UJehova Wamupha Umusa Omkhulu
“E WENA ophiwe umusa! INkosi inawe.” Yeka isibingelelo! Isikhulumi asiyena omunye ngaphandle kwengelosi uGabriyeli. Ukhuluma nowesifazane osemusha onenhliziyo ethobekile—uMariya, indodakazi yendoda okuthiwa u-Eli. Unyaka u-3 B.C.E., futhi indawo kusemzini waseNazaretha.—Luka 1:26-28.
UMariya uthenjiswe ukushada noJosefa umbazi. Ngokomthetho nesiko lamaJuda, ubhekwa njengengoduso. (Mathewu 1:18) NjengoMariya, uJosefa ungumuntukazana. Khona-ke, kungani lengelosi imbingelela ngokuthi uphiwe umusa omkhulu?
Ilungelo Lakhe Elimangalisayo
UGabriyeli uyanezela: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba-mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba-yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube-phakade, nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.”—Luka 1:29-33.
Emangele futhi edidekile, uMariya uyabuza: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi-ndoda na?” UGabriyeli uyaphendula: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.” Ukuze isuse noma yikuphi ukungabaza, ingelosi yanezela: “Bheka, uElisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. Ngokuba akukho-lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”—Luka 1:34-37.
Ngokushesha uMariya uyalamukela lelilungelo elimangalisayo lenkonzo. Ngokuzimisela, kodwa ngokuthobeka, uyaphendula: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube-kimi njengezwi lakho.” Ngemva kwalokho, uGabriyeli uyahamba. UMariya uyashesha uya edolobheni elisesifundeni sakwaJuda esisezintabeni. Lapho efika emzini wompristi uZakariya nomkakhe, u-Elisabethe, uthola izimo zinjengoba ingelosi imchazele zona. Yeka injabulo egcwala enhliziyweni kaMariya! Izindebe zakhe zikhuluma ngokuchichima amazwi okudumisa uJehova.—Luka 1:38-55.
Uba UmkaJosefa
Incasakazi kwakumelwe iveze umzimba kaJesu wobuntu, ngoba ukuzalwa okunjalo kwakubikezelwe. (Isaya 7:14; Mathewu 1:22, 23) Kodwa kungani kudingeka incasakazi ethenjiswe umshado? Ukuze kutholakale usingayise ongadlulisela enganeni ilungelo elingokomthetho lokuba sesihlalweni sobukhosi seNkosi uDavide. Bobabili uJosefa noMariya bangabesizwe sakwaJuda futhi bangabozalo lweNkosi uDavide. Ngakho amalungelo okuba indlalifa kukaJesu ayeyoqinisekiswa ngokuphindwe kabili. (Mathewu 1:2-16; Luka 3:23-33) Yingakho lengelosi kamuva iqinisekisa uJosefa ngokuthi kwakungafanele angabaze ukuthatha uMariya njengomkakhe ongokomthetho, nakuba ekhulelwe.—Mathewu 1:19-25.a
Umthetho wentela kaKesari Awugustu ubopha uJosefa noMariya ukuba bayobhalisa eBetlehema. Beselapho, uMariya wazala indodana yakhe eyizibulo. Abelusi bayeza bazobona usana, futhi badumisa uYise, uJehova. Ngemva kwezinsuku ezingu-40 zokuhlanjululwa ngokoMthetho kaMose, uMariya uya ethempelini eJerusalema ukuze enze umhlatshelo wezono zakhe. (Levitikusi 12:1-8; Luka 2:22-24) Yebo, njengoba unina engamkhulelwanga ngendlela engenasici, ngaleyondlela, engakhululekile ekungcolisweni isono, ukungapheleli kwakhe akuzuze njengefa kumelwe kumbozwe ngeminikelo ehlawulelayo.—IHubo 51:5.
Ngesikhathi uMariya noJosefa besethempelini, uSimeyoni osekhulile nomprofethikazi okhulile u-Ana bathola ilungelo lokubona iNdodana kaNkulunkulu. Ukunaka akubhekiselwe kuMariya. (Luka 2:25-38) Kamuva, iZazi azikhuleki kuMariya kodwa kuJesu.—Mathewu 2:1-12.
Ngemva kokubalekela eGibithe nokuhlala khona kuze kube yilapho uHerode omubi efa, abazali bakaJesu baphindela futhi bahlale emzaneni waseNazaretha. (Mathewu 2:13-23; Luka 2:39) Yilapho uJosefa noMariya bekhulisela khona uJesu ngaphansi kwezimo zomkhaya owesaba uNkulunkulu.
UMariya Waba Nabanye Abantwana
Ngokuhamba kwesikhathi, uMariya noJosefa benza ukuba uJesu abe nabafowabo nodadewabo abangokwenyama. Lapho inkonzo kaJesu imletha edolobheni lakubo laseNazaretha, abantu akhula nabo bayambona. Bayabuza: “Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda, na? Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na?” (Mathewu 13:55, 56) AmaNazaretha abhekisela emkhayeni kaJosefa noMariya ongokoqobo, kuhlanganise namadodana namadodakazi akhe abawazi njengabafowabo nodadewabo bakaJesu abangokwenyama.
Lababafowabo nodadewabo bakaJesu ababona abazala bakhe. Ababona futhi abafundi bakhe, noma abafowabo nodadewabo abangokomoya, ngoba uJohane 2:12 wenza umehluko ocacile phakathi kwalamaqembu amabili ngokuthi: “Wehlela eKapernawume, yena [uJesu], nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe.” Ngemva kweminyaka eminingi eJerusalema, umphostoli uPawulu wabona uKhefase, noma uPetru, futhi wanezela: “Angibonanga noma imuphi omunye wabaphostoli; ngibone uJakobe kuphela, umfowabo weNkosi.” (Galathiya 1:19, The Jerusalem Bible) Ngaphezu kwalokho, inkulumo ethi uJosefa “akaze aya [kuMariya] waze wazibula ngendodana” ibonisa ukuthi usingayise kaJesu wahlangana noMariya ngokobulili ngemva kwalokho futhi wamzalisa abanye abantwana. (Mathewu 1:25) Ngokufanelekile-ke, uLuka 2:7 ubiza uJesu ngokuthi indodana yakhe ‘eyizibulo.’
UMama Owesaba UNkulunkulu
Njengomama owesaba uNkulunkulu, uMariya ubambisana noJosefa ekuyaleni abantwana babo ekulungeni. (IzAga 22:6) Ukuthi ungumfundi oshisekayo wemiBhalo kubonakala enkulumweni yakhe ecebile ngokomoya lapho ebingelelwa u-Elisabethe. Ngalesosikhathi unina kaJesu uphinda imizwa yengoma kaHana futhi ubonisa ulwazi lwamahubo, imibhalo engokomlando nengokwesiprofetho, nezincwadi zikaMose. (Genesise 30:13; 1 Samuweli 2:1-10; IzAga 31:28; Malaki 3:12; Luka 1:46-55) UMariya uzazi ngekhanda izenzakalo namazwi angokwesiprofetho, wazilondoloza enhliziyweni yakhe, wazindla ngakho engqondweni yakhe. Ngakho-ke ukuhlonyiselwe kahle ukuhlanganyela ekunikezeni uJesu osengumfanyana isiyalo sobuzali.—Luka 2:19, 33.
UJesu oneminyaka engu-12 ubudala ofundiswe kahle ubonakalisa ulwazi lwemiBhalo olumangalisa amadoda afundile ethempelini. Ngenxa yokuthi wayehlukene nabazali bakhe phakathi nenkathi yePhasika, unina uthi: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.” UJesu uyaphendula: “Kukanjani beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe-kokukaBaba na?” Engakuqondi ukubaluleka kwalempendulo, uMariya uyigcina enhliziyweni yakhe. Lapho bephindela eNazaretha, uJesu ‘uyaqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.’—Luka 2:42-52.
UMariya Njengomfundi KaJesu
Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi ekugcineni uMariya uba umfundi ozinikele kaJesu! Umnene futhi akanasifiso sokuvelela naphezu kwesabelo esingenakulinganiswa asinikwe uNkulunkulu. UMariya uyayazi imiBhalo. Uma nawe uzihlolela yona, ngeke umthole echazwe njengonomqhele, ohlezi esihlalweni sobukhosi “njengendlovukazi” embozwe ngenkazimulo kaKristu eboniswayo. Kunalokho, uyomthola engazigqamisi, engavelele.—Mathewu 13:53-56; Johane 2:12.
Zisuka nje uJesu wavimbela noma yini enjengokuKhulekelwa KukaMariya phakathi kwabalandeli bakhe. Kwathi ngesinye isikhathi esakhuluma, “owesifazane owayesesixukwini wamemeza, ‘Sibusisiwe isisu esakuthwala namabele owawancela!’ ‘Kunalokho,’ waphendula, ‘babusisiwe abezwa izwi likaNkulunkulu balilondoloze.’” (Luka 11:27, 28, The New American Bible, eyahunyushwa amalungu e-Catholic Biblical Association of America) Edilini lomshado, uJesu watshela uMariya: “Mame, ungené ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.” (Johane 2:4) Ezinye izinguqulo zifundeka kanje: “Shiyela indaba ezandleni zami.” (Weymouth) “Ungazami ukungiqondisa.” (An American Translation) Yebo, uJesu wayemhlonipha unina, kodwa akazange amkhulekele.
Amalungelo Aphakade
Yeka amalungelo uMariya awajabulela! Wazala uJesu. Kamuva wamkhulisa futhi wamqeqesha lomntwana omncane. Ekugcineni, waba nokholo, eba umfundi kaKristu nodadewabo ongokomoya. Ekumboneni kwethu kokugcina emiBhalweni uMariya, simbona esekamelweni eliphezulu eJerusalema. Ukanye nabaphostoli bakaJesu, amanye amadodana akhe, nabesifazane abathile abathembekile—bonke abangabakhulekeli bakaJehova.—IzEnzo 1:13, 14.
Ngokuhamba kwesikhathi, uMariya wafa futhi umzimba wakhe wabuyela othulini. Njengabanye abalandeli bakuqala abagcotshiwe bendodana yakhe ethandekayo, walala ekufeni kwaze kwaba isikhathi esifanele sikaNkulunkulu sokumvusa njengesidalwa somoya enokuphila okungenakufa ezulwini. (1 Korinte 15:44, 50; 2 Thimothewu 4:8) Yeka ukuthi kumelwe ukuba manje ujabula kanjani lona “ophiwe umusa” ephambi kukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu!
[Umbhalo waphansi]
a Ukube uMariya wayengeyona incasakazi, ubani owayengafuna ukumshada? AmaJuda ayegcizelela ukuba intombazane ibe yincasakazi.—Duteronomi 22:13-19; qhathanisa noGenesise 38:24-26.
[Isithombe ekhasini 31]
UMariya waphiwa umusa omkhulu njengonina kaJesu