Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Siyini “isibonakaliso sikaJona” esishiwo kuMathewu 16:4?
Ekuphenduleni isicelo sabaFarisi nabaSadusi ngesibonakaliso, uJesu wathi: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa isibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona.”—Mathewu 16:1-4.
Labaholi benkolo ngokusobala babefuna isibonakaliso esibonakalayo esivela ezulwini ngaphambi kokwamukela uJesu njengoMesiya, besekela ukulindela kwabo ekuqondeni okuphambene kukaDaniyeli 7:13, 14. Bafuna ukuthi uMesiya ahlangabezane nemibono yabo eyayisicetshwe ngaphambili, bebhekela phansi izinto ezimangalisayo uJesu ayezenza futhi ezifundisa. (Johane 4:25-29, 42; 7:31; 9:30-33) Ngakho-ke uJesu watshela abaFarisi nabaSadusi ukuthi ukuphela kwe“sibonakaliso” esengeziwe esasiyonikezwa kwakuyi“sibonakaliso sikaJona.”
Ezinyangeni eziningi ngaphambili uJesu wayekade ekhulume “ngesibonakaliso sikaJona.” Lokho akwenezela ngalesosikhathi kungasisiza ukuba siqonde iphuzu lakhe: “Ngokuba njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba-sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.”—Mathewu 12:38-40.
UJona, ngomqondo othile, wayeseSheol, noma ithuna, lapho ayesesiswini somkhomo owamgwinyayo. (Jona 2:1, 2) Khona-ke waphuma, njengokungathi wayevusiwe, ukuba enze isabelo sakhe sesiprofetho eNinive. Kwakuyoba ngokufanayo nangoJesu kodwa ngokumangalisa ngokwengeziwe.
UJesu wabikezela ukuthi wayeyofa futhi ngosuku lwesithathu wayeyovuswa kwabafileyo. (Mathewu 16:21; 20:17-19; Johane 2:19-21) Lapho uJesu evuka ngokoqobo kwabafileyo ngosuku lwesithathu, abafundi bakhe bakhumbula ayekushilo, futhi lokhu kwaqinisa ukholo lwabo kuye. (Johane 2:22; 1 Korinte 15:3-8) Ngisho nabanye abapristi abangamaJuda abafunda nge“sibonakaliso sikaJona” nesigijimi sobuKristu ‘baqala ukulalela ukholo.’ (IzEnzo 6:7) Kodwa ngokuqinisekile babeyingcosana. Abaningi babaholi bobuJuda ababengayinaki imisebenzi emangalisayo kaJesu nezimfundiso lapho esahamba phakathi kwabo baqhubeka benomqondo ofanayo. Basenqaba “isibonakaliso sikaJona,” ukuvuka kukaJesu kwabafileyo ngosuku lwesithathu.