-
Insimu Eveza Amabele NokhulaINqabayokulinda—1982 | Januwari 15
-
-
18. Ngokomfanekiso kaJesu, ikuphi okunye okwenzekayo?
18 Lesisimo sasimelwe siphazamise “izisebenzi” ‘zeNdodana yomuntu.’ Umfanekiso kaJesu uyaqhubeka: “Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na? Wathi kuzo: Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha. Izisebenzi zathi kuye: Uthanda ukuba siye ukulubutha na? Kodwa wathi: Qha, funa nithi, nxa nibutha ukhula, nisiphule amabele kanye nalo. Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.”—Math. 13:27-30.
-
-
Insimu Eveza Amabele NokhulaINqabayokulinda—1982 | Januwari 15
-
-
20. Iyiphi impendulo “umnumzane” ayinikeza “izisebenzi” zakhe, futhi lokhu kuye kwafakazelwa kanjani umlando?
20 Kodwa “umnumzane,” “iNdodana yomuntu,” akazange agunyaze “izisebenzi” zakhe ukuba ziyobutha “ukhula,” noma amaKristu-mbumbulu, asuswe phakathi kwa“mabele,” amaKristu eqiniso. Wathi: “Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe.” Kuye kwenzeka kanjalo-ke ukuba ubuKristu beqiniso nobamanga bukhule ndawonye “ensimini,” noma ‘ezweni,’ lesintu. Nokho, “isikhathi sokuvuna” kwakumelwe sifike. Nini? Futhi lokhu kukuthinta kanjani wena?
-