Inkulungwane Enhle Yeminyaka Iyasondela
“Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywé amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.” “Azesule [uNkulunkulu] izinyembezi zonke emehlweni [esintu]; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 20:4; 21:4.
IBHAYIBHELI liyibikezela ngaleyondlela iminyaka eyinkulungwane esondelayo—iMinyaka Eyinkulungwane Yokubusa kukaJesu Kristu nendikimba ekanye naye yamakhosi asezulwini. Mhlawumbe uthambekele ekuphikiseni lesiprofetho njengesiyinto nje ekhohlisayo, utalagu. Noma kunjalo, kunezizathu eziningi zokuba ubheke leMinyaka Eyinkulungwane njengento ezayo engokoqobo!
Phakathi kokunye, isifundo seBhayibheli siyokwembulela ukuthi liye lakhuluma ngezinkulungwane eziyisithupha zeminyaka ezidlule zomlando wesintu ngendlela enokwethenjelwa okuphawulekayo. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyincwadi yesiprofetho, futhi inani elikhulu lezibikezelo zalo, noma iziprofetho, sezigcwalisekile kakade ngokwayo yonke imininingwane.a Njengoba kunjalo, kungani iBhayibheli lingenakwethenjelwa ekubikezeleni iMinyaka Eyinkulungwane esondelayo yokubusa kukaKristu? Nokho, ungase uzibuze ukuthi yini iBhayibheli elisitshela yona ngaleyonkathi yesikhathi. Iyiphi injongo eyoyifeza? Futhi okuthakazelisa ngokukhethekile kuwe, iyokuthinta kanjani ukuphila kwakho?
Ifa Elalahlwa
IBhayibheli libonisa ukuthi ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyindlela yakhe yokudlulisela ifa eliyigugu kakhulu ‘kubantwana’ bakhe. Kodwa liyini lelifa? Baphi ‘abantwana’? Ifa lingase lichazwe njengokuthile okudluliselwa enzalweni yomuntu ekufeni kwakhe. Lapho ukhokho wethu uAdamu eba ongamlaleli uNkulunkulu, wazilahlekisela yena nayo yonke inzalo yakhe—lonke uhlanga lwesintu—ilungelo lokuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni. Ngaleyondlela uAdamu wadlulisela enzalweni yakhe ifa lesono, ukufa, nosizi.—Genesise 3:1-19; Roma 5:12.
UJesu weza emhlabeni esenyameni ukuze abuyisele esintwini ifa uAdamu alilahla. Lokhu wakwenza ngokwethembeka kuJehova uNkulunkulu, enikela ukuphila kwakhe ngokuzithandela ngenxa yesintu. (Johane 3:16) Ngokuphila ukuphila okuphelele, okungenasono, uJesu wazuza ilungelo lokuphila okuphelele okuphakade ePharadesi emhlabeni—yona kanye into uAdamu ayilahla. Nokho, uJesu akazange alisebenzise lelolungelo; futhi alizange limlahlekele lapho efa futhi evuselwa ekuphileni ezulwini. Ngaleyondlela wayengalisebenzisa njengefa eliyigugu lokuba alidlulisele ‘kubantwana’ bakhe.—Roma 5:18, 19.
Izindlalifa—“Abantwana” BakaKristu
KuIsaya 9:6 uJesu ubizwa ngokwesiprofetho ngokuthi “uYise ongunaphakade.” Uba uYise ongunaphakade wezwe lesintu elihlengiwe, esesimweni sokudlulisela ifa kulaba abahlengiwe, noma abantwana bokutholwa. (Mathewu 20:28; bheka futhi neHubo 37:18, 29.) Lokhu kuboniswe ngokucacile esithembisweni sakhe: “Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle iba lombuso eniwulungiselelweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.” Wathi futhi: “Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.”—Mathewu 5:5; 25:34.
Nokho, ukuze umhlaba ube yifa elifanelekayo, izimo kumelwe zishintshwe ngokuphawulekayo—zenziwe ziphelele! Kumelwe kube yizwe lapho ukuthula kwangempela nokuzwana kuvame khona phakathi kwezidalwa zikaNkulunkulu. (Isaya 11:6-9) Zonke izimpawu zokungapheleli kobuntu kumelwe zisuswe, kuhlanganise nokufa. (1 Korinte 15:25, 26) Lokhu kusho ukuthi abafile, abayingxenye yesintu esihlengiwe, kumelwe bavuswe. Kungalendlela kuphela abangaba ngayo nethuba lokuba izindlalifa zikaKristu!—Johane 5:28, 29.
Ngaleyondlela, ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyoba inkathi ejabulisayo isintu ‘esikhululwa’ kancane kancane kuyo “ebugqileni bokubhubha” futhi sifinyelele ekupheleleni. (Roma 8:21) Ngokuthakazelisayo, ngisho nemithombo yezwe iqaphela lokhu njengenjongo yeminyaka eyinkulungwane. IWebster’s Ninth New Collegiate Dictionary (uhlelo luka-1985) ichaza igama elithi “millennium” ngokuthi “inkathi yenjabulo enkulu noma ukuphelela kwabantu.”
Idlula Umbuso KaSolomoni
Leminyaka eyinkulungwane emihle ingafaniswa nokubusa kweNkosi uSolomoni kweminyaka engu-40 okunokuthula nokuchuma kuIsrayeli wasendulo. (1 AmaKhosi 4:24, 25, 29) Lapho indlovukazi yaseSheba ivakashele iNkosi uSolomoni, yathi: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho. Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa. Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezizinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.”—1 AmaKhosi 10:6-8.
Uma ukuthula, ukuchuma, nokuhlakanipha kokubusa kweNkosi yasemhlabeni uSolomoni kweminyaka engu-40 kwakwedlula, yebo, ngaphezu kokuphinda kabili, lokho indlovukazi yaseSheba eyayimagange ukukubona, khona-ke ukuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaSolomoni omkhulu, iNkosi yasezulwini, uJesu Kristu, ngokuqinisekile kuyokudlula okucatshangwa isintu! Emazwini kaJesu ngokwakhe, ‘mkhulu kunoSolomoni.’ (Mathewu 12:42) Zama ukubona ngamehlo engqondo izimo ezinempilo enhle kakhulu, ezichumayo, ezinokuthula, ezilungile nezijabulisayo emhlabeni ongase uzicabange, futhi ngeke ukwazi ukuqonda ngisho nengxenyana encane yalokho iminyaka eyinkulungwane kaKristu ekuphethe.
Ingabe Yenzeka Ngesikhathi Esifanayo Nenkulungwane Yesithathu Yeminyaka?
Izenzakalo zezwe kusukela ngo-1914 zibonisa ukuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ UJesu waqhubeka wathi isizukulwane esihlangene nalezizenzakalo ezibikezelwe ‘sasingayikudlula kungakenzeki konke lokhu.’ Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi, ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyokwenzeka ngesikhathi esifanayo nenkulungwane yesithathu yeminyaka?—Mathewu 24:3-21, 34.
UJesu waxwayisa abafundi bakhe ukuba bangacabangeli. Wathi: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe.” (IzEnzo 1:7) Futhi, ngokuphathelene ‘nosuku nehora’ lezizinto ezazizokwenzeka ngalo, uJesu wathi uYise kuphela, uJehova uNkulunkulu, owayazi. (Mathewu 24:36) Ngaleyondlela, iBhayibheli alisekeli noma yiliphi inani elandayo manje labaprofethi nezinhlangano ezikhomba ekushayeni kwensimbi yaphakathi kwamabili ngoBusuku bukaNcibijane, ngo-1999, njengesiphelo sezwe.
Nokho, izenzakalo zezwe zamanje zibonisa ngokucacile ukuthi isikhathi sokuphela kwalesimiso sezinto esibi, esimnyama ‘siyaphela’ nokuthi iminyaka eyinkulungwane kaKristu “isisondele.” (Roma 13:12) Esikhundleni sokucabangela usuku nehora okuthe ngqó lokhu okuzofika ngakho, manje isikhathi sokungenisa ulwazi lwezimfuneko zikaNkulunkulu ukuze sisinde. (Johane 17:3) Ngalendlela ungafunda indlela yokuba phakathi kwalabo uJesu ayothi kubo: “Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.” (Mathewu 25:34) OFakazi BakaJehova bazimisele futhi bayakwazi ukukusiza ukuba ube phakathi kwalabo abayojabulela izibusiso zeMinyaka Eyinkulungwane emihle ezayo.b
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu noma Elomuntu? ekhishwe yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala singahlelwa ngokubhalela abanyathelisi balomagazini.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba”