Izixuku Zamuzwa Kanjani UJesu?
IVANGELI likaMathewu libika ukuthi ngesinye isikhathi uJesu Kristu “wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso.” (Mathewu 13:1-35; Marku 4:1-9) URobert J. Bull noB. Cobbey Crisler, baphakamisa eminye imibuzo ethakazelisayo ngokuphathelene nalokhu kulandisa, encwadini yabo ethi Come See the Place: The Holy Land Jesus Knew. Bayabuza: “Umuntu wayengazwiwa kanjani ‘isixuku esikhulu’ ngaphandle kosizo lohlobo oluthile lokukhuliswa kwezwi? Futhi kungenzeka yini ukuba kutholwe indawo esogwini enezici zomsindo ezazingakhulisa izwi kangaka?” Mhlawumbe nawe uke wazibuza ngalokhu.
Nokho, phawula impendulo yabo: “Phakathi kwezindawo eziyisigodi eziseduze naseKapernawume, kukhona eyodwa okuye kwatholwa muva nje ukuthi inezici zomsindo ezifana ncimishi nezenkundla yemvelo eyisiyingi. Kuye kwenziwa ukuhlolwa komsindo kulendawo ukuze kuboniswe ukuthi ‘isixuku esikhulu’ sabantu abayizinkulungwane eziyisihlanu ukuya kweziyisikhombisa, esihlangana lapha, ngempela kokubili sasingambona futhi simuzwe kahle umuntu okhuluma esemkhunjini osendaweni eseduze nenkaba yendawo eyisigodi.” Futhi lokhu kuhlolwa komsindo kwenziwa kanjani? UVirginia Bortin, umlobi wezindaba zokuvubukula, uyachaza kuyiThe San Juan Star, iphephandaba lasePuerto Rico.
NgokukaBortin, umvubukuli uB. Cobbey Crisler, omunye wababhali bencwadi eshiwo ngenhla, nonjiniyela wezomsindo uMark Myles benza ukuhlola “eduze kwaseTell Hum, inxiwa leKapernawume yasendulo.” Lapho “indawo ikhuphukela kancane kusukela oLwandle lwaseGalile ukuya emgwaqweni wesimanje oqhele ngebanga elingaphezu kwenkundla yomdlalo webhola.” UCrisler wehlela kuleyondawo eyisigodi futhi wema phezu kwedwala elikhulu. Khona-ke wafutha amabhaluni alinganayo ukuze enze umsindo ofanayo wase ebhoboza ngalinye ngezikhawu zesikhathi esilinganiselwe. UMyles, esebenzisa isibalamsindo se-electronic, wabhala phansi amazinga omsindo njengoba ayenyuka eqonde emgwaqweni. Khona-ke uCrisler wafika ogwini wayesephinda ebhoboza amabhaluni lapho. Umphumela? Izinga lomsindo owawuvela edwaleni eliqhelile ogwini kuleyondawo eyisigodi laliphakeme kunalowo owawuvela ogwini! Ngokuthakazelisayo, lapho uCrisler ekuleyo ndawo eyisigodi eqhelile ogwini, izimoto eziningana ezazinezivakashi zema emgwaqweni owawungenhla kwakhe. Wayezwa kahle omunye umuntu ebuza: “Wenzani lapha phansi?” Omunye waphendula: “Angazi. Umane nje umile uphethe amabhaluni abomvu.
Ngokusobala, lapho abantu bemile noma behlezi endaweni eyodwa, umsindo wezwi eliphakanyisiwe udonswa imizimba, izinwele, izambatho, uhlaza, nendawo engenalutho. Nokho, uma besegqumeni noma emqanseni njengaseduze naseKapernawume, isikhulumi, esisebangeni elifanelekile ngezansi futhi siqhelile kubo, singezwakala, njengoba izwi laso likhuliswa kakhulu. Yebo, okungamelwe kungaqashelwa ukunakekela okungaphazanyiswa futhi okuphelele kwezilaleli ngalesosikhathi nokungabibikho okuphawulekayo kwemisindo ezungezile yosuku lwanamuhla evela ezindizeni ezitshuza ngesivinini, izimoto, amaloli, njalonjalo.
Kodwa kuthiwani ngezinye izikhathi iBhayibheli elibika ngazo ukuthi uJesu wakhuluma nezixuku ezinkulu? UCrisler noMyles bacabanga ukuthi uJesu nabanye abantu beBhayibheli ababekhuluma nezilaleli eziningi ‘babefuna ngenhloso izindawo ezivulekile ezazaziwa ngezici zazo zemvelo zokukhulisa izwi futhi babezisebenzisela ukukhuluma noquqaba lwabantu.’
UCrisler noMyles baye benza futhi ukuhlola “ukuze bathole ukuthi abantu abangaki ababengambona kahle uJesu ngosuku ayekhuluma ngalo lapho.” Bethatha ngokuthi kwakuwusuku olukhanyayo futhi olucwathile, balinganisela ukuthi “izilaleli eziyizi-5 000 eziyizi-7 000 zazingamuzwa futhi zimbone uJesu ekhuluma eqhelile ogwini.” Lokhu kwabangela umlobi wephephandaba uBortin ukuba aphethe ngokuthi “lokhu kusekela ukulandisa kweVangeli ngezixuku ezinkulu ezazivela kulo lonke elasePalestina ezazithutheleka eGalile ukuze zibone umphulukisi ophilisa ngesimangaliso njengoba ayekhuluma nazo ngemifanekiso. Indawo yaseKapernawume nenkundla yayo yemvelo eyisiyingi emise okwembenge ngempela yayivumela wonke umuntu ukuba ambone kahle.”
Yebo, akunakugonyelwa ngokuthi uCrisler noMyles baye bathola indawo engokoqobo yenkulumo kaJesu yangasogwini. Nakuba kunjalo, kuyathakazelisa ukuphawula ukuthi lena ecatshangelwayo iyindawo lapho kugcwele khona ameva namadwala, kukhula nezimbali zesinaphi eziphuzi phakathi kwawo. Ngakho-ke ukukufaka kukaJesu emifanekisweni yakhe kwakunganezela ekufundiseni kwakhe. Endaweni enezici zomsindo ezinhle kangaka, umyalo kaJesu ‘wokulalela’ wawungafaneleka kakhulu. (Marku 4:3) Ngokufanayo, ukusebenzisa kwakhe igama elithi “izindlebe” nezindlela eziningi zesenzo esithi “ukuzwa” kwakungaqondwa kalula yizo zonke izilaleli zakhe endaweni enjalo. Yebo, bonke ababekhona lapho ‘kuleyonkundla yemvelo eyisiyingi’ babengeke bamuzwe futhi bambone kahle uJesu kuphela kodwa futhi babengawuqonda umphumela ogcwele wemifanekiso yakhe ngokumane nje babheke eceleni.
[Ibalazwe ekhasini 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Indawo:
1. YeKapernawume
2. YeThafa laseGenesaretha
3. YeTiberiya
4. Indawo yokuphuma yaseMfuleni iJordani ukuya eningizimu
5. YeNtaba yaseThabori
ULwandle LwaseGalile
IGalile
[Umthombo]
Based on a map copyrighted by Pictorial Archive (Near Eastern History) Est. and Survey of Israel
[Isithombe ekhasini 24]
Uma ubheka enyakatho-mpumalanga ngasoLwandle lwaseGalile ukuya eKapernawume; ibonwa emngceleni weThafa laseGenesaretha
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Isithombe ekhasini 26]
Igumbi elingasenyakatho-ntshonalanga yoLwandle lwaseGalile. Ngokunokwenzeka, kwakuseduze kwaseKapernawume lapho uJesu akhuluma khona nesixuku emkhunjini
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.