-
Insimu Eveza Amabele NokhulaINqabayokulinda—1982 | Januwari 15
-
-
3. Iziphi izenzakalo ezibalulekile ngokuqondene noMbuso uJesu azifanekisa, futhi umsebenzi wokuhlukanisa wawuyoba yisibonakaliso sani?
3 Lomfanekiso wasetshenziswa uJesu Kristu ekufanekiseni izimo ezithile ezaziyoba khona emsebenzini ayewuqalise emhlabeni. Lowomsebenzi wokuhlwanyela kwakuqondwe ukuba uveze isivuno esifunekayo samaKristu eqiniso ayezohlanganyela naye kuhulumeni wasezulwini owaziwa njengo“mbuso wamazulu.” Ngaleyondlela wabikezela ukuthi ukutshala kwakhe okuhle kwakuzophazanyiswa isitha uSathane uDeveli. Insimu yayingeke nje iveze isivuno esifiselekayo samaKristu eqiniso anjengamabele, kodwa futhi nesivuno samaKristu-mbumbulu anjengokhula. Womabili ayezovunyelwa akhule ndawonye kuze kube sesikhathini sokuvuna, lapho umsebenzi wokwehlukanisa wenziwa. Ngokungaphezulu, lomsebenzi wokwehlukanisa wawuzoba ngesinye isici se‘zinsuku zokugcina,’ ‘isiphelo sesimiso sezinto.’—Math. 13:24-30, 36-43; qhathanisa noMathewu 24:3; 2 Thimothewu 3:1.
-
-
Insimu Eveza Amabele NokhulaINqabayokulinda—1982 | Januwari 15
-
-
7, 8. (a) Ubani “iNdodana yomuntu”? (b) Isiphi esinye isiprofetho esikhuluma nge“ndodana yomuntu” nalabo abafanekiselwa “imbewu enhle”?
7 UJesu ngokwakhe kamuva wachaza incazelo engokomfanekiso yo“mnumzane,” noma “umuntu owahlwanyela,” ‘insimu yakhe,’ “imbewu enhle,” “isitha sakhe” kanye no“khula.” Indaba ifundeka kanje: “Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini. Wayesephendula, ethi kubo: Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi; kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane.”—Math. 13:36-39.
-