simenza uNkulunkulu wethu. Singasinqoba kanjani isilingo esinjalo?
10. Wathini uJesu lapho elingwa okwesithathu futhi kungani?
10 Phawula indlela uJesu aphendula ngayo lapho uSathane emlinga okwesithathu. Ebonisa ukuthi uqotho kuJehova, waxosha uMlingi ngokushesha wathi: “Hamba, Sathane!” Njengoba ayenzile lapho elingwa okokuqala nokwesibili, uJesu wabe esecaphuna umBhalo kaDuteronomi onegama likaNkulunkulu: “Kulotshiwe ukuthi: ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhonze, nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” (Math. 4:10; Dut. 6:13) Ngaleyo ndlela, uJesu wenqaba isilingo sokuphila ukuphila okungenazinkinga nesokuba nesikhundla esivelele kodwa esasizoba esesikhashana. Wayeqaphela ukuthi nguYise kuphela okufanele akhonzwe nokuthi ngisho nokwenza isenzo esisodwa nje sokukhonza uSathane kwakuyobonisa ukuthi uzithoba kuye. UJesu wenqaba ngokuqinile ukwenza lo Mlingi omubi abe unkulunkulu wakhe. Ngenxa yokuthi uJesu wenqaba ukwenza lokho uSathane ayekushilo, “uDeveli wamshiya.”c
“HAMBA, SATHANE!” (Bheka isigaba 10)
11. Singalwa kanjani noSathane nezilingo zakhe?
11 Singalwa noSathane nezilingo zezwe lakhe elibi ngoba, njengoJesu, nathi sinenkululeko yokukhetha. UJehova usiphe isipho esihle esiyinkululeko yokuzikhethela. Ngenxa yalokho, akukho muntu ongasiphoqa ukuba siyeke ukukhonza uJehova ngendlela emsulwa, ngisho nengelosi embi enamandla, uMlingi. Uma siba qotho, ‘simelana [noSathane], siqine okholweni,’ empeleni sisuke sithi: “Hamba, Sathane!” (1 Pet. 5:9) Khumbula, uSathane wahamba ngemva kokuba uJesu emxoshile. Ngendlela efanayo, iBhayibheli liyasiqinisekisa: “Melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.”—Jak. 4:7.
Singakwazi ukukhetha ukwenqaba izilingo zezwe likaSathane (Bheka izigaba 11, 19)
Isitha Esimelene Nokukhonzwa KukaNkulunkulu Ngendlela Emsulwa
12. E-Edene, uSathane wabonisa kanjani ukuthi uyena omelene nokukhonzwa kukaNkulunkulu ngendlela emsulwa?
12 Lapho uSathane elinga uJesu okokugcina, wakwenza kwacaca ukuthi uyena owaba isitha sokuqala esamelana nokukhonzwa kukaNkulunkulu ngendlela emsulwa. Eminyakeni eyizinkulungwane ngaphambi kwalokho, ensimini yase-Edene, uSathane waqala lapho ukuveza ukuthi akafuni ukuba uJehova akhonzwe. Ngokuyenga u-Eva, yena owabe esenza u-Adamu ukuba eqe umyalo kaJehova, uSathane waba umholi nomqondisi wabo. (Funda uGenesise 3:1-5; 2 Kor. 11:3; IsAm. 12:9) Empeleni, waba unkulunkulu wabo, bona baba izikhonzi zakhe nakuba kungenzeka ukuthi babengazi ukuthi ubani obadukisayo. Ngaphezu kwalokho, ngokubangela ukuhlubuka kwase-Edene, uSathane akagcinanga ngokuhlasela ubukhosi bukaJehova noma ilungelo lakhe lokubusa, kodwa wahlasela nendlela emsulwa yokumkhonza. Kanjani?
-
-
“NguJehova UNkulunkulu Wakho Okumelwe Umkhonze”Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
b Ngokuqondene nala mazwi kaSathane, enye incwadi echaza iBhayibheli ithi: “Njengasekuvivinyweni kokuqala u-Adamu no-Eva abahluleka ukumelana nako. . . , le ndaba igxile ekukhetheni phakathi kokwenza intando kaSathane noma intando kaNkulunkulu, okusho ukukhonza lo noma lo. Ngempela, uSathane uyaziphakamisa uzibeka esikhundleni sokuwukuphela kukaNkulunkulu.”
-